Ukubekwa Uphawu Okuletha Insindiso
1 Ngaphambi kokuba akhiphe izahlulelo zakhe zokulunga, uJehova njalo unikeza isixwayiso abese elungiselela abamnene indlela yokusinda. Ngosuku lukaHezekeli, kwakunalabo ababekhala bebubula ngenxa yazo zonke izinto eziyisinengiso ezazenziwa. UJehova wenza ukuba labo ababefaneleka babekwe uphawu lokusinda. (Hez. 9:4-6) Umsebenzi wethu wokushumayela namuhla ufeza injongo efanayo. Singafeza indima ebaluleke kakhulu.
2 Ukuthola abantu abaqotho kumane nje kuyisinyathelo sokuqala. Sihlela ukuphinde sibuye. Ukulungiselela impindelo kwenziwa ekuhambeleni kokuqala ngokuphawula lokho okuhanjisiwe nesihloko okuxoxwe ngaso. Ukuphumelela kwethu ekwenzeni impindelo kuyoxhomeka ikakhulukazi kulokho esilungiselele ukukusho nokukwenza lapho siphindela.
3 Ekulandeleleni lapho okuhanjiswe khona “INqabayokulinda,” ungase ugxile esihlokweni sayo esiyinhloko:
◼ “Phawula ukuthi esembozweni se-Nqabayokulinda kunamazwi athi ‘Ememezela UMbuso KaJehova.’ Okwenza lomagazini ube ingqayizivele ukuthi umelela uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwekhambi lezinkinga zezwe. Uchaza lokho uMbuso kaNkulunkulu oyokufeza lapho intando kaNkulunkulu seyenziwa emhlabeni. Lezi izindaba ezinhle uJesu athi zaziyomenyezelwa kuwo wonke umhlaba.” Funda uMathewu 24:14, bese uchaza indlela INqabayokulinda engatholakala ngayo njalo futhi isetshenziselwe isifundo seBhayibheli somuntu siqu.
4 Ungase ukhethe ukugxila nje eBhayibhelini ngokwalo bese ugcizelela isidingo sokulifunda njalo. Ungase uthi:
◼ “Kubonakala sengathi cishe wonke umuntu esimaziyo angasijabulela iseluleko esiwusizo sokuthi angabhekana kanjani nezinkinga zokuphila kwansuku zonke. Ucabanga ukuthi singasitholaphi iseluleko esingasithemba? [Lindela impendulo.] Abaningi abaye bathembela eselulekweni sabangane noma abaye bakhokha izimali ukuze bathole iseluleko sabeluleki abangochwepheshe baye badumala kakhulu. Ngakolunye uhlangothi, izigidi zabantu ziye zathola ukuthi iBhayibheli liwukuphela komthombo weseluleko ezingathembela kuwo ngempela. IBhayibheli linikeza isiqondiso ngokuthi singabhekana kanjani nanoma iyiphi inkinga okungenzeka sihlangabezane nayo. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.] Nakuba kungenzeka ukuthi uye wakuthola kunzima ukuqonda iBhayibheli, ake ngikubonise ukuthi ungalisebenzisa kanjani ukuze uvule inqolobane yengcebo yeseluleko esihlakaniphile.” Qhubeka uvule kwelithi “Uthando” engxenyeni engemuva ye-Nguqulo Yezwe Elisha ethi “Izikhombo Zamagama AseBhayibhelini,” bese umbonisa ezinye zezikhombo ezibonisa indlela uthando olungasisiza ngayo ukuba sixazulule ukungezwani nabanye.
5 Unomgomo wokuqala isifundo seBhayibheli, ungase ukhethe ukusebenzisa incwadi ethi “Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni,” usebenzisa lesisingeniso:
◼ “Siyayithanda imikhaya yethu futhi siyifunela okungcono kakhulu. Umkhaya wakho ungazuza kanjani ngokuphila ezweni elinjengaleli?” Mbonise umfanekiso osemakhasini 156-7. Funda umbhalo owodwa noma emibili ecashunwe kulawomakhasi, bese uchaza ukuthi lezi izithembiso ezenziwa uJehova uNkulunkulu, ongawaqambi amanga. Bhekisela ohlwini lwezahluko olusemakhasini 5-6, bese ubuza umninikhaya ukuthi isiphi isihloko esimhlaba umxhwele kakhulu; vula kulesosahluko asikhethayo, bese nixoxa ngesigaba esisodwa noma ezimbili.
6 Ungathanda yini ukusiza omunye umuntu ukuba abekwe uphawu lokusinda? Impumelelo ixhomeke ‘ekuyifezeni ngokugcwele inkonzo yakho’ ngokulungiselela kahle nangokulandelela ngokushesha sonke isithakazelo ositholayo.—2 Thim. 4:5.