IZindaba Ezingokwasezulwini
ENingizimu Afrika: Iminikelo yokuphana iye yenza ukuba amabandla angu-15 akwazi ukuthola imali ebolekisayo yokwakha amaHholo awo OMbuso kusukela ngo-October 1990. Sithanda ukusebenzisa lelithuba ukuba sibonge wonke umuntu namabandla ngokunikela ngokwethembeka eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso. Sizani niqhubeke niwubonisa lomoya omuhle.
Imizamo yokusheshisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso iye yaphinda yabusiswa. Amabandla amabili aseSoweto, iDiepkloof East kanye neCentral, ajabula lapho ingxenye enkulu yomsebenzi wawo weHholo LoMbuso yenziwa phakathi nezinsuku ezine zokugcina kuMay. IziSebenzi Zokwakha AmaHholo OMbuso ngaphansi kokuqondisa kweKomiti Yokwakha Yesifunda zasebenza kanzima ekusizeni lamabandla. Ingabe nawe ungathanda ukusiza? Cela kumbonisi wenu owengamele ifomu i“Kingdom Hall Construction Worker Questionnaire.”
IBandla iLindize elisenyakatho naKwaZulu lawazisa umoya omuhle owaboniswa amaqembu eziSebenzi Zokwakha AmaHholo OMbuso ayevela ezingxenyeni ezihlukahlukene zaseNatal, alisiza ukuba liqede iHholo lalo LoMbuso ngezimpela-sonto eziyisithupha. Ihholo lalo lanikezelwa ngoJuly.
IBandla iEastleigh eliseMpumalanga Randi, iBandla iWilberforce eliseduze naseVereeniging, kanye neBandla iMidrand elisenyakatho neGoli, nawo anikezela amahholo awo amasha amabili ngoJuly.
ERwanda: Izindaba ezinhle! NgoApril 13, 1992, iJehovah’s Witnesses Association eRwanda yabhaliswa ngokomthetho. Kwaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1502 ngoMarch.