Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/05 kk. 3-5
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sondela KuJehova
  • Hlalani Nilindile!
  • Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
  • IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
  • Indlela Yokuhambisa Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • (1) Umbuzo, (2) UmBhalo, Bese Kuba (3) Isahluko
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Ukuhambisa Incwadi Ethi Funda KuMfundisi Omkhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 1/05 kk. 3-5

Sigcine Kahle

Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo

Sebenzisa ukusikisela okulandelayo ukuze kukusize ulungiselele izintshumayelo eziphathelene nencwadi eyobe ihanjiswa kuleyo nyanga.

Sondela KuJehova

“Abantu abaningi abakholelwa kuNkulunkulu bangathanda ukuzizwa besondelene naye. Bewazi yini ukuthi uNkulunkulu usicela ukuba sisondelane naye? [Funda uJakobe 4:8.] Le ncwadi iklanyelwe ukusiza abantu ukuba basebenzise amaBhayibheli abo ukuze basondelane noNkulunkulu.” Funda isigaba 1 ekhasini 16.

“Namuhla kwandile ukungabi nabulungisa. Kunjengoba nje kuchazwe lapha. [Funda umShumayeli 8:9b.] Abaningi bazibuza ukuthi uNkulunkulu unendaba yini. [Funda imisho emibili yokuqala esigabeni 4 ekhasini 119.] Lesi sahluko sichaza isizathu sikaNkulunkulu sokukuvumela isikhashana ukungabi khona kobulungisa.”

Hlalani Nilindile!

“Abantu abaningi bayakhathazeka ngezinkinga ezinkulu nezenzakalo ezishaqisayo ezivamile namuhla. [Yisho isibonelo esaziwayo endaweni.] Bewazi yini ukuthi izinto ezinjalo ziyingxenye yesibonakaliso somhlaba wonke sokuthi maduze uhulumeni kaNkulunkulu uzolawula izindaba zasemhlabeni? [Lindela impendulo bese ufunda umBhalo ofanelana nesenzakalo osishilo, njengoMathewu 24:3, 7, 8; Luka 21:7, 10, 11; noma eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.] Le ncwajana ikhuluma ngesizathu sokuba sikuqaphele kakhulu lokho okushiwo yilezi zenzakalo manje.”

“Abaningi namuhla bacindezelekile ngenxa yezimo ezishaqisayo noma izinto ezibuhlungu ezibehlelayo. Abanye bayazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu engazivimbeli izinto ezinjalo. IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi ngokushesha uNkulunkulu uzokuqeda ukuhlupheka kwesintu. [Funda isAmbulo 14:6, 7.] Phawula ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu sizosenzelani isintu. [Funda eyesi-2 Petru 3:10, 13.] Le ncwajana inokwaziswa okwengeziwe ngale ndaba ebalulekile.”

Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade

“Uma bekungathiwa hlala endaweni enhle njengale, ubungahlala? [Mbonise isithombe esisemakhasini 4-5 bese ulindela impendulo.] Phawula ukuthi iZwi likaNkulunkulu lithi yini okufanele siyenze ukuze sijabulele ukuphila okunje phakade. [Funda uJohane 17:3.] Le ncwadi izokusiza ukuba uthole ulwazi oluholela ekuphileni okumi phakade.” Hlela ukuba lapho ubuyela nixoxe ngezigaba ezinhlanu zokuqala zesahluko 1.

Vula isithombe esisemakhasini 188-9, futhi ubuze umninikhaya umbuzo okuleso sithombe othi: “Ingabe unethemba lokuphila ePharadesi, lapho ulwazi ngoNkulunkulu selugcwele emhlabeni? [Lindela impendulo bese ufunda u-Isaya 11:9.] Le ncwadi izokusiza ukuba ufunde lokho okushiwo iBhayibheli ngePharadesi nokuthi wena ungaba kanjani kulo.” Hlela ukuba lapho ubuyela nixoxe ngezigaba 11-16 zesahluko 1.

Funda KuMfundisi Omkhulu

“Ucabanga ukuthi umhlaba ubuyoba indawo engcono ukube abantu bebephila ngokwala mazwi? [Funda uMathewu 7:12a bese ulindela impendulo.] Le ncwadi inezifundo eziningi ezivela kumfundisi omkhulu kunabo bonke owake waphila.” Qokomisa izithombe namazwi azichazayo esahlukweni 17.

“Abazali abaningi namuhla bazama ukugxilisa imikhuba emihle ezinganeni zabo. Ucabanga ukuthi kubalulekile lokho? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 22:6.] Phawula ukuthi abazali bakhuthazwa ukuba baqale ukuqeqesha izingane zabo zisencane. Le ncwadi iklanyelwe ukubasiza benze lokho.” Qokomisa izithombe namazwi azichazayo esahlukweni 15 noma esahlukweni 18.

“Abazali bavamile ukumangazwa imibuzo ebuzwa izingane zabo. Eminye yaleyo mibuzo kungaba nzima ukuyiphendula, akunjalo? [Lindela impendulo bese ufunda eyabase-Efesu 6:4.] Le ncwadi ingabasiza abazali namuhla ukuba baphendule imibuzo yezingane zabo.” Qokomisa izithombe ezimbalwa namazwi azichazayo ezahlukweni 11 no-12 noma ezahlukweni 34 kuya ku-36.

Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu

“Njengoba kunezinkolo eziningi kangaka ezihlukahlukene namuhla, wake wazibuza yini ukuthi singayibona kanjani evunyelwe uNkulunkulu?” Ngemva kwempendulo, vula le ncwadi ekhasini 377. Qokomisa iphuzu elingunombolo 7, bese ubuza umninikhaya ukuthi uyavuma yini ukuthi inkolo yeqiniso kufanele ihlanganise zonke izinhlanga zesintu. Funda omunye wemiBhalo ekhonjiwe, futhi ngokwesikhathi esikhona, xoxani ngamanye amaphuzu asohlwini. Uma umninikhaya enesithakazelo esiqotho, mhambisele incwadi. Lapho usuhamba, ungase ubuze ukuthi, “Inkolo yeqiniso kufanele ikuthonye kanjani ukuziphatha komuntu?” Hlela ukubuya ngesikhathi esizayo uzophendula lowo mbuzo.

Uma umuntu ethi uyilungu lenkolo enkulu, ungase uthi: “Kuyathakazelisa ukuhlangana nabantu bezinkolo ezihlukahlukene. Isintu siye safuna uNkulunkulu ngezindlela eziningi ezihlukahlukene. [Uma kufaneleka, funda izEnzo 17:26, 27.] Abantu bavame ukulandela inkolo yabazali babo. [Funda isigaba 12 ekhasini 8.] Ukufunda okwengeziwe ngezinye izinkolo kuvula ingqondo futhi kuyafundisa. Le ncwadi ichaza umsuka, imikhuba, nezimfundiso zezinkolo ezinkulu zomhlaba.” Mbonise isibonelo salokho okuqukethwe yile ncwadi ngenkolo yakhe, njengoba lokho kwaziswa kutholakala emakhasini alandelayo: UbuSikh (100-1); UbuHindu (116-17); UbuBuddha (141); UbuTao (164-6); UbuConfucian (177); UbuShinto (190-5); UbuJuda (220-1); kanye nobuSulumani [Muslim] (289).

IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!

“Kungenzeka uyizwile le ndaba [yisho okushiwo ezindabeni]. Lapho abantu befa kabuhlungu ngokuzumayo, abaningi bayazibuza ukuthi imikhaya yalezo zisulu ingaduduzwa kanjani. Ucabangani wena?” Lindela impendulo. Yibe usuvula ikhasi 299 umbonise umfanekiso wovuko. Qhubeka uthi: “Abaningi bayamangala lapho bezwa ukuthi abalungile nabangalungile bayobuyiselwa ekuphileni ePharadesi emhlabeni. [Funda izEnzo 24:15 njengoba zicashunwe esigabeni 9 ekhasini 297, bese unikeza incazelo esesigabeni 10.] Le ncwadi ikhuluma ngeminye imininingwane eminingi ethakazelisayo mayelana nenjongo kaNkulunkulu ngekusasa.”

IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?

“Siphila esikhathini lapho cishe wonke umuntu ebhekene nezinkinga ezingathí sina. Abaningi baya kuzo zonke izinhlobo zabeluleki ukuze bathole isiqondiso. Abanye bafuna usizo kubantu abasebenzelana nemimoya. Ucabanga ukuthi singasitholaphi iseluleko esinengqondo esingasisiza ngempela? [Lindela impendulo.] IBhayibheli likhuluma ngephuzu elibalulekile sonke esidinga ukuliqaphela. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16. Yibe usuvula ikhasi 187 ufunde isigaba 9.] Le ncwadi izokusiza ubone indlela okusiza ngayo ukulandela lokho iBhayibheli elikushoyo.”

Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila

“Phakathi nale nkathi abantu abaningi bacabanga ngoJesu. Nokho, ngenxa yokuthi kwenzeka izinto ezimbi eziningi kangaka emhlabeni wonke, abanye bangase bazibuze ukuthi uJesu uyasikhathalela yini ngempela. Uzizwa kanjani ngalokho?” Lindela impendulo. Vula isahluko 24, bese nixoxa kafushane ngokuthi kungani uJesu eza emhlabeni. Yibe usufunda uJohane 15:13, ugcizelele uthando olusuka enhliziyweni uJesu analo ngabanye abantu.

“Lapho umuntu ekhuluma ngoJesu Kristu, abantu abaningi bacabanga ngosana noma indoda ehluphekayo esizokufa. Abakucabangayo ngoJesu kuhilela ukuzalwa kwakhe nokufa kwakhe kuphela. Izinto ezimangalisayo azisho nazenza ngesikhathi esaphila zivame ukunganakwa. Lokho akufeza kuthinta wonke umuntu owake waphila kulo mhlaba. Yingakho kubalulekile ukuba sifunde okuningi ngangokunokwenzeka ngezinto ezimangalisayo ásenzela zona.” Funda uJohane 17:3. Vula ekhasini lokuqala lesethulo sencwadi bese ufunda isigaba sesine.

Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?

“Ucabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba sihlale sikhungethwe izinkinga ezinjengalezo esibhekene nazo namuhla? [Lindela impendulo bese ufunda uMathewu 6:10.] Wake wazibuza yini ukuthi uyini ngempela uMbuso kaNkulunkulu?” Vula isifundo 6, ufunde imibuzo esekuqaleni kwesifundo. Qala ingxoxo yaleso sifundo, noma uhlele ukuxoxa ngaso lapho ubuyela.

“Yize umphakathi wanamuhla usuthuthukile, ukugula nokufa kulokhu kubangela ukuhlupheka nobuhlungu esintwini. Ingabe uyazi ukuthi yini uJesu azoyenzela abagulayo, abakhulile, nabashonile imbala?” Lindela impendulo. Uma umuntu okhuluma naye efuna ukwazi impendulo, vula isifundo 5 bese ufunda imibuzo yezigaba 5-6. Xoxani ngalezo zigaba, noma uhlele ukwenza lokho lapho ubuyela.

Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso

“Ucabanga ukuthi singalutholaphi usizo lokubhekana nezingcindezi zokuphila? [Lindela impendulo bese ufunda amaRoma 15:4.] Phawula ukuthi imiBhalo ephefumulelwe iyasifundisa, isiduduze, isinike nethemba okungasiqinisa ukuze sikhuthazelele ubunzima. Le ncwadi inokusikisela okuwusizo kwendlela esingazuza ngayo ngokufunda iBhayibheli.” Qokomisa amaphuzu amane asekhasini 30.

“Selokhu uJesu afika la emhlabeni, abantu abaningi bebelokhu bethandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze. Wake wazibuza yini ukuthi kuyosho ukuthini ukufika kwalowo Mbuso esintwini? [Lindela impendulo bese ufunda uDaniyeli 2:44.] Le ncwadi ichaza lokho uMbuso kaNkulunkulu oyikho, ukuthi uyofezani, nokuthi singazuza kanjani ekubuseni kwawo kokulunga.” Khulumela umfanekiso osemakhasini 92-3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela