Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/03 k. 4
  • Ongase Ukusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongase Ukusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongase Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 1/03 k. 4

Ongase Ukusho Ngomagazini

Phaphama! Jan. 8

“Kule Phaphama! kubuzwa umbuzo othakazelisayo, othi: Ingabe AmaKristu Kumelwe Abe Mpofu? Ucabangani wena? [Lindela impendulo.] Namuhla abantu abaningi bampofu. Kodwa uNkulunkulu ubabheka kanjani abampofu nabacebile? [Funda eyoku-1 Thim. 2:4.] Bonke banethuba lokuthola umusa kaNkulunkulu nokuphila okuphakade, kuphela uma bengenisa ulwazi olunembile lweqiniso futhi belusebenzisa ekuphileni kwabo. Uzokujabulela ukufunda ngalo mbuzo oshukumisa ingqondo kulo magazini.”

INqabayokulinda Jan. 15

“Uma ubheka konke ukuchitheka kwegazi okuye kwenzeka, ingabe ucabanga ukuthi ububi bubunqobile ubuhle? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okushiwo iBhayibheli ngoNkulunkulu. [Funda iHubo 83:18b.] Njengoba uNkulunkulu engoPhezukonke emhlabeni, ingabe ububi bunganqoba ngempela? [Lindela impendulo.] Le Nqabayokulinda iwuphendula ngendlela eyanelisayo lowo mbuzo.”

INqabayokulinda Feb. 1

“Abantu abaningi namuhla bakhathazekile ngenxa yokungasebenzi, kanti abanye bacindezeleke kakhulu emisebenzini. Ucabanga ukuthi kungenzeka ukuba umuntu azizwe ejabula futhi elondekile emsebenzini? [Lindela impendulo bese ufunda u-Isaya 65:21-23.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngesikhathi lapho bonke abantu beyoba nemisebenzi ejabulisayo.”

Phaphama! Feb. 8

“Le Phaphama! ibika ngento ebuhlungu eyenzeka esikhathini sethu—ukwenziwa kwezingane izifebe. IBhayibheli lithembisa ukuthi lokhu kuxhashazwa kwezingane okubuhlungu kangaka kuzophela ngokushesha. [Funda izAga 2:21, 22.] Lo magazini ubonisa ukuthi ubani obangela ukuxhashazwa kwezingane okunjalo nokuthi kuzoqedwa kanjani.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela