Isahluko 39
Ngingayifinyelela Kanjani Imigomo Yami?
Yikuphi kulokhu okulandelayo ongathanda ukuba nakho?
□ Ukuzethemba ngokwengeziwe
□ Abangane abaningana
□ Injabulo eyengeziwe
EMPELENI, ungaba nakho kokuthathu! Kanjani? Ngokuzibekela imigomo futhi uyifinyelele. Cabanga ngalokhu okulandelayo:
Ukuzethemba ngokwengeziwe. Uma uzibekela imigomo emincane futhi uyifinyelela, uyoba nokuzethemba bese uyakwazi ukuzibekela emikhulu. Uyozethemba ngokwengeziwe nalapho ubhekene nezinselele zansuku zonke—njengokumelana nokucindezela kontanga.
Abangane abaningana. Abantu bayakujabulela ukuba seduze nalabo abanemigomo—abaziyo ukuthi bafunani nabazimisele ukukusebenzela lokho.
Injabulo eyengeziwe. Masibhekane neqiniso: Awujabuli uma unesizungu noma ulinde ukuba kube khona okujabulisayo okuzokwenzeka ekuphileni kwakho. Ngakolunye uhlangothi, uma ubeka imigomo futhi uyifinyelela, uyojabula. Ingabe usukulungele ukuqala? Amakhasi alandelayo azokusiza!a
✔ 1 THOLA IMIGOMO ONGAZIBEKELA YONA
1. Cabanga ngemigomo ongazibekela yona. Kujabulele ukuthatha lesi sinyathelo! Bhala imigomo eminingi ngangokunokwenzeka, kodwa ungayihlaziyi. Bona ukuthi ungakwazi yini ukubhala imigomo okungenani eyishumi.
2. Hlaziya imigomo yakho. Imiphi ebonakala ijabulisa kakhulu? Imiphi eyinselele kakhulu? Imiphi ongaziqhenya ngokukhethekile ngayo uma ungayifinyelela? Khumbula, imigomo ebalulekile ngokuvamile yileyo esho lukhulu kuwe.
3. Beka imigomo eza kuqala. Bhala imigomo yakho ilandelane ngendlela ongathanda ukuyifinyelela ngayo.
✔ 2 HLELA
Emgomweni ngamunye owukhethile, yenza lokhu okulandelayo:
Bhala umgomo wakho.
Ukufunda iSpanishi njengoba ngizovakashela eMexico
Beka isikhathi ozowufinyelela ngaso. Kakade, umgomo ongabekelwe isikhathi esiwujuqu sokuwufinyelela umane uyiphupho nje!
July 1
Hlela izinyathelo zokuwufinyelela.
Engizokwenza
1. Ngizozitholela incwadi yalolu limi.
2. Ngizofunda amagama ayishumi amasha isonto ngalinye.
3. Ngizolalela abanye abantu abakhuluma iSpanishi.
4. Ngizocela othile ukuba alalele indlela engikhuluma ngayo nengiphimisela ngayo amagama.
Lungela ukubhekana nezithiyo. Yibe usucabanga ukuthi uzozinqoba kanjani.
Okungaba izithiyo
Ukungabi khona komuntu ohlala eduze okhuluma iSpanishi
Zibophezele. Zitshele ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akho ukuze ufinyelele umgomo wakho. Sayina bese ubhala usuku.
Indlela engingazinqoba ngayo
Ngizothola izinto ezilalelwayo zeSpanishi engosini ethi, www.pr2711.com.
․․․․․ ․․․․․
Isignesha Usuku
✔ 3 THATHA ISINYATHELO!
Qala namhlanje. Zibuze, ‘Yini engingayenza namuhla ukuze ngiqale ukulungiselela umgomo wami?’ Yiqiniso, ungase ungabi nayo yonke imininingwane, kodwa ungakuvumeli lokho kukuvimbele ukuba uqale. Kunjengoba iBhayibheli lisho, “obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu; nalowo obheka amafu ngeke avune.” (UmShumayeli 11:4) Thola into ongayenza namuhla—ngisho noma incane—futhi uyenze.
Bukeza imigomo yakho usuku nosuku. Zikhumbuze ukuthi kungani ngamunye ubalulekile kuwe. Hlola intuthuko osuyenzile ngokufaka u-✔ (noma usuku oqede ngalo) eduze kwesinyathelo ngasinye osusifinyelele.
Sebenzisa amehlo akho engqondo. Zibone ngeso lengqondo usuwufinyelela umgomo wakho. Yiba nomuzwa wokuthi ufeze okuthile. Okulandelayo, hlola isinyathelo ngasinye osudlule kuso, usibone ngeso lengqondo. Okokugcina, zibone uqeda isinyathelo ngasinye, futhi ubone ngeso lengqondo ukuthi uyojabula kanjani lapho ufinyelela umgomo wakho. Qala-ke manje!
[Umbhalo waphansi]
a Lokhu kusikisela kubhekisele emigomweni ongayifinyelela ngesikhathi esifushane, kodwa izimiso ezifanayo ziyasebenza nasemigomweni yesikhathi eside.
UMBHALO OYINHLOKO
“Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa.”—IzAga 21:5.
ICEBISO
Ungakhathazeki ngokunamathela kakhulu ohlelweni lwakho. Vumelana nezimo futhi ulwenze ushintsho njengoba uthuthukela emgomweni wakho.
UBUWAZI . . . ?
Uma umgomo wakho umkhulu, uyoba mkhulu nomuzwa wokwaneliseka lapho uwufinyelela!
UCABANGANI?
● Kungenzeka yini ube nemigomo eminingi kakhulu ngesikhathi esisodwa?—Filipi 1:10.
● Ingabe ukuzibekela imigomo kusho ukuhlela umzuzu nomzuzu wokuphila yakho?—Filipi 4:5.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 283]
“Kulula ukuphazamiseka uma ungenayo into ozogxila kuyo noma obheke phambili kuyo. Kodwa lapho ubeka imigomo futhi uyifinyelela, uyajabula.’’—UReed
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 283]
Imigomo Eyisibonelo
Abangane Ukuba nomngane ongeyena untanga yami. Ukuvuselela ubungane bakudala.
Impilo Ukuvivinya umzimba okungenani imizuzu engu-90 isonto ngalinye. Ukulala amahora angu-8 ubusuku ngabunye.
Isikole Ukuthuthukisa amamaki ami ezibalo. Ukumelela okuhle lapho ngicindezelwa ukuba ngenze okubi.
Ingokomoya Ukufunda iBhayibheli imizuzu engu-15 usuku ngalunye. Ukuxoxela engifunda naye izinkolelo zami kuleli sonto.
[Isithombe emakhasini 284, 285]
Imigomo injengepulani lendlu—kudinga umzamo ukulenza libe into engokoqobo