Basha—Sisebenziseni Ngokunenzuzo Isikhathi Sokufunda Esikoleni
1 Uzizwa kanjani ngokufunda esikoleni? Ingabe uba nelukuluku lokuzuza ekufundeni kwakho esikoleni? Ingabe uwasebenzisa ngokunenzuzo amathuba akuvulekelayo esikoleni ukuze uhlanganyele iqiniso nalabo ofunda nabo kanye nothisha? Siyaqiniseka ukuthi ufuna ukwenza okungcono kakhulu esikoleni.
2 Yiba Umfundi Ozimisele: Uma uzilungiselela kahle izifundo zakho futhi ulalelisisa, uyothola izinzuzo ezihlala njalo. Khuthalela ukunakekela izabelo zakho zomsebenzi owenzelwa ekhaya, kodwa ungavumeli umsebenzi wakho wesikole uphazamise imisebenzi engokwasezulwini.—Fil. 1:10.
3 Qala unyaka ngamunye wesikole ngokufunda incwajana engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova Nemfundo. Khona-ke, wena noma abazali bakho kufanele ninike uthisha ngamunye le ncwadi. Baziseni ukuthi noma imiphi imibuzo abanayo izophendulwa. Lokhu kuyobasiza baziqonde kangcono izimiso kanye nezinkolelo zakho futhi babambisane nawe njengoba usebenzisa lokho okufundisiwe. Futhi kuyoqinisekisa othisha bakho ukuthi wena nabazali bakho nifuna ukubambisana nabo njengoba bekusiza ukuba uthole imfundo ebalulekile.
4 Yiba UFakazi Oqotho: Kungani ungabheki isikole njengensimu yakho yokufakaza ngokwethukela? Phakathi nonyaka, unamathuba amahle okufakaza. Unolwazi olumangalisayo olungokomoya ongathi uma uluhlanganyela nabanye, ‘lukusindise wena nabakulalelayo.’ (1 Thim. 4:16) Ngokulondoloza ukuziphatha kobuKristu okuyisibonelo nangokufakaza noma nini lapho kufaneleka khona, uyozizuzisa wena nabanye.
5 Omunye umzalwane osemusha wafakaza ngokwethukela kwafunda nabo esikoleni. Phakathi kwalabo abasabela kahle kwakunomKatolika, kunongakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona owayevame ukugcona labo abakholelwa kuNkulunkulu, kanye nosemusha owayeyixhwele likagwayi nomlutha wotshwala. Sekukonke, lo mzalwane osemusha wasiza ontanga yakhe abangu-15 ukuba bazinikezele futhi babhapathizwe!
6 Ngakho basha, zikhandleni ekufundeni nasekusebenzeni insimu yenu eyingqayizivele. Kanjalo niyojabulela inzuzo enkulu kakhulu yokufunda esikoleni.