Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/96 k. 5-k. 8
  • Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1997

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1997
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Izihlokwana
  • Iziyalezo
  • ISIMISO
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 10/96 k. 5-k. 8

Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1997

Iziyalezo

Phakathi No-1997 Isikole Senkonzo Esingokwasezulwini Siyoqhutshwa Ngendlela Elandelayo.

IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: IBhayibheli, [bi-ZU], INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki (bi7) OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu [jv-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU], Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade [kl-ZU], Ukubonisana NgemiBhalo [rs-ZU], nethi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba itholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki [td-ZU] kuyosekelwa kuzo izabelo.

Isikole kufanele siqale NGESIKHATHI ngengoma, umthandazo, namazwi okwamukela bese siqhubeka ngendlela elandelayo:

ISABELO NO. 1: Imizuzu engu-15. Lenkulumo kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo, futhi iyosekelwa encwadini ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu noma ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Uma sisekelwe kwethi Abamemezeli, lesi sabelo kufanele sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu engu-15 ngaphandle kokubukeza; uma sisekelwe kwethi “Yonke ImiBhalo,” kumelwe sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi kuya kwengu-12 bese kulandela ukubukeza kwemizuzu emithathu kuya kwemihlanu, kusetshenziswa imibuzo esencwadini. Injongo akumelwe nje kube ukuhlanganisa indaba kodwa kumelwe kube ukugxilisa ukunakekela ekusetshenzisweni okungokoqobo kokwaziswa okuxoxwa ngakho, kuqokonyiswa lokho okuzoba usizo kakhulu ebandleni. Kufanele kusetshenziswe isihloko esibonisiwe. Isikhulumi singakhuluma ngemifanekiso, izithombe, namashadi okutholakala encwadini ethi Abamemezeli noma sikusebenzise njengezinsiza kufundisa.

Abazalwane ababelwe lenkulumo kufanele baqaphele ukuba bagcine isikhathi abasinikeziwe. Iseluleko sangasese singase sinikezwe uma kudingekile noma uma isikhulumi sizicelele sona kusengaphambili.

AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: Imizuzu eyisithupha. Lena kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo eyokwazi ukufanelanisa kahle ukwaziswa nezidingo zebandla. Lokhu akufanele kube nje ukufushaniswa kwengxenye efundwayo eyabiwe. Kungase kuhlanganiswe nokunikeza umqondo wazo zonke izahluko ezabiwe okuthatha imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60. Injongo eyinhloko iwukusiza izilaleli ukuba zibone ukuthi kungani futhi kukanjani ukwaziswa kuyinzuzo kithina. Khona-ke umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi ukuba baye emakilasini abo ahlukahlukene.

ISABELO NO. 2: Imizuzu emihlanu. Lena iwukufundwa kweBhayibheli kwendaba eyabiwe okufanele inikezwe ngumzalwane. Iyonikezwa ekilasini elikhulu nasemaqenjini amancane. Izabelo zokufunda ngokuvamile zimfushane ngokwanele ukuba zivumele umfundi anikeze ukwaziswa okufushane okuchazayo esingenisweni nasesiphethweni. Kungase kuhlanganiswe isizinda esingokomlando, ukubaluleka okungokwesiprofetho noma okungokwemfundiso, nokusetshenziswa kwezimiso. Wonke amavesi abiwe kufanele afundwe ngokoqobo ngaphandle kokuma. Njengokulindelekile, lapho amavesi afundwayo engalandelani, umfundi angasho ivesi elizofundwa ngokulandelayo.

ISABELO NO. 3: Imizuzu emihlanu. Lenkulumo iyokwabelwa udade. Isihloko salenkulumo siyosekelwa kwethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ukuhlelwa kwenkulumo kungase kube ukufakaza ngokwethukela, impindelo noma isifundo seBhayibheli sasekhaya, futhi abanengxenye bangahlala noma bame. Umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo ngokukhethekile endleleni umfundi asiza ngayo umninikhaya ukuba acabange ngendaba futhi ayiqonde nasekutheni imibhalo isetshenziswa kanjani. Umfundi owabelwe lengxenye kufanele akwazi ukuzifundela. Umbonisi uyokwaba umsizi oyedwa, kodwa kungase kusetshenziswe abengeziwe. Umfundi angazikhethela ukuthi umninikhaya uzozifunda yini izigaba ezithile zencwadi noma cha. Akukhona ukuhlelwa kwenkulumo okufanele kucatshangelwe ngokuyinhloko kodwa ukusetshenziswa okuphumelelayo kwendaba ngokwayo.

ISABELO NO. 4: Imizuzu eyisihlanu. Iyokwabelwa umzalwane noma udade. Iyosekelwa encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo noma kwethi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba itholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha. Lapho yabelwe umzalwane, lenkulumo kufanele yethulelwe izilaleli zonke. Ngokuvamile kuyoba ngcono kakhulu ukuba umzalwane alungiselele inkulumo yakhe ecabanga ngezilaleli eHholo LoMbuso ukuze ifundise futhi izuzise ngempela kulabo abayilalele. Lapho yabelwe udade, ukwaziswa kufanele kunikezwe njengoba kuboniswe ngeNkulumo No. 3.

ISELULEKO NOKUKHULUMELA: Ngemva kwenkulumo yomfundi ngamunye, umbonisi wesikole uyonikeza iseluleko esiqondile, angalandeli njengesibopho isimiso sokweluleka ngokulandelana kwamaphuzu ahlelwe epheshaneni leSeluleko Senkulumo. Kunalokho, kufanele agxile kulezo zindawo umfundi adinga ukuthuthuka kuzo. Uma umfundi efanelwe u-“L” kuphela futhi ingekho enye imfanelo yenkulumo ephawulwe ngokuthi “W” noma ngokuthi “S,” khona-ke umeluleki kumelwe akokolozele ibhokisi, ngokuvamile okubhalwa kulo u-“L,” u-“W,” noma u-“S,” lemfanelo yenkulumo umfundi okumelwe asebenzele kuyo ngokulandelayo. Uyokwazisa umfundi ngalokhu ngalo lolo suku futhi abonise lemfanelo yenkulumo epheshaneni lomfundi elilandelayo leSabelo SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini (S-89). Labo abazonikeza izinkulumo kufanele bahlale ngaphambili ehholo. Lokhu kuyokonga isikhathi futhi kwenze ukuba umbonisi wesikole akwazi ukweluleka ngokuqondile umfundi ngamunye. Uma isikhathi sivuma ngemva kokunikeza iseluleko somlomo esidingekayo, umeluleki anganikeza ukukhulumela ngamaphuzu afundisayo nakhayo abafundi abangawahlanganisanga. Umbonisi wesikole kumelwe aqaphele ukuba angasebenzisi imizuzu engaphezu kwemibili ngeseluleko nanganoma ikuphi okunye ukukhulumela okufushane akunikezayo ngemva kwenkulumo yomfundi ngamunye. Uma umzalwane onikeza inkulumo yamaphuzu avelele eBhayibheli kudingeka elulekwe, kungase kwenziwe ngasese.

UKULUNGISELELA IZINKULUMO: Ngaphambi kokuba alungiselele inkulumo ayabelwe, umfundi kufanele afunde ngokucophelela ukwaziswa okukwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole okuphathelene nemfanelo yenkulumo okufanele ayisebenzele. Abafundi ababelwe iNkulumo No. 2 bangakhetha isihloko esifanelana nengxenye yeBhayibheli abazoyifunda. Ezinye izinkulumo kumelwe zibekwe ngokuvumelana nesihloko esikulesi simiso.

ISIKHATHI: Akekho umuntu okufanele eqe isikhathi, ngisho neseluleko nokukhulumela kukameluleki. IziNkulumo No. 2 kuya ku-4 kumelwe zimiswe ngokuhlakanipha uma isikhathi sesiphelile. Lowo owabelwe ukunikeza uphawu lokuphela kwesikhathi kufanele akwenze ngokushesha lokho. Lapho abazalwane abasingethe iNkulumo No. 1 namaphuzu avelele eBhayibheli beqa isikhathi, kufanele banikezwe iseluleko ngasese. Isimiso sisonke: imizuzu engu-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.

UKUBUKEZA OKULOTSHWAYO: Ngezikhathi ezithile kuyoba nokubukeza okulotshwayo. Lapho ulungiselela, bukeza ukwaziswa okwabiwe futhi uqedele ukufundwa kweBhayibheli okwabiwe. IBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe phakathi nalokhu kubukeza kwemizuzu engu-25. Isikhathi esisele siyoba ngesokuxoxa ngemibuzo nezimpendulo. Umfundi ngamunye uyophawula iphepha lakhe. Umbonisi wesikole uyozicabangela nezilaleli izimpendulo zemibuzo yokubukeza futhi agxile emibuzweni enzinyana, esiza bonke ukuba baziqonde kahle izimpendulo. Uma izimo zebandla zidinga lokho, ukubukeza okulotshwayo kungenziwa ngesonto elilandela lelo eliboniswe esimisweni.

AMABANDLA AMAKHULU: Amabandla anabafundi abangu-50 noma ngaphezulu ababhalise esikoleni angase athande ukuhlela amanye amaqembu abafundi ukuba anikeze izinkulumo ezabiwe phambi kwabanye abeluleki. Yebo, abantu abangabhapathiziwe abakuphila kwabo kuvumelana nezimiso zobuKristu nabo bangabhalisa esikoleni futhi bathole izabelo.

ABANGEKHO: Bonke ebandleni bangabonisa ukwazisa ngalesi sikole ngokuzama ukuba babe khona esimisweni sesonto ngalinye, ngokulungiselela kahle izabelo zabo, nangokuhlanganyela ezingxenyeni zemibuzo. Kwethenjwa ukuthi bonke abafundi bayobheka izabelo zabo ngokwazisa okujulile. Uma umfundi engekho lapho abelwe, omunye angase asithathe leso sabelo, abonise ukusebenza kwenkulumo nganoma iyiphi indlela ezwa kufaneleke ngayo njengoba ezwe sekusele isikhathi esifushane. Noma umbonisi wesikole angase ahlanganise ukwaziswa ngokuhlanganyela kwezilaleli okufanelekile.

ISIMISO

Jan. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Zakariya 1 kuya ku-5

INgoma No. 113

No. 1: Isethulo Sencwadi KaZakariya (si-ZU kk. 168-9 izig. 1-7)

No. 2: Zakariya 2:1-13

No. 3: Umuntu Akadalelwanga Ukuba Afe (kl-ZU k. 53 izig. 1-3)

No. 4: Uyini Umoya Wezwe Futhi Kungani Uyingozi? (rs-ZU k. 373 isig. 4–k. 375 isig. 1)

Jan. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Zakariya 6 kuya ku-9

INgoma No. 215

No. 1: Indlela Umsebenzi WoMbuso Oxhaswa Ngayo Ngokwezimali (jv-ZU k. 340 isig. 1–k. 343 isig. 4)

No. 2: Zakariya 7:1-14

No. 3: Icebo Elinokukhohlakala (kl-ZU kk. 55-6 izig. 4-7)

No. 4: Ukuqhosha Nokuvukela Kubonisa Umoya Wezwe (rs-ZU k. 375 izig. 2-3)

Jan. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Zakariya 10 kuya ku-14

INgoma No. 91

No. 1: UZakariya—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 171-2 izig. 23-7)

No. 2: Zakariya 12:1-14

No. 3: Indlela USathane Aliphumelelisa Ngayo Icebo Lakhe (kl-ZU kk. 56-8 izig. 8-12)

No. 4: Umoya Wezwe Ugqugquzela Izifiso Zenyama (rs-ZU k. 376 isig. 1)

Jan. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Malaki 1 kuya ku-4

INgoma No. 118

No. 1: Isethulo Sencwadi KaMalaki Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 172-5 izig. 1-6, 13-17)

No. 2: Malaki 1:6-14

No. 3: Indlela Isono Nokufa Okwasakazeka Ngayo (kl-ZU kk. 58-9 izig. 13-15)

No. 4: Umoya Wezwe Ugqugquzela Ukuthanda Izinto Ezibonakalayo (rs-ZU k. 376 izig. 2-3)

Feb. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 1 kuya ku-3

INgoma No. 191

No. 1: Isethulo Sencwadi KaMathewu (si-ZU kk. 175-7 izig. 1-10)

No. 2: Mathewu 2:1-15

No. 3: Qaphela Amasu KaSathane (kl-ZU kk. 59-60 izig. 16-18)

No. 4: Yilwa Kanzima Nemisebenzi Yenyama (rs-ZU k. 376 isig. 4)

Feb. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 4 no-5

INgoma No. 36

No. 1: Ukuxhasa Ngezimali Izindawo Zokuhlangana Nokwandiswa Kwezakhiwo ZaseBethel (jv-ZU k. 343 isig. 5–k. 347 isig. 1; kungase kubhekiselwe ezibonelweni ezisemakhasini 352-401)

No. 2: Mathewu 4:1-17

No. 3: Yiba Nokholo Futhi Ulungele Ukuphikiswa (kl-ZU kk. 60-1 izig. 19-21)

No. 4: Thembela KuJehova, Hhayi Kubabusi Abangabantu (rs-ZU k. 377 izig. 1-2)

Feb. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 6 no-7

INgoma No. 52

No. 1: Umsebenzi WoMbuso Awunanzuzo Engokwezentengiselwano (jv-ZU k. 347 isig. 2–k. 351 isig. 6)

No. 2: Mathewu 7:1-14

No. 3: Indlela KaNkulunkulu Yokusindisa Isintu (kl-ZU kk. 62-3 izig. 1-5)

No. 4: Ubani Okumelwe Asolwe Ngokuhlupheka Kwabantu? (rs-ZU k. 284 isig. 1-3)

Feb. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 8 no-9

INgoma No. 211

No. 1: OFakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba (jv-ZU k. 404 isig. 1 k. 408 isig. 3)

No. 2: Mathewu 8:1-17

No. 3: Okwakuyokwenza UMesiya Afe (kl-ZU kk. 63-5 izig. 6-11)

No. 4: Kwaqala Kanjani Ukuhlupheka Kwabantu? (rs-ZU k. 284 isig. 4 k. 285 isig. 1)

Mar. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 10 no-11

INgoma No. 224

No. 1: Ukwazisa Kwabashukumisela Ukuba Bakhulume (jv-ZU k. 409 isig. 1–​k. 414 isig. 3)

No. 2: Mathewu 11:1-15

No. 3: Indlela Isihlengo Esakhokhwa Ngayo (kl-ZU kk. 65-8 izig. 12-16)

No. 4: Lokho UNkulunkulu Aye Wakwenza Ukuze Asize Isintu Esihluphekayo (rs-ZU k. 285 izig. 2-3)

Mar. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 12 no-13

INgoma No. 133

No. 1: Ukukhanya Kweqiniso Kukhanya Emhlabeni Wonke (jv-ZU k. 414 isig. 4–k. 422 isig. 3; kungase kuhlanganiswe nendaba efingqiwe esekhasini 422)

No. 2: Mathewu 12:22-37

No. 3: Isihlengo SikaKristu Kanye Nawe (kl-ZU kk. 68-9 izig. 17-20)

No. 4: Kungani UNkulunkulu Evumele Ukuhlupheka Kuqhubeke? (rs-ZU k. 286 isig. 2–k. 287 isig. 5)

Mar. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 14 no-15

INgoma No. 145

No. 1: Iminyaka Yefu Elimnyama YeMpi Yezwe I Nokufakelwa Umfutho Ovuselelwe (jv-ZU k. 423 isig. 1–k. 427 isig. 2)

No. 2: Mathewu 14:1-22

No. 3: Ingabe UNkulunkulu Unecala Ngokuhlupheka Kwabantu? (kl-ZU kk. 70-1 izig. 1-5)

No. 4: Okufanele Sikwazi Ngokuzalwa Komntwana Ekhubazekile (rs-ZU k. 288 izig. 1-4)

Mar. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 16 no-17

INgoma No. 151

No. 1: Izikhonzi Ezishisekayo Zihlanganyela Amaqiniso Ayigugu Nabanye (jv-ZU k. 427 isig. 3–k. 432 isig. 2)

No. 2: Mathewu 17:14-27

No. 3: Isiqalo Esiphelele Nenselele Enenzondo (kl-ZU kk. 72-3 izig. 6-10)

No. 4: Kungani UNkulunkulu Evumela “Izinhlekelele Zemvelo”? (rs-ZU k. 289 izig. 1-3)

Mar. 31 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 18 no-19

INgoma No. 117

No. 1: Ukukhanya Okungokomoya Kuyakhanya Emasimini Ase-Afrika, ESpanishi, NawesiPutukezi (jv-ZU k. 433 isig. 2–k. 438 isig. 3)

No. 2: Mathewu 19:16-30

No. 3: Izimpikiswano Ezingokoqobo Nendlela KaJehova Yokuzixazulula (kl-ZU kk. 74-6 izig. 11-15)

No. 4: Ingabe Abantu Ababhekana Nosizi Bajeziswa UNkulunkulu? (rs-ZU k. 289 isig. 4–k. 290 isig. 3)

Apr. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 20 no-21

INgoma No. 6

No. 1: Ukufinyelela Abantu Ezindaweni Ezikude Kakhulu Nokulalela UNkulunkulu Lapho Kunokuphikiswa (jv-ZU k. 438 isig. 4–k. 443 isig. 2; kungase kuhlanganiswe nendaba efingqiwe esekhasini 443)

No. 2: Mathewu 20:1-16

No. 3: Lokho Okuye Kwafakazelwa Ukuvumela KukaNkulunkulu Ububi (kl-ZU kk. 76-7 izig. 16-19)

No. 4: Ingabe Ukukhuluma Ngezilimi Kufakazela Ukuthi Umuntu Unomoya Ongcwele? (rs-ZU k. 167 izig. 1-6)

Apr. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 22 no-23

INgoma No. 172

No. 1: Ukuba Matasa Kakhulu Ngokushumayela Izindaba Ezinhle (jv-ZU k. 444 isig. 1–k. 448 isig. 2)

No. 2: Mathewu 23:1-15

No. 3: Umi Ohlangothini Lukabani? (kl-ZU kk. 78-9 izig. 20-3)

No. 4: Kungani Amanye AmaKristu Ekhulu Lokuqala Ayekhuluma Ngezilimi? (rs-ZU k. 168 izig. 1-4)

Apr. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 24 no-25

INgoma No. 193

No. 1: Ukushumayela EYurophu Naphezu Koshushiso Lwesikhathi Sempi (jv-ZU k. 448 isig. 3–k. 454 isig. 2; uma isikhathi sivuma, hlanganisa nokukhulumela okufushane ngoFakazi abathembekile, kk. 451-3)

No. 2: Mathewu 24:32-44

No. 3: Yini Eyenzekayo Kwabathandekayo Bethu Abafileyo? (kl-ZU kk. 80-2 izig. 1-6)

No. 4: Singababona Kanjani Labo Abanomoya KaNkulunkulu? (rs-ZU k. 168 isig. 6–k. 169 isig. 3)

Apr. 28 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela uZakariya 1 kuya kuMathewu 25

INgoma No. 217

May 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 26

INgoma No. 205

No. 1: Intuthuko Naphezu Kobunzima Phakathi Neminyaka Yempi (jv-ZU k. 455 isig. 1–k. 461 isig. 2; kungase kuhlanganiswe nendaba efingqiwe esekhasini 461)

No. 2: Mathewu 26:31-35, 69-75

No. 3: Lokho Okushiwo Ukubuyela Othulini (kl-ZU kk. 82-3 izig. 7-10)

No. 4: Indlela AmaKristu Eqiniso Abonakala Ngayo Namuhla (rs-ZU k. 169 izig. 4-6)

May 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 27 no-28

INgoma No. 102

No. 1: UMathewu—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 180-1 izig. 29-33)

No. 2: Mathewu 27:11-26

No. 3: Siyini Isimo Sabafileyo? (kl-ZU kk. 83-4 izig. 11-14)

No. 4: Isipho Sokukhuluma Ngezilimi Sasiyoqhubeka Isikhathi Esingakanani? (rs-ZU k. 170 isig. 1–k. 171 isig. 1)

May 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 1 no-2

INgoma No. 185

No. 1: Isethulo Sencwadi KaMarku (si-ZU kk. 181-3 izig. 1-11)

No. 2: Marku 1:12-28

No. 3: Bonke Labo Abasenkumbulweni KaJehova Bayovuswa (kl-ZU kk. 85-7 izig. 15-18)

No. 4: Iyini Imfundiso KaZiqu-zintathu, Futhi Iyini Imvelaphi Yayo? (rs-ZU k. 416 isig. 1–k. 417 isig. 2)

May 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 3 no-4

INgoma No. 166

No. 1: Ukufunisisa Abanjengezimvu (jv-ZU k. 462 isig. 1–k. 466 isig. 2)

No. 2: Marku 3:1-15

No. 3: Ukuvuselwa Kuphi? (kl-ZU kk. 88-9 izig. 19-22)

No. 4: Ingabe Umoya Ongcwele Ungumuntu? (rs-ZU k. 417 isig. 3–k. 418 isig. 3)

June 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 5 no-6

INgoma No. 42

No. 1: Ukuthuthukisa Imfundo Yokuphila (jv-ZU k. 466 isig. 3–k. 470 isig. 2)

No. 2: Marku 5:21-24, 35-43

No. 3: UMbuso KaNkulunkulu Nenjongo Yawo (kl-ZU kk. 90-1 izig. 1-5)

No. 4: Ingabe UJesu NoJehova Bangumuntu Oyedwa? (rs-ZU k. 418 isig. 4–k. 420 isig. 2)

June 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 7 no-8

INgoma No. 33

No. 1: Ukushumayela Eziqhingini ZasePacific Naphezu Kokuphikiswa (jv-ZU k. 470 isig. 3–k. 474 isig. 4)

No. 2: Marku 7:24-37

No. 3: UMbuso KaNkulunkulu Uwuhulumeni (kl-ZU kk. 91-2 izig. 6-7)

No. 4: Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi UJehova, uJesu, Nomoya Ongcwele Bonke Bayalingana? (rs-ZU k. 420 isig. 3–k. 422 isig. 1)

June 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 9 no-10

INgoma No. 111

No. 1: Umfula Omkhulu Weqiniso Ugeleza E-Afrika (jv-ZU k. 475 isig. 1–k. 481 isig. 1)

No. 2: Marku 9:14-29

No. 3: Indlela Esazi Ngayo Ukuthi UMbuso KaNkulunkulu Ungokoqobo (kl-ZU kk. 92-3 izig. 8-11)

No. 4: Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi Ngamunye Walabo Okuthiwa Bayingxenye KaZiqu-zintathu UnguNkulunkulu? (rs-ZU k. 422 isig. 2–k. 423 isig. 2)

June 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 11 no-12

INgoma No. 119

No. 1: Ukubona Izimvu Zangempela (jv-ZU k. 481 isig. 2–k. 484 isig. 4)

No. 2: Marku 11:12-25

No. 3: Isizathu Sokuba UMbuso KaNkulunkulu Ube Ukuphela Kwethemba Lesintu (kl-ZU kk. 94-5 izig. 12-13)

No. 4: Indlela Abakholelwa KuZiqu-zintathu Abasonta Ngayo ImiBhalo (rs-ZU k. 423 isig. 3–k. 425 isig. 2)

June 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 13 no-14

INgoma No. 127

No. 1: Izisebenzi Ezengeziwe Ziyahlanganyela Ekuvuneni (jv-ZU k. 484 isig. 5–k. 488 isig. 1)

No. 2: Marku 14:12-26

No. 3: Isizathu Sokuba UJesu Angaqali Ukubusa Ngokushesha Ngemva Kokwenyukela Kwakhe Ezulwini (kl-ZU kk. 95-6 izig. 14-15)

No. 4: Isizathu Sokuba Eminye ImiBhalo Ebhekisela KuJehova Ingase Ibhekisele NakuJesu (rs-ZU k. 425 izig. 3-4)

July 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 15 no-16

INgoma No. 187

No. 1: UMarku—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 186 izig. 31-3)

No. 2: Marku 15:16-32

No. 3: Zaqala Futhi Zaphela Nini Izikhathi Ezimisiwe Zezizwe? (kl-ZU kk. 96-7 izig. 16-18)

No. 4: ImiBhalo Esontwa Abakholelwa KuZiqu-zintathu (rs-ZU k. 426 isig. 1–k. 427 isig. 2)

July 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 1

INgoma No. 189

No. 1: Isethulo Sencwadi KaLuka (si-ZU kk. 187-8 izig. 1-9)

No. 2: Luka 1:5-17

No. 3: Lezi Izinsuku Zokugcina (kl-ZU kk. 98-9 izig. 1-4)

No. 4: Isizathu Sokuba UJohane 1:1 No-8:58 Angasekeli UZiqu-zintathu (rs-ZU k. 427 isig. 3–k. 429 isig. 4)

July 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 2 no-3

INgoma No. 195

No. 1: IMpumalanga NeYurophu Iveza Abadumisi BakaJehova Abengeziwe (jv-ZU k. 488 isig. 2–k. 495 isig. 2)

No. 2: Luka 2:1-14

No. 3: Ziyini Ezinye Zezici Zezinsuku Zokugcina? (kl-ZU kk. 99-103 izig. 5-7)

No. 4: Isizathu Sokubaluleka Kokucabangela Umongo WemiBhalo (rs-ZU k. 429 isig. 6–k. 432 isig. 4)

July 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 4 no-5

INgoma No. 156

No. 1: Indlela Abantu Abengeziwe Abafinyelelwa Ngayo Ngezindaba Ezinhle (jv-ZU k. 495 isig. 3–k. 500 isig. 4; kungase kuhlanganiswe nendaba efingqiwe esekhasini 501)

No. 2: Luka 4:31-44

No. 3: Ukuziphatha Kwabantu Okonakele Kwabikezelwa Ngezinsuku Zokugcina (kl-ZU kk. 103-4 izig. 8-12)

No. 4: UJesu Kristu NoJehova Bangabantu Abahlukene (rs-ZU k. 433 isig. 1–​k. 435 isig. 1)

Aug. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 6 no-7

INgoma No. 201

No. 1: Imihlangano Emikhulu Nokuziphatha KobuKristu Kunikeza Ubufakazi (jv-ZU k. 502 isig. 1–k. 508 isig. 1)

No. 2: Luka 6:37-49

No. 3: Izici Ezimbili Ezivelele Zezinsuku Zokugcina (kl-ZU k. 105 izig. 13-14)

No. 4: UJesu Akazivusanga Kwabafileyo, Futhi Akakaze Athi Ulingana NoNkulunkulu (rs-ZU k. 435 isig. 3–k. 436 isig. 1)

Aug. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 8 no-9

INgoma No. 143

No. 1: Amasimu Alungele Ukuvunwa (jv-ZU k. 508 isig. 2–k. 513 isig. 1)

No. 2: Luka 9:23-36

No. 3: Sabela Ebufakazini Bokuthi Lezi Izinsuku Zokugcina (kl-ZU kk. 106-7 izig. 15-17)

No. 4: Isizathu Sokuba Kube Yingozi Ukunamathela Enkolelweni KaZiqu-zintathu (rs-ZU k. 436 isig. 2–k. 437 isig. 2)

Aug. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 10 no-11

INgoma No. 34

No. 1: Fakaza Kubantu Nomaphi Nanoma Nini Uma Kwenzeka (jv-ZU k. 513 isig. 2–k. 517 isig. 2)

No. 2: Luka 11:37-51

No. 3: Imimoya Emibi Ikhona Ngempela! (kl-ZU k. 108 izig. 1-3)

No. 4: Kungani Kunobubi Obungaka? (rs-ZU k. 227 isig. 4–k. 228 isig. 1)

Aug. 25 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela uMathewu 26 kuya kuLuka 11

INgoma No. 155

Sept. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 12 no-13

INgoma No. 123

No. 1: UJehova Uyawusheshisa Umsebenzi (jv-ZU k. 517 isig. 3–k. 520 isig. 1; kungase kuhlanganise nendaba efingqiwe esekhasini 520)

No. 2: Luka 13:1-17

No. 3: Izingelosi Ezimbi Zisekela USathane (kl-ZU k. 109 izig. 4-5)

No. 4: Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi? (rs-ZU k. 228 isig. 2–k. 229 isig. 2)

Sept. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 14 kuya ku-16

INgoma No. 29

No. 1: Izithunywa Zevangeli Ezishisekayo Nendima YeSikole SaseGileyadi (jv-ZU k. 521 isig. 1–k. 524 isig. 3)

No. 2: Luka 14:1-14

No. 3: Zenqabe Zonke Izinhlobo Zokusebenzalana Nemimoya (kl-ZU k. 111-12 isig. 6–8)

No. 4: Indlela Esiye Sazuza Ngayo Ngokuvumela KukaNkulunkulu Ububi (rs-ZU k. 230 izig. 1-2)

Sept. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 17 no-18

INgoma No. 131

No. 1: Indlela Ezazihluke Ngayo Izithunywa Zevangeli ZaseGileyadi (jv-ZU k. 525 isig. 1–k. 531 isig. 4)

No. 2: Luka 17:22-37

No. 3: Okwenza IBhayibheli Likulahle Ukusebenzelana Nemimoya (kl-ZU kk. 112-13 izig. 9-11)

No. 4: Indlela IBhayibheli Elibabheka Ngayo Abesifazane (rs-ZU k. 30 izig. 3-5)

Sept. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 19 no-20

INgoma No. 204

No. 1: Ukufunda Ulimi Olusha Nokuvula Amasimu Amasha (jv-ZU k. 532 isig. 1–k. 537 isig. 2)

No. 2: Luka 19:11-27

No. 3: IBhayibheli Lembula Indlela Imimoya Emibi Esebenza Ngayo (kl-ZU k. 114 izig. 12-13)

No. 4: Ingabe Ukunikezwa Kwamadoda Ubunhloko Kuyabalulaza Abesifazane? (rs-ZU k. 31 izig. 1-3)

Sept. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 21 no-22

INgoma No. 86

No. 1: Indlela Uthando Nentshiseko Yezithunywa Zevangeli Eye Yawuthuthukisa Ngayo Umsebenzi WoMbuso (jv-ZU k. 537 isig. 3–k. 541 isig. 2)

No. 2: Luka 22:24-38

No. 3: Indlela Yokumelana Nemimoya Emibi (kl-ZU kk. 114-15 izig. 14-15)

No. 4: Ingabe Abesifazane Kumelwe Babe Izikhonzi (ministers)? (rs-ZU k. 32 izig. 1-2)

Oct. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 23 no-24

INgoma No. 218

No. 1: ULuka—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 192-3 izig. 30-5)

No. 2: Luka 23:32-49

No. 3: Indlela Yokuqinisa Ukholo Lwakho (kl-ZU kk. 115-16 izig. 16-17)

No. 4: Kungani Abesifazane AbangamaKristu Befaka Izembozo Zekhanda Ngezinye Izikhathi? (rs-ZU k. 32 isig. 3–k. 33 isig. 1)

Oct. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 1 kuya ku-3

INgoma No. 31

No. 1: Isethulo Sencwadi KaJohane (si-ZU kk. 193-5 izig. 1-9)

No. 2: Johane 1:19-34

No. 3: Qhubeka Ulwa Nemimoya Emibi (kl-ZU kk. 116-17 izig. 18-20)

No. 4: Ingabe Kungokufanelekile Ngabesifazane Ukuba Bafake Izinto Zokuzimonyonga Noma Amagugu Okuhloba? (rs-ZU k. 34 izig. 1-3)

Oct. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 4 no-5

INgoma No. 10

No. 1: Ukuhlonyiselwa Ukukhonza UJehova Naphezu Kokuphikiswa (jv-ZU k. 541 isig. 3–k. 546 isig. 6)

No. 2: Johane 4:39-54

No. 3: Ukuphila Ukuphila Kokuhlonipha UNkulunkulu Kuletha Injabulo (kl-ZU kk. 118-19 izig. 1-4)

No. 4: Liyini Ikusasa Lalelizwe Nombusi Walo? (rs-ZU k. 203 isig. 1–k. 204 isig. 3)

Oct. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 6 no-7

INgoma No. 150

No. 1: Amandla Asekela Izindaba Ezinhle (jv-ZU k. 547 isig. 1–k. 551 isig. 1)

No. 2: Johane 6:52-71

No. 3: Ukwethembeka Kuletha Injabulo (kl-ZU kk. 119-20 izig. 5-6)

No. 4: AmaKristu Eqiniso Kufanele Alibheke Kanjani Izwe? (rs-ZU k. 204 isig. 4–k. 205 isig. 4)

Nov. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 8 no-9

INgoma No. 121

No. 1: Ukufinyelela ‘Amasimu Angafinyeleleki’ Ngezindaba Ezinhle (jv-ZU k. 551 isig. 2–k. 553 isig. 5)

No. 2: Johane 9:18-34

No. 3: Ukupha Kuletha Injabulo (kl-ZU k. 120 izig. 7-8)

No. 4: atd-ZU 19A Abangu-144 000 Kuphela Abaya Ezulwini

Nov. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 10 no-11

INgoma No. 162

No. 1: Ukushumayela Obala Nasendlini Ngendlu (jv-ZU k. 556 isig. 1–k. 560 isig. 3)

No. 2: Johane 10:22-39

No. 3: Londa Amandla Akho Okucabanga, Ugweme Nokubi (kl-ZU k. 121 izig. 9-10)

No. 4: btd-ZU 12B Umlilo Ufanekisela Ukubhujiswa

Nov. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 12 no-13

INgoma No. 200

No. 1: Indlela Umthwalo Wemfanelo Wokufakaza Owawufezwa Ngayo (jv-ZU k. 561 isig. 1–k. 565 isig. 2)

No. 2: Johane 12:1-16

No. 3: Ukwethembeka Kumngane Wakho Womshado Kuletha Injabulo Emshadweni (kl-ZU kk. 122-3 izig. 11-13)

No. 4: ctd-ZU 2A Imikhosi Yaminyaka Yonke Nezinceku ZikaJehova Zeqiniso

Nov. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 14 kuya ku-16

INgoma No. 3

No. 1: Ukufakaza Ezindaweni Zomphakathi Nokufunda Ukuchaza Ukholo Lwethu (jv-ZU k. 565 isig. 3–​k. 570 isig. 1)

No. 2: Johane 16:1-16

No. 3: Ungabi Ingxenye Yezwe (kl-ZU kk. 123-4 izig. 14-15)

No. 4: dtd-ZU 18B Ukukhulekela Izithombe Kwakuwugibe Ku-Israyeli

Dec. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 17 no-18

INgoma No. 96

No. 1: Uphawu Oluhlukanisayo LoFakazi BakaNkulunkulu Beqiniso (jv-ZU k. 570 isig. 2–k. 574 isig. 4)

No. 2: Johane 18:1-14

No. 3: Isizathu Esenza AmaKristu Eqiniso Angawugubhi UKhisimusi Noma Izinsuku Zokuzalwa (kl-ZU k. 126 izig. 16-17)

No. 4: etd-ZU 8A Yinye Kuphela Inkolo Yeqiniso

Dec. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 19 kuya ku-21

INgoma No. 87

No. 1: UJohane—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 198-9 izig. 30-5)

No. 2: Johane 19:25-37

No. 3: Qhubekani Nigubha ISidlo SeNkosi Sakusihlwa (kl-ZU k. 127 isig. 18)

No. 4: ftd-ZU 25A Yenza Igama LikaNkulunkulu Laziwe

Dec. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 1 kuya ku-3

INgoma No. 55

No. 1: Isethulo Sencwadi YezEnzo (si-ZU kk. 199-200 izig. 1-8)

No. 2: IzEnzo 1:1-14

No. 3: Indlela Izimiso ZeBhayibheli Ezisebenza Ngayo Emsebenzini Nasekuzijabuliseni (kl-ZU kk. 127-8 izig. 19-20)

No. 4: gtd-ZU 25C Yiziphi Izimfanelo ZikaNkulunkulu Eziyinhloko?

Dec. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 4 kuya ku-6

INgoma No. 2

No. 1: Ukukhiqiza Izincwadi ZeBhayibheli Zokusetshenziswa Enkonzweni (jv-ZU k. 575 isig. 1–k. 579 isig. 3)

No. 2: IzEnzo 5:27-42

No. 3: Bonisa Inhlonipho Ngokuphila Negazi (kl-ZU kk. 128-9 izig. 21-3)

No. 4: htd-ZU 20A OFakazi BakaJehova Bavelaphi?

Dec. 29 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela uLuka 12 kuya kuzEnzo 6

INgoma No. 177

[Voetnoot]

a “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba zitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha

b “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba zitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha

c “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba zitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha

d “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba zitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha

e “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba zitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha

f “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba zitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha

g “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba zitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha

h “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba zitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela