Imihlangano Yenkonzo Ka-September
Isonto Eliqala Ngo-September 4
INgoma 224
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: “Ukwenziwa Lula KoMhlangano Wesigodi Ka-1995.” Isenezelo. Inkulumo esekelwe ezigabeni 1-8, kufanele isingathwe umbonisi owengamele. Gcizelela izinzuzo zoshintsho lokungabi bikho kokudla.
20 imiz: “Siza Abanye Ukuba Bazizuzise.” Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe, bese kuba nemiboniso emibili emifushane.
Ngoma 204 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 11
INgoma 216
5 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
20 imiz: “Ukwenziwa Lula KoMhlangano Wesigodi Ka-1995.” Isenezelo. Imibuzo nezimpendulo ngezigaba 9-19, kufanele isingathwe unobhala webandla. Ekuphetheni donsela ukunakekela ebhokisini lezikhumbuzo. Gcizelela ukuba kusetshenziswe ukuhlakanipha ekuphatheni ukudla okudingekayo nezinye izinto ezifana nalezo.
20 imiz: “Yimiphi Imigomo Oyibekele Izingane Zakho?” Imibuzo nezimpendulo. Yiba nomuntu omusha oyedwa noma ababili abayisibonelo noma asebekhulile abaye bakhonza uJehova kusukela ebusheni babo balandise kafushane indlela abazali babo ababasiza ngayo ukuba bakhethe imigomo eyinzuzo egxile ezithakazelweni zoMbuso.
INgoma 187 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 18
INgoma 168
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbonisi owengamele ubukeza umsebenzi webandla wangonyaka odlule, atuse futhi anikeze nokusikisela kokuthuthukisa. Gcizelela ukuba bonke bazibekele umgomo wokuphuma njalo enkonzweni nokusiza ikakhulukazi abamemezeli abangakabhapathizwa ukuba nabo benze okufanayo.
15 imiz: “Basebenzise Kahle Omagazini Bethu.” Inkulumo enomfutho enikezwa umbonisi wenkonzo, esekelwe ezigabeni 1 kuya ku-13 zesenezelo.
20 imiz: “Landelela Sonke Isithakazelo Ukuze Uzuzise Abanye.” Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe zokusetshenziswa ezimpindelweni. Umzalwane osingethe lengxenye uxoxa nabamemezeli ababili noma abathathu ngalokho abazokusho abese ebacela ukuba benze umboniso wezintshumayelo zabo.
INgoma 162 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 25
INgoma 177
5 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: “Zonke Izinto Zenzeleni Inkazimulo KaNkulunkulu.” Inkulumo nengxoxo nezilaleli esingethwe umdala. Uma isikhathi sivuma, nikeza ukukhulumela okwengeziwe okusekelwe ku-Nqabayokulinda ka-August 15, 1992, amakhasi 15-20.
10 imiz: “Ukuhlolwa UJehova—Kungani Kunenzuzo?” Inkulumo ekhuthazayo enikezwa umdala.
15 imiz: “Basebenzise Kahle Omagazini Bethu.” Xoxa nezilaleli ngezigaba 14 kuya ku-17 zesenezelo. Gcizelela ukuba kwenziwe umzamo okhethekile wokuhambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! ngo-October. Njengoba omagazini benyatheliswa ngezilimi ezihlukahlukene, kufanele sazise abantu abakhuluma izilimi zakwamanye amazwe ukuthi singabalethela njalo omagazini ngezilimi zabo zendabuko. Ensimini esetshenzwa njalo, ukusakaza omagazini bethu kungaba indlela ephumelela kakhulu yokuhlakulela isithakazelo, ngoba banikeza ukwaziswa okusha masonto onke. Yiba neqembu lomkhaya libonisa isikhathi sokulungiselela, njengoba kuchazwe esigabeni 14. Futhi, yisho okunye ukusikisela okusebenzayo kokuhambisa omagazini abengeziwe.
INgoma 193 nomthandazo wokuphetha.