Manje Isikhathi
1 Lapho umphostoli uPawulu ebhalela abaseKorinte incwadi yakhe yesibili, wabakhumbuza ukuthi babezinqumele ukwenza umsebenzi omuhle wokusiza labo abakholwa nabo abaseJerusalema. Nokho, kwase kuphele unyaka, futhi babengakawuqedi umsebenzi ababewuqalile. Ngakho wabakhuthaza: “Qhubekani niwuqede: kushisekeleni ukuwuqeda njengoba nakushisekela ukuwuqala.”—2 Kor. 8:11, The New English Bible.
2 Ngezikhathi ezithile sonke siye sazibekela imigomo. Kungenzeka sanquma ukwandisa ingxenye yethu enkonzweni yasensimini, ukwazi abazalwane bethu kangcono, ukufanelekela ilungelo lenkonzo, noma ukunqoba ubuthakathaka obuthile. Nakuba saqala sinezinhloso ezinhle, kungenzeka asizange sikuphishekele ukufinyelela umgomo wethu. Singaqaphele, kungenzeka ukuthi sekudlule amasonto, izinyanga, noma ngisho neminyaka singathuthuki. Kungenzeka yini ukuthi kudingeka sisisebenzise kithi lesiseluleko sokuthi ‘siqhubeke sikuqede’ esikuqalile?
3 Ukufinyelela Imigomo Yethu: Kulula ukwenza isinqumo somuntu siqu kodwa akulula kangako ukufeza lokho okunqumile. Ukuzindela kungabhuntshisa noma iyiphi intuthuko. Kudingeka sicabangisise bese sizimisela ukuqhubekela phambili singapholisi maseko. Kuyadingeka ukuhleleka komuntu siqu. Kubalulekile ukubeka isikhathi ofuna ukuqeda ngaso umsebenzi bese uzithiba ukuze uqikelele ukuthi uyawufinyelela lowomgomo ngalolosuku olumisile.
4 Uma singakwazi ukufinyelela imigomo yethu, kulula ukucabanga ngalendlela: ‘Ngizobuye ngikwenze.’ Kodwa asikwazi okuzokwenzeka esikhathini esizayo. IzAga 27:1 zithi: “Ungazigabisi ngolwakusasa, ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.” Umfundi uJakobe waxwayisa ngokumelene nokuqiniseka ngokweqile ngekusasa ngoba ‘awukwazi okwangomuso; . . . ngoba owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.’—Jak. 4:13-17.
5 Njengoba kuneziphazamiso eziningi kangaka futhi kunezinto abanye abafuna sizenze, imigomo yethu ingalibaleka kalula. Kudingeka umzamo oqotho ukuze sihlale sicabanga ngayo. Ukuthandaza ngalendaba kuwusizo. Ukucela abanye esisondelene nabo ukuba basikhumbuze futhi basikhuthaze kungawenza umehluko. Ukuphawula ekhalendeni lethu kungasikhumbuza ukuba sizihlole ukuthi sithuthuka kanjani. Umuntu kufanele anqume ukuba enze “njengalokho azikhethele khona enhliziyweni.”—2 Kor. 9:7.
6 Inyanga ka-October isinikeza ithuba elihle lokugxila emigomweni yethu. Sizobe sihambisa izikhokhelo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ingabe ikhona imigomo esesilinganisweni esingayifinyelela? Kuthiwani ngokuzama ukwandisa omagazini esibahambisayo? Ukunquma ukwenza izimpindelo ezengeziwe nokuqala isifundo seBhayibheli esisha kungaba imigomo efanelekayo ngabaningi.
7 Akukhona ukuhlakanipha ukuhlehlisa izinto ezibalulekile, ngoba ‘lelizwe liyadlula.’ (1 Joh. 2:17) Amalungelo akhethekile kanye nezibusiso enkonzweni kaJehova siyakwazi ukukuthola manje. Kukithi ukuthi sikusebenzisa ngokunenzuzo yini.