Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/08 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-January 14
  • Isonto Eliqala Ngo-January 21
  • Isonto Eliqala Ngo-January 28
  • Isonto Eliqala Ngo-February 4
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 1/08 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-January 14

INgoma 41

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-January 1 ne-Phaphama! ka-January.

15 imiz: “Sisebenzise Ngokunenzuzo Isikhathi Sakho Osichitha Enkonzweni.”a Xoxa nomzalwane oyisibonelo ekuholeni iqembu lapho lisenkonzweni yasensimini. Yini ayenzayo ukuze alungiselele ukuphuma neqembu futhi asisebenzise ngokunenzuzo isikhathi asichitha enkonzweni?

20 imiz: “Amazwi Enu Ngaso Sonke Isikhathi . . . Ayoliswe Ngosawoti.”b Lapho nixoxa ngesigaba 2, funda uJohane 4:7-15, 39.

INgoma 85

Isonto Eliqala Ngo-January 21

INgoma 215

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Yisho isipho sika-February, bese wenza umboniso owodwa. Bakhuthaze bonke ukuba babukele i-video ethi Transfusion-Alternative Health Care—Meeting Patient Needs and Rights lapho belungiselela ingxoxo ezoba seMhlanganweni Wenkonzo ngesonto eliqala ngo-February 4.

10 imiz: Ingabe Uyayisebenzisa Incwajana Ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esanduleleni sethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2008. Xoxani ngezinzuzo zokuzinika isikhathi nsuku zonke sokuhlola umBhalo nalokho okushiwo yisigaba. Cela izilaleli zichaze isimiso sazo sokuhlola itekisi nokuthi zizuze kanjani. Ungase uhlele kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili balandise. Yithi qaphu-qaphu ngesihloko sonyaka sika-2008.

25 imiz ‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele Ngezindaba Ezinhle.’c (Izig. 1-10) Kumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili ababe amaphayona asizayo kulo nyaka odlule nakuba bematasa noma benezinkinga zempilo. Bakwazi kanjani ukuphayona? Yini abayijabulela? Lapho nixoxa ngesigaba 7, chaza amalungiselelo emihlangano yenkonzo yasensimini ka-March, April no-May.

INgoma 177

Isonto Eliqala Ngo-January 28

INgoma 52

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-January. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Xoxa nezilaleli nge-Nqabayokulinda ka-February 1 ne-Phaphama! ka-February. Ngemva kokuhlaziya umagazini ngamunye kafushane, buza izilaleli ukuthi yiziphi izihloko ezingase zikhange abantu ensimini nokuthi kungani. Cela izilaleli zisho amaphuzu akhethekile kulezo zihloko ezihlela ukuwasebenzisa. Yimuphi umbuzo ongase uphakanyiswe ukuze kuqalwe ingxoxo? Yimuphi umbhalo esihlokweni ongase ufundwe? Ungahlanganiswa kanjani lowo mbhalo nesihloko ngokwaso? Kusetshenziswa izintshumayelo eziyisibonelo ezisekhasini 8, makube nemiboniso yokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.

20 imiz: ‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele Ngezindaba Ezinhle.’d (Izig. 11-17) Uma izimemo ezikhethekile zeSikhumbuzo zikhona, nikeza bonke abakhona ikhophi lapho nicabangela isigaba 14. Chaza amalungiselelo ebandla okuhlanganisa insimu.

15 imiz: “Siza Ofunda Nabo IBhayibheli Babe Abamemezeli Bezindaba Ezinhle ZoMbuso.”e Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imibhalo ekhonjiwe.

INgoma 22

Isonto Eliqala Ngo-February 4

INgoma 161

10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza iBhokisi Lemibuzo.

10 imiz: Izidingo zebandla.

25 imiz: “Ingabe Uyazindela?” Kumelwe isingathwe umdala. Hlala engxoxweni nge-video ethi Patient Needs and Rights, usebenzisa imibuzo esesihlokweni. Ekuphetheni, funda isigaba sokugcina bese ukhuthaza bonke ukuba babukeze ngokucophelela izihloko ezibonisiwe ze-Nqabayokulinda ne-Nkonzo Yethu YoMbuso. Chaza ukuthi ngamunye ongakaligcwalisi leli khadi angawasebenzisa kanjani amafomu asesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2007 ukuze enze izinqumo zomuntu siqu mayelena nezingxenyana zegazi nezinqubo zokwelapha abese ezibhala ekhadini i-DPA. Labo asebeligcwalisile kakade ikhadi i-DPA bangase bafise ukubukeza izinqumo zabo ezidlule, futhi uma kudingeka, bagcwalise ikhadi elisha.

INgoma 4

Imibhalo yaphansi

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela