IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngoAugust: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R8,00. NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,00. Ngo-October: Isikhokhelo sePhaphama! noma INqabayokulinda noma zombili ngomnikelo ka-R17,00 sisinye ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka ngomagazini abaphuma kanye ngenyanga kanye nesikhokhelo sezinyanga eziyisithupha ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R8,50. NgoNovember: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R2,60.
◼ Bonke abahlanganyela nebandla kufanele bavuselele izikhokhelo zabo zeNqabayokulinda nePhaphama! ngebandla.
◼ Sikhumbuza wonke amaphayona (akhethekile, avamile, nasizayo) ukuthi izikhokhelo, omagazini, kanye nezincwadi bangakuthola ngenani lamaphayona kuphela uma kuzosetshenziswa yiwona siqu. Njengoba kwachazwa eBhokisini Lemibuzo kuNkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1988, bonke abamemezeli abangamalungu omkhaya wephayona, kungakhathaliseki ukuthi izingane noma abantu abadala, kufanele bazitholele izikhokhelo, omagazini, kanye nezincwadi ngamanani avamile abamemezeli. Onobhala kufanele baqikelele ukuthi lokhu okungenhla kuyalandelwa njalo lapho kuthunyelwa izikhokhelo eNhlanganweni.
◼ Kusukela ngesonto likaOctober 12, 1992, incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila izofundwa eSifundweni Sencwadi Sebandla.
◼ IMIHLANGANO YESIGODI: Sizani niphawule okulandelayo:
January 1-3, 1993:
EThekwini (isiNgisi, isiZulu). Lokhu manje sekuqinisekisiwe.
Umhlangano waseMgungundlovu awusekho. Abazalwane basendaweni yaseMgungundlovu baqondiswa ukuba baye emhlanganweni waseThekwini.
◼ Phakathi noAugust ibandla ngalinye liyothola amakhophi amabili oMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10). Ikomiti yenkonzo kufanele iqikelele ukuthi lamafomu agcwaliswe kahle futhi abuyiswa eNhlanganweni ngaphambi kukaSeptember 10, 1992.
◼ Kubabonisi Abengamele: Amabandla amaningi asakhokha izindleko zasebhange ngenxa yama-akhawunti amasheke. ENingizimu Afrika kanye nasemazweni amaningi angomakhelwane izinhlangano zamasonto azikhokhiswa izindleko zasebhange. Uma kungenzeka nibe nezinkinga ngemva kokuthintana nebhange lenu, zizweni nikhululekile ukuba nibhalele iNhlangano, ekhelini lencwadi nibhale ukuthi For Attention: Treasurer’s Office.
◼ Amabandla manje asengayi-oda imiqulu enyatheliswe kabusha yeWatchtower yeminyaka ka-1981 no-1982. Sizani ningawathumeli ama-oda eminyaka ka-1983 kuya ku-1985 kuze kube yilapho senazisiwe kuNkonzo Yethu YoMbuso ukuthi iyatholakala.
◼ Ezingasekho Esitokweni ENingizimu Afrika:
Ifayili yokugcina omagazini.