Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2001
Iziyalezo
Phakathi no-2001 iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini siyoqhutshwa ngalezi zincwadi ezilandelayo:
IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: Izabelo ziyosekelwa eBhayibhelini LesiZulu Elivamile, INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki [bi7-ZU], INqabayokulinda [w-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU] nethi Ukubonisana NgemiBhalo [rs-ZU].
Isikole kufanele siqale NGESIKHATHI ngengoma, umthandazo namazwi okwamukela. Asikho isidingo sokuchaza ukuthi yini ezoba khona esimisweni. Njengoba umbonisi wesikole ethula inkulumo ngayinye, uyosho isihloko okuzoxoxwa ngaso. Isikole sizoqhubeka ngale ndlela elandelayo:
ISABELO NO. 1: Imizuzu engu-15. Le nkulumo kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo, futhi iyosekelwa kuyi-Nqabayokulinda noma kwethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Uma sisekelwe kuyi-Nqabayokulinda, lesi sabelo kufanele sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu engu-15 ngaphandle kokubukeza; uma sisekelwe kwethi “Yonke ImiBhalo,” kumelwe sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi kuya kweyishumi nambili bese kulandela ukubukeza kwemizuzu emithathu kuya kwemihlanu, kusetshenziswa imibuzo esencwadini. Injongo akumelwe nje kube ukuhlanganisa indaba kodwa kumelwe kube ukugxilisa ukunakekela ekutheni ukwaziswa okuxoxwa ngakho kungasetshenziswa kanjani ngokoqobo, kuqokonyiswe lokho okuzoba usizo kakhulu ebandleni. Kufanele kusetshenziswe isihloko esisesimisweni.
Abazalwane ababelwe le nkulumo kufanele baqaphele ukuba bagcine isikhathi abasinikeziwe. Bangase banikezwe iseluleko sangasese uma kudingekile noma uma isikhulumi sizicelele.
AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: Imizuzu eyisithupha. Lena kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo eyokwazi ukufanelanisa kahle ukwaziswa nezidingo zebandla. Isihloko asidingeki. Lokhu akufanele kube ukufushaniswa nje kwengxenye efundwayo eyabiwe. Kungase kuhlanganiswe nokunikeza umqondo wazo zonke izahluko ezabiwe okungathatha imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60. Injongo eyinhloko iwukusiza izilaleli ukuba zibone ukuthi kungani futhi kukanjani ukwaziswa kuyinzuzo kithi. Khona-ke umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi ukuba baye emakilasini abo ahlukahlukene.
ISABELO NO. 2: Imizuzu emihlanu. Lena inkulumo yokufundwa kweBhayibheli kwendaba eyabiwe okufanele inikezwe ngumzalwane, iyonikezwa ekilasini elikhulu nasemakilasini amancane. Izabelo zokufunda ngokuvamile zimfushane ngokwanele ukuba zivumele umfundi anikeze ukwaziswa okufushane okuchazayo esingenisweni nasesiphethweni. Kungase kuhlanganiswe isizinda esingokomlando, ukubaluleka okungokwesiprofetho noma okungokwemfundiso nokusetshenziswa kwezimiso. Wonke amavesi abiwe kufanele afundwe ngokoqobo ngaphandle kokuma. Njengokulindelekile, lapho amavesi afundwayo engalandelani, umfundi angasho ivesi elizofundwa ngokulandelayo.
ISABELO NO. 3: Imizuzu emihlanu. Le nkulumo iyokwabelwa udade. Isihloko sale nkulumo siyosekelwa kwethi Ukubonisana NgemiBhalo. Ukuhlelwa kwenkulumo kungase kube ukufakaza ngokwethukela, impindelo noma isifundo seBhayibheli sasekhaya, abanengxenye bangahlala phansi noma bame. Umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo ngokukhethekile endleleni umfundi aveza ngayo umqondo wesihloko nasiza ngayo umninikhaya ukuba acabange ngemiBhalo. Umfundi owabelwe le ngxenye kufanele akwazi ukuzifundela. Umbonisi wesikole uyokwaba umsizi oyedwa, kodwa kungase kusetshenziswe abengeziwe. Akukhona ukuhlelwa kwenkulumo okufanele kucatshangelwe ngokuyinhloko kodwa ukusetshenziswa okuphumelelayo kweBhayibheli.
ISABELO NO. 4: Imizuzu emihlanu. Le nkulumo iyosekelwa kwethi Ukubonisana NgemiBhalo. ISabelo No. 4 singase sabelwe umzalwane noma udade. Uma sabelwe umzalwane, kufanele sibe inkulumo ebhekisela kuzo zonke izilaleli. Uma sabelwe udade, kufanele sinikezwe njengoba kubonisiwe ngeSabelo No. 3.
ISIMISO SOKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI: Bonke abantu ebandleni bakhuthazwa ukuba balandele isimiso sokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke, okungalingana nokufunda ikhasi elilodwa njalo ngosuku.
PHAWULA: Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe neziyalezo ezimayelana neseluleko, isikhathi, ukubukezwa okulotshwayo nokulungiselelwa kwezabelo, siza ubheke ikhasi 3 le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996.
ISIMISO
Jan. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 13-16
INgoma No. 62
No. 1: Ukuthethelela Kuvula Indlela Yensindiso (w99-ZU 1/1 kk. 30-1)
No. 2: 2 AmaKhosi 14:1-14
No. 3: Ukukhipha Isisu—Kungani Kwenqatshelwe? (rs-ZU kk. 296-8 isihlokwana sokuqala)
No. 4: Indlela Yokusabela Kumuntu Othi: ‘Nginelungelo Lokunquma Ngezindaba Ezithinta Umzimba Wami’ (rs-ZU k. 298 isihlokwana sesibili)
Jan. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 17-20
INgoma No. 116
No. 1: Iseluleko Okulula Ukusamukela (w99-ZU 1/15 kk. 21-4)
No. 2: 2 AmaKhosi 18:1-16
No. 3: U-Adamu No-Eva—Bangabantu Abangokomlando Ngempela? (rs-ZU kk. 220-2 isig. 3)
No. 4: Ukusabela Kumuntu Othi: ‘Isono Sika-Adamu Sasiyintando KaNkulunkulu, Icebo LikaNkulunkulu’ (rs-ZU k. 222 izig. 4-5)
Jan. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 21-25
INgoma No. 61
No. 1: 2 AmaKhosi—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 74 izig. 33-6)
No. 2: 2 AmaKhosi 21:1-16
No. 3: Kungani Ukukhulekela Okhokho Kuyize? (rs-ZU kk. 299-300 isig. 6)
No. 4: Okwenza Ukukhulekela Okhokho Kungamthokozisi UJehova UNkulunkulu (rs-ZU k. 300 isihlokwana sesibili kuya ek. 301 isihlokwana sesibili)
Jan. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 1-5
INgoma No. 16
No. 1: Isethulo Sencwadi Yoku-1 IziKronike (si-ZU kk. 75-6 izig. 1-7)
No. 2: 1 IziKronike 1:1-27
No. 3: Obani Abaphikukristu? (rs-ZU kk. 383-84)
No. 4: Ukubona Izihlubuki (rs-ZU kk. 281-2 isig. 5)
Jan. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 6-10
INgoma No. 73
No. 1: Indlela Ongakubonisa Ngayo Ukuthobeka Kwangempela (w99-ZU 2/1 kk. 6-7)
No. 2: 1 IziKronike 9:1-21
No. 3: Kufanele Sizibheke Kanjani Izihlubuki? (rs-ZU k. 283)
No. 4: UKristu Akazange Akhe Ibandla Phezu KukaPetru (rs-ZU kk. 301-3, isihlokwana sesibili)
Feb. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 11-16
INgoma No. 65
No. 1: Yiba Umthombo Wesikhuthazo (w99-ZU 2/15 kk. 26-9)
No. 2: 1 IziKronike 11:1-19
No. 3: Zaziyini Izihluthulelo Ezasetshenziswa UPetru? (rs-ZU k. 303 isihlokwana sesithathu kuya ek. 306 isig. 1)
No. 4: “Abalandeli Babaphostoli” Abawona AmaKristu Eqiniso (rs-ZU k. 306 isig. 2–k. 308 isig. 3)
Feb. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 17-23
INgoma No. 122
No. 1: Bhincani Ukuthobeka Kwengqondo (w99-ZU 3/1 kk. 30-1)
No. 2: 1 IziKronike 18:1-17
No. 3: I-Armagedoni Iyolwelwa Kuphi? (rs-ZU kk. 49-51 isig. 1)
No. 4: Ubani Futhi Yini Eyobhujiswa E-Armagedoni? (rs-ZU k. 51 isihlokwana sokuqala nesesibili)
Feb. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 24-29
INgoma No. 119
No. 1: Eyoku-1 IziKronike—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 78-9 izig. 22-5)
No. 2: 1 IziKronike 29:1-13
No. 3: Obani Abayosinda E-Armagedoni? (rs-ZU k. 51 isihlokwana sesithathu kuya ek. 52 isihlokwana sokuqala)
No. 4: I-Armagedoni—Ayikhona Ukwehluleka Kothando LukaNkulunkulu (rs-ZU k. 52 isihlokwana sesibili kuya ek. 53 isig. 1)
Feb. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 1-5
INgoma No. 168
No. 1: Isethulo Sencwadi Yesi-2 IziKronike (si-ZU kk. 79-80 izig. 1-6)
No. 2: 2 IziKronike 1:1-17
No. 3: Akunakwenzeka Ukuba Phakathi Nendawo E-Armagedoni (rs-ZU k. 53 isihlokwana sokuqala)
No. 4: Ithonya Likabani Eliqhubela Izizwe Esimweni Se-Armagedoni? (rs-ZU k. 53 isihlokwana sesibili)
Mar. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 6-9
INgoma No. 103
No. 1: Mawunganqotshwa Ukukhathazeka (w99-ZU 3/15 kk. 21-3)
No. 2: 2 IziKronike 8:1-16
No. 3: Lokho IBabiloni LesAmbulo Eliyikho (rs-ZU k. 53 kuya ek. 54 isihlokwana sokuqala)
No. 4: IBabiloni Lasendulo Lalaziwa Ngani? (rs-ZU k. 54 isihlokwana sesibili kuya ek. 56 isig. 3)
Mar. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 10-15
INgoma No. 59
No. 1: Ubani Obumba Ukucabanga Kwakho? (w99-ZU 4/1 kk. 20-2)
No. 2: 2 IziKronike 10:1-16
No. 3: Okwenza Izinkolo Ezithi ZiwubuKristu Zibe Yingxenye YeBabiloni Elikhulu (rs-ZU k. 56 isig. 4–k. 57 isihlokwana sokuqala)
No. 4: Okwenza Kuphuthume Ukuphuma EBabiloni Elikhulu (rs-ZU k. 57 isig. 4-k. 58 isig. 5)
Mar. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 16-20
INgoma No. 69
No. 1: Vikela Inhliziyo Yakho Emoyeni Wokukhulekela UBali (w99-ZU 4/1 kk. 28-31)
No. 2: 2 IziKronike 16:1-14
No. 3: Lokho Ubhapathizo Oluyikho, Nesizathu Sokuba Amakholwa Abhapathizwe (rs-ZU k. 223)
No. 4: Ubhapathizo LobuKristu—Alukona Ukufafazwa, Alulona Olwezinsana (rs-ZU k. 224 kuya esihlokwaneni sesibili)
Mar. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 21-25
INgoma No. 212
No. 1: Ungayeki Ukubonisa Ukubonga (w99-ZU 4/15 kk. 15-17)
No. 2: 2 IziKronike 22:1-12
No. 3: Ubhapathizo Lwamanzi Aluphumeli Ekuthethelelweni Kwezono (rs-ZU k. 224 isig. 7–k. 225 isig. 2)
No. 4: Obani Ababhapathizwa Ngomoya Ongcwele? (rs-ZU k. 225 isig. 3–k. 226 isihlokwana sesithathu)
Apr. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 26-29
INgoma No. 49
No. 1: Ingabe UNkulunkulu Usebenza Ngezindlela ‘Ezingaqondile’? (w99-ZU 5/1 kk. 28-9)
No. 2: 2 IziKronike 28:1-15
No. 3: Ubhapathizo Lomlilo Alufani Nobhapathizo Lomoya Ongcwele (rs-ZU k. 226, isihlokwana sesine kuya ek. 227)
No. 4: Izizathu Zokucabangela IBhayibheli (rs-ZU kk. 58-60, isihlokwana sokuqala)
Apr. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 30-33
INgoma No. 1
No. 1: Abantu Bangambonga Kanjani UJehova UNkulunkulu? (w99-ZU 5/15 kk. 21-4)
No. 2: 2 IziKronike 33:1-13
No. 3: Ubufakazi Buka-Isaya NoJeremiya Bokuphefumulelwa KweBhayibheli (rs-ZU k. 60, isihlokwana sesibili kuya ek. 61)
No. 4: Ukugcwaliseka Kweziprofetho ZikaJesu Kufakazela Ukuphefumulelwa KweBhayibheli (rs-ZU k. 62 izig. 1-2)
Apr. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 34-36
INgoma No. 144
No. 1: Eyesi-2 IziKronike—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 84 izig. 34-6)
No. 2: 2 IziKronike 36:1-16
No. 3: IBhayibheli Linengqondo Ngokwesayensi (rs-ZU k. 62 isig. 3 kuya ek. 64)
No. 4: aUkuphendula Abaphikisa Ukukholelwa EBhayibhelini (rs-ZU k. 65 kuya ek. 68 isig. 1)
Apr. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Ezra 1-6
INgoma No. 90
No. 1: Isethulo Sencwadi Ka-Ezra Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 85-6 izig. 1-7; k. 87 izig. 14-18)
No. 2: Ezra 4:1-16
No. 3: Kungani AmaKristu Engazigubhi Izinsuku Zokuzalwa? (rs-ZU kk. 406-8 isig. 2)
No. 4: Kungani AmaKristu Eyeka Igazi? (rs-ZU kk. 71-3 isig. 2)
Apr. 30 Ukubukeza Okulotshwayo. Ukufundwa kweBhayibheli: Ezra 7-10
INgoma No. 203
May 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Nehemiya 1-5
INgoma No. 56
No. 1: Isethulo Sencwadi KaNehemiya (si-ZU k. 88 izig. 1-5)
No. 2: Nehemiya 1:1-11
No. 3: Kungani AmaKristu Engakwamukeli Ukumpontshelwa Igazi? (rs-ZU k. 73 kuya ek. 74)
No. 4: bUkuphendula Izimpikiswano Zokumpontshelwa Igazi (rs-ZU kk. 75-7)
May 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Nehemiya 6-9
INgoma No. 155
No. 1: Ibandla LobuKristu Liwumthombo Wosizo Oluqinisayo (w99-ZU 5/15 kk. 25-8)
No. 2: Nehemiya 9:1-15
No. 3: Kusho Ukuthini Ukuzalwa Ngokusha? (rs-ZU kk. 332-34, isihlokwana sokuqala)
No. 4: Insindiso Ayixhomekile ‘Ekuzalweni Ngokusha’ (rs-ZU k. 334, isihlokwana sesibili kuya ek. 335 isihlokwana sokuqala)
May 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Nehemiya 10-13
INgoma No. 46
No. 1: UNehemiya—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 90-1 izig. 16-19)
No. 2: Nehemiya 12:27-43
No. 3: cUkuphendula Abanemibono Emayelana Nokuzalwa Ngokusha (rs-ZU k. 335 isig. 4–k. 336)
No. 4: Ukuvuma Kubapristi—Kungani Kungekhona OkungokomBhalo? (rs-ZU kk. 328-30, isihlokwana sokuqala)
May 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Esteri 1-4
INgoma No. 38
No. 1: Isethulo Sencwadi Ka-Esteri (si-ZU kk. 91-2 izig. 1-6)
No. 2: Esteri 1:1-15
No. 3: Ukuvuma Izono KuNkulunkulu Nakumuntu (rs-ZU k. 331, isihlokwana sesithathu kuya ek. 332 isig. 1)
No. 4: Kungani Izono Ezingathi Sína Kufanele Zivunywe Kubadala? (rs-ZU k. 332, isihlokwana sokuqala nesesibili)
June 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Esteri 5-10
INgoma No. 37
No. 1: U-Esteri—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 94 izig. 16-18)
No. 2: Esteri 5:1-14
No. 3: Kungani Kunengqondo Ukukholelwa Endalweni? (rs-ZU kk. 87-8)
No. 4: Ukuqonda Ukulandisa KweBhayibheli Ngendalo (rs-ZU k. 89, isihlokwana sokuqala kuya ek. 91)
June 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Jobe 1-7
INgoma No. 84
No. 1: Isethulo Sencwadi KaJobe (si-ZU kk. 95-6 izig. 1-6)
No. 2: Jobe 1:6-22
No. 3: Kungani Kungekhona OkungokomBhalo Ukudumisa Isiphambano? (rs-ZU k. 152 isig. 3–k. 153)
No. 4: Kungani Abantu Befa? (rs-ZU kk. 274-5, isigaba sokugcina)
June 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Jobe 8-14
INgoma No. 192
No. 1: USawule—Isitsha Esikhethiweyo SeNkosi (w99-ZU 5/15 kk. 29-31)
No. 2: Jobe 8:1-22
No. 3: Bakuphi Abafileyo Futhi Siyini Isimo Sabo? (rs-ZU k. 276, isihlokwana sokuqala kuya ek. 278 isig. 2)
No. 4: Kungani OFakazi BakaJehova Bengahlanganyeli Emasikweni Esizwe Okuzila? (rs-ZU k. 278, isihlokwana sesibili kuya ek. 279, isihlokwana sesibili)
June 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Jobe 15-21
INgoma No. 81
No. 1: UNkulunkulu Akephuzi Ngokuqondene Nesithembiso Sakhe (w99-ZU 6/1 kk. 4-7)
No. 2: Jobe 17:1-16
No. 3: dUkuphendula Abanemibono Eyiphutha Ngokufa (rs-ZU k. 279-80)
No. 4: Amaphupho: Aphefumulelwe Kanye Namanye (rs-ZU kk. 47-9)
July 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Jobe 22-29
INgoma No. 173
No. 1: Ingabe Kufanele Wenabise Umbono Wakho? (w99-ZU 6/15 kk. 10-13)
No. 2: Jobe 27:1-23
No. 3: Izidakamizwa—Lapho Zenqatshelwe Khona KumaKristu (rs-ZU kk. 160-2, isihlokwana sokuqala)
No. 4: Okwenza AmaKristu Agweme Insangu (rs-ZU k. 162, isihlokwana sesibili kuya ek. 163)
July 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Jobe 30-35
INgoma No. 108
No. 1: Okwenza Usethembe Isiprofetho SeBhayibheli (w99-ZU 7/15 kk. 4-8)
No. 2: Jobe 31:1-22
No. 3: Kungani AmaKristu Ewugwema Ugwayi? (rs-ZU k. 164, isihlokwana sokuqala kuya ek. 165, isigaba sokugcina)
No. 4: Ukunqoba Imikhuba Emibi—Kanjani? (rs-ZU k. 166)
July 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Jobe 36-42
INgoma No. 160
No. 1: UJobe—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 100 izig. 39-43)
No. 2: Jobe 36:1-22
No. 3: Izizwe Ngeke Ziyibhuntshise Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba (rs-ZU kk. 364-5 isig. 2)
No. 4: Ingabe UJehova Uyobhubhisa Umhlaba Ngomlilo? (rs-ZU kk. 365-7 isig. 1)
July 23 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 1-10
INgoma No. 5
No. 1: Isethulo Sencwadi YamaHubo—Ingxenye 1 (si-ZU k. 101 izig. 1-5)
No. 2: IHubo 3:1–4:8
No. 3: Amalungu EJerusalema Elisha Ngeke Abuyele Emhlabeni Ngemva Kokubhujiswa Kwababi (rs-ZU k. 367 isig. 2–k. 368 isig. 1)
No. 4: Ingabe Injongo KaNkulunkulu Yokuqala Ngomhlaba Isishintshile? (rs-ZU k. 368 isig. 2–k. 369)
July 30 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 11-18
INgoma No. 48
No. 1: Isethulo Sencwadi YamaHubo—Ingxenye 2 (si-ZU k. 102 izig. 6-11)
No. 2: IHubo 11:1–13:6
No. 3: Singabakhuthaza Kanjani Abagulayo? (rs-ZU k. 146 izig. 1-4)
No. 4: Indlela Esingakhuthaza Ngayo Abashonelwe (rs-ZU k. 146, isihlokwana sesibili kuya ek. 147 isig. 4)
Aug. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 19-26
INgoma No. 117
No. 1: Ukukhulumisana Okuhle—Yisihluthulelo Somshado Omuhle (w99-ZU 7/15 kk. 21-3)
No. 2: IHubo 20:1–21:13
No. 3: Isikhuthazo Kulabo Abashushiswa Ngenxa Yokwenza Intando KaNkulunkulu (rs-ZU k. 147 izig. 5-10)
No. 4: Ungabakhuthaza Kanjani Abadunyazwa Ukungaphathwa Kahle? (rs-ZU k. 148, isihlokwana sokuqala)
Aug. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 27-34
INgoma No. 130
No. 1: UFiliphu—Umvangeli Oshisekayo (w99-ZU 7/15 kk. 24-5)
No. 2: IHubo 28:1–29:11
No. 3: Bangakhuthazwa Kanjani Abacindezelwe Izinkinga Zezomnotho? (rs-ZU k. 148, isihlokwana sesibili)
No. 4: Isikhuthazo Kulabo Abadunyazwa Ukushiyeka (rs-ZU k. 149)
Aug. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 35-39
INgoma No. 18
No. 1: Ithonya Lontanga—Ingabe Lingakusiza? (w99-ZU 8/1 kk. 22-5)
No. 2: IHubo 38:1-22
No. 3: Ukuziphendukela Kwemvelo—Impicabadala Yesayensi (rs-ZU kk. 340-2 isig. 2)
No. 4: Ukuziphendukela Kwemvelo, Imivubukulo Nalokho Okunengqondo (rs-ZU k. 342, isihlokwana sokuqala kuya ek. 345, isihlokwana sesibili)
Aug. 27 Ukubukeza Okulotshwayo. Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 40-47
INgoma No. 91
Sept. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 48-55
INgoma No. 36
No. 1: Ungayivumeli Intukuthelo Ikukhubekise (w99-ZU 8/15 kk. 8-9)
No. 2: IHubo 49:1-20
No. 3: eUkuphendula Ukuphikisa Kwabakholelwa Ezikuphendukeleni Kwemvelo (rs-ZU k. 345 isihlokwana sesithathu kuya ek. 348)
No. 4: Kungani Abantu Abaningi Bengenalo Ukholo? (rs-ZU kk. 259-60 isig. 5)
Sept. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 56-65
INgoma No. 44
No. 1: Ingabe UDeveli Uyasenza Sigule? (w99-ZU 9/1 kk. 4-7)
No. 2: IHubo 59:1-17
No. 3: Umuntu Angaluthola Kanjani Ukholo? (rs-ZU k. 261, isihlokwana sokuqala)
No. 4: Ukholo Ethembeni Lesimiso Esisha Lufakazelwa Yimisebenzi (rs-ZU k. 261, isihlokwana sesithathu kuya ek. 262)
Sept. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 66-71
INgoma No. 210
No. 1: Khetha “Isabelo Esihle” (w99-ZU 9/1 kk. 30-1)
No. 2: IHubo 69:1-19
No. 3: Bangabonakala Kanjani Abaprofethi Bamanga? (rs-ZU k. 25 kuya ek. 26, isihlokwana sokuqala)
No. 4: Abaprofethi Beqiniso Babengaqondi Njalo Ukuthi Izinto Ezibikezelwe Ziyokwenzeka Nini Futhi Kanjani (rs-ZU k. 26, isihlokwana sesibili kuya ek. 27 isig. 1)
Sept. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 72-77
INgoma No. 217
No. 1: Kungani Kumelwe Uzigcine Izithembiso Zakho? (w99-ZU 9/15 kk. 8-11)
No. 2: IHubo 73:1-24
No. 3: Izinkulumo Zomprofethi Weqiniso Zikhuthaza Ukukhulekela Kweqiniso (rs-ZU k. 27 izig. 2-3)
No. 4: Abaprofethi Beqiniso Babonakala Ngezithelo Abazikhiqizayo (rs-ZU k. 28 isig. 1–k. 29 isig. 1)
Oct. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 78-81
INgoma No. 88
No. 1: Zuza Ukuhlakanipha Wamukele Ukuyalwa (w99-ZU 9/15 kk. 12-15)
No. 2: IHubo 78:1-22
No. 3: Ukuphendula Labo Abasibiza Ngabaprofethi Bamanga (rs-ZU k. 29 isig. 2–k. 30 isig. 2)
No. 4: UNkulunkulu Akanqumi Kusengaphambili Ukuthi Umuntu Ngamunye Uyokufa Nini (rs-ZU k. 267, isihlokwana sokuqala)
Oct. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 82-89
INgoma No. 221
No. 1: UThimothewu—“Umntwana Woqobo Okholweni” (w99-ZU 9/15 kk. 29-31)
No. 2: IHubo 88:1-18
No. 3: Akukona Konke Okwenzekayo Okuyintando KaNkulunkulu (rs-ZU k. 268 isig. 1–k. 269, isihlokwana sesibili)
No. 4: Akuyona Yonke Into UNkulunkulu Ayazi Noma Ayinqume Kusengaphambili (rs-ZU k. 269 isihlokwana sesithathu)
Oct. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 90-98
INgoma No. 134
No. 1: Ukuqiniselwa Ukwenqaba Ukwenza Okubi (w99-ZU 10/1 kk. 28-31)
No. 2: IHubo 90:1-17
No. 3: Amandla KaNkulunkulu Okwazi Nokunquma Izenzakalo Kusengaphambili (rs-ZU k. 270 izig. 1-4)
No. 4: Okwenza UNkulunkulu Wangalisebenzisa Ikhono Lakhe Lokwazi Kusengaphambili Endabeni Ka-Adamu (rs-ZU k. 271, isihlokwana sokuqala)
Oct. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 99-105
INgoma No. 89
No. 1: Ukufunda Indlela Yothando Ezedlula Zonke (w99-ZU 10/15 kk. 8-11)
No. 2: IHubo 103:1-22
No. 3: UNkulunkulu Akabanqumelanga Kusengaphambili OJakobe, U-Esawu NoJuda (rs-ZU k. 271, isihlokwana sesibili kuya ek. 272, isihlokwana sokuqala)
No. 4: Ibandla LobuKristu Lanqunyelwa Kusengaphambili Ngayiphi Indlela? (rs-ZU k. 272, isihlokwana sesibili kuya ek. 273 isig. 1)
Oct. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 106-109
INgoma No. 214
No. 1: “UJehova Uyanika Ukuhlakanipha” (w99-ZU 11/15 kk. 24-7)
No. 2: IHubo 107:1-19
No. 3: Uyini Umbono OngokomBhalo Ngokufundwa Kwezinkanyezi? (rs-ZU k. 273 isig. 2–k. 274 isig. 2)
No. 4: Yiziphi Ezinye Izizathu Ezizwakalayo Zokukholelwa KuNkulunkulu? (rs-ZU kk. 394-5 isig. 2)
Nov. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 110-118
INgoma No. 14
No. 1: I-Apocalypse—Ingabe Kumelwe Yesatshwe Noma Ilangazelelwe? (w99-ZU 12/1 kk. 5-8)
No. 2: IHubo 112:1–113:9
No. 3: Ububi Nokuhlupheka Akubonisi Ukuthi UNkulunkulu Akekho (rs-ZU k. 395 izig. 3-5)
No. 4: UNkulunkulu Ungumuntu Ongokoqobo Onemizwa (rs-ZU k. 396, isihlokwana sokuqala nesesibili)
Nov. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: IHubo 119
INgoma No. 35
No. 1: Ungavumeli Ikhono Lakho Libe Ubuthakathaka Bakho (w99-ZU 12/1 kk. 26-9)
No. 2: IHubo 119:1-24
No. 3: UNkulunkulu Akanasiqalo (rs-ZU k. 396, isihlokwana sesithathu kuya ek. 397 isig. 2)
No. 4: Ukusebenzisa Igama LikaNkulunkulu Kubalulekile Ukuze Umuntu Asindiswe (rs-ZU k. 397 isig. 3–k. 398 isig. 2)
Nov. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 120-137
INgoma No. 175
No. 1: AmaHubo—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 1 (si-ZU kk. 104-5 izig. 23-7)
No. 2: IHubo 120:1–122:9
No. 3: Ingabe Zonke Izinkolo Zilungile? (rs-ZU k. 398, isihlokwana sokuqala)
No. 4: Uluhlobo Luni ‘LukaNkulunkulu’ UJesu? (rs-ZU k. 398, isihlokwana sesibili)
Nov. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 138-150
INgoma No. 135
No. 1: AmaHubo—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 2 (si-ZU kk. 105-6 izig. 28-32)
No. 2: IHubo 139:1-24
No. 3: fUkuphendula Izimpikiswano Ezimayelana Nokukholelwa KuNkulunkulu (rs-ZU k. 399 isig. 1–k. 400)
No. 4: Okuye Kwenza Abantu Bahluleka Ukumisa Uhulumeni Onobulungisa (rs-ZU kk. 236-7 isig. 1)
Dec. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 1-7
INgoma No. 132
No. 1: Isethulo Sencwadi YezAga—Ingxenye 1 (si-ZU kk. 106-7 izig. 1-5)
No. 2: IzAga 4:1-27
No. 3: Okwenza Imizamo Yabantu Yokuletha Inkululeko Ingaphumeleli (rs-ZU k. 237 isig. 2–k. 238 isig. 2)
No. 4: UMbuso KaNkulunkulu Uwukuphela Kwekhambi Lezidingo Zangempela Zesintu (rs-ZU k. 238 isig. 3–k. 239 isig. 1)
Dec. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 8-13
INgoma No. 51
No. 1: Isethulo Sencwadi YezAga—Ingxenye 2 (si-ZU kk. 107-8 izig. 6-11)
No. 2: IzAga 13:1-25
No. 3: Iziprofetho ZeBhayibheli Ziye Zabonakala Zithembeke Ngokuphelele (rs-ZU k. 239, isihlokwana sokuqala)
No. 4: Ukuphulukisa Ngokuyisimangaliso Namuhla Akwenziwa Ngomoya KaNkulunkulu (rs-ZU k. 324)
Dec. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 14-19
INgoma No. 111
No. 1: IzAga—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 1 (si-ZU kk. 109-10 izig. 19-28)
No. 2: IzAga 16:1-25
No. 3: Umehluko Phakathi Kokuphilisa KukaJesu Nabaphostoli Bakhe Nalokho Kwanamuhla (rs-ZU k. 325, isihlokwana sokuqala nesesibili)
No. 4: Indlela AmaKristu Eqiniso Abonakala Ngayo Namuhla (rs-ZU k. 325, isihlokwana sesithathu kuya ek. 326 isig. 4)
Dec. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 20-25
INgoma No. 9
No. 1: IzAga—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 2 (si-ZU kk. 110-11 izig. 29-38)
No. 2: IzAga 20:1-30
No. 3: Okwenza Izipho Zokuphulukisa Zanikezwa Ekhulwini Lokuqala (rs-ZU k. 327 isihlokwana sokuqala nesesibili)
No. 4: Yiliphi Ithemba Elikhona Lokuphulukiswa Kwangempela Kwaso Sonke Isintu? (rs-ZU k. 327, isihlokwana sesithathu kuya ek. 328 isig. 2)
Dec. 31 Ukubukeza Okulotshwayo. Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 26-31
INgoma No. 180
[Imibhalo yaphansi]
a Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokuphendula izimpikiswano nokunye okuhlangabezana kahle nezidingo zensimu yebandla.
b Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokuphendula izimpikiswano nokunye okuhlangabezana kahle nezidingo zensimu yebandla.
c Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokuphendula izimpikiswano nokunye okuhlangabezana kahle nezidingo zensimu yebandla.
d Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokuphendula izimpikiswano nokunye okuhlangabezana kahle nezidingo zensimu yebandla.
e Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokuphendula izimpikiswano nokunye okuhlangabezana kahle nezidingo zensimu yebandla.
f Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokuphendula izimpikiswano nokunye okuhlangabezana kahle nezidingo zensimu yebandla.