Imihlangano Yenkonzo KaSeptember
Isonto Eliqala NgoSeptember 7
INgoma 84
15 imiz:Izaziso zebandla neZaziso ezifanelekayo ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Xoxani ngesihloko esithi “Ingabe Isithakazelo Singaphinda Sivuselelwe?” bese unikeza umboniso omfushane wendlela ukuhambela okunjalo okungenziwa ngayo. Inyanga kaSeptember ingeyokuqala onyakeni wenkonzo omusha. Khuthaza ngokufudumele bonke abamemezeli ukuba bakwenze umgomo wabo ukuba nengxenye njalo enkonzweni isonto ngalinye futhi babike ngokushesha inkonzo yabo ekupheleni kwenyanga ngayinye.
15 imiz:“Dumisa UNkulunkulu Wendalo.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Hlela kusengaphambili ukuba abamemezeli abafanelekayo, kuhlanganise nentsha ethile eyisibonelo, balandise okuhlangenwe nakho abaye baba nakho lapho behambisa lencwadi esikhathini esidlule.
15 imiz:“Izintshumayelo Ezivusa Isithakazelo.” Xoxa nezilaleli ngendlela eningasebenzisa ngayo ukusikisela okunikeziwe ensimini yendawo yakini. Hlela ukuba kube nemiboniso emibili noma emithathu elungiselelwe kahle, yezimo ezingokoqobo.
INgoma 96 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoSeptember 14
INgoma 79
10 imiz:Izaziso zebandla. Hlanganisa nombiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Ncoma ibandla ngokusekela ngokungagodli izidingo zebandla nomsebenzi weNhlangano womhlaba wonke. Njengoba isikhathi sivuma, cela ukuba kulandiswe okuhlangenwe nakho okulungiselelwe okumayelana nokuhanjiswa kwencwadi ethi Ungaphila Phakade.
15 imiz:“UBhapathizo,” encwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 223-7. Inkulumo eyisethulo esekelwe esihlokwaneni esithi “Incazelo.” Bonisa indlela umdala angase axoxe ngayo nomuntu ozindela ukubhapathizwa. Qokomisa ukwaziswa okusekhasini 223. Gcizelela ukubaluleka kokwenza ukuzinikezela nokukubonakalisa ngobhapathizo lwamanzi. Isikhulumi siphetha ngokucabangela kafushane ukwaziswa okuphathelene nokubhapathizwa ngomoya ongcwele, ukubhapathizelwa abafileyo, nokubhapathizwa ngomlilo.
20 imiz:“Qiniseka Ukuthi Uyaphindela.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Yiba nomboniso olungiselelwe kahle ohlanganisa ukwaziswa okucatshangelwe ezigabeni 4 no-5. Qokomisa isidingo sokuphindela kubantu abathakazelayo esihlangane nabo ekuqaleni kwalenyanga.
INgoma 10 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoSeptember 21
INgoma 125
10 imiz: Izaziso zebandla. Landisa okuhlangenwe nakho kwasensimini yebandla noma uphawule amaphuzu okukhulunyelwa angase asetshenziswe kulelisonto enkonzweni yasensimini.
20 imiz:“Ukufunda Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.” Imibuzo nezimpendulo. Yakha intshiseko ngokufundwa kwalencwadi okuzoqala ngesonto likaOctober 12.
15 imiz:Ukubukeza Umsebenzi Webandla. Besebenzisa izibalo ezisekuqaleni kwefomu elithi Umbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10) elathunyelwa eNhlanganweni ekuqaleni kwalenyanga, umbonisi owengamele nombonisi wenkonzo baxoxa ngezici ezivelele zomsebenzi webandla wonyaka owedlule. Tusani ngokufudumele abamemezeli namaphayona ngemizamo yabo yokuzidela enkonzweni nangokuthembeka kwabo ngokuba khona emihlanganweni. Bonisani ngokukhethekile izici abaye bavelela kuzo. Kungase kwenziwe ukuqhathanisa nomsebenzi weminyaka edlule uma imibiko ikhona efayilini. Futhi, phawulani izici ezingase zithuthukiswe phakathi nonyaka wenkonzo ka-1993.
INgoma 43 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoSeptember 28
INgoma 51
15 imiz:Izaziso zebandla. Izindaba EzingokwaseZulwini. Yisho ukuthi ibaphi omagazini abatholakalayo ukuba basetshenziswe enkonzweni yasensimini, futhi usikisele iphuzu elilodwa noma amabili angase akhulunyelwe okufanele akhange ensimini yebandla. Bonisa indlela omagazini balenyanga abangahanjiswa ngayo kusetshenziswa intshumayelo engokomBhalo, enjengenye yalezo ezinikezwe esihlokweni esiphezulu ekhasini elingemuva. Mema umbonisi wenkonzo ukuba anikeze umbiko ngentuthuko eyenziwe lapho kusetshenzwa insimu engabelwe futhi nixoxe ngamalungiselelo enyanga yokugcina yomkhankaso. Khuthaza bonke ukuba basekele amalungiselelo ngokugcwele. Khumbuza bonke ukuba baphathe izincwadi zabo zethi Umuntu Omkhulu eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elizayo.
15 imiz:Izidingo zebandla noma inkulumo esekelwe kwesithi “Kungani Kumelwe Uphishekele Ukulunga?” esikuNqabayokulinda kaOctober 15, 1990, amakhasi 26-9.
15 imiz:Qokomisa Omagazini Phakathi No-October. Inkulumo emfushane eqokomisa ukubaluleka kwePhaphama! neNqabayokulinda. Abamemezeli kufanele bafunde omagazini abasha ngokushesha ukuze bakwazi ukukhuluma ngentshiseko lapho bebatusa kwabanye. Bonisa indlela ummemezeli ahambisa ngayo omagazini lapho kwenqatshwe khona isipho sesikhokhelo futhi enze amalungiselelo okubuya nomagazini abalandelayo, kanjalo eqalisa umzila kamagazini.
INgoma 48 nomthandazo wokuphetha.