Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
AUGUST 1-7
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 87-91
“Hlala Endaweni Esithekile YoPhezukonke”
(IHubo 91:1, 2) Noma ubani ohlala endaweni esithekile yoPhezukonke Uyozitholela indawo yokungenisa khona impela phansi komthunzi woMninimandla onke. 2 Ngizothi kuJehova: “Wena uyisiphephelo sami nenqaba yami, UNkulunkulu wami, engiyothembela kuye.”
Niyemukelwa Endleleni Yokuphila Engcono Kakhulu!
Siphephile “Endaweni Esithekile”
10 Ukuzinikezela nokubhapathizwa kuholela nakwesinye isibusiso esicebile—ilungelo lokuhlala “endaweni esithekile yoPhezukonke.” (Funda iHubo 91:1.) Lena indawo engokomfanekiso ephephile nelondekile—isimo sokuvikeleka ekulimaleni okungokomoya. ‘Iyindawo efihlekile’ ngoba abantu abangenawo umbono ongokomoya nabangathembeli kuNkulunkulu abayazi. Lapho siphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuJehova futhi sibonisa ukuthi simethemba ngokuphelele, empeleni sisuke sithi kuye: “Wena uyisiphephelo sami nenqaba yami, uNkulunkulu wami, engiyothembela kuye.” (IHu. 91:2) UJehova uNkulunkulu uba yindawo yethu yokuhlala elondekile. (IHu. 91:9) Ukhona ongafuna okungaphezu kwalokhu?
11 Ukungeniswa “endaweni esithekile” kaJehova kusho nokuthi siye sabusiswa ngelungelo lokuba nobuhlobo bomuntu siqu naye. Lokhu kuqala ngokuzinikezela nokubhapathizwa. Ngemva kwalokho, sibe sesibuthuthukisa lobo buhlobo bethu naye ngokusondelana naye ngokutadisha iBhayibheli, ngokuthandaza ngobuqotho nangokumlalela ngokugcwele. (Jak. 4:8) Akekho oye wasondelana kakhulu noJehova ukudlula uJesu, ongazange nanini antengantenge ekuthembeleni kwakhe kuMdali. (Joh. 8:29) Ngakho-ke, masingalokothi singabaze uJehova noma isifiso namandla akhe okusisiza ukuba sifeze isifungo sethu sokuzinikezela. (UmSh. 5:4) Amalungiselelo angokomoya uNkulunkulu awenzele abantu bakhe awubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi usithanda ngempela futhi ufuna siphumelele ekumkhonzeni.
(IHubo 91:3) Ngoba yena uyokukhulula esicuphweni somcuphi wezinyoni, Esifweni esiwumshayabhuqe esibangela izinhlupheko.
Ukukhululwa Ezicuphweni Zomcuphi Wezinyoni
WONKE amaKristu eqiniso abhekene nomzingeli onokuhlakanipha nobuqili obungaphezu kobomuntu. IHubo 91:3 limbiza ngokuthi ‘umcuphi wezinyoni.’ Singubani lesi sitha? Kusukela kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-June 1, 1883, lo magazini uye wathi singuSathane uDeveli uqobo lwakhe. Lesi sitha esinamandla sizama ngobuqili ukudukisa nokubamba abantu bakaJehova njengomcuphi wezinyoni ozama ukubamba izinyoni.
2 Endulo izinyoni zazibanjelwa umculo wazo omnandi, izimpaphe zazo ezimibalabala nokuba zidliwe futhi zenziwe umhlatshelo. Nokho, ngokwemvelo izinyoni ziyizidalwa ezihlakaniphile, ezisheshe ziyibone ingozi nokunzima ukuzibamba. Ngakho, ngezikhathi zeBhayibheli umcuphi wezinyoni wayeqale atadishe ngokucophelela izici nemikhuba yohlobo lwezinyoni ayefuna ukuzibamba. Wayebe esenza izindlela zobuqili ukuze azibambe. Lapho iBhayibheli lifanisa uSathane nomcuphi wezinyoni, lisisiza ukuba siqonde izindlela zakhe. USathane usitadisha ngabanye. Ubhekisisa imikhuba nezimfanelo zethu abese ebeka izicupho ezicashile ukuze asibambe siphila. (2 Thimothewu 2:26) Ukubanjwa nguye kungasho ukulimala ngokomoya futhi ekugcineni kungaholela ekubhujisweni. Ngakho, ukuze sivikeleke, kudingeka sazi amaqhinga ahlukahlukene alo ‘mcuphi wezinyoni.’
3 Esebenzisa umfanekiso ocacile, umhubi ufanisa amaqhinga kaSathane nawebhongo lengonyama noma awemfezi. (IHubo 91:13) Njengengonyama, ngezinye izikhathi uSathane uhlasela abantu bakaJehova ngokuqondile ngokusebenzisa ohulumeni noma ngokubashushisa. (IHubo 94:20) Lokhu kuhlasela okunjengokwengonyama kungawisa abambalwa. Nokho, lapho ehlasela ngokuqondile ngokuvamile isikhuni sibuya nomkhwezeli futhi kwenze abantu bakaNkulunkulu babe munye. Kodwa kuthiwani ngezindlela zokuhlasela zikaSathane ezithe ukucasha, ezinjengezemfezi?
4 UDeveli usebenzisa ukuhlakanipha kwakhe okungaphezu kokomuntu ukuze ahlasele ngobuqili futhi abulale kuhle kwenyoka enobuthi egadla isendaweni ecashile. Esebenzisa le ndlela, uye waphumelela ukonakalisa izingqondo zabantu bakaNkulunkulu abathile, ebakhohlisa ukuba benze intando yakhe kunokwenza ekaJehova, kwaba nemiphumela edabukisayo. Siyajabula ngokuthi asibona abangenalwazi ngamacebo akhe. (2 Korinte 2:11) Manje masixoxe ngezine zezicupho eziyingozi ezisetshenziswa yilo “mcuphi wezinyoni.”
Ukwesaba Abantu
5 Lo ‘mcuphi wezinyoni’ uyasazi isifiso somuntu esingokwemvelo sokufuna ukwamukelwa abanye. AmaKristu ayayikhathalela imicabango nemizwa yabantu aphila nabo. Njengoba uDeveli ekwazi lokhu, angathanda ukusizakala ngokukhathalela kwawo lokho abantu abakucabangayo ngawo. Ngokwesibonelo, uwisa abathile kubantu bakaNkulunkulu ngogibe ‘lokwesaba abantu.’ (IzAga 29:25) Uma izinceku zikaNkulunkulu zihlanganyela nabanye ekwenzeni izinto uJehova azenqabelayo noma zingakwenzi okuyalwa iZwi likaNkulunkulu ngenxa yokuthi zesaba abantu, zisuke sezibanjwe ‘umcuphi wezinyoni.’—Hezekeli 33:8; Jakobe 4:17.
6 Ngokwesibonelo, osemusha angase avumele ukucindezelwa afunda nabo esikoleni futhi abheme ugwayi. Ukubhema kungase kube into ayengayicabangi nakuyicabanga lapho eya esikoleni ngalolo suku. Nokho, uzithola esenza into eyingozi empilweni yakhe nedumaza uNkulunkulu. (2 Korinte 7:1) Walingeka kanjani? Mhlawumbe wazihlanganisa nabangane abangalungile futhi wesaba ukuthi bazomhleka. Basha, ningavumi ukuyengwa nokubanjwa ‘umcuphi wezinyoni’! Ukuze nigweme ukubanjwa niphila, qaphani ukuyekethisa ngisho nasezintweni ezincane. Lalelani isixwayiso seBhayibheli sokugwema abangane ababi.—1 Korinte 15:33.
7 Abazali abangamaKristu aqotho bawuthatha ngokungathí sina umthwalo wabo wemfanelo ongokomBhalo wokondla imikhaya yabo. (1 Thimothewu 5:8) Nokho, injongo kaSathane iwukwenza amaKristu angalinganiseli kule ndaba. Mhlawumbe asekwenza umkhuba ukungabi khona emihlanganweni ngoba avumela ukucindezelwa abaqashi bawo ukuba asebenze isikhathi esengeziwe. Angase esabe ukucela isikhathi sokuba khona zonke izinsuku zomhlangano wesigodi ukuze akhulekele uJehova ekanye nabafowabo. Isivikelo sokumelana nalolu gibe ‘siwukuthembela kuJehova.’ (IzAga 3:5, 6) Ngaphezu kwalokho, ukukhumbula ukuthi sonke singamalungu omkhaya kaJehova nokuthi uzibophile ngokwakhe ukuba asinakekele kuyosisiza ukuba sihlale silinganisela. Bazali, ninalo yini ukholo lokuthi uJehova uyoninakekela ngandlela-thile nina nemikhaya yenu lapho nenza intando yakhe? Noma, ingabe uDeveli uyonibamba niphila anibangele ukuba nenze intando yakhe ngenxa yokwesaba abantu? Sininxusa ukuba nicabange ngale mibuzo ngosizo lomthandazo.
Ugibe Lwezinto Ezibonakalayo
8 USathane usebenzisa nokuyenga kwezinto ezibonakalayo ukuze asibambe. Isimiso saleli zwe sezentengiselwano sivame ukukhuthaza izinhlelo zomaceba-ngelanga ezingase zikhohlise ngisho nabanye babantu bakaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi abantu bangase bakhuthazwe: “Zikhandle. Kuzothi lapho usumi kahle ngokwezimali, bese uyakhululeka ujabulele ukuphila. Ungaba nayiphayona.” Abathile abaxhaphaza abafowethu ngokwezimali ebandleni lobuKristu bangase basho la mazwi abonisa ukucabanga okungalinganiseli. Cabanga ngokucophelela ngaleso sikhuthazo. Asifani yini nokucabanga kwendoda ecebile ‘engenangqondo’ emzekelisweni kaJesu?—Luka 12:16-21.
9 USathane usebenzisa isimiso sakhe esibi ngendlela eyenza abantu bafise izinto. Ekugcineni leso sifiso singakuthikameza kakhulu ukuphila komKristu, siminyanise izwi futhi silenze “lingatheli.” (Marku 4:19) IBhayibheli lisikhuthaza ukuba saneliswe ukudla nezambatho. (1 Thimothewu 6:8) Nokho, abaningi babanjwa ‘umcuphi wezinyoni’ ngoba abasisebenzisi kubo ngokwabo leso seluleko. Kungenzeka yini ukuthi ukuqhosha kubenza bacabange ukuthi kumelwe banamathele endleleni ethile yokuphila? Kuthiwani ngathi? Ingabe isifiso sethu sokuba nezinto sisenza senze ukukhulekela kweqiniso kuze kamuva? (Hagayi 1:2-8) Kuyadabukisa ukuthi lapho bedonsa kanzima ngokwezimali, abanye baye badela ingokomoya labo ukuze balondoloze izinga lokuphila asebelijwayele. Isimo sengqondo esinjalo sokuthanda izinto ezibonakalayo siyamjabulisa ‘umcuphi wezinyoni’!
Ugibe Lokuzijabulisa Okungcolile
10 Elinye iqhinga ‘lomcuphi wezinyoni’ liwukwenza buthaka umuzwa wabantu ongokwemvelo wokuhle nokubi. Isimo sengqondo esifana nesaseSodoma naseGomora siye salawula ingxenye enkulu yomkhakha wezokuzijabulisa. Ngisho nemibiko yezindaba kuthelevishini nakomagazini iqokomisa ubudlova futhi ivuse inkanuko yobulili engcolile. Okuningi okubonakala kuwukuzijabulisa kumathelevishini nakomagazini kufiphaza ikhono labantu ‘lokuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Nokho, khumbula amazwi kaJehova awasho ngomprofethi u-Isaya: “Maye kulabo abathi okuhle kubi nokubi kuhle!” (Isaya 5:20) Ingabe ‘umcuphi wezinyoni’ usekuthonye ngobuqili ukucabanga kwakho ngokuzijabulisa okunjalo okungcolile? Kudingeka umuntu azihlole.—2 Korinte 13:5.
11 Cishe eminyakeni engaba ngu-25 edlule, ngothando INqabayokulinda yaxwayisa abakhulekeli bakaNkulunkulu ngemidlalo ye-TV ewuchungechunge. Nakhu okwaphawulwa ngethonya elicashile lemidlalo ethandwayo ye-TV ewuchungechunge: “Ukufuna uthando kusetshenziselwa ukuthethelela noma yikuphi ukuziphatha. Ngokwesibonelo, omunye osemusha ongashadile okhulelwe uthi kumngane wakhe: ‘Kodwa ngiyamthanda uVictor. Anginandaba. . . . Ukuba nengane yakhe kusho okukhulu kimi!’ Umculo . . . osholo phansi wenza kube nzima ukubheka inkambo yakhe njengembi kakhulu. Nawe futhi uyamthanda uVictor. Uyayizwela intombazane. ‘Uyaqonda.’ ‘Kuyamangalisa ukuthi ungase ukuthethelele kanjani,’ kusho esinye isibukeli kamuva esaqondisa ukucabanga kwaso. ‘Siyazi ukuthi ukuziphatha okubi akulungile. . . . Kodwa ngaqaphela ukuthi ngengqondo ngangihlanganyela.’”
12 Kusukela kwanyatheliswa lezo zihloko, lolu hlobo lwezinhlelo ezonakalisa inhliziyo seluxhaphakile. Ezindaweni eziningi, izinhlelo ezinjalo zisakazwa ubusuku nemini. Amadoda, abesifazane nentsha eningi bavame ukondla izingqondo nezinhliziyo zabo ngokuzijabulisa okunjalo. Nokho, thina akumelwe sizikhohlise ngokucabanga okuyiphutha. Kungaba yiphutha ukucabanga ukuthi ukuzijabulisa okungcolile akukubi njengalokho esikubona ngokoqobo ezweni. Ingabe umKristu ngempela angakuthethelela ukukhetha ukujatshuliswa uhlobo lwabantu angeke acabange ukulumemela ekhaya?
13 Abaningi bazuza ngokulalela leso sixwayiso esakhishwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Ngemva kokufunda leso seluleko esicacile nesisekelwe eBhayibhelini, abanye babhala besho indlela lezi zihloko ezabathinta ngayo. Omunye wavuma: “Iminyaka engu-13 ngangiphila ngokubuka imidlalo ye-TV ewuchungechunge. Ngangicabanga ukuthi ngiphephile ngokumane ngiye emihlanganweni yobuKristu nangokuya enkonzweni yasensimini ngezinye izikhathi. Kodwa ngafunda umbono wezwe wemidlalo ye-TV ewuchungechunge wokuthi uma umyeni wakho ekuphatha kabi noma uzizwa ungathandwa, unesizathu sokuphinga ngoba nguye okubangele. Futhi lapho ngizizwa ‘nginesizathu’ sokuphinga, ngayilandela le nkambo embi futhi ngona kuJehova nakumngane wami womshado.” Lona wesifazane wasuswa ekuhlanganyeleni nebandla. Ngokuhamba kwesikhathi, wasanguluka, waphenduka futhi wabuyiselwa ebandleni. Izihloko ezazixwayisa ngemidlalo ye-TV ewuchungechunge zamnika amandla okuba enqabe ukujatshuliswa yilokho uJehova akuzondayo.—Amose 5:14, 15.
14 Omunye umfundi okuphila kwakhe kwathinteka wathi: “Ngakhala ngenkathi ngifunda lezi zihloko, ngoba ngathola ukuthi inhliziyo yami yayingasaphelele kuJehova. Ngathembisa uNkulunkulu wami ukuthi ngeke ngiphinde ngibe yisigqila sale midlalo.” Ngemva kokubonisa ukwazisa ngalezi zihloko, omunye owesifazane ongumKristu wavuma ukuthi wayeluthekile futhi wabhala: “Ngazibuza . . . ukuthi ubuhlobo bami noJehova babungathinteka yini. [Abadlali bale midlalo] babengaba kanjani abangane bami ngibe ngingumngane kaJehova?” Uma le midlalo ye-TV yayonakalisa izinhliziyo eminyakeni engu-25 edlule, inaliphi ithonya namuhla? (2 Thimothewu 3:13) Kumelwe sisiqaphele isicupho sikaSathane sazo zonke izinhlobo zokuzijabulisa okungcolile, kungakhathaliseki ukuthi imidlalo ye-TV ewuchungechunge, imidlalo yama-video enobudlova noma ama-video omculo anokuziphatha okubi.
Isicupho Sokungezwani
15 USathane usebenzisa ukungezwani njengesicupho ukuze abangele ukwahlukana phakathi kwabantu bakaJehova. Kungakhathaliseki ukuthi sinamaphi amalungelo enkonzo, lesi sicupho singasibamba. Abanye babanjwa uDeveli bephila ngoba bavumela ukungezwani kuphazamise ukuthula nobunye kanye nepharadesi elingokomoya elenziwe uJehova.—IHubo 133:1-3.
16 Phakathi neMpi Yezwe I, uSathane wazama ukubhubhisa ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova ngokuyihlasela ngokuqondile, kodwa akazange aphumelele. (IsAmbulo 11:7-13) Kusukela ngaleso sikhathi, ubelokhu ezama ngobuqili ukuphazamisa ubunye bethu. Uma sivumela ukungezwani kubangele ukwahlukana, sisuke sesimnike ithuba ‘umcuphi wezinyoni.’ Lokho kungasenza sithiye umoya ongcwele ungagelezi ngokukhululekile ekuphileni kwethu nasebandleni. Uma lokho kungase kwenzeke, uSathane angajabula ngoba noma ikuphi ukuphazamiseka kokuthula nobunye bebandla kuphazamisa umsebenzi wokushumayela.—Efesu 4:27, 30-32.
17 Yini ongayenza uma kukhona ukungezwani phakathi kwakho nomunye umKristu? Yiqiniso, izimo ziyehluka. Nokho, nakuba kungase kube nezizathu eziningi ezenza kube nezinkinga, asikho isizathu sokuba ukungezwani kungalungiswa. (Mathewu 5:23, 24; 18:15-17) Iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu siphefumulelwe, siphelele. Lapho zisetshenziswa, izimiso zeBhayibheli akwenzeki zingaphumeleli. Zisebenza ngaso sonke isikhathi!
18 UJehova “ukulungele ukuthethelela,” futhi “unentethelelo yeqiniso.” (IHubo 86:5; 130:4) Lapho simlingisa sibonisa ukuthi singabantwana bakhe abathandekayo. (Efesu 5:1) Sonke siyizoni futhi siyidinga kakhulu intethelelo kaJehova. Ngakho, kumelwe siqaphele uma sizizwa singathandi ukuthethelela othile. Singase sifane nenceku emzekelisweni kaJesu eyenqaba ukuthethelela enye inceku eyayiyikweleta okuncane kakhulu uma kuqhathaniswa nalokho yona eyayikukweleta inkosi kodwa yayithethelela. Lapho inkosi itshelwa lokhu, yafaka le nceku engathetheleli etilongweni. UJesu waphetha umzekeliso ngokuthi: “UBaba osezulwini naye uyosebenzelana nani ngendlela efanayo uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo ngokusuka enhliziyweni.” (Mathewu 18:21-35) Ukuzindla ngalowo mfanekiso nokucabangisisa ngokuthi ziningi kangakanani izikhathi uJehova aye wasithethelela ngazo ngokukhululekile, ngokuqinisekile kuyosisiza lapho sizama ukulungisa ukungezwani nabafowethu!—IHubo 19:14.
(IHubo 91:9-14) Ngoba uthé: “UJehova uyisiphephelo sami,” Wenzé oPhezukonke waba yindawo yakho yokuhlala; 10 Akukho nhlekelele eyokwehlela,Ngisho nenhlupho ngeke isondele etendeni lakho. 11 Ngoba uyoyaleza izingelosi zakhe ngokuphathelene nawe, Ukuba zikuqaphe kuzo zonke izindlela zakho. 12 Ziyokuthwala ngezandla zazo, Ukuze ungaluqhuzuli unyawo lwakho kunoma yiliphi itshe. 13 Uyonyathela ibhongo lengonyama nemfezi; Uyonyathela ibhongo lengonyama elinomhlwenga nenyoka enkulu. 14 Ngoba ungithandile, Ngizomenzela nendlela yokuphunyuka. Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami.
Ukuba OkaJehova Kuwumusa Ongafanelwe
13 UJehova ubavikela kanjani abantu bakhe kulezi zingozi ezingokomoya? Ihubo lithi: “Uyoyaleza izingelosi zakhe ngokuphathelene nawe, ukuba zikuqaphe kuzo zonke izindlela zakho.” (IHu. 91:11) Izingelosi ziyasiqondisa futhi zisivikele ukuze sikwazi ukushumayela izindaba ezinhle. (IsAm. 14:6) Ukunezela ezingelosini, abadala abangamaKristu bayasivikela ekukhohlisweni ukucabanga okuyiphutha ngokunamathela emiBhalweni lapho befundisa. Bangasiza noma ubani ozabalazela ukunqoba izimo zengqondo zezwe. (Thithu 1:9; 1 Pet. 5:2) Ngaphezu kwalokho, “inceku ethembekileyo neqondayo” ilungiselela ukudla okungokomoya kokusivikela emfundisweni yokuziphendukela kwemvelo, ekuyengweni izifiso zokuziphatha okubi, ekuphishekeleni ingcebo nodumo nakwezinye izifiso namathonya amaningi ayingozi. (Math. 24:45) Yini eye yakusiza ukuba umelane nezinye zalezo zingozi?
14 Yini okumelwe siyenze ukuze sihlale “endaweni esithekile” kaNkulunkulu yesivikelo? Njengoba nje kudingeka sizivikele njalo ezimweni eziyingozi, njengezingozi, izinswelaboya, noma izifo ezithathelwanayo, kumelwe siqhubeke sizivikela ezingozini ezingokomoya. Yingakho kufanele sisisebenzise njalo ngokunenzuzo isiqondiso uJehova asinikeza sona ezincwadini zethu nasemihlanganweni yebandla nakwemikhulu. Sifuna iseluleko sabadala. Kakade, asizuzi yini ezimfanelweni ezibonakaliswa abafowethu nodadewethu abangokomoya? Ngempela, ubudlelwane bethu nebandla busisiza ukuba sihlakaniphe.—IzAga 13:20; funda eyoku-1 Petru 4:10.
UJehova Uyisiphephelo Sethu
‘Asiyikwehlelwa Ngokubi’
13 Nakuba ukulondeka kunyamalala kuleli zwe, thina sibeka uNkulunkulu kuqala, futhi la mazwi omhubi asimisa isibindi: “Ngokuba uthi: Jehova, uyisiphephelo sami; oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho. Awuyikwehlelwa ngokubi, nesifo asiyikusondela etendeni lakho.” (IHubo 91:9, 10) Yebo, uJehova uyisiphephelo sethu. Nokho, uNkulunkulu oPhezukonke simenza abe ‘nayinqaba yethu’ esithola kuyo ukuphepha. Sidumisa uJehova njengeNkosi EnguMbusi, ‘siphephele’ kuye njengoMthombo wokulondeka kwethu futhi simemezele izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. (Mathewu 24:14) Ngakho-ke, ‘asiyikwehlelwa ngokubi’—akukho lutho olubi oluyosehlela kulokhu okubalwe ngaphambili kuleli hubo. Yize kusehlela kanye nabanye okubi okunjengokuzamazama komhlaba, iziphepho, izikhukhula, indlala nezimpi, lokhu akulubulali ukholo lwethu noma kususe ukulondeka kwethu okungokomoya.
14 AmaKristu agcotshiwe anjengezakhamuzi ezingabafokazi ezihlala ematendeni, ezihlukile kulesi simiso sezinto. (1 Petru 2:11) ‘Nesifo asisondeli etendeni labo.’ Kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu lingelasezulwini noma emhlabeni, asiyona ingxenye yezwe, futhi azisithonyi izifo ezibulalayo ngokomoya ezinjengokuziphatha kwalo okubi, ukuthanda izinto ezibonakalayo, inkolo yamanga nokukhulekela “isilo sasendle” ‘nomfanekiso’ waso, iZizwe Ezihlangene.—IsAmbulo 9:20, 21; 13:1-18; Johane 17:16.
15 Mayelana nesivikelo esisijabulelayo, umhubi uyanezela: “[UJehova] uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke. Ziyakukuthwala ngezandla, ungaqhuzuki ngonyawo lwakho etsheni.” (IHubo 91:11, 12) Izingelosi zinikwe amandla okusivikela. (2 AmaKhosi 6:17; IHubo 34:7-9; 104:4; Mathewu 26:53; Luka 1:19) Ziyasilonda ‘ezindleleni zethu zonke.’ (Mathewu 18:10) Njengabamemezeli boMbuso, siqondiswa futhi sivikelwe yizingelosi, singaqhuzuki ngokomoya. (IsAmbulo 14:6, 7) Ngisho ‘namatshe’ anjengokuvinjelwa komsebenzi wethu awasiqhuzuli bese silahlekelwa umusa waphezulu.
16 Umhubi uyaqhubeka: “Uyakunyathela [“ibhongo lengonyama,” NW] nebululu, unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.” (IHubo 91:13) Njengoba nje ibhongo lengonyama lihlasela ngokuqondile ngendlela esobala, ezinye zezitha zethu zibonisa obala ukuthi ziphikisana nathi ngokushaya imithetho eklanyelwe ukuvimba umsebenzi wethu wokushumayela. Kodwa sihlaselwa nangokungalindelekile njengebululu elihlasela lisendaweni ecashile. Ngezinye izikhathi abefundisi basihlasela becashile besebenzisa abashayi bemithetho, amajaji nabanye. Kodwa ngokusekela kukaJehova, sifuna ukulungisa izinto ngokuthula ezinkantolo, kanjalo ‘sivikele futhi simise izindaba ezinhle ngokomthetho.’—Filipi 1:7; IHubo 94:14, 20-22.
17 Umhubi ukhuluma ngokunyathela phansi “ibhongo lengonyama nodrako.” Ibhongo lengonyama lingaba nolaka kakhulu, futhi udrako uyisilwane esikhulu. (Isaya 31:4) Nokho, kungakhathaliseki ukuthi lingaba nolaka kangakanani ibhongo lengonyama lapho lihlasela ngokuqondile, silinyathela phansi ngokomfanekiso ngokulalela uNkulunkulu kunabantu noma izinhlangano ezinjengezingonyama. (IzEnzo 5:29) Ngakho ‘ingonyama’ ewusongo ayisilimazi ngokomoya.
18 Elithi “udrako” evesini 13 lisikhumbuza “udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane.” (IsAmbulo 12:7-9; Genesise 3:15) Unjengesilwane esikhulu esikwazi ukubaqaza nokuginga ukudla kwaso. (Jeremiya 51:34) Lapho uSathane ezama ukuzithandela kithi, asibaqaze ngezingcindezi zaleli zwe futhi asiginge, masiphunyule futhi simnyathele lo “drako.” (1 Petru 5:8) Insali egcotshiwe kumelwe ikwenze lokhu ukuze ihlanganyele ekugcwalisekeni kweyamaRoma 16:20.
UJehova—Umthombo Wensindiso Yethu
19 Mayelana nomkhulekeli weqiniso, umhubi umelela uNkulunkulu ethi: “Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.” (IHubo 91:14) Inkulumo ethi “ngiyamphakamisa” ngokwezwi nezwi isho ukuthi, “ngiyombeka phezulu,” okungukuthi, endaweni engafinyeleleki. Siphephela kuJehova njengabakhulekeli bakhe ikakhulu ngenxa yokuthi ‘sinamathele kuye.’ (Marku 12:29, 30; 1 Johane 4:19) UNkulunkulu ube ‘esesikhulula’ ezitheni zethu. Ngeke neze siqothulwe emhlabeni. Kunalokho, siyosindiswa ngoba siyalazi igama laphezulu futhi silibiza ngokholo. (Roma 10:11-13) Futhi sizimisele ‘ukuhamba egameni likaJehova kuze kube phakade.’—Mika 4:5; Isaya 43:10-12.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(IHubo 89:34-37) Ngeke ngisingcolise isivumelwano sami, Namazwi aphuma ezindebeni zami ngeke ngiwashintshe. 35 Ngifungé kanye ebungcweleni bami, Ngeke ngiwaqambe amanga kuDavide. 36 Inzalo yakhe iyohlala kuze kube nini nanini, Nesihlalo sakhe sobukhosi siyohlala njengelanga phambi kwami. 37 Siyomiswa siqine njengenyanga kuze kube nini nanini, Nanjengofakazi othembekile esibhakabhakeni.” Sela.
Yiba Nokholo Olungenakunyakaziswa EMbusweni
14 Cabanga ngalokho uJehova akuthembisa iNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo ngesivumelwano sikaDavide. (Funda eyesi-2 Samuweli 7:12, 16.) UJehova wenza lesi sivumelwano noDavide ngesikhathi uDavide ebusa eJerusalema, wamthembisa ukuthi uMesiya wayeyovela ohlwini lozalo lwakhe. (Luka 1:30-33) Ngakho, uJehova waqhubeka eveza uhlu lwale nzalo futhi waqinisekisa ukuthi othile oyindlalifa kaDavide wayeyothola ‘ilungelo elingokomthetho’ lesihlalo sobukhosi soMbuso KaMesiya. (Hez. 21:25-27) NgoJesu, ubukhosi bukaDavide ‘buyomiswa buqine kuze kube nini nanini.’ Impela, inzalo kaDavide “iyohlala kuze kube nini nanini, nesihlalo sakhe sobukhosi siyohlala njengelanga.” (IHu. 89:34-37) Yebo, ukubusa kukaMesiya akusoze konakala, futhi lokho okuzokufeza kuyohlala phakade!
‘Ufakazi Othembekile Esibhakabhakeni’
Eminyakeni engaphezu kwengu-3 000 edlule, uJehova uNkulunkulu wenza isivumelwano soMbuso nenkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide. (2 Samuweli 7:12-16) Injongo yaleso sivumelwano kwakuwukubekela uJesu Kristu isisekelo esingokomthetho sokubusa kuze kube phakade njengendlalifa kaDavide. (Isaya 9:7; Luka 1:32, 33) Ebhekisela esihlalweni sobukhosi ‘senzalo’ kaDavide, umhubi wahlabelela: “Siyomiswa siqine njengenyanga kuze kube nini nanini, nanjengofakazi othembekile esibhakabhakeni.”—IHubo 89:36, 37.
‘Inkanyiso ebusa ubusuku’—inyanga—iyisikhumbuzo esifanelekayo sokuthi uKristu uyobusa phakade. (Genesise 1:16) Ngokuqondene nalowo Mbuso, uDaniyeli 7:14 uthi: “Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.” Inyanga ingufakazi osikhumbuza lowo Mbuso nezibusiso oyozilethela isintu.
(IHubo 90:10) Ngokwazo, izinsuku zeminyaka yethu ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa; Uma kungenxa yamandla akhethekile, ziyiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, Nokho ukuphikelela kwazo kusezinkathazweni nasezintweni ezilimazayo; Ngoba kumelwe kudlule masinyane, futhi sindize simuke.
(IHubo 90:12) Sibonise ukuthi singazibala kanjani izinsuku zethu ngaleyo ndlela Ukuze sikwazi ukungenisa inhliziyo enokuhlakanipha.
Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesithathu NeYesine YamaHubo
90:10, 12. Njengoba ukuphila kukufushane, kufanele ‘sibale izinsuku zethu.’ Kanjani? Ngokungenisa “inhliziyo enokuhlakanipha,” noma ngokubonisa ukuhlakanipha ukuze singazisebenzisi kabi izinsuku zethu ezisele, kodwa sizisebenzise ngendlela ejabulisa uJehova. Lokhu kufuna ukuba sibeke izinto ezingokomoya kuqala futhi sisebenzise isikhathi sethu ngokuhlakanipha.—Efesu 5:15, 16; Filipi 1:10.
UJehova Usibonisa Indlela Yokubala Izinsuku Zethu
19 Amazwi omhubi awumthandazo wokucela ukuba uJehova afundise abantu bakhe indlela yokubonisa ukuhlakanipha ngokwazisa izinsuku zabo ezisele nangokuzisebenzisa ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu. Ukuphila kweminyaka engu-70 kunezinsuku ezingaba ngu-25 500. Nokho, kungakhathaliseki ubudala bethu, ‘asazi ukuthi ukuphila kwethu kuyoba yini kusasa, ngoba siyinkungu ebonakala isikhathi esincane bese inyamalala.’ (Jakobe 4:13-15) Njengoba ‘sonke sihlangabezana nesikhathi nethuba,’ asinakusho ukuthi sisazophila isikhathi eside kangakanani. Ngakho-ke, masithandazele ukuhlakanipha kokubhekana nokulingwa, siphathe abanye kahle futhi senze okusemandleni ethu enkonzweni yethu njengamanje—namuhla! (UmShumayeli 9:11; Jakobe 1:5-8) UJehova usiqondisa ngeZwi lakhe, umoya wakhe nenhlangano yakhe. (Mathewu 24:45-47; 1 Korinte 2:10; 2 Thimothewu 3:16, 17) Ukusebenzisa ukuhlakanipha kusishukumisela ukuba ‘sifune kuqala uMbuso kaNkulunkulu’ futhi sisebenzise izinsuku zethu ngendlela eletha inkazimulo kuJehova futhi ithokozise inhliziyo yakhe. (Mathewu 6:25-33; IzAga 27:11) Yiqiniso, ukumkhulekela ngenhliziyo yonke ngeke kususe zonke izinkinga zethu, kodwa ngokuqinisekile kuphumela enjabulweni enkulu.
AUGUST 8-14
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 92-101
“Ukuchuma Ngokomoya Ebumpungeni”
(IHubo 92:12) Olungileyo uyoqhakaza njengomuthi wesundu; Uyokhula njengomsedari eLebhanoni.
‘Ukuchuma Nasebumpungeni’
ABANTU abaningi emazweni aseMediterranean batshala amasundu emagcekeni abo. Le mithi idume ngobuhle bayo nangezithelo zayo ezimnandi. Ngaphezu kwalokho, iqhubeka ithela iminyaka engaphezu kwekhulu.
Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni, yachaza sankondlo ukubukeka kwentombazane enhle yomShulamiti njengokomuthi wesundu. (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 7:7) Incwadi ethi Plants of the Bible ithi: “Igama lesiHebheru lomuthi wesundu lithi ‘tàmâr.’ . . . KumaJuda waba uphawu lobuhle nokubukeka futhi abesifazane abaningi babeqanjwa ngawo.” Ngokwesibonelo, udadewabo kaSolomoni ngamzali munye owayemuhle wayebizwa ngokuthi uThamari. (2 Samuweli 13:1) Abanye abazali basawaqamba kanjalo amadodakazi abo.
Akubona abesifazane abahle bodwa abafaniswa nomuthi wesundu. Umhubi wahlabelela: “Olungileyo uyoqhakaza njengomuthi wesundu; uyokhula njengomsedari eLebhanoni. Labo abatshalwé endlini kaJehova, emagcekeni kaNkulunkulu wethu, bayoqhakaza. Basayoqhubeka bechuma nasebumpungeni, bayohlala bekhuluphele bencwaba.”—IHubo 92:12-14.
Ngokomfanekiso, labo abakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka lapho sebekhulile bafana kakhulu nomuthi wesundu omuhle. “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga,” kusho iBhayibheli. (IzAga 16:31) Nakuba amandla abo engase anciphe njengoba iminyaka ihamba, asebekhulile bangabulondoloza ubungqabavu babo obungokomoya ngokuqiniswa ukulitadisha njalo iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (IHubo 1:1-3; Jeremiya 17:7, 8) Ngenxa yamazwi abo amnandi nesibonelo sabo esihle, asebekhulile abathembekile bawumthombo omkhulu wesikhuthazo kwabanye futhi bayaqhubeka bethela izithelo unyaka nonyaka. (Thithu 2:2-5; Hebheru 13:15, 16) Njengomuthi wesundu, asebekhulile bangachuma nalapho sebekhulile.
Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesithathu NeYesine YamaHubo
92:12— Kungayiphi indlela abalungileyo ‘beqhakaza njengomuthi wesundu’? Umuthi wesundu uyaphawuleka ngokuthela kwawo. Umuntu olungileyo unjengomuthi wesundu ngenxa yokuthi uqotho emehlweni kaJehova futhi uyaqhubeka ethela “izithelo ezinhle,” eziyimisebenzi emihle.—Mathewu 7:17-20.
(IHubo 92:13, 14) Labo abatshalwé endlini kaJehova, Emagcekeni kaNkulunkulu wethu, bayoqhakaza. 14 Basayoqhubeka bechuma nasebumpungeni, Bayohlala bekhuluphele bencwaba.
Ukukhonza UJehova Ngaphambi Kokuba Kufike Izinsuku Eziyinhlekelele
17 Namuhla, kufanele sikuphaphamele ukusiza amaKristu asekhulile noma asebuthaka emzimbeni. Nakuba efisa kakhulu ukuba khona emihlanganweni yebandla nakwemikhulu, kungenzeka ukuthi amanye sekuyaqabukela eba khona. Kwezinye izindawo, amabandla anelungiselelo lothando lokuba lawo maKristu asekhulile akwazi ukulalela imihlangano ngocingo. Kungenzeka ukuthi kwezinye izindawo ilungiselelo elinjalo alinakwenzeka. Noma kunjalo, amaKristu angenakukwazi ukuba khona emihlanganweni angaba nengxenye ekusekeleni ukukhulekela kweqiniso. Ngokwesibonelo, imithandazo yawo inengxenye empumelelweni yebandla lobuKristu.—Funda iHubo 92:13, 14.
Asebekhulile—Amalungu Ayigugu Obuzalwane Bethu BobuKristu
“Bayohlala Bekhuluphele Bencwaba”
9 Ebhekisela ekutheleni kwezinceku zikaJehova esezikhulile, umhubi wahlabelela: “Olungileyo uyoqhakaza njengomuthi wesundu; uyokhula njengomsedari eLebhanoni. Basayoqhubeka bechuma nasebumpungeni, bayohlala bekhuluphele bencwaba.”—IHubo 92:12, 14.
10 Ungahlala kanjani uyingqabavu ngokomoya naphezu kokuhamba kweminyaka? Imfihlo yobuhle obungapheli besihlahla sesundu iwukuthi sithola amanzi njalo. Nawe ungazinakekela ngamanzi eqiniso leBhayibheli ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu nangokuzihlanganisa nenhlangano yakhe. (IHubo 1:1-3; Jeremiya 17:7, 8) Ukuba kwakho umqemane ngokomoya kukwenza ube usizo oluyigugu kokholwa nabo. Bheka indlela lokhu okwenzeka ngayo kumPristi Ophakeme owayesekhulile uJehoyada.
(IHubo 92:15) Ukuze balandise ukuthi uJehova uqotho. UyiDwala lami, okungekho ukungalungi kuye.
Asebekhulile—Amalungu Ayigugu Obuzalwane Bethu BobuKristu
13 Mhlawumbe impilo engeyinhle noma ezinye izimo zikwenza ulinganiselwe kulokho ongakwenza ukuze usekele ukukhulekela kweqiniso. Ngisho noma kunjalo, akukho ngaphezu kwamandla akho ‘ukwenza okuhle kuNkulunkulu weqiniso nendlu yakhe.’ Ungabonisa ukushisekela indlu kaJehova engokomoya ngokuba khona futhi uhlanganyele emihlanganweni yebandla nangokuhlanganyela enkonzweni yasensimini noma nini lapho kungenzeka. Ukwamukela kwakho iseluleko seBhayibheli ngokuzimisela nokusekela kwakho ngobuqotho “inceku ethembekileyo neqondayo” nebandla kuyobuqinisa ubuzalwane bobuKristu. (Mathewu 24:45-47) Futhi ‘ungavuselela’ okholwa nabo “uthando nemisebenzi emihle.” (Hebheru 10:24, 25; Filemoni 8, 9) Uyoba nayisibusiso kwabanye uma wenza ngokuvumelana neseluleko somphostoli uPawulu: “Amadoda asekhulile mawabe alinganiselayo, athatha izinto ngokungathi sína, ahluzekile engqondweni, aphilile [“ayizingqabavu,” An American Translation] okholweni, othandweni, ekukhuthazeleni. Ngokufanayo abesifazane asebekhulile mabaziphathe ngenhlonipho, bangabi abanyundelayo, futhi bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle.”—Thithu 2:2-4.
14 Ingabe usuneminyaka eminingi ukhonza njengomdala webandla? Iseluleko somunye umdala webandla osenesikhathi eside sithi: “Kusebenzise ngokungagodli ukuhlakanipha okuthole ngokukhula ngeminyaka. Phathisa abanye imithwalo yemfanelo, okuhlangenwe nakho kwakho kucobelele abanye abafuna ukufunda . . . Wabone amakhono adinga ukuthuthukiswa kwabanye. Wakhulise uwanakekele. Yakhela ikusasa.” (Duteronomi 3:27, 28) Isithakazelo sakho esiqotho emsebenzini woMbuso olokhu wanda siyophumela ezibusisweni eziningi kwabanye abasebuzalwaneni bethu bobuKristu.
‘Landisa Ukuthi UJehova Uqotho’
15 Izinceku zikaNkulunkulu esezikhulile ziwufeza ngenjabulo umthwalo wazo wemfanelo ‘wokulandisa ukuthi uJehova uqotho.’ Uma ungumKristu osekhulile, amazwi nezenzo zakho kungabonisa abanye ukuthi ‘uJehova uyiDwala lakho, okungekho ukungalungi kuye.’ (IHubo 92:15) Isihlahla sesundu sifakaza buthule ngezimfanelo zoMdali waso ezinhle kakhulu. Kodwa wena uJehova ukunike ilungelo lokufakaza ngaye kulabo abamukela ukukhulekela kweqiniso manje. (Duteronomi 32:7; IHubo 71:17, 18; Joweli 1:2, 3) Kungani kubalulekile lokhu?
16 Lapho umholi wama-Israyeli uJoshuwa “esemdala izinsuku sezihambile,” “wabiza wonke u-Israyeli, amadoda amadala nezinhloko nabahluleli nezikhulu,” wabakhumbuza indlela uNkulunkulu ayebaphathe ngobuqotho ngayo. Wathi: “Akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini.” (Joshuwa 23:1, 2, 14) Isikhathi esithile, la mazwi áqinisa abantu ekuzimiseleni kwabo ukuhlala bethembekile. Nokho, ngemva kokufa kukaJoshuwa “kwaqala ukuvela esinye isizukulwane . . . esasingamazi uJehova noma umsebenzi ayewenzelé u-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli bawela ekwenzeni okubi emehlweni kaJehova nasekukhonzeni oBhali.”—AbaHluleli 2:8-11.
17 Ubuqotho bebandla lobuKristu lanamuhla akuxhomekile ebufakazini bomlomo bezinceku zikaNkulunkulu esezikhulile. Noma kunjalo, ukholo lwethu kuJehova nasezithembisweni zakhe luyaqina lapho sizwa abanye belandisa mathupha ‘umsebenzi omkhulu’ aye wawenzela abantu bakhe kulezi zinsuku zokugcina. (AbaHluleli 2:7; 2 Petru 1:16-19) Uma usuneminyaka eminingi usenhlanganweni kaJehova, ungase ukhumbule isikhathi lapho kwakunabamemezeli boMbuso abambalwa kakhulu endaweni noma ezweni lakini noma lapho umsebenzi wokushumayela wawuphikiswa kakhulu. Njengoba isikhathi sihamba, uye wabona uJehova esusa izithiyo ezithile ‘esheshisa’ ukwanda koMbuso. (Isaya 54:17; 60:22) Uye wabona ukucaciswa kwamaqiniso eBhayibheli nokulungiswa kancane kancane kwengxenye ebonakalayo yenhlangano kaNkulunkulu. (IzAga 4:18; Isaya 60:17) Uyazama yini ukwakha abanye ngokuxoxa nabo ngezinto oye wazibona ezihlobene nendlela uJehova aye wasebenzelana ngayo nabantu bakhe ngobuqotho? Yeka ithonya elihle neliqinisayo lokhu okungaba nalo ebuzalwaneni bobuKristu!
18 Kuthiwani ngezikhathi lapho wabona khona ukukhathalela kukaJehova kothando nesiqondiso sakhe ekuphileni kwakho siqu? (IHubo 37:25; Mathewu 6:33; 1 Petru 5:7) Udade osekhulile okuthiwa uMartha wayebakhuthaza ngala mazwi abanye: “Ngisho noma sekwenzekani, ungalokothi umshiye uJehova. Uyokusekela.” Lesi seluleko siye saba nethonya elikhulu kuTolmina, esinye sezifundo zeBhayibheli zikaMartha esabhapathizwa ekuqaleni kwawo-1960. UTolmina uyakhumbula: “Lapho ngishonelwa umyeni wami, ngazizwa ngidangele kakhulu, kodwa lawo mazwi angenza ngazimisela ukungaphuthi nakowodwa umhlangano. Futhi uJehova wangiqinisa ngempela ukuze ngiqhubeke.” Naye uTolmina uye wanikeza iseluleko esifanayo kwabaningi balabo aye wabafundela iBhayibheli eminyakeni edlule. Impela, ngokunikeza isikhuthazo nangokulandisa izenzo zikaJehova eziqotho, ungenza lukhulu ekwakheni ukholo lwalabo okholwa nabo.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(IHubo 99:6, 7) UMose no-Aroni babephakathi kwabapristi bakhe, NoSamuweli wayephakathi kwalabo ababiza igama lakhe. Babembiza uJehova, yena abaphendule. 7 Wakhuluma nabo esensikeni yefu. Bazigcina izikhumbuzo zakhe nesiqondiso abanika kona.
Sebenzela Ukuhlobisa Ipharadesi Elingokomoya
5 Lapho sidumisa uJehova, silingisa isibonelo sezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile esichazwe kumaHubo 99:1-3, 5. (Funda.) Esikhathini esidlule, amadoda athembekile anjengoMose, u-Aroni noSamuweli alisekela ngokugcwele ilungiselelo likaNkulunkulu lokukhulekela kweqiniso. (IHubo 99:6, 7) Namuhla, ngaphambi kokuba abagcotshiweyo abasemhlabeni baqale ukukhonza njengabapristi noJesu ezulwini, bakhonza uJehova ngokwethembeka engxenyeni esemhlabeni yethempeli elingokomoya. Izigidi ‘zezinye izimvu’ zibasiza ngobuqotho. (Johane 10:16) Womabili la maqembu akhulekela uJehova ngobunye. Nokho, ngamunye kithi kufanele azibuze lo mbuzo, ‘Ingabe ngilisekela ngokugcwele ilungiselelo likaJehova lokukhulekela kweqiniso?’
(IHubo 101:2) Ngizokwenza ngokuqonda ngendlela engenaphutha. Uyoza nini kimi? Ngizohambahamba ngobuqotho benhliziyo yami ngaphakathi endlini yami.
Ingabe Uzohamba NoNkulunkulu?
Hamba Njengokungathi “Uyambona Lowo Ongabonakali”
14 Ukuze sihambe noJehova, kumelwe abe ngokoqobo kithi. Khumbula, uJehova waqinisekisa abathembekileyo kwa-Israyeli wasendulo ukuthi wayengafihlekile kubo. Ngokufanayo nanamuhla uzembula kubantu bakhe njengoMfundisi Omkhulu. Ingabe uJehova ungokoqobo ngaleyo ndlela kuwe, njengokungathi umi phambi kwakho uyakufundisa? Kudingeka sibe nokholo olunjalo ukuze sihambe noNkulunkulu. UMose wayenokholo olunjalo, “ngoba waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Hebheru 11:27) Uma uJehova engokoqobo kithi, khona-ke siyoyicabangela imizwa yakhe lapho senza izinqumo. Ngokwesibonelo, ngeke sikucabange ngisho nokukucabanga ukuhileleka ebubini bese sizama ukufihlela abadala abangamaKristu izono zethu noma amalungu omkhaya. Kunalokho, silwela ukuhamba noNkulunkulu ngisho nalapho singabonwa muntu. Njengenkosi yasendulo uDavide, siyazimisela: “Ngizohambahamba ngobuqotho benhliziyo yami ngaphakathi endlini yami.”—IHubo 101:2.
AUGUST 15-21
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 102-105
“UJehova Uyakhumbula Ukuthi Siluthuli”
(IHubo 103:8-12) UJehova unesihe futhi unomusa, Uyephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando. 9 Ngeke aqhubeke esola kuze kube phakade, Futhi ngeke ahlale ecasukile kuze kube nini nanini. 10 Akenzanga kithi ngokwezono zethu; Futhi akalethanga phezu kwethu lokho okusifanele ngokweziphambeko zethu. 11 Ngoba njengoba amazulu ephakeme kunomhlaba, Kanjalo umusa wakhe wothando mkhulu kulabo abamesabayo. 12 Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, Uzibeké kude kangako izeqo zethu.
Yazisa Ubuqotho Nokuthethelela KukaJehova
14 Singathola induduzo ngokuzindla ngokuthethelela kukaJehova. Cabanga ngalesi sibonelo. Eminyakeni eminingi edlule, udade esizombiza ngokuthi u-Elaine wasuswa ekuhlanganyeleni. Ngemva kweminyaka ethile wabuyiselwa. Uthi: “Nakuba ngangizitshela futhi ngize ngitshele nabanye ukuthi ngangikholelwa ukuthi uJehova ungithethelele, ngangilokhu nginomuzwa wokuthi ngikude naye nokuthi abanye babesondelene naye futhi engokoqobo kubo kakhudlwana.” Nokho, u-Elaine waduduzwa ukufunda nokuzindla ngeminye yemifanekiso iBhayibheli eliyisebenzisayo ekuchazeni ukuthethelela kukaJehova. Uyanezela: “Ngezwa uthando nesisa sikaJehova kimi ngendlela engangingakaze ngiluzwe ngayo ngaphambili.” Washukunyiswa ikakhulu yilo mcabango: “Lapho uJehova ethethelela izono zethu, akudingeki ukuba sibe nomuzwa wokuthi ibala elishiywe yileso sono liyohlale likithi ukuphila kwethu konke.” U-Elaine uthi: “Ngaqaphela ukuthi ngangingazange ngikukholelwe ukuthi uJehova angangithethelela ngokugcwele, futhi ngangicabanga ukuthi ngiyothwala umthwalo wesono sami ukuphila kwami konke. Ngiyazi ukuthi kuzothatha isikhathi, kodwa sengiqala ukuzizwa ngisondela ngempela kuJehova futhi nginomuzwa wokuthi umthwalo usukile emahlombe ami.” Yeka ukuthi sikhonza uNkulunkulu onothando nothethelela kangakanani!—IHu. 103:9.
Khonza UNkulunkulu Wenkululeko
17 Yiqiniso, sonke siyawenza amaphutha ngezinye izikhathi. (UmSh. 7:20) Lapho lokho kwenzeka, ungadangali ngokweqile noma uzizwe ungelutho. Uma ukhubeka, vuka uzithathe—ngisho noma lokho kusho ukucela usizo lwabadala bebandla. UJakobe wabhala: “Umthandazo [wabo] wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.” (Jak. 5:15) Yebo, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uNkulunkulu unesihe ngempela nokuthi wakudonsela ebandleni ngoba ebone okuthile okuhle kuwe. (Funda iHubo 103:8, 9.) Uma nje ulondoloza inhliziyo ephelele kuJehova, akasoze akulahla.—1 IziKr. 28:9.
(IHubo 103:13, 14) Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, Kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo. 14 Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, Ekhumbula ukuthi siluthuli.
Thembela KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi!
8 Khumbula nokuthi uJehova uyazi ukuthi yini umuntu ngamunye angase akwazi noma angeke akwazi ukuyikhuthazelela. (IHubo 103:14) Ngakho, usinika amandla esiwadingayo. Kuyiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi siba nomuzwa wokuthi asisakwazi ukukhuthazela. Kodwa uJehova uthembisa ukuthi uma uvivinyo luba ngaphezu kwalokho esingakukhuthazelela, “uyokwenza nendlela yokuphuma.” (Funda eyoku-1 Korinte 10:13.) Kuyaduduza ukwazi ukuthi singaqiniseka ukuthi uJehova uyakwazi esingakukhuthazelela ngempela.
Yazisa Ukuphana Nokucabangela KukaJehova
16 Ake uzibone ngeso lengqondo ungumIsrayeli ohluphekayo. Njengoba ufika etabernakele nofulawa omncane ozonikela ngawo, ubone ama-Israyeli acebile ezonikela ngezilwane. Ungase uzizwe unamahloni ngomnikelo wakho kafulawa obonakala ungelutho. Ube usukhumbula ukuthi emehlweni kaJehova, umnikelo wakho usho lukhulu. Kungani? Okokuqala, uJehova wayefuna lowo fulawa ube owezinga eliphakeme. Kunjengokungathi uJehova wayethi kuma-Israyeli ampofu: ‘Ngiyaqonda ukuthi anikwazi ukunikela okungangokwabanye kodwa ngiyazi ukuthi lokho eninginika khona kungokungcono kakhulu kwalokho eninakho.’ Ngempela, uJehova ubonisa ukucabangela ngokucabangela ukulinganiselwa nezimo zezinceku zakhe.—IHu. 103:14.
(IHubo 103:19) UJehova usimisé saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini ngokwawo; Futhi ubukhosi bakhe bubusé phezu kwakho konke.
(IHubo 103:22) Mbongeni uJehova, nonke nina misebenzi yakhe, Kuzo zonke izindawo zombuso wakhe. Mbonge uJehova mphefumulo wami.
UJehova UyiNkosi Yethu EnguMbusi!
5 NjengoMdali, uJehova uNkulunkulu uyiNkosi EnguMbusi yomhlaba nendawo yonke. (Funda isAmbulo 4:11.) UJehova ubuye abe nguMahluleli, uMniki-mthetho neNkosi yethu, ngoba eyedwa uhlanganisa imikhakha kahulumeni wendawo yonke yokwahlulela, yokushaya imithetho neyokuphatha. (Isaya 33:22) Njengoba sikhona ngenxa kaNkulunkulu futhi sincike kuye, kufanele simbheke njengeNkosi yethu EnguMbusi. Siyoshukumiseleka ukuba sisekele isikhundla sakhe esiphakeme uma sihlale sikhumbula ukuthi “uJehova usimisé saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini ngokwawo; futhi ubukhosi bakhe bubusé phezu kwakho konke.”—IHu. 103:19; IzE. 4:24.
Ubukhosi BukaJehova NoMbuso KaNkulunkulu
“UJEHOVA usimisé saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini ngokwawo; futhi ubukhosi bakhe bubusé phezu kwakho konke.” (IHubo 103:19) Ngalawo mazwi, umhubi waveza iqiniso eliyisisekelo ngokuqondene nobukhosi. Njengoba enguMdali, uJehova uNkulunkulu uyakufanelekela ukuba uMbusi Ophakeme wendawo yonke.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(IHubo 102:12) Kepha wena Jehova, uyohlala kuze kube nini nanini, Nesikhumbuzo sakho siyohlala isizukulwane ngesizukulwane.
(IHubo 102:27) Kodwa wena ulokhu unjalo, futhi iminyaka yakho ngeke iphele.
Indlela Yokulondoloza Umbono Omuhle
“UMTHANDAZO WOHLUPHEKILEYO”
19 Umlobi weHubo 102 wayephelelwe yithemba. ‘Wayehluphekile,’ ecindezeleke kakhulu ngokwenyama noma ngokomzwelo, futhi engenamandla okubhekana nezinkinga zakhe. (IHu. 102, umbhalo ongenhla) Amazwi akhe asitshela ukuthi wayegxile kakhulu ebuhlungwini, esizungwini nasemizweni yakhe siqu. (IHu. 102:3, 4, 6, 11) Wayekholelwa ukuthi uJehova ufuna ukumlahla.—IHu. 102:10.
20 Noma kunjalo, umhubi wayesakwazi ukusebenzisa ukuphila kwakhe ekudumiseni uJehova. (Funda iHubo 102:19-21.) Njengoba sibona kumaHubo 102, ngisho nalabo abasokholweni kungenzeka babe sezinhlungwini futhi kube nzima ngabo ukugxilisa ingqondo yabo kunoma yini enye. Umhubi wazizwa “njengenyoni engayodwa phezu kophahla,” njengokungathi izinhlupheko zakhe kuphela ezaziwumngane wakhe. (IHu. 102:7) Uma kwenzeka uzizwa ngaleyo ndlela, thululela inhliziyo yakho kuJehova njengoba kwenza umhubi. Imithandazo yohluphekile—imithandazo yakho—ingakusiza njengoba ulwa nemicabango engakhi. UJehova uthembisa ukuthi “uyophendukela emthandazweni walabo abaphundlwe konke, angawudeleli umthandazo wabo.” (IHu. 102:17) Sethembe leso sithembiso!
21 IHubo 102 liphinde libonise nokuthi ungaba kanjani nombono omuhle ngokwengeziwe. Umhubi wenza kanjalo ngokugxila ebuhlotsheni bakhe noJehova. (IHu. 102:12, 27) Wathola induduzo ngokwazi ukuthi uJehova uyohlale ekulungele ukusekela abantu baKhe ebunzimeni. Ngakho-ke, uma imizwa engakhi ikuvimbela okwesikhashana ukuba wenze okwengeziwe ngendlela ofuna ngayo enkonzweni kaNkulunkulu, thandaza ngakho. Cela uNkulunkulu ukuba ezwe umthandazo wakho hhayi nje ukuze ukhululeke ekucindezelekeni kwakho kodwa futhi “ukuze igama likaJehova limenyezelwe.”—IHu. 102:20, 21.
(IHubo 103:13) Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, Kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo.
Thembela KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi!
7 Kungani uJehova engayiphenduli ngokushesha ngaso sonke isikhathi imithandazo yethu? IBhayibheli lithi uJehova unguBaba wethu, thina siyizingane zakhe. (IHubo 103:13) Ubaba ongumuntu akamniki umntanakhe konke akucelayo noma amnike kona ngokushesha. Uyazi ukuthi ingane ingase ifune okuthile kungalindelekile, bese ijika ingabe isakufuna. Uyazi nokuthi ikuphi okuyilungele kangcono ingane yakhe nokuthi kungabathinta kanjani abanye. Uyazi ukuthi ingane yakhe idingani nokuthi kufanele ikuthole nini. Uma ubaba ebengayinika ngokushesha ingane konke ekucelayo, ubeyophenduka isisebenzi sayo. UJehova, uBaba wethu osezulwini, uyasithanda. NjengoMdali wethu ohlakaniphile, uyakwazi esikudingayo futhi uyanquma ukuthi isiphi isikhathi esingcono kakhulu sokusinika esikucelayo. Kuhle ukuba silinde sibone indlela uJehova aphendula ngayo imithandazo yethu.—Qhathanisa no-Isaya 29:16; 45:9.
AUGUST 22-28
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 106-109
“Mbongeni UJehova”
(IHubo 106:1-3) Dumisani uJah! Mbongeni uJehova, ngoba muhle; Ngoba umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini. 2 Ubani ongakhuluma ngezenzo zamandla zikaJehova, Noma ongenza ukuba lonke udumo lwakhe luzwakale? 3 Bayajabula labo abagcina ubulungisa, Abenza ukulunga ngaso sonke isikhathi
Mbongeni UJehova, Nibusiswe
UJEHOVA, uMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele,” uyakufanelekela ngempela ukuba simbonge. (Jak. 1:17) NjengoMalusi wethu onothando, uzinakekela ngesisa zonke izidingo zethu ezingokwenyama nezingokomoya. (IHu. 23:1-3) Uye wazibonakalisa ‘eyisiphephelo namandla’ ethu—ikakhulu ngezikhathi zokucindezeleka! (IHu. 46:1) Ngokuqinisekile, sinezizathu eziningi zokuvumelana ngenhliziyo yonke nomhubi owabhala: “Mbongeni uJehova, ngoba muhle; ngoba umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini.”—IHu. 106:1.
Thokoza Ngokulunga KukaJehova
19 Kulezi zinsuku eziyingozi nezingaqinisekile, ukuthokoza ngokulunga kukaJehova kuletha ukulondeka nesivikelo. Imibuzo ethi: “Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?” iNkosi uDavide yayiphendula yathi: “Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga.” (IHubo 15:1, 2) Ngokuphishekela ukulunga kukaNkulunkulu nokuthokoza ngako, singalondoloza ubuhlobo obuhle naye futhi siqhubeke sijabulela umusa nesibusiso sakhe. Ngakho, ukuphila kwethu kuba nokwaneliseka, ukuzihlonipha nokuthula kwengqondo. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.” (IzAga 21:21) Ngaphezu kwalokho, uma sizama okusemandleni ethu ukwenza lokho okunobulungisa nokulungile kukho konke esikwenzayo siba nobuhlobo obuhle nabanye futhi nokuphila kwethu kuyathuthuka—ngokuziphatha nangokomoya. Umhubi wathi: “Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.”—IHubo 106:3.
(IHubo 106:7-14) Okhokho bethu eGibhithe, Abazange babonise ukuyiqondisisa imisebenzi yakho emangalisayo. Abazange bakukhumbule ukuchichima komusa wakho wothando omkhulu, Kodwa badlubulunda olwandle, ngasoLwandle Olubomvu. 8 Wabasindisa ngenxa yegama lakhe, Ukuze enze ukuba kwakhe namandla kwaziwe. 9 Ngakho walukhuza uLwandle Olubomvu, futhi loma kancane kancane; Wabahambisa badabula otweni lwamanzi njengokungathi badabula ehlane; 10 Kanjalo wabasindisa esandleni sobazondayo Futhi wabophula esandleni sesitha. 11 Amanzi eza amboza abaphikisana nabo; Akekho noyedwa kubo owasinda. 12 Khona-ke baba nokholo ezwini lakhe; Baqala ukuhlabelela indumiso yakhe. 13 Ngokushesha bayikhohlwa imisebenzi yakhe; Abazange basilindele iseluleko sakhe. 14 Kodwa babonisa isifiso sabo sobugovu ehlane Bamvivinya uNkulunkulu ogwadule.
(IHubo 106:19-25) Ngaphezu kwalokho, benza ithole eHorebe Bakhothamela umfanekiso oncibilikisiweyo, 20 Kanjalo benana inkazimulo yami Ngomfanekiso wenkunzi, into edla izimila. 21 Bamkhohlwa uNkulunkulu uMsindisi wabo,UMenzi wezinto ezinkulu eGibhithe, 22 Imisebenzi emangalisayo ezweni likaHamu, Izinto ezesabekayo oLwandle Olubomvu. 23 Wayesezothi mababhuqwe, Ukube kwakungengenxa kaMose okhethiweyo wakhe, Owama esikhaleni phambi kwakhe,kuze anqande ukufutheka kwakhe angabachithi. 24 Baleya izwe elifiselekayo; Babengenalukholo ezwini lakhe. 25 Babelokhu bekhononda ematendeni abo; Abazange balilalele izwi likaJehovah.
(IHubo 106:35-39) Bahlangana nezizwe Baqala ukufunda imisebenzi yazo. 36 Bakhonza izithombe zazo, Zona zaba ugibe kubo. 37 Amadodana namadodakazi abo Babewahlabela amademoni. 38 Ngakho baqhubeka bechitha igazi elingenacala, Igazi lamadodana abo namadodakazi abo, Ababewahlabela izithombe zaseKhanani; Izwe langcoliswa ukuchithwa kwegazi. 39 Baba abangahlanzekile ngemisebenzi yabo Baqhubeka beziphatha kabi ngokobulili ngezenzo zabo.
Mbongeni UJehova, Nibusiswe
2 Kungani kubalulekile ukuba sixoxe ngale ndaba yokubonga? Njengoba kwabikezelwa, liyakhula izinga lokungabongi kwabantu kulezi zinsuku zokugcina. (2 Thim. 3:2) Abaningi bazithatha kalula izibusiso zabo. Zithonywe ezentengiselwano nokukhangisa kwazo, izigidi zabantu zilwela ukuthola izinto ezengeziwe esikhundleni sokwaneliswa yilezo ezinazo. Nathi ungasithonya lo moya wokungazisi. Njengama-Israyeli asendulo, singaba abangabongi futhi singabe sisabazisa ubuhlobo bethu obuyigugu noJehova nezibusiso asinike zona.—IHu. 106:7, 11-13.
3 Cabanga nangalokho okungenzeka lapho sibhekene nezimo ezinzima. Ezikhathini ezinjalo, zingasigabha kalula lezo zimo bese sikhohlwa izibusiso zethu. (IHu. 116:3) Ngakho-ke, singayihlakulela futhi siyilondoloze kanjani inhliziyo enokubonga? Yini eyosisiza ukuba sihlale sinombono omuhle ngisho noma sibhekene nezimo ezivivinya kakhulu? Ake sibone.
Ningabi Abezwayo Abayizikhohlwa
ELITHI “zazingenakulibaleka” lizichaza kahle izimangaliso ezenziwa nguJehova eGibithe lasendulo. Akunakuphikwa ukuthi ngayinye yeziNhlupho Eziyishumi yayesabeka. Lezo zishayo zalandelwa ukusindiswa okumangalisayo kwabantu bakwa-Israyeli bedabula emanzini ahlukanisiwe oLwandle Olubomvu. (Duteronomi 34:10-12) Ukube wawuzibone ngawakho lezo zenzakalo, cishe wawungeke umkhohlwe Lowo owayezenzile. Nokho, umhubi wahlabelela: “[Abakwa-Israyeli] bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe, izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.”—IHubo 106:21, 22.
2 Ngemva kokuwela uLwandle Olubomvu, abakwa-Israyeli “base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova.” (Eksodusi 14:31) Amadoda akwa-Israyeli ahlanganyela noMose ekuhlabeleleleni uJehova ingoma yokunqoba, uMiriyamu nabanye besifazane bashaya izigubhu basina. (Eksodusi 15:1, 20) Yebo, izenzo zamandla zikaJehova zabahlaba umxhwele abantu bakaNkulunkulu. Kodwa ukwazisa kwabo Lowo owayenze lezo zenzo zamandla kwaba ngokwesikhashana. Ngokushesha ngemva kwalokho, abaningi babo baziphatha njengokungathi babelahlekelwe yinkumbulo. Babubula futhi bakhononda kuJehova. Abanye bakhonza izithombe futhi baziphatha kabi ngokobulili.—Numeri 14:27; 25:1-9.
Yini Engasenza Sikhohlwe?
3 Ukuntula kuka-Israyeli ukwazisa kuyaxaka ngempela. Kodwa nakithi kungenzeka okufanayo. Yiqiniso, asizange sizibone lezo zimangaliso zaphezulu. Nokho, ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu ngokuqinisekile zikhona izikhathi ezingenakulibaleka. Abanye bethu bangase bakhumbule lapho bamukela iqiniso leBhayibheli. Ezinye izikhathi ezijabulisayo zingase zihlanganise umthandazo wethu wokuzinikezela kuJehova nokubhapathizwa kwethu emanzini njengamaKristu eqiniso. Abaningi bethu baye babona isandla sikaJehova sosizo kwezinye izimo ekuphileni kwethu. (IHubo 118:15) Ngaphezu kwakho konke, ngokufa okuwumhlatshelo kweNdodana kaNkulunkulu ngokwayo, uJesu Kristu, siye saba nethemba lensindiso. (Johane 3:16) Nokho, ngenxa yokungapheleli kwethu, lapho sibhekene nezifiso ezingafanele nezinkathazo zokuphila, singase sizikhohlwe kalula nje izinto ezinhle uJehova asenzele zona.
(IHubo 106:4, 5) Ngikhumbule Jehova, ngokuthakazelela kwakho abantu bakho. Nginakekele ngensindiso yakho, 5 Ukuze ngibone ubuhle kwabakhethiweyo bakho, Ukuze ngijabule ngokujabula kwesizwe sakho, Ukuze ngiziqhayise ngefa lakho.
(IHubo 106:48) Makatuswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli Kusukela nini nanini kuze kube nini nanini; Bonke abantu mabathi Amen. Dumisani uJah!
Masijabule Ndawonye!
Nokho, isimo samaKristu esikanye nawo sihlukile, nomoya wawo uhlukile. Umphostoli uPawulu wabhala: “Jabulani ngaso sonke isikhathi.” (1 Thes. 5:16) Sinezizathu eziningi zokujabula nokuthokoza ndawonye. Sikhulekela uNkulunkulu oPhezukonke, uJehova; siqonda isigijimi seqiniso leBhayibheli; sinethemba lensindiso nelokuphila phakade futhi singasiza abanye ukuba bathole izibusiso ezifanayo.—IHu. 106:4, 5; Jer. 15:16; Roma 12:12.
“Ziboniseni Ningababongayo”
Izizathu Zokubonga
3 NguJehova uNkulunkulu, uMdali wethu futhi onguMniki-kuphila, okumelwe simbonge, ikakhulukazi uma sicabangela ezinye zezipho ezinkulu asiphe zona. (Jakobe 1:17) Nsuku zonke siyambonga uJehova ngokuthi siyaphila. (IHubo 36:9) Nxazonke sibona ubufakazi bomsebenzi wezandla zikaJehova, njengelanga, inyanga nezinkanyezi. Inqolobane enothile yokusansimbi okusekela ukuphila eseplanethini yethu, ingxube ewubuciko yamagesi abalulekile esemkhathini nemijikelezo eyinkimbinkimbi esendalweni, konke kufakazela izizathu esinazo zokubonga uBaba wethu osezulwini onothando. INkosi uDavide yahlabelela: “Ziningi izinto ozenzile, Jehova Nkulunkulu wami, ngisho nemisebenzi yakho emangalisayo nemicabango yakho kithi; akekho noyedwa ongaqhathaniswa nawe. Ukube bengithambekele ekulandiseni nasekukhulumeni ngayo, isibé miningi kakhulu kunalokho engingase ngikulandise.”—IHubo 40:5.
4 Nakuba zisekude nepharadesi elingokoqobo, izinceku zikaJehova namuhla zijabulela ukuphila epharadesi elingokomoya. EmaHholo ethu OMbuso nasemihlanganweni yethu yesigodi neyesifunda, sibona izithelo zomoya kaNkulunkulu kwesikholwa nabo. Ngempela, lapho beshumayela kubantu abanolwazi oluncane ngenkolo noma abangenalo nhlobo, abanye oFakazi bababonisa lokho uPawulu akuchaza encwadini yakhe eya kwabaseGalathiya. Baqale bababonise “imisebenzi yenyama” bese bebabuza ukuthi yini bona abayibonile. (Galathiya 5:19-23) Abaningi bavuma kalula ukuthi unje umphakathi wesintu namuhla. Lapho beboniswa incazelo yezithelo zomoya kaNkulunkulu nalapho bemenyelwa eHholo LoMbuso elisendaweni yakubo ukuze bazibonele ngawabo ubufakazi balokhu, abaningi bavuma ngokushesha: “Ngempela uNkulunkulu uphakathi kwenu.” (1 Korinte 14:25) Lokhu akubi seHholo LoMbuso lakuleyo ndawo kuphela. Ngisho noma ungayaphi, uma uhlangana nabanye boFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha, uthola umoya ofanayo wokwenama nokujabula. Ngempela, lobu budlelwane obakhayo buyisizathu sokumbonga uJehova, onikeza umoya wakhe ukuze kwenzeke lokhu.—Zefaniya 3:9; Efesu 3:20, 21.
5 Isipho esikhulu kunazo zonke, esiphelele kunazo zonke uJehova aphane ngaso, yiNdodana yakhe, uJesu, okwenziwa ngayo umhlatshelo wesihlengo. Umphostoli uJohane wabhala: “Uma kuyile ndlela uNkulunkulu asithanda ngayo, khona-ke nathi ngokwethu singaphansi kwesibopho sokuthandana.” (1 Johane 4:11) Yebo, sizibonisa singababongayo ngomhlatshelo hhayi nje kuphela ngokubonisa uthando nokubonga kuJehova kodwa futhi nangokuphila ukuphila kwethu ngendlela ebonisa uthando ngabanye.—Mathewu 22:37-39.
6 Singafunda okwengeziwe maqondana nokubonisa ukubonga ngokuhlola indlela uJehova asebenzelana ngayo nama-Israyeli asendulo. NgoMthetho awanika wona esebenzisa uMose, uJehova wawafundisa izifundo eziningi. Ngokusebenzisa ‘uhlaka lolwazi nolweqiniso eMthethweni,’ kuningi esingakufunda okuzosisiza silandele iseluleko sikaPawulu: “Ziboniseni ningababongayo.”—Roma 2:20; Kolose 3:15.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(IHubo 109:8) Izinsuku zakhe mazibe mbalwa; Isikhundla sakhe sobubonisi masithathwe ngomunye.
Yima Uphelele Unokuqiniseka Okuqinile
20 Makungakuphazamisi noma kukudikibalise ukuthi akuwona wonke umuntu oma ephelele futhi enokuqiniseka okuqinile. Abanye bangase bahluleke, baphambuke, noma bamane bayeke. Lokho kwenzeka phakathi kwalabo ababeseduze kakhulu noJesu, abaphostoli bakhe. Kodwa lapho uJuda eba yimbuka, ingabe abanye abaphostoli bayekethisa noma bayeka? Lutho neze! UPetru wasebenzisa iHubo 109:8 ukuze abonise ukuthi indawo kaJuda yayiyothathwa ngomunye. Kwakhethwa omunye, futhi abaqotho bakaNkulunkulu baqhubeka ngenkuthalo nesabelo sabo sokushumayela. (IzEnzo 1:15-26) Babezimisele ukuma bephelele benokuqiniseka okuqinile.
it-1-E 857-858
Ukwazi Kusengaphambili, Ukugcotshwa Kusengaphambili
Ingabe UNkulunkulu wakunquma kusengaphambili ukuba uJuda akhaphele uJesu ukuze kugcwaliseke isiprofetho?
Isenzo sikaJuda Iskariyothe sokukhaphela sagcwalisa isiprofetho saphezulu futhi sabonisa amandla kaJehova neNdodana yakhe okwazi izinto kusengaphambili. (IHu 41:9; 55:12, 13; 109:8; IzE 1:16-20) Noma kunjalo, ngeke kuthiwe uNkulunkulu wammisa kusengaphambili noma wamqumela kusengaphambili uJuda ukuba kube nguye owenza lesi senzo. Iziprofetho zabikezela ukuthi umuntu owayesondelene noJesu wayeyoba umkhapheli wakhe, kodwa azibonisanga ngokuqondile ukuthi kwakuyoba ngubani ngempela phakathi kwalabo ayesondelene nabo. Kanti futhi, izimiso zeBhayibheli azivumelani nokuthi uNkulunkulu wazihlela kusengaphambili izenzo zikaJuda. Indinganiso yaphezulu eyashiwo umphostoli ithi, “Ungalokothi usheshe ubeke izandla zakho kunoma imuphi umuntu; futhi ungabi umhlanganyeli ezonweni zabanye; zigcine umsulwa.” (1Thim 5:22; qhathanisa no-3:6.) Ukuze uJesu aqiniseke ngokuthi ukhetha kahle nangokuhlakanipha abaphostoli bakhe abangu-12, uJesu wachitha ubusuku bonke ethandaza kuYise ngaphambi kokubazisa ngesinqumo sakhe. (Luka 6:12-16) Ukube uJuda wayesemiselwe kusengaphambili ngokwaphezulu ukuba abe umkhapheli, bekuyosho ukuthi uNkulunkulu akanamatheli eziqondisweni zakhe, futhi ngokomthetho bekuyomenza abe umhlanganyeli ezonweni zabanye.
Ngakho kubonakala kunobufakazi bokuthi inhliziyo kaJuda yayingenazo izimpawu ezisobala zobumbuka ngesikhathi ekhethwa eba ngumphostoli. Wavumela ‘impande enobuthi ukuba ivele’ kuye futhi imngcolise, lokho kwamchezukisa wangasamukela isiqondiso sikaNkulunkulu kodwa wamukela esikaDeveli okwamenza wagcina eseyisela nomkhapheli. (Heb 12:14, 15; Joh 13:2; IzE 1:24, 25; Jak 1:14, 15; bheka nesithi UJUDA esingunombolo 4.) Ngesikhathi ukuchezuka kukaJuda kufinyelela iqophelo elithile, uJesu wayesekwazi ukufunda inhliziyo yakhe futhi wakubikezela ukuthi wayezomkhaphela.—Joh 13:10, 11.
Yiqiniso, endabeni ekuJohane 6:64, ngesikhathi abanye babafundi bekhubeka ngezimfundiso ezithile zikaJesu, sifunda ukuthi “kusukela ekuqaleni [“zisuka,” JB] uJesu wayazi ukuthi obani ababengakholwa nokuthi ubani owayezomkhaphela.” Nakuba igama elithi “ekuqaleni” (ngesiGreki, ar·kheʹ) elisetshenziswe kweyesi-2 Petru 3:4 libhekisela ekuqaleni kwendalo, lingabhekisela nakwezinye izikhathi. (Luka 1:2; Joh 15:27) Ngokwesibonelo, ngesikhathi umphostoli uPetru ekhuluma ngomoya ongcwele owehlela phezu kwabezizwe “njengoba nje wehlela naphezu kwethu ekuqaleni,” kusobala ukuthi wayengabhekisele ekuqaleni kwakhe ukuba ngumfundi noma umphostoli kodwa wayebhekisele esikhathini esithile esasibalulekile enkonzweni yakhe, usuku lwePhentekoste, lango-33 C.E., “ekuqaleni” kokuthululwa komoya ongcwele ngenjongo ethile. (IzE 11:15; 2:1-4) Ngakho ayaphawuleka lawa mazwi akuJohane 6:64 ngokwe-Commentary on the Holy Scriptures ka-Lange (k. 227): “Ekuqaleni . . . akusho ukuthi, ekuqaleni ngokoqobo kwazo zonke izinto, . . . noma kusukela ekuqaleni kwaKhe [uJesu] ukuba ajwayelane nomuntu ngamunye, . . . noma kusukela ekuqaleni kokuqoqela abafundi kuYe, noma ekuqaleni kwenkonzo yakhe yobuMesiya, . . . kodwa kusukela ekuqaleni komnonjana ofihlekile wokuntuleka kokholo [okwaholela ekukhubekeni kwabafundi abathile]. Ngakho wayesemazi nomuntu owayezomkhaphela kusukela ekuqaleni.”—Yahunyushwa futhi yahlelwa ngu-P. Schaff, 1976; qhathanisa neyoku-1Joh 3:8, 11, 12.
(IHubo 109:31) Ngoba uyokuma ngasesandleni sokunene sompofu, Ukuze amsindise kulabo abahlulela umphefumulo wakhe.
Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesihlanu YamaHubo
109:30, 31; 110:5. Ngokuvamile isandla sokunene sesosha esiphatha inkemba sasingavikelwa isihlangu, ngoba sasibanjwa ngesandla sokunxele. Ngokomfanekiso, uJehova ‘usesandleni sokunene’ sezinceku zakhe ukuze azilwele. Ngakho, uyazivikela futhi azisize—isizathu esihle sokuba ‘simdumise kakhulu’!
AUGUST 29–SEPTEMBER 4
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 110-118
“Ngizombuyisela Ngani UJehova?”
(IHubo 116:3, 4) Izindophi zokufa zangihaqa Nezimo ezicindezelayo zeShiyoli zangithola. Ngaqhubeka ngithola ukucindezeleka nosizi. 4 Kodwa ngabiza egameni likaJehova ngathi: “Awu, Jehova, yenzela umphefumulo wami indlela yokuphunyuka!”
(IHubo 116:8) Ngoba wena uwusindisile umphefumulo wami ekufeni, Iso lami ezinyembezini, unyawo lwami ekukhubekeni.
UNkulunkulu Ojabulayo, Abantu Abajabulayo!
◆ 116:3—Ziyini “izintambo zokufa”?
Kwabonakala sengathi ukufa kwase kubophe umhubi ngezintambo ezingenakugqashulwa kangangokuthi wayengenakuphunyuka. Izintambo eziboshwe ngokuqinile emilenzeni zazibangela ubuhlungu obukhulu, noma iminjunju, futhi inguqulo yeSeptuagint yesiGreki ihumusha igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “izintambo” ngokuthi “iminjunju.” Ngakho-ke, lapho uJesu Kristu efa, wayesezibophweni eziqeda amandla, noma iminjunju, zokufa. Ngakho-ke, lapho uJehova evusa uJesu, ‘wayethukulula iminjunju yokufa.’—IzEnzo 2:24.
(IHubo 116:12) Ngizombuyisela ngani uJehova Ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?
Yamukela Ngokwazisa Uphe Ngenhliziyo Yonke
Umhubi wazibuza: “Ngizombuyisela ngani uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?” (IHu. 116:12) Wayekhuluma ngaziphi izinzuzo? UJehova wayemsekele phakathi nenkathi ‘yokucindezeleka nosizi.’ Ngaphezu kwalokho, uJehova ‘wayesindise umphefumulo wakhe ekufeni.’ Manje, umhubi wayesefuna ‘ukubuyisela’ okuthile kuJehova. Yini ayengayenza? Wathi: “Ngizogcwalisa kuJehova izifungo zami.” (IHu. 116:3, 4, 8, 10-14) Wazimisela ukuba afeze zonke izithembiso ayezenze kuJehova futhi afeze izibopho zakhe.
Nawe ungenza okufanayo. Kanjani? Ngokuphila njalo ngendlela evumelana nemithetho nezimiso zikaNkulunkulu. Ngakho, qikelela ukuba ukukhulekela kwakho uJehova kuhlale kuyinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakho nokuthi uvumela umoya wakhe ukuba ukuqondise kukho konke okwenzayo. (UmSh. 12:13; Gal. 5:16-18) Empeleni, ngeke uze ukwazi ukumbuyisela ngokugcwele ngakho konke lokho akwenzele kona. Noma kunjalo, ‘inhliziyo yakhe iyajabula’ uma ekubona uzinikela ngenhliziyo yakho yonke enkonzweni yakhe. (IzAga 27:11) Yeka ukuthi kuyilungelo elimangalisa kangakanani ukujabulisa uJehova ngale ndlela!
Ukuqala Umsebenzi Owengeziwe
Kwalandela izinkulumo ezintathu zamalungu alabo abafundisa eGileyadi. Kwaqale kwakhuluma uKarl Adams, ngesihloko esithi: “Uyomkhokhela Ngani UJehova?” Inkulumo yakhe yayisekelwe kumaHubo 116, okungenzeka uJesu walihlabelela ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe. (Mathewu 26:30, umbhalo waphansi we-NW) Wayecabangani uJesu lapho ehlabelela amazwi athi: “Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na”? (IHubo 116:12) Kungenzeka ukuthi wayecabanga ngomzimba ophelele uJehova amlungiselela wona. (Heberu 10:5) Ngakusasa, wayezonikela lowo mzimba njengomhlatshelo, efakazela ukujula kothando lwakhe. Abafundi bekilasi le-105 babenambithe ubuhle bukaJehova ezinyangeni ezinhlanu ezidlule. Manje base bezobonisa uthando lwabo ngoNkulunkulu ngokusebenza kanzima ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli.
(IHubo 116:13, 14) Ngizothatha indebe yensindiso enkulu, Futhi ngizobiza egameni likaJehova. 14 Ngizogcwalisa kuJehova izifungo zami, Yebo, phambi kwabo bonke abantu bakhe.
(IHubo 116:17, 18) Ngizonikela kuwe umhlatshelo wokubonga, Futhi ngizobiza egameni likaJehova. 18 Ngizogcwalisa kuJehova izithembiso zami ezifungelwe, Yebo, phambi kwabo bonke abantu bakhe,
w10 4/15 27, ibhokisi
Ingabe Ulandela UKristu Ngokugcwele?
Yini Eyokusiza Ukuba Uqhubeke Ulandela UKristu?
▪ Funda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke bese uzindla ngalokho okufundayo—IHu. 1:1-3; 1 Thim. 4:15.
▪ Thandaza njalo ucele ukuba uNkulunkulu akusekele futhi akuqondise ngomoya wakhe.—Zak. 4:6; Luka 11:9, 13.
▪ Zihlanganise nalabo ababonisa intshiseko eqotho ngenkonzo.—IzAga 13:20; Heb. 10:24, 25.
▪ Qaphela ukuphuthuma kwezikhathi esiphila kuzo.—Efe. 5:15, 16.
▪ Qaphela imiphumela emibi ‘yokuhoxa.’—Luka 9:59-62.
▪ Zindla njalo ngesithembiso sokuzinikezela kwakho nangezibusiso eziningi ezitholakala ngokukhonza uJehova nangokulandela uKristu ngenhliziyo ephelele.—IHu. 116:12-14; 133:3; IzAga 10:22.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(IHubo 110:4) UJehova ufungile (futhi ngeke azisole) wathi: “Wena ungumpristi kuze kube nini nanini Ngokwendlela kaMelkhizedeki!”
Yiba Nokholo Olungenakunyakaziswa EMbusweni
ISIVUMELWANO ESIGCWALISA ISIDINGO SOBUPRISTI
15 Nakuba isivumelwano sika-Abrahama nesivumelwano sikaDavide ziqinisekisa ukuthi inzalo yowesifazane yayiyonikezwa umsebenzi wokubusa, leyo ndima iyodwa yayingeke yanele ukuba ilethele abantu bazo zonke izizwe izibusiso. Ukuze babusiswe ngempela, kuyodingeka bakhululwe esimweni sabo sokuba izoni futhi balethwe emkhayeni kaJehova wendawo yonke. Ukuze lokhu kufezeke, kudingeka ukuba inzalo iphinde ikhonze njengabapristi. UMdali ohlakaniphile wakulungiselela lokhu ngelinye ilungiselelo elingokomthetho, isivumelwano sompristi onjengoMelkhizedeki.
16 UJehova wembula ngeNkosi uDavide ukuthi wayeyokwenza isivumelwano noJesu esasiyoba nenjongo ekabili: ukuba ‘ahlale ngakwesokunene’ sikaNkulunkulu kuze kube yilapho enqoba izitha zakhe nokuba abe “umpristi kuze kube nini nanini ngokwendlela kaMelkhizedeki!” (Funda iHubo 110:1, 2, 4.) Kungani eba umpristi “ngokwendlela kaMelkhizedeki”? Kungenxa yokuthi esikhathini eside ngaphambi kokuba noma ngubani wenzalo ka-Abrahama anikwe ifa leZwe Lesithembiso, uMelkhizedeki, inkosi yaseSalema, wakhonza ‘njengompristi kaNkulunkulu oPhezukonke.’ (Heb. 7:1-3) Wamiswa uJehova ngokuqondile ukuba abe umpristi. Nguye kuphela obalulwa emiBhalweni YesiHebheru njengowakhonza kokubili njengenkosi nompristi. Ngaphezu kwalokho, njengoba kungekho muntu owamandulela noma owamlandela okulotshwe ngaye, kungashiwo ukuthi “uhlala engumpristi njalo,” noma phakade.
17 UJesu umiswa ngokuqondile ukuba abe umpristi ngalesi sivumelwano uJehova asenza naye, futhi uyohlala “[engumpristi] kuze kube phakade ngokwendlela kaMelkhizedeki.” (Heb. 5:4-6) Lokhu kubonisa ngokucacile ukuthi uJehova uzibophezele ngokomthetho ukusebenzisa uMbuso KaMesiya ukuze afeze injongo yakhe yokuqala ngokuphathelene nabantu emhlabeni.
Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesihlanu YamaHubo
110:4—Yini uJehova aye ‘wayifunga angeke azisole ngayo’? Lesi sifungo siyisivumelwano uJehova asenza noJesu Kristu sokuba akhonze njengeNkosi nanjengomPristi Ophakeme.—Luka 22:29.
(IHubo 116:15) Kuyigugu emehlweni kaJehova Ukufa kwabaqotho bakhe.
Imibuzo Evela Kubafundi
Lapho kunikezwa inkulumo yomngcwabo womKristu, akufaneleki ukusebenzisa iHubo 116:15 kumuntu oshonile, ngisho noma efe eyinceku kaJehova eqotho. Ngani? Ngoba amazwi omhubi anencazelo ebanzi. Asho ukuthi uNkulunkulu ubheka ukufa kwabo bonke abaqotho bakhe njengeqembu njengokuwukulahlekelwa okukhulu ukuba angakuvumela ukuba kwenzeke.—Bheka amaHubo 72:14; 116:8.