Dumisa UNkulunkulu Wendalo
1 Izindawo ezinhle, ukushona kwelanga okumibalabala, isibhakabhaka sasebusuku esigcwele izinkanyezi, amaculo ezinyoni anemvunge emnandi—ubani omnikeza udumo ngalezinto ezithokozisayo? Yebo, sishukunyiselwa ukuba sidumise uNkulunkulu wendalo. Sivumelana ngenhliziyo yonke nesimemezelo esikusAmbulo 4:11. Ngenxa yokudala kwakhe zonke izinto, uJehova uNkulunkulu uyakufanelekela ukuba simdumise.
2 NgoSeptember, njengezinceku zikaJehova ezithembekile, sinethuba lokudlulisela iqiniso ngoMdali wethu nangenjongo yakhe emangalisayo ngalomhlaba. Incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ingenye yezincwadi ezinhle kakhulu esike saba nazo ukuba sisize abantu baqonde iBhayibheli. Lencwadi isihlomisela ukuba siwavikele ngesibindi amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo.
3 Amathuba Okuhambisa Lencwadi: Kungase kusisize ukwenza uhlu olucatshangelwe kahle lwamathuba okuhambisa lencwadi enhle kangaka. Ngokungangabazeki umsebenzi wendlu ngendlu uyoba indlela eyinhloko esiyohambisa ngayo izincwadi zethi Ungaphila Phakade. Inyanga kaSeptember ingeyokuqala onyakeni wenkonzo omusha. Ingabe ungahlela isikhathi esengeziwe phakathi nalenyanga sokuhlanganyela kulomsebenzi? Futhi amabandla amaningi ayobe esebenza insimu engabelwe. Kungani ungenzi umzamo othé xaxa wokuhambisa lencwadi kubo bonke labantu abangavamile ukuthola ubufakazi? Abantu abahlala ezindaweni ezimpofu bangakwazi ukubhekana nezindleko zencwadi encane ethi Ungaphila Phakade.
4 Intsha engoFakazi nayo iyofuna ukuhambisa lencwadi kulabo efunda nabo nakothisha. Kungani ungayi kuthisha wakho ngamunye nalabo ofunda nabo onomuzwa wokuthi bangakujabulela ukufunda lencwadi enhle. Kukuziphi ezinye izimo lapho singahambisa khona incwadi ethi Ungaphila Phakade? Omunye umshayeli wamaloli wahambisa lencwadi kubantu ayehlangana nabo phakathi nohambo lwakhe. Intshumayelo yakhe yayilula. Wayebonisa abantu incwadi bese echaza ukuthi wayefunde izinto eziningi ezimangalisayo kuyo nokuthi lokho ayekufundile kwakukushintshe ngempela ukuphila kwakhe. Phakathi nenkathi yezinyanga ezintathu, wahambisa izincwadi ezingu-200 zalencwadi ethi Ungaphila Phakade ngokusebenzisa lendlela yokukhuluma ngokwethukela.—wZU84 5/1 kk. 25-6.
5 Lapho sisenkonzweni yendlu ngendlu, sifakaza emigwaqweni, senza izimpindelo—kutuswa ukuba ummemezeli ngamunye ahlome ngeyodwa noma ezengeziwe zalencwadi ethi Ungaphila Phakade. Ungalokothi uye ensimini ungenayo! Isimo sakho sengqondo esihle lapho unikeza lencwadi, uchaza ekuqukethe futhi uyihambisa siyokucabela indlela yokuqalisa izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziningi ezintsha.
6 Ngamunye wethu makathandazele usizo lukaJehova ukuba sibambe wonke amathuba okutshela abantu ngoMdali wethu omangalisayo. Funa izindlela zokusebenzisa lencwadi ethi Ungaphila Phakade. Kwangathi lelithuluzi elihle lingashukumisela abantu abaningi ngokwengeziwe ukuba babe nesifiso sokuphila phakade kube inkazimulo kuMniki-kuphila ‘nomenzi wezulu nomhlaba.’—IHu. 146:6.