ISimiso Sesonto Lika-January 7
ISONTO ELIQALA NGO-JANUARY 7, 2013
INgoma 104 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 3 ¶13-19 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 1-6 (10 imiz.)
No. 1: Mathewu 5:21-32 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Yini Engenza Imithandazo Yomuntu Ingamukeleki KuNkulunkulu?—rs k. 391 ¶7–k. 392 ¶7 (5 imiz.)
No. 3: Okushiwo Ukuba NoJehova ‘Njengesabelo Sakho’—Num. 18:20 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Amacebiso Okuhambisa Omagazini Ngo-January. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaze ukuthi kungani omagazini bezokhanga abantu ensimini yenu. Usebenzisa isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda, yibe usucela izilaleli zisikisele umbuzo ovusa isithakazelo ongase ubuzwe, ngemva kwalokho zicele zisikisele nomBhalo ongasetshenziswa. Yenza okufanayo nange-Phaphama!, futhi uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi walabo magazini. Makube nomboniso wendlela yokuhambisa umagazini ngamunye.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: IHholo LoMbuso Elihlanzekile Lidumisa UJehova. Inkulumo enikezwa ngumdala. UJehova unguNkulunkulu ongcwele, ngakho inhlanzeko kufanele ibe yinto eza kuqala phakathi kwabantu bakhe. (Eks. 30:17-21; 40:30-32) Ngokugcina indawo yethu yokukhulekela ihlanzekile futhi ilungiswe kahle, sikhazimulisa uJehova. (1 Pet. 2:12) Landisa okuhlangenwe nakho okunyathelisiwe noma kwasebandleni okubonisa indlela ukubukeka kweHholo LoMbuso okwanikeza ngayo ubufakazi emphakathini. Xoxa nomzalwane oqondisa umsebenzi wokuhlanza nokunakekelwa kweHholo mayelana namalungiselelo ebandla. Khuthaza wonke umuntu ukuba abe nengxenye ekunakekelweni kweHholo LoMbuso.
INgoma 127 Nomthandazo