Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 8/1 kk. 3-7
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zibathinta kanjani abantu izithombe zobulili ezingcolile?
  • Ziyithinta kanjani imindeni izithombe zobulili ezingcolile?
  • Lithini iBhayibheli ngezithombe zobulili ezingcolile?
  • Ngingazigwema Kanjani Izithombe Ezingcolile?
    I-Phaphama!—2007
  • Umonakalo Odalwa Yizithombe Ezingcolile Zobulili
    I-Phaphama!—2003
  • Kungani Kufanele Ngigweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kungani Kufanele Ugweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 8/1 kk. 3-7

ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?

Izwe namuhla linentilibathwa yezithombe zobulili ezingcolile.a Zingatholakala ezikhangisweni, kwezemfashini, kumabhayisikobho, emculweni, komagazini, kuthelevishini, emidlalweni ye-video, komakhalekhukhwini, kuma-computer aphathwayo, ezingosini ze-Internet futhi muva nje nasezingosini zokuthumelelana izithombe. Kubonakala sengathi izithombe zobulili ezingcolile ziyinto ethandwayo emphakathini wanamuhla. Ezindaweni eziningi liyanda inani labantu ababuka izithombe zobulili ezingcolile kunanini ngaphambili.—Bheka ibhokisi elithi “Amaqiniso Ngezithombe Zobulili Ezingcolile.”

Ziya ngokuya zishintsha izithombe zobulili ezingcolile. UProfesa Gail Dines uyabhala: “Izithombe zobulili ezingcolile namuhla, sezedlulele kakhulu kunalokho okwakubhekwa njengezithombe zobulili ezingcolile ezingamanyala.”

Uwubheka kanjani lo mkhuba owandayo? Ingabe izithombe zobulili ezingcolile ziyinto yokuzijabulisa engenangozi noma ingabe ziwushevu obulalayo? UJesu wathi: “Yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle, kodwa yonke imithi ebolile ithela izithelo ezingenamsebenzi.” (Mathewu 7:17) Ziyini izithelo zezithombe zobulili ezingcolile? Ukuze sithole izimpendulo, ake sixoxe ngemibuzo ethile eyisisekelo ephathelene nezithombe zobulili ezingcolile.

Zibathinta kanjani abantu izithombe zobulili ezingcolile?

OKUSHIWO OCHWEPHESHE: Izithombe zobulili ezingcolile zikwenza isigqila sazo, abanye abacwaningi nodokotela baze bazifanise nesidakamizwa okuthiwa i-crack cocaine.

UMandla,b owayengumlutha wezithombe zobulili ezingcolile kuyi-Internet, uyalandisa: “Akukho okwakungangivimba. Kwakuba sengathi kunento engilawulayo. Ngangize ngiqhaqhazele kube buhlungu ikhanda. Ngazama ukuziyeka, kodwa kwaphela iminyaka ngilokhu ngiwumlutha wazo.”

Abantu abazitika ngezithombe zobulili ezingcolile ngokuvamile bayawufihla lo mkhuba wabo. Bawenza ngasese futhi abathembekile. Akumangazi-ke ukuthi abaningi bazizwa benomzwangedwa, benamahloni, bekhathazekile, becindezelekile futhi benentukuthelo. Abanye baze bafune nokuzibulala. USerge owayekopisha izithombe zobulili ezingcolile kuyi-Internet ngomakhalekhukhwini wakhe cishe nsuku zonke, uthi: “Ngaqala ukukhathazeka ngokweqile futhi ngaphelelwa ithemba. Ngangizizwa ngingelutho, nginomuzwa wecala, nginesizungu futhi ngivalelekile. Nganginamahloni futhi ngesaba ukucela usizo.”

Ngisho nokuzithi shazi izithombe zobulili ezingcolile kungaba nemiphumela engemihle. Enikeza ubufakazi phambi kwekomiti ye-U.S. Senate, uDkt. Judith Reisman, umcwaningi wezithombe zobulili ezingcolile ohamba phambili, wathi: “Izithombe zobulili ezingcolile ziyanamathela engqondweni futhi zithinta ubuchopho, zibangela inkumbulo ehlala njalo, engalawuleki, okunzima ukuyisusa noma engasoze yasuka.” USusan, oneminyaka engu-19 owazithela engosini ethile yezithombe zobulili ezingcolile, uyalandisa: “Lezo zithombe zigxilile engqondweni yami. Zivele zifike engqondweni ngingalindele. Kubonakala sengathi angisayukuphinde ngikwazi ukuzisusa ngokuphelele.”

IQINISO LIWUKUTHI: Izithombe zobulili ezingcolile ziyabagqilaza labo abayizisulu zazo futhi zidala umonakalo omkhulu.—2 Petru 2:19.

Ziyithinta kanjani imindeni izithombe zobulili ezingcolile?

OKUSHIWO OCHWEPHESHE: “Izithombe zobulili ezingcolile zihlukanisa imindeni nemishado.”—The Porn Trap, kaWendy noLarry Maltz.

Izithombe zobulili ezingcolile zilimaza imishado nemindeni

  • Ngokuqeda ukwethembana, ukusondelana nothando.—IzAga 2:12-17.

  • Ngokukhuthaza ukuzicabangela wena, ukungabi nandaba nemizwelo, nokunganeliseki ngalowo oshade naye.—Efesu 5:28, 29.

  • Ngokubhebhezela imicabango nezifiso ezingafanele zocansi.—2 Petru 2:14.

  • Ngokulinga abazibukayo ukuba bafune ngenkani izenzo zocansi ezingafanele kulabo abashade nabo.—Efesu 5:3, 4.

  • Ngokukhuthaza ukungethembeki ngokomzwelo nangokomzimba kulowo oshade naye.—Mathewu 5:28.

IBhayibheli litshela abashadile ukuba ‘bangenzi ngokukhohlisana.’ (Malaki 2:16) Ukungethembeki emshadweni kuwuhlobo lokukhohlisa okungalimaza umshado futhi kuholele ekuhlaleni ngokwehlukana ngisho nasekudivoseni. Le zimo zilimaza abantwana abatholwe emshadweni.

Izithombe zobulili ezingcolile zingazilimaza ngokuqondile nezingane. UMandla, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyachaza: “Ngesikhathi ngineminyaka eyishumi, ngathola omagazini bakababa bezithombe zobulili ezingcolile ngephutha ngesikhathi sidlala umacashelana. Ngaqala ukuzibuka ngasese, kodwa ngangingaqondi ukuthi kungani zazingikhanga. Ngawuqala kanjalo lo mkhuba olimazayo owaqhubeka ngaze ngaba mdala.” Ucwaningo lubonisa ukuthi izithombe zobulili ezingcolile zingathonya intsha ukuba iqale ukuya ocansini isencane futhi iziphathe kabi, ibe nobudlova obuhambisana nocansi futhi ingazinzi ngokomzwelo nangokwengqondo.

IQINISO LIWUKUTHI: Izithombe zobulili ezingcolile zilimaza ubuhlobo obuhle futhi ekugcineni zilimaze inhliziyo zibangele nobuhlungu.—IzAga 6:27.

Lithini iBhayibheli ngezithombe zobulili ezingcolile?

IZWI LIKANKULUNKULU LITHI: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu . . . ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha, okuwukukhonza izithombe.”—Kolose 3:5.

Ngamafuphi nje, uJehovac uNkulunkulu uyazizonda izithombe zobulili ezingcolile. Lokhu akubangelwa ukuthi unenhlonipho eyedlulele ngocansi. Nguye owadala amandla ethu okuya ocansini futhi ehlose ukuba abantu abashadile bawasebenzisele ukujabulisana, basondelane ngokomzwelo futhi bahlanganyele ndawonye isimangaliso sokuletha abantwana emhlabeni.—Jakobe 1:17.

Kungani-ke, singasho kugcwale umlomo ukuthi uJehova uyazizonda izithombe zobulili ezingcolile? Nazi izizathu ezimbalwa.

  • Uyazi ukuthi izithombe zobulili ezingcolile zingonakalisa ukuphila kwabantu.—Efesu 4:17-19.

  • Uyasithanda futhi ufuna ukusivikela ekulimaleni.—Isaya 48:17, 18.

  • UJehova ufuna ukuvikela imishado nemindeni.—Mathewu 19:4-6.

  • Ufuna siziphathe ngendlela ehlanzekile futhi sihloniphe namalungelo abanye abantu.—1 Thesalonika 4:3-6.

  • Ufuna siwahloniphe amandla ethu okuzala futhi siwasebenzise ngendlela ehloniphekile.—Hebheru 13:4.

  • UJehova uyazi ukuthi izithombe zobulili ezingcolile zibonisa umbono osontekile ngocansi, owubugovu futhi owubusathane.—Genesise 6:2; Jude 6, 7.

IQINISO LIWUKUTHI: Izithombe zobulili ezingcolile zilimaza ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu.—Roma 1:24.

Nokho, uJehova uyabazwela kakhulu labo abafuna ukugqashula ezithombeni zobulili ezingcolile. IBhayibheli lithi: “UJehova unesihe futhi unomusa, uyephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:8, 14) Umema abathobekile ukuba beze kuye ukuze ‘bathole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.’—Hebheru 4:16; bheka ibhokisi elithi “Ukugqashula Ezithombeni Zobulili Ezingcolile.”

Abantu abaningi baye balwamukela usizo lukaNkulunkulu. Ingabe luyasebenza? Phawula lokho okushiwo iBhayibheli ngabathile abanqoba imikhuba emibi: “Seniye nagezwa nahlanzeka, . . . seniye nangcweliswa, . . . sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.” (1 Korinte 6:11) Njengomphostoli uPawulu, abanjalo bangase bathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.

USusan, owanqoba umkhuba wokubuka izithombe zobulili ezingcolile, uthi: “UJehova kuphela ongakusiza ugqashule. Uma ucela usizo nesiqondiso sakhe, ungamukeleka kuye. Ngeke akuphoxe.”

Ukugqashula Ezithombeni Zobulili Ezingcolile

Ingabe ukhona umuntu omaziyo okuthola kunzima ukugqashula ekubeni umlutha wezithombe zobulili ezingcolile? Nazi ezinye izinyathelo eziye zathathwa abaningi ukuze bagqashule kulo mkhuba.

1. Ukuthandaza kuNkulunkulu.

“Isinyathelo esibaluleke kunazo zonke sokunqoba ugibe lwezithombe zobulili ezingcolile ukucela usizo lukaJehova ngomthandazo.”—Franz.

UJehova anganika umuntu umoya ongcwele ongamsiza ukuba ‘athande futhi enze.’ (Filipi 2:13) Uma ewuvumela ukuba umhole, ungamsiza ukuba anqobe ‘izinkanuko nezifiso’ ezingafanele.—Galathiya 5:16, 24.

2. Ukucela usizo kwabanye.

“Ukuba umlutha wezithombe zobulili ezingcolile kuyinto efihlwayo neyihlazo futhi ngenxa yalokho ungase wesabe ukucela usizo. Ungase ucabange ukuthi ungakwazi ukuwunqoba uwedwa. Kodwa lokho akulona iqiniso. Ngeke uwunqobe lo mkhuba ngaphandle kosizo. Ngakho ngazehlisa ngatshela umkami. Ngacela nosizo kumngane engimethembayo. Kwakuyinto enzima kunazo zonke engake ngayenza, kodwa ngaluthola usizo engangiludinga.”—UYoshi.

Ukuthululela isifuba sakho kwabanye kuyodinga isibindi nokuzimisela. Noma kunjalo, kuyisinyathelo esibalulekile ukuze unqobe lo mkhuba futhi ulungise ubuhlobo bakho nabantu obathandayo. USusan okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Ngemva kokwenza lokho, umoya wami wakhululeka. Lezo zikhathi zazibuhlungu kakhulu, kodwa ekugcineni ngaba nomuzwa wokuthula nowokwamukelwa uNkulunkulu.”—Jakobe 5:16.

3. Ukuthola nokugwema izinto ezingabangela isilingo.

Iziphi izimo, imicabango, noma imizwelo evusa imizwa engafanele? Ingabe ukuphuma ungena ezingosini ze-Internet? Ukubuka izinhlelo ze-TV zasezinzulwini zobusuku? Ukufunda omagazini? Ukuvakashela ebhishi? Ukulamba, ukucasuka, ukuba wedwa noma ukukhathala? USven uthi, “Thola ukuthi buyini ubuthakathaka bakho, bese wenza konke okusemandleni ukuze ubugweme.” UJesu wathi: “Manje, uma lelo liso lakho lesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahle kude.”—Mathewu 5:29.

UFranz uthi, “Uma ngilingeka ukuba ngibuke owesifazane ngenkanuko, ngithandaza ngokushesha kuJehova bese ngibheka kwenye indawo.” Inzalamizi ethembekile yaseBhayibhelini uJobe yathi: “Ngenze isithembiso sokuba ngingayibuki intombazane ngiyikhanuke.”—Jobe 31:1, Today’s English Version.

4. Ukuqinisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu.

“Gcwalisa ingqondo yakho ngemicabango emihle futhi ukuphila kwakho makugcwale izinto zikaNkulunkulu,” kusho uFranz.

IBhayibheli lithi: “Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto. . . , khona-ke uNkulunkulu wokuthula uyoba nani.”—Filipi 4:8, 9.

a Amazwi athi “izithombe zobulili ezingcolile” abhekisela ezintweni eziveza ubulili ingcaca eziklanyelwe ukuvusa inkanuko kozibukayo, ozifundayo noma ozilalele. Zingahlanganisa izithombe, okubhaliwe noma okulalelwayo.

b Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

c IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

AMAQINISO NGEZITHOMBE ZOBULILI EZINGCOLILE

UMZUZWANA NGAMUNYE: Abantu abangaba ngu-30,000 bangena ezingosini zezithombe zobulili ezingcolile.

UMZUZU NGAMUNYE: Abantu abasebenzisa i-Internet bathumela ama-e-mail ezithombe zobulili ezingcolile angaphezu KWEZIGIDI EZINGU-1.7.

IHORA NGALINYE: Kwenziwa ama-video angaba MABILI ezithombe zobulili ezingcole ngokwedlulele e-United States.

NSUKU ZONKE: Ngokwesilinganiso, kubolekwa amabhayisikobho ezithombe zobulili ezingcolile angaphezu KWEZIGIDI EZIMBILI ezindaweni ezibolekisayo e-United States nje kuphela.

INYANGA NGAYINYE: Abafana abacishe babe ngu-9 kwabangu-10 namanto-mbazane angu-3 kwangu-10 e-United States babuka izithombe zobulili ezingcolile.

UNYAKA NGAMUNYE: Imboni yezithombe zobulili ezingcolile emhlabeni wonke yenza cishe IZINKULUNGWANE EZIYIZIGIDI EZINGU-800 ZAMARANDI.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela