Ukufunda Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
1 Phakathi nesonto likaOctober 12, siyoqala ukufunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila eziFundweni zethu Zencwadi Zebandla. Yeka injabulo okuyoba yiyo ukubukeza ukuphila nenkonzo kaJesu Kristu! Njengoba lencwadi ngandlela thile iklanywe ngokuhlukile kwezinye izincwadi esiye sazifunda, kuyoba usizo ukunikeza iziqondiso ezimbalwa.
2 Lencwadi ayinazo izinombolo zamakhasi, ngakho isimiso esikhishwa kuNkonzo Yethu YoMbuso siyonikeza uhlu lwezahluko okumelwe zifundwe, ngokuvamile ezintathu noma ezine isonto ngalinye. Izahluko 35, 111, no-116 zinde kunezinye futhi ziyohlukaniswa ukuba ngasinye sibe izifundo ezimbili. Ngemva kokuba umzalwane ofanelekayo efunde sonke isahluko (noma sonke isihlokwana, njengasezahlukweni 35, 111, no-116), umqhubi wesifundo uyobuza imibuzo esekugcineni kwesahluko ehambisana nesahluko noma ingxenye esanda kufundwa. Izimpendulo azilandelani ngaso sonke isikhathi esahlukweni. Izimpendulo ezimfushane nezishaya emhlolweni kufanele zisekelwe ekwazisweni okukulesosifundo.
3 Ngemva kwalokho, njengoba isikhathi sivuma, kufanele kufundwe yonke imibhalo ekhonjiwe ekugcineni kwesahluko. Imibhalo ekhonjiwe emide kakhulu ingase ihlukaniswe ibe izingxenye ezincane ukuze abamemezeli abahlukahlukene bahlanganyele ekufundeni, khona-ke kungase kunikezwe ukukhulumela ngalokho okufundiwe. Imibuzo ehambelana nendaba elungiselelwe ngumqhubi iyosiza ekuvezeni izimpendulo ezinengqondo ezibonisa ukuthi imibhalo ebifundwa ihlobana kanjani nalokho okuqokonyiswe encwadini. Yonke imibuzo nezimpendulo kufanele kusize labo abakhona ukuba bagxilise ukunakekela kuJesu Kristu, inkambo yakhe yokuphila, nasezimfundisweni zakhe.
4 Incwadi ethi Umuntu Omkhulu icabangela ukuphila kukaJesu ngokulandelana kwezenzakalo ngokwezikhathi. Ukubona izenzakalo ngeso lengqondo nokucabanga ngendawo ezenzeka kuyo kungaba usizo lwangempela ekuzikhumbuleni. Ngakho-ke, qiniseka ukuthi uyayicabangela imifanekiso enemibala futhi ubhekisele ngokuphindaphindiwe ebalazweni elisekuqaleni kwencwadi ngemva kwesethulo.
5 Isethulo salencwadi siyocatshangelwa ngesonto lokuqala. Ngemva kokufunda zonke izigaba ngaphansi kwesihlokwana esithile, umqhubi uyobuza imibuzo efanelekayo ayilungiselele. Lokhu kucatshangelwa kokuqala kuyokwakha isisekelo sezifundo ezizolandela phakathi nonyaka ozayo. Izinga eniyophumelela ngalo ekuhlanganiseni ukwaziswa ngokwezinga elikhulu liyoxhomeka ekulungiseleleni kwabo bonke ababa khona. Ikakhulukazi umqhubi kufanele alungiselele kahle isonto ngalinye ukuze asize iqembu ukuba lijwayelane kangcono nomuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, iNkosi yethu noMsindisi, uJesu Kristu.