Sebenzisa Izincwajana Ukuze Ukhange Izingqondo Nezinhliziyo
1 Iqiniso leBhayibheli kufanele libekwe ngendlela evusa isithakazelo engqondweni nasenhliziyweni. Lapho uJesu echaza iqiniso ezilalelini zakhe, wakhetha izihloko ezazinesithakazelo kuzo futhi zizishukumisa. (Luka 24:17, 27, 32, 45) Ukuphumelela kwenkonzo yethu kuxhomeke kakhulu emzamweni esiwenzayo ukuze sibone izidingo ezingokomoya zezilaleli zethu.
2 Izincwajana ezingangomagazini zingaba amathuluzi aphumelelayo okufinyelela izingqondo nezinhliziyo zalabo esihlangana nabo enkonzweni. Cabanga kusengaphambili ukuthi obani abangase basabele esigijimini esisencwajaneni ngayinye kulezo ezizohanjiswa ngo-August:
—Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Abantu abacindezelekile ngokomnotho noma abaye babhekana nesimo esibuhlungu bayosazisa lesi sigijimi esiduduzayo esiphathelene nekusasa elingenakho ukuhlupheka.
—Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani? Intsha ecabanga ngokungathi sína ngekusasa layo iyozuza ezimpendulweni ezisekelwe eBhayibhelini ezitholakala kule ncwajana.
—Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! Imifanekiso eminingi kanye nemibhalo ekhonjiwe kuyozisiza izingane nalabo abangakwazi kahle ukufunda ukuba baqonde izinjongo zikaNkulunkulu.
—UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Noma ubani osebenzela uhulumeni angase asamukele lesi sigijimi esiphathelene nendlela uMbuso kaNkulunkulu oyoxazulula ngayo izinkinga ezinzima zesintu.
—Lapho Ufelwa Othandekayo. Abantu abaningi bezokungcwaba bayakujabulela ukuthola amakhophi ale ncwajana ukuze bawanikeze imikhaya eshonelwe. Abamemezeli abafakaza emangcwabeni basebenzisa le ncwajana ukuze baduduze abashonelwe. Odade ababili baxoxa nomkhaya onamalungu angu-7 owawuthandaza emangcwabeni. Ngenxa yokuhlanganyela nawo isigijimi esiduduzayo esikule ncwajana, ngosuku olulandelayo kwaqalwa isifundo seBhayibheli nomama wekhaya!
—Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? Umuntu oyikhonze kakhulu inkolo angase asabele eqinisweni elitholakala kule ncwajana enobufakazi obuqand’ikhanda obudalula imfundiso eyinhloko yeLobukholwa.
3 Jwayela incwajana ngayinye, futhi ubone ukuthi ungayisebenzisa kanjani kangcono ensimini yenu. Ukuze uthole izintshumayelo ezisikiselwe, bheka ikhasi elingemuva le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1998. Kwangathi uJehova angayibusisa imizamo yakho yokufinyelela kokubili izingqondo nezinhliziyo zabantu.—Marku 6:34.