Ukwenziwa Lula KoMhlangano Wesigodi Ka-1995
1 Yeka indlela okuvusa amadlingozi ngayo ukuba semadilini angokomoya, kungaba semihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda, emihlanganweni ekhethekile yosuku olulodwa, noma emihlanganweni yesigodi! Ngani? Ubudlelwane nabantu abesaba uNkulunkulu buyaqabula, futhi izindaba ezingokomoya ezinikezwa ngalezo zikhathi zisikhumbuza izinto ezibaluleke kakhulu.
2 Eminyakeni yamuva izinkulungwane ezandayo ziye zadonselwa emibuthanweni enjalo engokomoya. Phakathi nonyaka ka-1985 no-1994, inani lamabandla emhlabeni wonke landa ngaphezu kwamaphesenti angu-50, lisuka ku-49 716 liya ku-75 573. Njengoba uJehova esheshisa umsebenzi wokubutha, inani lemihlangano yesigodi neyesifunda liyanda ngokufanelekile. (Isaya 60:22) Ngisho nokwanda kwenani lemihlangano eqhutshwa ensimini engaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika, lisuka kwengu-21 ngo-1984 liya kwengu-30 ngo-1994, libonisa lokhu kwanda enanini lamabandla. Umsebenzi owumphumela walokho kwanda ohilelekile ekulungiseleleni nasekusingatheni lemihlangano wanda kakhulu. Njengoba sihlangana ukuze sizuze esimisweni esingokomoya esilungiselelwe lamadili, kuwukuhlakanipha ukuwenza abe lula ngangokunokwenzeka amalungiselelo angokoqobo enziwayo.
3 Ezinye Izinyathelo Okufanele Zithathwe: Sibheka kuJehova ukuba asibusise njengoba siqhubekela phambili ngokuthuthukayo. Siyajabula ukubona ukuthi unikeze abantu bakhe umoya odingekayo wokuhlakanipha nokuqonda. Kumelwe sivume ukuthi ngesigaba sesigqila esikholekile, uJesu Kristu uye waziqondisa kahle izinto ukuze kufezeke injongo kaJehova ngendlela emangalisayo. (Math. 24:45-47; Kol. 1:9, 10) Isaziso esasiku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July sathi: “Kusukela ngemihlangano yesifunda neyezinsuku zomhlangano okhethekile yango-September 1995 neMihlangano Yesigodi ‘Yabadumisi Abajabulayo’ ezoba sekupheleni konyaka, ngeke kube khona ukudla okuzolungiselelwa. Umuntu ngamunye kufanele aziphathele ukudla kwakhe neziphuzo.” Kube kuhle ukusabela kulesi simemezelo. Ungase ukujabulele ukwazi ukuthi lolu shintsho luzoba yinzuzo kanjani. Mhlawumbe ukubukezwa okulandelayo kwezinguquko eziye zenziwa eminyakeni yamuva kuzokuba isikhumbuzo esihle sezinzuzo esesizitholile kakade ngokwenza umsebenzi ube lula emihlanganweni.
4 Izinguquko Zokwenza Lula Zangesikhathi Esidlule: Kungakasetshenziswa izindlela ezihleliwe nezenziwe lula zomhlangano wesigodi, ezinjengenkonzo yezokudla, umsebenzi wokuzithandela, nezindawo zokulala, kwakudingeka ukuba izinkulungwane zabazalwane nodade bendawo benze umsebenzi omningi ngaphambi komhlangano. Ngenxa yokucindezela nezinto okudingeka abazalwane bethu bazenze ekuphileni kwansuku zonke nokwanda okuqhubekayo kwenhlangano, izinguquko zokwenza umsebenzi ube lula zazidingeka ngempela. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokwenza inkonzo yezokudla ibe lula, abazalwane nodade abaningi ababevame ukusebenza kanzima phakathi nesimiso ukuze basilungiselele ukudla bakwazi ukulalela isimiso. Yeka ukuthi lezi zinguquko zazizinhle kanjani, zenza umsebenzi waba lula futhi zavumela ukuba kugxilwe kakhulu ezicini ezingokomoya zomhlangano, izisebenzi zakwazi ukulalela nokujabulela ingxenye enkulu yesimiso. (Dut. 31:12) Labo phakathi kwethu abathembekile asebeneminyaka eminingi yenkonzo yokwethembeka bazoyikhumbula kahle lentuthuko futhi baye babonisa ukusazisa isiqondiso esinikeziwe. Kodwa yimuphi omunye umsebenzi ongase uyekwe ukuze abengeziwe bakwazi ukuzuza ngokugcwele esimisweni esingokomoya?
5 Izinguquko Ezizokwenziwa: Phakathi neminyaka obekulungiselelwa ngayo ukudla okulula, kubonakele ukuthi ‘bekudingeka izinto ezimbalwa’ ngempela. (Qhathanisa noLuka 10:38-42.) Nokho, ukuphindaphinda lezo zinto ezimbalwa zilingane inani labantu abakhona bekusadinga izinto eziningi nomsebenzi omkhulu, kanye nezinto zokusebenza ezibizayo. Bekudingeka nenani elikhulu lezisebenzi zokuzithandela ukuze zihlele futhi zisekele amalungiselelo. Bekufanele kulungiselelwe indawo yokugcina ukudla nezikhungo zokukukhipha. Ngaphezu kwalokho, iminyango ethile yezempilo kamasipala ibiyeqisa ezimfunweni zayo zokulungiselela ukudla, futhi lokhu bekuwumthwalo kubafowethu abengamele. Okunye, abazalwane abaningi bazokhululeka emsebenzini omkhulu wokugcina izinto zokusebenza zenkonzo yezokudla.
6 Inkonzo yokuzithandela yalabo abaye bakhonza njengezisebenzi zokuzithandela kulezi zindawo iye yaba ebaluleke ngokungenakuqhathaniswa neyaziswa kakhulu. Nokho, ngalokhu kwenziwa lula kwezinto, lezo zinkulungwane ezikhonza kulomnyango zilungisa futhi zishayela amaloli bese zithenga nokudla, zikulungiselele, zikudlulise ngokushesha, zikuphake, zizokwazi ukusebenzisa isikhathi sazo kweminye iminako edingekile yoMbuso, kuhlanganise nokujabulela ubudlelwane ngokugcwele emihlanganweni. Lezo zisebenzi zokuzithandela ebezivame ukukhonza eMnyango Wezokudla manje zizokwazi ukusiza kweminye iminyango, njengoWabalindi noWokuhlanza. Lokhu kuzokwenza umthwalo ube lula kuwo wonke umuntu futhi ngeke kudingeke ukuba abaningi basebenze ebusuku, ekuseni ngovivi, noma phakathi nesimiso, njengoba bekunjalo ngabaningi abasebenza eMnyango Wezokudla.
7 Ukusekela Amalungiselelo: INhlangano ikwazisa kakhulu ukusekela okuhle nina bazalwane nodade eniye nakunikeza ‘ngenhliziyo yonke’ eminyakeni edlule emalungiselelweni omhlangano, kuhlanganise nasenkonzweni yezokudla. (1 IziKr. 29:9) Lokhu kuye kwasiza ngezindlela eziningi. Kuye kwasenza sakwazi ukukhokhela izakhiwo ezikahle eziqashiwe nokunakekela izindleko zomhlangano. Kuye kwenza nalabo abakhona bakwazi ukungaphumi enkundleni yomhlangano phakathi nekhefu elincane lasemini ukuze bathole ukudla kalula, baqabuleke, futhi babe khona esimisweni esingokomoya. Futhi akungabazeki ukuthi umoya wokupha nokusekela oye waboniswa abazalwane nodade ekusekeleni lamalungiselelo kuzoqhubeka. Bekuyindlela yokukubonisa ngezenzo ukwazisa kwabo.—IzAga 11:25; Luka 16:9.
8 Ukunakekela Izidingo Zakho Zokudla: Nokho, ngalezi zinguquko ezengeziwe, kuzodingeka ukuba abantu ngabanye nemikhaya bazilungiselele ukudla kwangekhefu lasemini. Sizazisa kakhulu izinzuzo ezinhle zesimiso esingokomoya. Ukuvumela ukudla okungokwenyama kube yinto ebaluleke ngokungafanele kungaba okungahlakaniphile. Kubalulekile ukuba ngamunye “aqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe” kulokhu. (Fil. 1:9, 10a) Imihlangano emikhulu yamuva yabantu bakaJehova ePoland, eRussia, nase-Ukraine, nakwezinye izindawo, iye yaqhutshwa ngenkulu impumelelo engekho amalungiselelo enkonzo yezokudla. Ngaphezu kwalokho, ezinye izifunda kulelizwe ziye zaqhuba imihlangano yazo kanye nomhlangano okhethekile wosuku olulodwa ingekho inkonzo yezokudla ngenxa yezimo zendawo. Esimweni ngasinye abeze emhlanganweni beza nokudla kwabo kwasemini. Siyothola ukuthi uma siphatha ukudla kwasemini okulula, kuyokwenza izingqondo zethu ziphaphame, kwenze sizuze ngokugcwele esimisweni santambama. Ngokuvumelana nalokhu, wonke umuntu kufanele aphathe ukudla okulula nokunomsoco. Ngokwesibonelo, lapho uJesu ondla izixuku, wazinikeza izinto ezimbili kuphela, isinkwa nenhlanzi. (Math. 14:16-20; bheka noLuka 10:42a.) Khona-ke, siyajabula ukuninikeza ukusikisela okuthile kokuthi yini engafaneleka futhi izuzise ngenxa yekhefu lasemini elifushane kanye nohlobo lwezindawo esizisebenzisayo.
9 Njengoba engeke esaba khona amalungiselelo okudla emhlanganweni, ngokuhlela okuhle, labo ababakhona kuyo bayokwazi ukujabulela ukudla kwasekuseni nemikhaya yabo emakhaya noma kwenye indawo. Ngokuphumula ngokwanele ebusuku obandulelayo, kufanele nikwazi ukuvuka ekuseni ukuze nithole ukudla kwasekuseni enikudingayo futhi nisheshe nifike emhlanganweni ukuze nijabulele ubudlelwane nezinye izihambeli zomhlangano. Enye inzuzo yaleli lungiselelo elisha iwukuthi ngeke kudingeke ukuba iminyango yezakhiwo yezindawo zemihlangano isheshe ivulwe njengoba bekunjalo lapho izisebenzi zokuzithandela zenkonzo yezokudla bezingeniswa nemikhaya yazo. Iminyango yokungena ezakhiweni izovulelwa zonke izihambeli zomhlangano ngo-8:00 ekuseni, ngaphandle kwalabo abambalwa abanezabelo ezikhethekile ezenza ukuba kudingeke bangene ngaphambi kwesikhathi. Njengasesikhathini esidlule, ngeke sibe khona isidingo sokungena ngokubhuduzela ezinkundleni zomhlangano kufunwa izindawo zokuhlala, ngoba kulungiselelwe indawo eyanele yokuhlala isixuku esilindelwe.
10 Ikhefu lasemini lizothi ukuba lifushane kunasemihlanganweni yangaphambili. Nokho, lisayolinikeza ithuba lokudla ukudla okulula, nesikhathi sokuba nobudlelwane nabanye. Kuyoba lula ukuba abazalwane bethu nodade abahlala edolobheni lomhlangano noma eduzane futhi abaphindela emakhaya nsuku zonke kusihlwa bakwazi ukulungiselela ukudla okuncane kwelungu ngalinye lomkhaya elizokudla ngekhefu lasemini. Lokhu kuyofana nje nokudla kwasemini okuphathwa yintsha esikoleni, mhlawumbe isemeshi kanye nesithelo, ikhekhe, nokuthile okuphuzwayo. Abantu abaningi baphatha ukudla kwasemini okunjalo lapho beya emisebenzini yabo yokuziphilisa.
11 Ngokungangabazeki lokhu kuyoba enkulu inselele kulabo abaphuma ezindaweni ezingaphandle kwedolobha lomhlangano, ngoba kuyodingeka bakulungiselele kusengaphambili ukudla abayokudla emini. Mhlawumbe iqembu ohamba nalo lingaphatha amaphepha okuzisula (serviettes) nezinkomishi zamaphepha ezingase zilahlwe. Abanye bayothola ukuthi ukudla nje okulula okuyisithelo noma imifino kunganela ukunelisa izidingo zabo, nakho lokho kungaphathwa ekhaya. Ezinye izidingo zokudla kwansuku zonke kwekhefu ngalinye kungathengwa esitolo sokudla edolobheni lomhlangano.
12 Njengesikhumbuzo, sizani NINGAPHEKELI KUMA-DORMITORY, EMAKILASINI EZIKOLE NOMA EMAGCEKENI ESIKOLE ngaphandle kwalapho kunekhishi elincane laleyo njongo. Kuyingozi futhi akukho emthethweni ukwenza kanjalo futhi kungangcolisa izindonga ngamabala namafutha. Kubangela amaphunga okunzima ukuwaqeda endlini izinsuku eziningi. Yingakho kungaba ukuhlakanipha ukucabangela ukuthenga izinto ezingonakali, njengamantongomane, izithelo ezomisiwe, namakhekhe, noma ungase ukhethe nokuphatha izinto ezibhakiwe, njengesinkwa, ama-roll, noma ama-muffin. Uma ufuna ukudla kwasemini, okunjengesemeshi, mhlawumbe isitolo sokudla ongase usithole singaba nengxenye yokudla osekulungele ukudliwa lapho lezi zinto zilungiselelwa khona. Ukuthenga lolu hlobo lokudla osekwenziwe kakade kuyokwenza ukuba ukudla singakulungiseli ezindaweni esilala kuzo noma ezimotweni.
13 Njengoba nje inkundla yomhlangano iba iHholo LoMbuso elikhulu ngesikhathi somhlangano, kuwukuhlakanipha-ke ukugwema ukwenza isikhathi sekhefu lasemini sibe nomoya wepikiniki. Njengoba nje singadli lapho kuqhubeka imihlangano eHholo LoMbuso, ngeke sidle noma siphuze phakathi nesimiso somhlangano. Ama-cooler amakhulu emikhaya okuya kumapikiniki ngeke avunyelwe enkundleni okubanjelwa kuyo umhlangano. Angadala izingozi futhi akufanele abekwe emaphaseshi noma phezu kwezihlalo. Mhlawumbe izikhwama eziphathwayo ezingase zisetshenziswe ngokuphindaphindiwe noma izikhwama ezingamaphepha ezingase zilahlwe zingakufanelekela kangcono ukuphatha ukudla okulula okuzodliwa ngekhefu lokudla kwasemini. Uma kudingeka, kungase kusetshenziswe i-cooler encane engase ifakwe ngaphansi kwesihlalo ingabekwa phezu kwaso.
14 Sidinga ukuqapha futhi ngokuphathelene nohlobo lwezitsha zokuphuzwayo esikhetha ukuziphatha emhlanganweni. Iziphuzo ezishisayo zingaphathwa ngama-flask. Izitsha zokuphatha ezifayo zanoma iluphi uhlobo zingaba ingozi. Izinkundla eziningi azikuvumeli ngisho nokusetshenziswa kwazo. Khona-ke, siyanicela ukuba NINGEZI NEZITSHA EZIFAYO emagcekeni omhlangano. Uma isiphuzo esibandayo osikhethayo ungenakusithenga sisentweni eyipulasitiki noma ethinini, kungaba ngcono ukuba usithululele kwesinye isitsha esincane esingafi esingangena ngaphansi kwesihlalo sakho.
15 Ezinye Izinzuzo: Ngempela siyakubona ukuhlakanipha kwamalungiselelo anjalo ashintshiwe. Sonke siyokwazi ukugxila ngokugcwele ekutholeni izinzuzo ezingokomoya—injongo yangempela yokuhlangana kwethu. Lezi zinzuzo zitholakala ebudlelwaneni esibujabulelayo nasesimisweni ngokwaso. Ngakho esikhundleni sokuphuma enkundleni ngekhefu lasemini ukuze siyofuna ukudla, yeka indlela okuyoba yinzuzo ngayo ukuza nokuthile. Lokhu kuyokwenza sikwazi ukujabulela ubudlelwane babafowethu nodadewethu futhi kuyovimbela ukuba singalahlekelwa yinoma yisiphi isimiso santambama.
16 Njengoba siyobe siqabulekile ngokomoya ngemva kwesimiso santambama, abanye bangase bakujabulele ukuqhubeka nobudlelwane bobuKristu kanye nezingxoxo eziphathelene nezinto ezinhle esizifundile kuyilapho bedla ukudla okunomsoco nomkhaya nabangane ezindaweni zokudla zendawo. Abanye bangase nje bathenge okuthile esitolo sokudla noma sokudla osekulungele ukudliwa. Labo abakwaziyo ukuphindela emakhaya abo bangase bakhethe ukudla ukudla kwakusihlwa khona, njengoba nje benza ngezinye izinsuku abazichitha emsebenzini wokuziphilisa noma enkonzweni yasensimini.
17 Ngempela siyalijabulela idili elingokomoya kulemihlangano emincane nemikhulu, lapho sithola khona izincwadi ezintsha, ukufundiswa okuhle, neseluleko esisebenzayo. Lezi zibusiso kanye nenjabulo yokuba nabantu bakaNkulunkulu ababuthene yilokho sonke esikukhumbulayo. IzAga 10:22 zithi: “Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akanezeli usizi kuso.” Lokhu kungenxa yokuthi njengabantu bakaJehova, emihlanganweni asiyeli izimfuno ezingokwenyama nokufuna ukunethezeka. Sihlangana ngesifiso esihle sokuzuza kakhulu ngangokunokwenzeka ngendlela engokomoya, futhi uJehova usibusisa ngokucebile ngomoya esiwubonisayo.—1 Thim. 6:6-8; Heb. 11:6.
18 Lezi zikhathi zesikhuthazo zisikhumbuza nangentuthuko yokuvuna ngokomoya. (Joh. 4:35, 36) Amazwi okuqala ka-Isaya isahluko 54 anxusa inhlangano kaJehova enjengomfazi ukuba ilungiselele ukwanda okujabulisayo. Ukukhula okuqhubekayo, ukwanda, namandla avuselelwe kuyenzeka njengoba u-Isaya aprofetha: “Yenza ibe-banzi indawo yetende lakho; mabazelule izindwangu zamakhaya akho, ungazibambezeli, welule izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho. Ngokuba uyakusabalala ngakwesokunene nangakwesokhohlo.” Ukugcwaliseka kwalesi siprofetho esijabulisayo kuye kwabangela ukwanda okuphawulekayo kokukhulekela kweqiniso esikubonayo manje.—Isaya 54:1-4.
19 Ngempela kubonakala kuwukwahlulela okuhle ukusebenzisa leli lungiselelo lomhlangano elenziwe lula ngokwengeziwe ukuze ngokuphazamiseka okuncane sonke sikwazi ukujabulela isimiso esingokomoya esilungiselelwe. Sinethemba lokuthi naleli lungiselelo lizoba nesibusiso sikaJehova, ngoba lizokwenza sikwazi ukukusingatha kahle ukwanda okuqhubekayo. Ngokugxila kulokho okudingekayo, siyokwazi ukujabulela izinsuku zethu ezihleliwe zobudlelwane obujabulisayo nezinto ezinhle ezingokomoya. Kuwumthandazo wethu oqotho ukuba uJehova abusise yonke imizamo yethu njengoba siqhubeka sibuthana ndawonye sondliwa etafuleni lakhe.—Qhathanisa noDuteronomi 16:14, 15.
[Ibhokisi ekhasini 8]
Izinzuzo Zokungabibikho Kwamalungiselelo Okudla
◼ Kuba nomsebenzi omncane ngaphambi kwesimiso, phakathi naso, nangemva kwaso, kwenze kube nesikhathi esengeziwe sobudlelwane
◼ Azikho izinto zokulungiselela ukudla okufanele zinakekelwe
◼ Abantu abengeziwe bayakwazi ukulalelisisa ngokugcwele isimiso esingokomoya
◼ Kuba nezisebenzi zokuzithandela ezengeziwe zokusiza kweminye iminyango
◼ Kuba nesikhathi esengeziwe sokuphishekela eminye iminako engokwasezulwini
Ukudla Kwasemini Okusikiselwe Eningakuphatha
◼ Ukudla okulula, okuncane, nokunomsoco
◼ Izithelo ezomisiwe, amantongomane, ukudla okubhakiwe, nesithelo
◼ Ama-cooler amancane uma kudingekile
◼ Iziphuzo ezilula, amajusi enziwe ngezithelo, amanzi afakwe ezitsheni ezingafi.
OKUNGAFANELE Kuziwe Nakho Enkundleni Yomhlangano
◼ Iziphuzo ezidakayo
◼ Izitsha ezifayo
◼ Ama-cooler amakhulu omkhaya okuya kumapikiniki.