Ziyavulwa Futhi Izikole
1 Ngenyanga ka-January, intsha yethu iqala unyaka omusha wesikole. Ingalindela izinto ezijabulisayo, kodwa kukhona futhi nezinto ezimbalwa ezingayenza ingakhululeki. Intsha eningi iyonikezwa othisha abahlukile, ibhalise izifundo ezintsha, futhi ihlanganiswe nabafundi engabazi. Intsha yethu ithanda ukubambisana neziphathimandla zesikole nokuba nomusa kubafundi ekanye nabo, kodwa kufanele ihlale njalo ikhumbula ukuthi kumelwe iqaphe noma yini engase ibe yingozi ngokomoya.—1 Kor. 15:33.
2 Into ekhathaza kakhulu entsheni nasezinganeni ezingoFakazi ukugwema ithonya lezwe elonakalisayo, elidlange ezindaweni zemfundo emazweni amaningi namuhla. AmaKristu amasha namadala kumelwe abe nesibindi sokwenqaba izindinganiso zezwe nokucabanga kwalo okukhuthazwayo namuhla ngokuqondene nezindaba zokuziphatha, futhi kumelwe ‘aqaphe’ ngokufunda iZwi likaJehova futhi aqondiswe yilo. (IHu. 119:9) Abazali ababakhathalelayo abantwana babo kumelwe bazi ukuthi yini ehlanganisiwe ohlelweni lwezifundo zesikole ukuze bakwazi ukunikeza izingane zabo isiqondiso esifanelekayo. Uma lokho okufundiswa esikoleni noma kwenye indawo kungqubuzana nobungcwele nobumsulwa obulindeleke ezikhonzini zikaJehova, kumelwe kugwenywe.—1 Pet. 1:15, 16.
3 Kuvamile futhi ukuba kuhlangatshezwane nezinselele ezihilela imicimbi yobuzwe, imikhosi yamaholide, ezemidlalo, imfundo yezenkolo, noma imibuthano yokuzijabulisa. Incwajana ethi Isikole NoFakazi BakaJehova iwusizo entsheni engamaKristu ngokuphathelene nalezi zindaba. Uma ungenayo eyakho, ingatholakala kuyi-Watchtower Library CD-ROM. Ngaphezu kwalokho, kungasetshenziswa nencwajana ethi Imfundo nencwadi Intsha Iyabuza nethi Ukubonisana. Izinkinga ebezingaphakama zinganqotshwa noma zingabi zinkulu kakhulu lapho abazali bezingane ezincane bethatha isinyathelo sokuya kothisha nekhophi yencwajana ethi Imfundo. Bangachaza ukuthi le ncwajana iyosiza uthisha ukuba aziqonde kangcono izinkolelo nezimiso zethu. Ukunikeza uthisha lokhu kwaziswa kungenza lukhulu ekudaleni umoya wokubambisana.
4 Ngaphezu kwalokho, kungaba kuhle ngabafundi abangamaKristu ukuba bahlale benamakhophi abo encwajana ethi Isikole, incwadi Intsha Iyabuza, nencwajana ethi Imfundo ezincwadini zabo zesikole. Kuye kuvele amathuba okufakaza kwabanye abafundi ababuza imibuzo lapho kukhulunywa ngezinkolelo zethu. Futhi, abantwana abangoFakazi kufanele ngaso sonke isikhathi bahlale benamakhadi abo e-Advance Medical Directive/Release noma i-Identity Card agcwaliswe muva nje, asayinwa nangofakazi. Labo abasebenzisa lesi siyalo ngokuqinisekile bayoba ‘njengonokuqonda obona ububi, acashe.’—IzAga 22:3.