Imihlangano Yenkonzo KaOctober
ISonto Eliqala Ngo-October 5
INgoma 92
10 imiz: Izaziso zebandla, iZaziso ezikhethiwe ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso, namaphuzu avelele kwesithi Izindaba EzingokwaseZulwini. Bukeza izihloko ezivelele ezivela komagazini bamuva; yenza umboniso owodwa noma emibili ukuze ubonise indlela abangahanjiswa ngayo ngemva kokusebenzisa kuqala ingxoxo engokomBhalo.
15 imiz: “Basebenzise Kahle Omagazini.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Khuthaza abazalwane ukuba bahambise izikhokhelo kubo bonke abahlangana nabo phakathi no-October. Lapho nixoxa ngesigaba-6, nikeza ukusikisela ngendlela yokuqalisa umzila kamagazini: Sebenzisa indlela elula, eqondile; gcina umbhalo omuhle wendlu ngendlu; vusa isithakazelo komagazini besikhathi esizayo ngokukhulumela izihloko ezisazophuma; phakamisa imibuzo ephendulwa yilezihloko; qiniseka ngokuthi uyaphindela njalo emasontweni amabili.—kmZU 7/84 k. 8.
20 imiz: Ukuqhuba IsiFundo Sencwadi SeBandla ngokusebenzisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu. Umqhubi wesiFundo Sencwadi SeBandla usebenzisa iqembu labamemezeli abane noma abahlanu ukuze abonise ibandla indlela isifundo okumelwe siqhutshwe ngayo. Lomboniso kumelwe uprakthizwe kahle futhi uqhutshwe ngokuvumelana neziyalezo ezihlelwe kuNkonzo Yethu YoMbuso kaSeptember. Sebenzisa isahluko 11 sencwadi ethi Umuntu Omkhulu. Bonisa indlela imibhalo emide ekhonjiwe engahlukaniswa ngayo ukuze ifundwe abafundi abangaphezu koyedwa noma ukuba kuqokonyiswe izingxenye eziyisihluthulelo lapho isikhathi singakuvumeli ukuba kufundwe konke ukulandisa. Umqhubi angase phakathi kokunye anikeze ukukhulumela okufushane ezilalelini ukuze abonise indlela esetshenziswayo. Ngamunye ezilalelini kufanele alandelele ngekhophi yakhe siqu yencwadi.
INgoma 63 nomthandazo wokuphetha.
ISonto Eliqala Ngo-October 12
INgoma 77
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali wanyanga zonke; nikeza ukutusa okusekelwe kweyesi-2 Korinte 9:6, 7. Mema abamemezeli abalungiselele ukuba balandise okuhlangenwe nakho okuvelele ekuhambiseni omagazini nezikhokhelo phakathi no-October.
15 imiz:“Yenza Isethulo Esishukumisayo.” Nikeza inkulumo exoxa ngendlela yokulungiselela izintshumayelo kusetshenziswa izihloko ezivela komagazini bakaOctober. Hlela ukuba abamemezeli ababili noma abathathu abanekhono benze umboniso wezintshumayelo ezisikiselwe; hlanganisa nomboniso owodwa ngommemezeli osemusha.
20 imiz:“Bonisa Ukukhathalela Abantu Abathakazelayo.” Xoxa nezilaleli. Lapho nicabangela isigaba 2, xoxa ngamaphuzu akhethiwe avela kuNqabayokulinda kaDecember 15, 1981, amakhasi 4-6, uveze indlela esingamlingisa ngayo uJesu ekuboniseni ukukhathalela abanye. Hlanganisa nokukhulumela ngendlela okumelwe sigcwalise ngayo umbhalo wendlu ngendlu nendlela okumelwe usetshenziswe ngayo ukulandelela isithakazelo. Yenza umboniso omfushane wokunye kwalokhu kusikisela. Ngemva kokuba ummemezeli onekhono enzé umboniso wendlela esikiselwe, mema izilaleli ukuba zinikeze izizathu zokuthi kungani kungase kube indlela ephumelelayo yokuqalisa izifundo ensimini yebandla.
INgoma 88 nomthandazo wokuphetha.
ISonto Eliqala Ngo-October 19
INgoma 164
5 imiz: Izaziso zebandla. Chaza kafushane indlela yokugcwalisa amapheshana ezikhokhelo, futhi wazise ngomzalwane/abazalwane owabelwe ukwamukela izikhokhelo.
20 imiz:“Sizani Abantwana Ukuba Bakhonze UJehova Ngokusuka Enhliziyweni.” Ingxoxo nezilaleli. Gcizelela isidingo ngabazali sokuba bafeze umthwalo wabo wemfanelo wokubeka isibonelo futhi baziqeqeshe bona siqu izingane zabo enkonzweni. Mema umzali oyedwa noma ababili ukuba balandise ngalokho abaye bakwenza okuye kwabalethela imiphumela emihle. Yiba nomzali enza umboniso ngendlela aye asiza ngayo umntwana ukuba alungiselele ingxoxo yeBhayibheli azoyisebenzisa enkonzweni yendlu ngendlu. Phetha ngokuba nomuntu osemusha enza umboniso wenye yezingxoxo ezisikiselwe.
20 imiz: “Umhlangano WesiGodi ‘Wabaphathi Bokukhanya’ Ka-1992”—Ingxenye 1. Ingxoxo nezilaleli ngezigaba 1-12. Abamemezeli bangase bafune ukuxoxa ngamaphuzu afanelekile nezifundo zabo zeBhayibheli eziyobe zikhona emhlanganweni. Khumbuzani ibandla ukuthi yimuphi umhlangano elizoya kuwo futhi nibeke incwadi (yangomhlaka May 2, 1992) ebhodini lezaziso).
INgoma 221 nomthandazo wokuphetha.
ISonto Eliqala Ngo-October 26
INgoma 46
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa ngesipho sikaNovember sencwadi ethi IBhayibheli—IZwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Khuthaza abamemezeli ukuba baphake lesisipho futhi balungele ukusihambisa ngeSonto, ngoNovember 1. Khuthaza bonke ukuba bacabangele ukungenela inkonzo yobuphayona obusizayo ngoNovember noma ngoDecember uma kunokwenzeka lapho ngokuvamile inkathi yamaholide yenza kutholakale isikhathi esengeziwe.
15 imiz: “UMhlangano WesiGodi ‘Wabaphathi Bokukhanya’ Ka-1992”—Ingxenye 2. Ingxoxo nezilaleli ngezigaba 13-18 nokubukezwa kafushane kwesithi “Esikukhunjuzwa Ngomhlangano WesiGodi” njengoba isikhathi sivuma. Hlanganisa esikukhunjuzwayo okufanelekile okusekelwe ekwazisweni okukuNqabayokulinda kaJune 15, 1989, amakhasi 10-20. Khuthaza amaqembu emikhaya ukuba abukeze amaphuzu akulezihloko ngaphambi kokuya emhlanganweni.
10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Xoxa nezilaleli. Gcizelela isizathu esenza kube okubalulekile ngezingane ukuba zibe nedumela lokuziphatha okuhle nesifiso esiqotho sokuhlanganyela enkonzweni yasensimini ukuze zifanelekele ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe.
10 imiz: “Yandisa Ingxenye Yakho Ekuhanjisweni Komagazini.” Ingxoxo ngombonisi wenkonzo, ekhuthaza ngokufudumele ibandla ukuba lisekele wonke amalungiselelo okuhanjiswa komagazini, ikakhulukazi ngeMigqibelo. Bukeza ukuhanjiswa kukamagazini kwebandla ezinyangeni ezimbalwa ezidlule. Siza bonke ukuba bakhathalele ukuhanjiswa komagazini futhi bazibekele umgomo womuntu siqu.
INgoma 111 nomthandazo wokuphetha.