Ungazigodli—Nqoba Imizwa Yokungafaneleki
1. Kungani abanye bengabaza ukucela isifundo seBhayibheli?
1 Ingabe uyangabaza ukucela isifundo seBhayibheli ngenxa yokuthi awethembi ukuthi ungakwazi ukusiqhuba ngokuphumelelayo? Ngezinye izikhathi, izinceku ezithembekile zasendulo, njengoMose noJeremiya, zazizwa zingazifanelekeli izabelo zazo. (Eks. 3:10, 11; 4:10; Jer. 1:4-6) Ngakho-ke, imizwa enjalo ayiyona into engavamile. Inganqotshwa kanjani?
2. Kungani kungafanele sigcine ngokwaneliswa ukushumayela endlini ngendlu kuyilapho umsebenzi wokuqhuba izifundo zeBhayibheli siwushiyela abanye?
2 Kufanele sikhumbule ukuthi uJehova akalokothi asicele ukuba senze into engaphezu kwamandla ethu. (IHu. 103:14) Ngakho isabelo sethu ‘sokwenza abafundi,’ ‘sibafundise,’ singakwazi ukusifeza. (Math. 28:19, 20) Asilona ilungelo uJehova alinike labo abangomakadebona kuphela noma abanekhono phakathi kwethu. (1 Kor. 1:26, 27) Ngakho, akufanele sigcine ngokwaneliswa ukushumayela endlini ngendlu bese umsebenzi wokuqhuba izifundo zeBhayibheli siwushiyela abanye.
3. UJehova usenze kanjani safanelekela umsebenzi wokuqhuba izifundo zeBhayibheli?
3 UJehova Usenza Sifaneleke: Ukufaneleka kwethu ukuba senze abafundi kuvela kuJehova. (2 Kor. 3:5) Ngenhlangano yakhe uye wasifundisa amaqiniso eBhayibheli ngisho nabantu abafunde kakhulu kuleli zwe abangawazi. (1 Kor. 2:7, 8) Uye walondoloza umlando wezindlela zokufundisa zoMfundisi Omkhulu, uJesu, ukuze sizilingise futhi uyaqhubeka esiqeqesha ngebandla. Ngaphezu kwalokho, uJehova akazange akushiyele kithi ukuba sizibonele ukuthi sizobafundisa kanjani abantu iBhayibheli. Usinikeze amathuluzi anjengencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, efundisa iqiniso ngendlela enengqondo futhi eqondakala kalula. Ukuqhuba isifundo seBhayibheli kungase kungabi inselele kangako.
4. Kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosisiza?
4 Ngosizo lukaJehova, uMose noJeremiya bakwazi ukufeza izabelo zabo. (Eks. 4:11, 12; Jer. 1:7, 8) Nathi singamcela uJehova ukuba asisize. Kakade, uma siqhuba isifundo seBhayibheli sisuke sifundisa umuntu iqiniso ngoJehova, okuyinto ejabulisayo emehlweni aKhe. (1 Joh. 3:22) Ngakho-ke, kwenze umgomo ukuhlanganyela emsebenzini wokuqhuba izifundo zeBhayibheli, ingxenye yenkonzo yethu ejabulisa kakhulu futhi enomvuzo.