IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo okhethekile owehlisiwe ka-R8,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,00. (Emkhankasweni wensimu engabelwe lamanani ehlisiwe encwadi ethi Ungaphila Phakade azosebenza kuzo zonke izinyanga ezintathu.) Kufanele kwenziwe umzamo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-October: Isikhokhelo sonyaka esifika ngeposi se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngo-R33,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R16,50. Izikhokhelo ze-club system zingu-R19,00 no-R9,50 ngokulandelana kwazo. Yenzani umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini lapho isipho senqatshwa. Ngo-November: Hambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R10,90.
◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho senikwenzile lokhu.
◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandele iziyalezo ezinikezwe emakhasini 21-3 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, ngokuphathelene nanoma ibaphi abantu abasuswa ekuhlanganyeleni noma abazihlukanisa okungenzeka babonisa isimo sokufuna ukubuyiselwa.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1996 e-odeni lawo lezincwadi lango-September. Amakhalenda azotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Ayizinto ezi-odwa ngokulinganiselwa. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nemali.
◼ NgoMgqibelo, October 14, 1995, ikhaya laseBethel nefektri kuzovalwa ukuze kuhlanzwe, ngakho ngeke abe khona amalungiselelo okubuka indawo.
◼ Sikhumbuza WONKE AMABANDLA ukuba asize a-ode ngokushesha ngangokunokwenzeka amakhadi e-Advance Medical Directive/Release nama-Identity Card ngefomu le-Literature Order (S-AB-14). Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele i-oda lawo nemali. Amakhadi e-medical directive angamasenti ayishumi lilinye kanti ama-Identity Card angamasenti angu-8 lilinye. Sizani ni-ode ngamaqoqo ahamba ngama-20 uma kungenzeka. Sizani ningawakhiphi lamakhadi, kodwa niwagcine kuze kube yilapho nithola ezinye iziyalezo ezivela eNhlanganweni.
◼ Amabheji omhlangano wesigodi ka-1995 kufanele a-odwe futhi imali yawo iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi yebandla ngamasenti angu-8 lilinye. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni, noma anesikweleti ku-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nemali. Sizani ni-ode ngamaqoqo ahamba ngama-20 lapho kunokwenzeka. Amabheji atholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Sizani nifake ama-oda enu nisebenzisa ifomu i-Literature Order (S-AB-14). Lama-oda kufanele afike eNhlanganweni ngaphambi kuka-November 1, 1995. Ngemva kwalokho ngeke siwasingathe ama-oda amabheji.
◼ Kuyokwaziswa uma labo ababhalela iNhlangano bebhala amagama abo nekheli eliphelele ngaphambili, echosheni elingakwesobunxele noma ngemva kwemvilophi. Lapho amabandla ebhalela iNhlangano, kufanele asize abhale igama nenombolo yebandla lawo. Lokhu kubaluleke kakhulu ngoba kusiza iNhlangano ekusingatheni izincwadi.