Sizani Abantwana Ukuba Bakhonze UJehova Ngokusuka Enhliziyweni
1 USolomoni wathi “abantwana bayifa elivela kuJehova.” (IHu. 127:3-5) Ngempela, bayifa elinokubaluleka okungenakuqhathaniswa. Abazali banomthwalo wemfanelo abawunikezwe uNkulunkulu wokufundisa, ukuqeqesha, nokuyala abantwana babo. Lokhu kuhlanganisa ukuqeqesha enkonzweni, ukukhuthaza abantwana ukuba bakhulume ngokuvela enhliziyweni ngoJehova nangoMbuso.—Efe. 6:4.
2 Abazali kufanele bakuqalise kuyiphi iminyaka yobudala lokhu kuqeqesha? Impendulo yeBhayibheli isobala: Kufanele kuqale ebuntwaneni. (2 Thim. 3:14, 15) Lapho ukuqeqesha kuqala ngokushesha, kunethuba elikhulu lokuthi abantwana bayoba nesisekelo esiqinile eqinisweni futhi benze inkonzo ibe umsebenzi wabo. Lokhu kubaqeqesha besebancane kuyobavikela futhi ekucabangeni nasesimweni sengqondo sezwe.
3 Abantwana abaningi abangakafundi isikole baye babonisa ukuhlakanipha okuphawulekayo kokufunda kahle amakhono ayinkimbinkimbi. Lelikhono lokufunda besebancane kufanele lisetshenziswe ekubaqeqesheni emakhonweni aletha ukuvunyelwa uJehova. (wZU88 8/1 k. 15; wZU89 12/1 k. 31) Abaningi abasebancane baye bathuthukela ezingeni lokuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Abanye abantwana bayazinikezela futhi babhapathizwe bengakabi neminyaka eyishumi nambili. Lokhu kuye kwabavulela indlela yokuba bakhonze njengamaphayona asizayo ngisho nanjengamaphayona avamile ngaphambi kokuba baqede isikole. Ukuze bafinyelele lemigomo, kudingeka bafundiswe ukuxoxisana nabantu ngezihloko zeBhayibheli ezihlukahlukene.
4 Abanye abantu abadala abathambekele ekubhekeni intsha yanamuhla iyonke njengeluhlaza nengahloniphi bangase bangabi naso isithakazelo sokuxoxisana nomuntu osemusha obavakashela emakhaya. Yini ummemezeli omusha angayisho emakhaya abantu ukuze anqobe lowomngcele futhi azuze ukunakekela komnini-khaya ongumuntu omdala? Omunye ummemezeli osemusha wasebenzisa okuthile okunjengalokhu: “Sawubona, igama lami ngingu-․․․․․․․․. Ngivakashela omakhelwane bami namuhla ngoba abaningi bakhathazekile ngesikhathi esizayo. Njengomuntu omdala, ngokuqinisekile unokuhlangenwe nakho okuningi kakhulu ezindabeni zokuphila kunami. Nokho, nanku umbhalo osiduduza sonke.” Ngemva kokufunda IsAmbulo 21:3, 4, ingxoxo ingase igxile epheshananeni elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula.
5 Okunye ukusikisela yilokhu: Sawubona, igama lami ngingu-․․․․․․․․. Ngivakashela omakhelwane kafushane ngoba ngiyazi ukuthi abantu abaningi abadala bakhathazekile ngendlela intsha ebonakala iyithatha namuhla. Ngezinye izikhathi intsha ibonisa isimo sengqondo sokungabi nanhlonipho ngisho nesokuvukela. Kodwa ngikuphathele umbhalo obonisa indlela bonke abantu ngolunye usuku abayofunda ngayo ukuhlala ndawonye ngokuthula.” Khona-ke funda iHubo 37:11 futhi ulikhulumele ngokufanelekile. Lapho abanini-khaya abangabantu abadala bezwa izinkulumo ezinjalo eziqotho zabamemezeli bethu abasebasha, ngokuqinisekile abaningi babo bayohlatshwa umxhwele.
6 Izinkulungwane zabamemezeli abasebasha ziyaqhubeka zinengxenye enhle emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Kumelwe batuswe ngokufudumele. Intsha eqeqeshwe kusukela ebuntwaneni abazali abesaba uNkulunkulu isabela kalula esikhuthazweni esiqotho sokuba isebenzele ukuba nengxenye egcwele kuzo zonke izici zenkonzo. Labo abasafunda banethuba eliyingqayizivele lokufakaza kwabafunda nabo nakothisha ngokufanayo. Abaningi baye bajabulela okuhlangenwe nakho okujabulisayo befakaza kulensimu ekhethekile.
7 Ngakho sizani abamemezeli abasebasha ebandleni lakini ukuba balisebenzise ngokunenzuzo ithuba lokukhonza uJehova ngobungqabavu bobusha, bemdumisa ngokusuka enhliziyweni.—UmSh. 12:1.