Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/11 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Izintshumayelo Eziyisibonelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 7/11 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala izifundo zeBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala ku-August

“Abantu banezinkolo ezihlukahlukene futhi bakhulekela uNkulunkulu ngezindlela eziningi ezingefani. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi uJesu wathini ngale ndaba.” Nika umninikhaya ikhophi ye-Nqabayokulinda ka-August 1 bese nixoxa ngendaba engaphansi kwesihlokwana sokuqala ekhasini 16 kuhlanganise nombhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mnike umagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.

INqabayokulinda August 1

“Ingabe izingane kufanele zifundiswe ngoNkulunkulu lapho zisencane noma kungcono ukuzilinda zikhule bese ziyekwa zizikhethele ezifuna ukukukholelwa? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi yini iBhayibheli elithi kufanele yenziwe obaba. [Funda eyabase-Efesu 6:4.] Lo magazini unikeza amacebiso ngokuthi abazali bangazifundisa kanjani izingane zabo ngoNkulunkulu.”

Phaphama! August

“Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngaleli vesi. [Funda eyoku-1 Samuweli 16:23.] Ngokwalokhu okushiwo lapha, umculo unamandla. Ucabanga ukuthi kungenzeka ezinye izingoma zibe nethonya elonakalisayo? [Lindela impendulo.] Lo magazini uxoxa ngokuthi singawukhetha kanjani umculo ngokuhlakanipha futhi singazisiza kanjani izingane zethu ukuba nazo zenze kanjalo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela