Ungazigodli—Bhekana Nesimiso Esimatasa
1. Kungani abanye bemathintanyawo ukucela isifundo seBhayibheli?
1 Abanye bamathintanyawo ukucela isifundo seBhayibheli ngenxa yokuthi bamatasa. Ukunakekela umuntu omfundela iBhayibheli kudinga isikhathi. Kudingeka isikhathi ukuze ulungiselele isifundo, usiqhube futhi usize umfundi anqobe izithiyo. Umphostoli uPawulu wathi wadlulisela umphefumulo wakhe ukuze asize abaseThesalonika bazi uJehova. (1 Thes. 2:7, 8) Singasiqhuba kanjani isifundo seBhayibheli ngisho noma simatasa kakhulu?
2. Uthando ngoJehova luyithinta kanjani indlela esisebenzisa ngayo isikhathi sethu?
2 Ukukhulekela Kudinga Isikhathi: Iqiniso elisobala liwukuthi ukukhulekela kudinga isikhathi. Ngokwesibonelo, sihlale sisebenzisa isikhathi esithile ukuze siye emihlanganweni yebandla, siye ensimini, sifunde iBhayibheli futhi sithandaze. Umuntu oshadile omatasa uyokujabulela ukuzinika isikhathi angasichitha nalowo ashade naye. Kufanele sikujabulele nakakhulu-ke ‘ukuthengisisa’ isikhathi sokukhonza uJehova ngoba siyamthanda. (Efe. 5:15-17; 1 Joh. 5:3) NgokukaJesu, ingxenye ebaluleke kakhulu yokukhulekela kwethu, umsebenzi wokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Ukucabanga ngalokhu kuzosisiza ukuba singawubalekeli umsebenzi wokuqhuba isifundo seBhayibheli.
3. Singasinakekela kanjani isifundo seBhayibheli ngisho nalapho izimo zisiphazamisa isimiso sethu senkonzo?
3 Kodwa kuthiwani uma isimiso sethu siphazanyiswa umsebenzi, ukugula okungamahlalakhona noma izabelo ezingokwasezulwini? Abanye abamemezeli okudingeka bathathe uhambo ngezinye izikhathi baqhuba isifundo ngocingo noma ngokuxoxa nge-computer. Labo abaphazanyiswa ukugula okungamahlalakhona baye bahlela nalowo abamfundelayo ukuba eze emzini wabo bazofunda. Abanye baye bahlela ukuba ummemezeli othile ababambele ekuqhubeni isifundo lapho bengekho.
4. Iziphi izibusiso ezitholakala ngokuhlanganyela emsebenzini wokuqhuba izifundo zeBhayibheli?
4 UPawulu wathola injabulo enkulu ngokunikela ngesikhathi nangamandla akhe ukuze asize abanye bafunde iqiniso. (IzE. 20:35) Lapho ecabanga ngezithelo zomsebenzi wakhe eThesalonika, washukumiseleka ukuba abonge uJehova. (1 Thes. 1:2) Injabulo nokwaneliseka kwethu enkonzweni kunganda uma singavumeli ukuba matasa kusivimbe ekuhlanganyeleni emsebenzini wokuqhuba izifundo zeBhayibheli.