Sebenzisa Imigomo Engokomoya Ukuze Ukhazimulise UMdali Wakho
“LAPHO umuntu engazazi ukuthi uya kuliphi itheku, awukho umoya oyiwonawona.” La mazwi, okuthiwa ashiwo isazi sefilosofi sekhulu lokuqala esingumRoma, afakazela iqiniso lokuthi ukuze umuntu azi ukuthi uyaphi ekuphileni, kumelwe abe nemigomo.
IBhayibheli linikeza izibonelo zabantu ababeyiphaphamele imigomo. UNowa wasebenza iminyaka engaba ngu-50, “akha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe.” Umprofethi uMose “wagxilisa amehlo ekukhokhweni komvuzo.” (Hebheru 11:7, 26) UJoshuwa, owalandela uMose esikhundleni, wanikwa nguNkulunkulu umgomo wokunqoba izwe laseKhanani.—Duteronomi 3:21, 22, 28; Joshuwa 12:7-24.
Ekhulwini lokuqala C.E., imigomo engokomoya yomphostoli uPawulu akungabazeki ukuthi yayithonywe kakhulu amazwi kaJesu athi, “lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe.” (Mathewu 24:14) Ekhuthazwe imiyalezo nemibono ephathelene naye siqu evela eNkosini uJesu, ehlanganisa nesabelo ‘sokuphatha igama likaJesu ezizweni,’ uPawulu waba nendima ebalulekile ekumiseni amabandla obuKristu amaningi e-Asia Minor naseYurophu.—IzEnzo 9:15; Kolose 1:23.
Yebo, izinceku zikaJehova bezilokhu zizibekela imigomo emihle futhi ziyifinyelela, kube inkazimulo kuNkulunkulu. Thina namuhla singazibekela kanjani imigomo engokomoya? Imiphi imigomo esingazama ukuyifinyelela, futhi iziphi izinyathelo ezingokoqobo esingazithatha ukuze siyifinyelele?
Izisusa Ezifanele Zibaluleke Kakhulu
Imigomo ingabekwa cishe kunoma isiphi isici sokuphila, futhi kuleli zwe kunabantu abayiphaphamele imigomo. Nokho, imigomo engokwasezulwini ayifani nezifiso zezwe zokufeza okuthile. Izisusa eziyinhloko zemigomo eminingi ezweni yisifiso esilawulayo sokuceba kanye nokuhahela isikhundla namandla. Yeka iphutha okungaba yilo ukuphishekela umgomo ukuze uthole amandla nokuvelela! Imigomo eletha inkazimulo kuJehova uNkulunkulu ihlobene ngokuqondile nokumkhulekela kwethu nezithakazelo zoMbuso. (Mathewu 6:33) Imigomo enjalo isuka othandweni ngoNkulunkulu nangomakhelwane futhi ihlose ukusiholela ekuzinikeleni kokuhlonipha uNkulunkulu.—Mathewu 22:37-39; 1 Thimothewu 4:7.
Kwangathi izisusa zethu zingaba msulwa njengoba sibeka futhi siphishekela imigomo engokomoya, kungakhathaliseki ukuthi eyamalungelo enkonzo engeziwe noma eyokuthuthuka ngokomoya. Nokho, ngisho nemigomo enezisusa ezifanele ayifinyeleleki ngezinye izikhathi. Singayibeka kanjani imigomo futhi sandise amathuba okuyifinyelela?
Kumelwe Sibe Nesifiso Esinamandla
Cabanga indlela uJehova awadala ngayo amazulu nomhlaba. Ngamazwi athi “kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa,” uJehova waphawula inkathi ngayinye yokudala. (Genesise 1:5, 8, 13, 19, 23, 31) Ekuqaleni kwenkathi ngayinye yokudala, wayewazi kahle umgomo noma inhloso yakhe yalolo suku. Futhi uNkulunkulu wayifeza injongo yakhe yokudala izinto. (IsAmbulo 4:11) Inzalamizi uJobe yathi “umphefumulo [kaJehova] unesifiso, futhi uyosenza.” (Jobe 23:13) Yeka indlela okumelwe ukuba kwakwanelisa ngayo kuJehova ukubona “konke ayekwenzile” abese ethi “kuhle kakhulu”!—Genesise 1:31.
Ukuze neyethu imigomo ifezeke, kumelwe sibe nesifiso esinamandla sokuyifinyelela. Yini eyosisiza ukuba sibe naleso sifiso esinamandla? Ngisho nalapho umhlaba ungakabi nasimo, ungakabi nalutho, uJehova wayekwazi ukuwubona umphumela—igugu elihle emkhathini, elimlethela inkazimulo nodumo. Ngokufanayo, isifiso sethu sokufeza lokho esizimisele ukukwenza singahlakulelwa ngokuzindla ngemiphumela nezinzuzo zokufinyelela lowo mgomo. Yilokho okwenzeka kuTony oneminyaka engu-19 ubudala. Akazange akukhohlwe lokho okwamfikela lapho eqala ukuvakashela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eNtshonalanga Yurophu. Kusukela ngaleso sikhathi, umbuzo owawuhlala usengqondweni kaTony kwakuwukuthi, ‘Kungaba njani nje uma ngingahlala futhi ngikhonze endaweni enjeya?’ UTony akazange ayeke ukucabanga ngalokhu, futhi waqhubeka ezama ukukufinyelela. Yeka indlela ajabula ngayo lapho ngemva kweminyaka ethile isicelo sakhe sokukhonza egatsheni samukelwa!
Ukuzihlanganisa nabanye asebewufinyelele kakade umgomo othile nakho kungakha kithi isifiso sokuwufinyelela. UJayson, oneminyaka engu-30 ubudala, wayengayijabuleli inkonzo yasensimini lapho esanda kweva eshumini nambili. Kodwa ngemva kokuphothula esikoleni esiphakeme, wangenela inkonzo yamaphayona ezimisele, waba ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele. Yini eyasiza uJayson ukuba ahlakulele isifiso sokuphayona? Uyaphendula: “Ukuxoxa nabanye abaye baphayona nokusebenza nabo enkonzweni kwangithonya kakhulu.”
Ukuyibhala Phansi Imigomo Yethu Kungasiza
Into elufifi esengqondweni iyacaca futhi igqame lapho sikhetha amagama esingayibeka ngawo. USolomoni waphawula ukuthi amagama afanele angaba njengezinkandi ezinamandla ekwenzeni ukuphila kubonakale ukuthi kubhekephi. (UmShumayeli 12:11) Lapho lawo magama ebhalwe phansi, ayagxila engqondweni nasenhliziyweni. UJehova wayengawayalelani nje amakhosi akwa-Israyeli ukuba azibhalele ikhophi yoMthetho? (Duteronomi 17:18) Ngakho-ke, kwangathi singaba nesifiso sokuyibhala phansi imigomo yethu nendlela yokuyifinyelela, sibhale nezithiyo esizilindele kanye nezindlela zokuzinqoba. Kungaba usizo futhi ukubona imikhakha okumelwe sibe nolwazi kuyo, amakhono okudingeka siwathole, nabantu abangasisiza futhi basisekele.
Ukuzibekela imigomo engokomoya kwamenza wazinza uGeoffrey, iphayona elikhethekile eselinesikhathi eside likhonza ensimini engayodwa ezweni elithile lase-Asia. Wehlelwa usizi lokushonelwa umkakhe kungazelelwe. Ngemva kokujwayela ukuphila okusha, uGeoffrey wanquma ukuzigcina ematasa enkonzweni yakhe yokuphayona ngokuzibekela imigomo. Ngemva kokubhala phansi lokho ayekuhlelile, ngosizo lomthandazo wazibekela umgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli ezintathu ezintsha ingakapheli leyo nyanga. Usuku ngalunye, wayebukeza umsebenzi wakhe, kuthi njalo ngemva kwezinsuku eziyishumi ahlole intuthuko yakhe. Ingabe wawufinyelela umgomo wakhe? Njengoba abika izifundo zeBhayibheli ezine ezintsha, uphendula ngo-yebo ogcwele injabulo!
Zibekele Imigomo Yesikhathi Esifushane Eyizimpawu
Eminye imigomo ingase iqale ibonakale inzima kakhulu. KuTony, oshiwo ekuqaleni, ukukhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova kwakubonakala kuyiphupho. Lokho kwakungenxa yokuthi wayephilisa okomdlwembe, futhi engakazinikezeli nakuzinikezela kuNkulunkulu. Kodwa uTony wanquma ukuvumelanisa ukuphila kwakhe nezindlela zikaJehova futhi wazibekela umgomo wokuba afanelekele ukubhapathizwa. Ngemva kokufinyelela lowo mgomo, wazama ukuzibekela umgomo wokuba yiphayona elisizayo nephayona elivamile, wabhala ekhalendeni lakhe izinsuku azimisele ukuqala ngazo. Ngemva kokuba esephayone isikhathi esithile, ukukhonza ehhovisi legatsha akuzange kusabonakala kuwumgomo ongenakufinyeleleka.
Nathi kungaba kuhle siyihlephule imigomo yethu yesikhathi eside ibe imigomo embalwa yesikhathi esifushane. Le migomo ephakathi ingaba njengezimpawu ezifinyelelekayo endleleni eya ekufinyeleleni umgomo wesikhathi eside. Ukuhlola intuthuko yethu ngalezo zimpawu ezisendleleni kungasisiza sigcine ingqondo yethu igxilile. Ukuthandaza ngokuphindaphindiwe kuJehova ngalokho esikuhlelayo nakho kuyosisiza sihlale sisemzileni ofanele. Umphostoli uPawulu wakhuthaza: “Thandazani ningaphezi.”—1 Thesalonika 5:17.
Kudingeka Ukuzimisela Nokuphikelela
Naphezu kokuyihlela ngokucophelela nokuba nesifiso esinamandla sokuyifeza, eminye imigomo ilokhu ingafinyeleleki. Yeka indlela okumelwe ukuba wadumala ngayo umfundi uJohane Marku lapho umphostoli uPawulu engafuni ukuhamba naye ohambweni lwakhe lwesibili njengesithunywa sevangeli! (IzEnzo 15:37-40) UMarku kwadingeka afunde kulokhu kudumazeka futhi ashintshe umgomo wakhe wenkonzo eyengeziwe. Kusobala ukuthi wakwenza lokho. Kamuva, uPawulu wakhuluma kahle ngoMarku futhi uMarku wajabulela ubudlelwane obuseduze nomphostoli uPetru eBhabhiloni. (2 Thimothewu 4:11; 1 Petru 5:13) Mhlawumbe ilungelo elikhulu kunawo wonke alithola kwakuwukubhala ukulandisa okuphefumulelwe kokuphila nenkonzo kaJesu.
Lapho siphishekela imigomo engokomoya, nathi singase sivelelwe izinto ezisibuyisela emuva. Kunokuba sidele, kumelwe sibukeze, sihlaziye, futhi silungise. Lapho kuvela izithiyo, kudingeka sizabalaze ngokuzimisela siphikelele. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni iyasiqinisekisa: “Gingqela imisebenzi yakho kuJehova khona-ke amacebo akho ayokuma aqine.”—IzAga 16:3.
Nokho, ngezinye izikhathi izimo zenza ukuphishekela imigomo ethile kungabi into engafinyeleleka. Ngokwesibonelo, impilo engeyinhle noma izibopho zomkhaya kungase kwenze eminye imigomo ibe engenakufinyeleleka kithi. Kwangathi singelokothe sikhohlwe ukuthi umvuzo oyinhloko ukuphila okuphakade—ezulwini noma ePharadesi emhlabeni. (Luka 23:43; Filipi 3:13, 14) Utholwa kanjani lo mvuzo? “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade,” kubhala umphostoli uJohane. (1 Johane 2:17) Nakuba isimo sethu singase singasivumeli ukuba sifinyelele umgomo othile, sisengakwazi ‘ukwesaba uNkulunkulu weqiniso sigcine imiyalo yakhe.’ (UmShumayeli 12:13) Imigomo engokomoya isisiza ukuba sihlale sigxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Ngakho-ke, masiyisebenzisele ukukhazimulisa uMdali wethu.
[Ibhokisi ekhasini 22]
Imigomo Engokomoya Esingayicabangela
○ Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke
○ Ukufunda INqabayokulinda ne-Phaphama! ngayinye
○ Ukuthuthukisa imithandazo yethu
○ Ukubonisa izithelo zomoya
○ Ukwandisa inkonzo
○ Ukuphumelela kakhudlwana ekushumayeleni nasekufundiseni
○ Ukuhlakulela amakhono anjengokushumayela ngocingo, ngokwethukela, nasensimini yebhizinisi