Imihlangano Yenkonzo Ka-December
PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso izoba nesimiso soMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye ngo-December. Amabandla angenza ushintsho oludingekile ukuze kube nesikhathi sokuya eMhlanganweni Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” nokubukezwa kwamaphuzu avelele esimiso okuthatha imizuzu engu-30 okuyokwenziwa eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elilandelayo. Ukubukezwa kwesimiso somhlangano wesigodi sosuku ngalunye kufanele kwabelwe abazalwane abafanelekayo ababili noma abathathu kusengaphambili abayokwazi ukugxila emaphuzwini avelele. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza ibandla ukuba likhumbule amaphuzu ayisihluthulelo angase asetshenziswe ngokomuntu siqu nasensimini. Ukukhulumela kwezilaleli nokuhlangenwe nakho kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
Isonto Eliqala Ngo-December 2
Ingoma 134
10 imiz: Izaziso zebandla kufanele zisingathwe unobhala. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Khumbuza bonke abamemezeli ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngasekuqaleni kwenyanga. Labo abazobe bengekho noma beye emhlanganweni wesigodi ekupheleni kwenyanga kufanele bafake imibiko yabo ngaphambi kokuba bahambe. Gcizelela isidingo sokuba bonke bafake imibiko yabo kulenyanga.
15 imiz: “Obani Abayolalela Isigijimi Sethu?” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa namaphuzu akuyi-Phaphama! yesiNgisi ka-March 22, 1987, ikhasi 5, ekhuluma ngokuthi kungani isigijimi sethu sikhanga.
20 imiz: “IZwi LikaNkulunkulu Linikeza Isiqondiso.” (Izigaba 1-6) Yethula lengxenye ngezigaba 1-2. (Hlanganisa nencwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 58-60, uchaze kafushane “Izizathu zokucabangela iBhayibheli” ezine.) Makube nabamemezeli abanekhono benze imiboniso ngezintshumayelo ezisikiselwe ezigabeni 3-6. Cela izilaleli ukuba zikhulumele (1) indlela imibuzo ephakanyisiwe esize ngayo ekuvuseni isithakazelo, (2) indlela imibhalo esetshenzisiwe efanelana ngayo nendaba okuxoxwa ngayo, (3) indlela okuzenzakalele ngayo ukuba kwenziwe impindelo ngemva kwengxoxo yokuqala, (4) nendlela esisikiselwe ngayo isifundo.
Ingoma 75 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 9
Ingoma 100
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Chaza amalungiselelo enkonzo yasensimini akhethekile ango-December 16.
20 imiz: “Ingabe Ubika Njalo?” Ingxoxo ngonobhala webandla. Gcizelela isidingo sokuba sonke sibike njalo nangokushesha. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokubaluleka kokubika siza ubheke incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 106-109.
15 imiz: “IZwi LikaNkulunkulu Linikeza Isiqondiso.” (Izigaba 7-9) Khulumela esithi “Isidingo Sesiqondiso” esikuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 1993, ikhasi 3. Chaza ukuthi kungani izintshumayelo zethu kufanele zigcizelele ukubaluleka kokufuna usizo emthonjeni ophakeme—uNkulunkulu. Makube nommemezeli owenza umboniso wezintshumayelo ezisezigabeni 7-8. Gcizelela ukuthi umgomo wethu kufanele ube ukuba ekugcineni siqale isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi.
Ingoma 197 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 16
Ingoma 209
10 imiz: Izaziso zebandla. Nikeza ukusikisela ngokuthi singasabela kanjani ngokuhlakanipha ezilokothweni zamaholide. Chaza amalungiselelo akhethekile enkonzo yasensimini ango-December 25 no-26.
15 imiz: “Ukuzinikela Ngokuzithandela.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokukhulumela okukuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1984, ikhasi 29 [w84 5/1 k. 22].
20 imiz: “Ukujabulela Ukwanda Okunikezwa UNkulunkulu.” Inkulumo efudumele enikezwa umdala. Caphuna okuhlangenwe nakho noma ubufakazi bokwanda emazweni athile, njengoba kunikezwe e-Ncwadini Yonyaka yamuva.
Ingoma 41 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 23
Ingoma 93
10 imiz: Izaziso zebandla. Veza amaphuzu athile angakhulunyelwa akomagazini bamuva angase asetshenziswe enkonzweni kuleli sonto. Chaza amalungiselelo akhethekile enkonzo yasensimini ngo-January 1.
15 imiz: Izidingo zebandla. Noma umdala anikeze inkulumo ngesithi “Ukuthatha Umhlalaphansi—Ingabe Umnyango Ovulekile Oya Emsebenzini Ongokwasezulwini?” esikuyi-Nqabayokulinda ka-July 15, 1996, amakhasi 24-5.—Bheka i-Insight, Umqulu 2, ikhasi 794, izigaba 2-3.
20 imiz: “Ukubhalisa ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.” Inkulumo enikezwa umbonisi wesikole. Nikeza izibalo zababhalisile ebandleni, bese ukhuthaza bonke abangase bakwazi ukuba babhalise. Bukeza iziyalezo zezabelo zabafundi ezinikezwe ‘eSimisweni SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sango-1997.’
Ingoma 166 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 30
Ingoma 223
10 imiz: Izaziso zebandla. Uma ibandla lenu selizoshintsha izikhathi zemihlangano onyakeni omusha, bakhuthaze ngomusa ukuba bonke benze izinguquko ezidingekayo futhi baqhubeke beba khona njalo ebandleni ngezikhathi zalo ezintsha.
15 imiz: Ukusiza Asebekhulile Ukuba Bahlanganyele Enkonzweni. Abamemezeli abaningi abathembekile asebekhulile banesifiso esijulile sokuhlanganyela ekushumayeleni nebandla, kodwa banobuthakathaka bomzimba obubangelwa ukuguga nempilo engeyinhle. Kunezindlela esingababonisa ngazo ukubacabangela ukuze sibahlanganise neqembu eliya enkonzweni: Cela ukubalungiselela into yokuhamba; bahlelele ukuba basebenze imizi engenazo izitebhisi eziningi; beka imoto eduzane ukuze baphumule uma sebekhathele; cela ukubayisa ezimpindelweni zabo; batshele ukuthi uzobaphindisela ekhaya uma sebenomuzwa wokuthi ngeke besakwazi ukuqhubeka. Asebekhulile bayalwazisa usizo esibanikeza lona. Yisho ezinye izindlela enibonisa ngazo ukucabangela okunjalo ebandleni. Bukeza amaphuzu ayinhloko esihloko esithi “Siyabazisa Asebekhulile!” esikuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 1986, amakhasi 28-9.
20 imiz: Bukeza Isipho Sencwadi Sango-January. Hambisa incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? Usebenzisa incwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 9-14, bukeza kafushane izingeniso ezivumela ukuhanjiswa kwencwadi. Makube nomboniso owodwa noma emibili yezintshumayelo.
Ingoma 137 nomthandazo wokuphetha.