Izintshumayelo Ezisikiselwe
INqabayokulinda August 1
“Sihambele omakhelwane bethu kafushane ukuze sixoxe ngenkinga sonke esibhekana nayo. Enye yezinto okunzima kakhulu ukubhekana nazo ukufelwa umuntu omthandayo. Akunjalo? [Lindela impendulo]. Phawula la mazwi akhuthazayo ashiwo iBhayibheli. [Funda isAmbulo 21:3, 4.] IBhayibheli lisithembisa ukuthi ngolunye usuku abantu esibathandayo asebafa bazovuka. Lo magazini uchaza indlela lokhu okuzokwenzeka ngayo.”
Phaphama! August
“Sibonisa omakhelwane bethu isihloko esikhuluma ngendlela amangqamuzana asemizimbeni yethu aqukethe ngayo ulwazi oluningi. [Mbonise isembozo se-Phaphama!] Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukuphila kwazivelela, kodwa abanye banomuzwa wokuthi kwadalwa. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngezinto ezitholwe ososayensi ngendlela amangqamuzana asemzimbeni wethu ayinkimbinkimbi ngayo, okwenze abanye ososayensi bazibuza ukuthi ukhona yini owadala ukuphila.”
Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
“Sixoxa kafushane nomakhelwane bethu ngokuthile okuseBhayibhelini. Abaningi esikhuluma nabo bayazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu onothando evumela ukuhlupheka okungaka emhlabeni. Ucabanga ukuthi ukuhlupheka kwakuyinjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni lapho edala umhlaba?” Lindela impendulo. Vula iSifundo 5, fundani futhi nixoxe ngezigaba ezimbili zokuqala nemiBhalo engomalukeke, yibe usumnika incwajana.