Ukuphila Ngokuhluzeka Kwengqondo Nangokulunga
1 Siphila ezweni elinethonya elikhulu elibangela ukungamesabi uNkulunkulu. Izindinganiso zalesimiso ziyaqhubeka ziwohloka. (2 Thim. 3:3) Njengoba singamaKristu, kumelwe sikulwele okulungile futhi siqonde ukuthi kungani kufanele siqhubeke senza kanjalo. Kodwa yisiphi isiqondiso esikhona? Yiziphi izindinganiso okufanele sizilandele? Esithi “Ukuphila Ngokuhluzeka Kwengqondo Nangokulunga” isihloko esikhuthazayo esikhethelwe isimiso somhlangano wethu okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-1993.—Thithu 2:12.
2 Ngezinkulumo, imiboniso, kanye nokuhlangenwe nakho, siyofunda ukuthi singaziqinisa kanjani ukuze simelane nokungamesabi uNkulunkulu futhi senqabe izinkanuko zezwe. Siyobona futhi ukuthi kungenzeka kanjani ukuphila ngokuhluzeka kwengqondo nangokulunga kulesimiso esibi. Amalungiselelo okusisiza ukuba silonde amandla ethu engqondo ayochazwa. (1 Pet. 4:7) Abazali nentsha bazofuna ngokukhethekile ukunikeza ukunakekela ezinkulumweni nasezingxoxweni zesimiso santambama. Zizogcizelela isidingo sokuzuza ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu nokuhlangenwe nakho kanye nokusebenza ndawonye ukuze bakhe ikusasa elingokwasezulwini elijabulisayo.
3 Nakuba sizungezwe izwe elingamesabi uNkulunkulu, iZwi likaNkulunkulu lisifundisa inkambo engcono kakhulu yokuyilandela. Izinzuzo zokulalela iseluleko seBhayibheli zizoqokonyiswa enkulumweni ethi “Yazisa Izibusiso Zakho Ezweni Elingenanjabulo.” Njengoba silungiselela ukuba khona, sifuna ukukhumbula ukuthi ukulalelisisa isimiso kanye nokusebenzisa iseluleko kuyosenza sikwazi ukuphumelela ngokwengeziwe enkonzweni yethu kuJehova.—Fil. 3:15, 16.