Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/13 k. 8
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Ngingazigwema Kanjani Izithombe Ezingcolile?
    I-Phaphama!—2007
  • Kungani Kufanele Ngigweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 7/13 k. 8

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-August

“Cishe bonke abantu bayathandaza ngezikhathi ezithile. Ngisho nabantu abathi uNkulunkulu akekho bayathandaza uma besenkingeni. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyilalela yonke imithandazo?” Lindela impendulo. Yibe usumbonisa ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda ka-August 1, bese nixoxa ngendaba engaphansi kombuzo wokuqala kanye nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele omagazini bese uhlela ukubuyela ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo.

Phawula: Kufanele kube nomboniso wale ntshumayelo emhlanganweni wenkonzo yasensimini ngo-August 3.

INqabayokulinda August 1

“Sinivakashele kafushane ngoba abaningi bakhathazwa indlela izithombe zobulili ezingcolile ezande ngayo. Abanye abantu banomuzwa wokuthi izithombe zobulili ezingcolile ziyindlela yokuzilibazisa engenangozi. Wena uthini? [Lindela impendulo.] UJesu wathi singakwazi ukunquma ukuthi into ethile yinhle ngezithelo eziyivezayo. [Funda uMathewu 7:17.] Lo magazini ukhuluma ngezithelo ezivezwa izithombe zobulili ezingcolile. Unikeza namacebiso awusizo okugqashula kuzo.”

Phaphama! August

“Iningi lethu lifuna ukuphila isikhathi eside ngangokunokwenzeka. Ucabanga ukuthi intuthuko kwezesayensi iyoke isenze siphile phakade? [Lindela impendulo.] Phawula lesi sithembiso esijabulisayo. [Funda eyoku-1 Korinte 15:26.] Kodwa uNkulunkulu uzokufeza kanjani lokhu—ngesayensi noma ngezinye izindlela? Futhi kungani siguga futhi sifa? Lo magazini ubonisa indlela iBhayibheli eliphendula ngayo le mibuzo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela