IMihlangano Yenkonzo Ka-August
Isonto Eliqala Ngo-August 3
INgoma 216
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khuluma ngombiko webandla wamuva wenkonzo yasensimini. Yisho amalungiselelo enkonzo ango-August 10.
15 imiz: “Ingabe U-August Uzoba Inyanga Ekhethekile?” Imibuzo nezimpendulo. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni ngo-August nangazo zonke izinyanga zonyaka wenkonzo omusha.
20 imiz: “Sebenzisa Izincwajana Ukuze Ukhange Izingqondo Nezinhliziyo.” Ingxoxo nezilaleli. Bukeza kafushane izincwajana eziye zanyatheliswa eminyakeni edlule ukuze kwaziswe abantu ngezindaba ezibalulekile ezingokomBhalo. (Bheka i-Watch Tower Publications Index 1986-1995, amakhasi 652-3.) Qokomisa izincwajana zamuva, bese uchaza ukuthi obani abangayijabulela ngayinye yazo. Makube nomboniso owodwa noma emibili yokuhanjiswa kwazo.
INgoma 191 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 10
INgoma 127
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Yisho ukuthi kunomgomo wokuba bonke abamemezeli bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngo-August.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Basha—Sisebenziseni Ngokunenzuzo Isikhathi Sokufunda Esikoleni.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokukhulumela okufanele okukuyi-Phaphama! ka-April 8, 1992, amakhasi 17-19, neka-March 8, 1993, amakhasi 20-22.
INgoma 37 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 17
INgoma 163
10 imiz: Izaziso zebandla. Cela ukukhulumela okufushane kokuthi singalithola kanjani igama nekheli lomuntu ebesifakaza kuye emgwaqweni, epaki noma kwenye indawo, ukuze silandelele isithakazelo.
35 imiz: “Umbono Othuthukayo Ngomsebenzi Ophuthumayo Wokwenza Abafundi.” Imibuzo nezimpendulo. Funda izigaba 5, 10, no-11. Bukeza ukuthi umsebenzi wokuqhuba izifundo zeBhayibheli uhamba kanjani ebandleni. Khuthaza bonke abanezifundo abaziqhubayo ukuba baphinde bafunde isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996 ukuze bathuthukise amakhono abo okufundisa. Cabangelani izigaba 5 no-25 zaleso senezelo.
INgoma 108 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 24
INgoma 213
15 imiz: Izaziso zebandla. Cabangelani ibhokisi elinesihloko esithi “Izinkulungwane Ezingamashumi Ayisithupha Nanhlanu!” elikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1998. Njengoba sekusele impelasonto eyodwa vó ku-August, khuthaza wonke umuntu ukuba ahlanganyele enkonzweni ngaphambi kokuba kuphele inyanga. Bukeza esithi “Isimiso Esisha Sosuku Lomhlangano Okhethekile.” Nikeza umbiko ngenqubekela phambili ensimini engabelwe. Xoxa nomuntu oyedwa noma ababili asebeye bathola impumelelo. Yazisa ibandla ngamalungiselelo ango-September.
15 imiz: Indlela Yokubambelela Enkonzweni Yamaphayona. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 1993, amakhasi 28-31. Xoxa nephayona eliye lafunda ukubhekana nezinkinga ezingathi sína futhi eliqhubekayo liphayona.
15 imiz: Yisebenzise Ngokunenzuzo INkonzo Yethu YoMbuso. Ingxoxo nezilaleli. Usebenzisa izibonelo zamuva, khuluma ngokwaziswa okufike ngesikhathi okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso kanye nezinzuzo esizithola kuyo: (1) izihloko ezisishukumisela ukuba sihlanganyele njalo enkonzweni; (2) okuhlangenwe nakho okusikhuthazayo enkonzweni yethu engcwele; (3) ukusikisela okusisiza ukuba sishumayele izindaba ezinhle ngempumelelo; (4) izaziso ezisitshela ngezincwadi ezintsha ezitholakalayo eziwusizo ensimini yethu; (5) imibiko yenkonzo, ebonisa isivinini somsebenzi woMbuso; (6) iZindaba Ezingokwasezulwini, ezibika ngenqubekela phambili yomsebenzi womhlaba wonke; (7) izaziso nezimiso ezisigcina sinolwazi ngezenzakalo zesikhathi esizayo; (8) amaBhokisi Emibuzo aphendula imibuzo ephathelene nezindaba ezingathi sína; (9) nezenezelo ezisitshela ngemihlangano emikhulu, imikhankaso ekhethekile nezinye izindaba ezisigcina siqaphelisisa izidingo zethu ezingokomoya. Bakhuthaze bonke ukuba bafunde INkonzo Yethu YoMbuso ngayinye, basebenzise ukusikisela kwayo, bayiphathe eMihlanganweni Yenkonzo nasemihlanganweni yenkonzo yasensimini, futhi bayigcine emafayilini abo ukuze babhekisele kuyo esikhathini esizayo.
INgoma 210 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 31
INgoma 65
12 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-August. Abaqhubi beZifundo Zencwadi Zebandla kufanele baqikelele ukuthi bonke abantu abasemaqenjini abo bawufakile umbiko ukuze uhlanganiswe ngo-September 6. Cabangela isipho sencwadi sango-September. Bonisa kafushane indlela yokuphendula umbuzo othi “Kungani kufanele sisebenzise igama likaNkulunkulu?” Uphendule ngokusebenzisa incwadi Ulwazi, isahluko 3, isigaba 6.
15 imiz: “Ababonisi Bayahola—Umbonisi Owengamele.” Inkulumo enikezwa umbonisi owengamele. Ngemva kokubukeza imisebenzi yakhe, ubonga ibandla ngokubambisana kwalo nabadala njengoba belusa umhlambi.
18 imiz: Siza Ingane Yakho Ukuze Ikwazi Ukubhekana Nezinkinga Esikoleni. Umdala uxoxa nabazali ababili noma abathathu abanezingane ezisafunda esikoleni. Yisho kafushane ezinye zezinkinga ezivamile izingane ezihlangabezana nazo, njengoba zichazwe kuyi-Phaphama! ka-August 8, 1994, amakhasi 5-7. Khona-ke, ubhekisela emakhasini 8-10, xoxa ngendlela abazali abangavikela ngayo izingane zabo futhi balondoloze ubuhlobo obuhle phakathi kwabazali nothisha.
INgoma 24 nomthandazo wokuphetha.