Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
NOVEMBA 6-12
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMOSE 1-9
“Funani UJehova, Niqhubeke Niphila”
(Amose 5:4) “Ngoba yilokhu uJehova akushilo endlini ka-Israyeli, ‘Ngifuneni, niqhubeke niphila.
(Amose 5:6) Funani uJehova, niqhubeke niphila, ukuze angasebenzi njengomlilo nina ndlu kaJosefa, futhi empeleni ungashwabadeli, futhi iBhethele lingabi elingenamuntu wokuwucima.
Funa UJehova, UMhloli Wezinhliziyo
20 Kumelwe ukuba kwakungelula kunoma ubani owayehlala kwa-Israyeli ngaleso sikhathi ukuhlala ethembekile kuJehova. Akulula ukwehluka, njengoba amaKristu asemasha nasekhulile namuhla azi kahle. Kodwa uthando ngoNkulunkulu nesifiso sokumjabulisa kwenza ama-Israyeli athile anamathela ekukhulekeleni kweqiniso. UJehova wawanikeza isimemo esimnandi esiku-Amose 5:4: “Ngifuneni, niqhubeke niphila.” Namuhla, uNkulunkulu ubabonisa isihe ngendlela efanayo labo abaphendukayo bamfune ngokungenisa ulwazi olunembile lweZwi lakhe bese benza intando yakhe. Akulula ukuphishekela le nkambo, kodwa ukwenza kanjalo kuholela ekuphileni okuphakade.—Johane 17:3.
(Amose 5:14, 15) Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niqhubeke niphila; futhi ukuze kanjalo uJehova uNkulunkulu wamabutho abe nani, njengoba nje nishilo. 15 Zondani okubi, nithande okuhle, ninike ubulungisa indawo esangweni. Kungase kwenzeke uJehova uNkulunkulu wamabutho abonise umusa kwabaseleyo bakaJosefa.’
Khonza UJehova Ngokwezindinganiso Zakhe Eziphakeme
16 Ukukhetha komuntu wokuqala, u-Adamu, ukuthi ezikabani izindinganiso zokuhle nokubi ezingcono, kwaba okobuwula. Thina-ke, ingabe siyokhetha ngokuhlakanipha kunaye? U-Amose wasiyala ukuba sicabange ngokungathí sina ngalokhu, esinxusa: “Zondani okubi, nithande okuhle.” (Amose 5:15) UWilliam Rainey Harper, uprofesa ongasekho wezilimi nezincwadi zamaSemite e-University of Chicago, wathi ngaleli vesi: “Indinganiso yokuhle nokubi, engqondweni [ka-Amose], iwukwenza ngokuvumelana nentando kaYahweh.” Leli iphuzu elisemqoka esilifunda kubaprofethi abangu-12. Ingabe sizimisele ukwamukela izindinganiso zikaJehova zokuhle nokubi? Lezo zindinganiso eziphakeme sizembulelwe eBhayibhelini futhi zachazwa amaKristu avuthiwe nanokuhlangenwe nakho akha “inceku ethembekileyo neqondayo.”—Mathewu 24:45-47.
17 Ukuzonda kwethu okubi kusisiza ukuba sigweme izinto ezenyelisa uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umuntu angase ayazi ingozi yezithombe ezingcolile zobulili kuyi-Internet abese ezama ukungazibuki. Kodwa, ‘umuntu anguye ngaphakathi’ uzizwa kanjani ngokuqukethwe izingosi zezithombe ezingcolile zobulili? (Efesu 3:16) Uma esebenzisa isikhuthazo saphezulu esiku-Amose 5:15, kuyoba lula ngaye ukuhlakulela inzondo ngokubi. Ngokwenza kanjalo angase anqobe empini yakhe engokomoya.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Amose 2:12) ‘Kodwa naqhubeka ninika amaNaziri iwayini ukuba aphuze, futhi nabekela abaprofethi umyalo, nithi: “Akumelwe niprofethe.”
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJoweli Neka-Amose
2:12. Akufanele sikhuthaze amaphayona azikhandlayo, ababonisi abajikelezayo, izithunywa zevangeli noma amalungu omkhaya waseBethel ukuba bayeke inkonzo yesikhathi esigcwele baphishekele lokho okubizwa ngokuthi indlela evamile yokuphila. Kunalokho, kufanele sibakhuthaze ukuba baqhubeke nomsebenzi wabo omuhle.
(Amose 8:1, 2) Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova eyenza ukuba ngikubone, bheka! kwakukhona ubhasikidi wezithelo zasehlobo. 2 Khona-ke yathi: “Ubonani, Amose?” Ngathi: “Ubhasikidi wezithelo zasehlobo.” UJehova waqhubeka wathi kimi: “Ukuphela kufikile kubantu bami u-Israyeli. Ngeke ngisabaxolela.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJoweli Neka-Amose
8:1, 2—Wawusho ukuthini “ubhasikidi wezithelo zasehlobo”? Wawusho ukuthi usuku lukaJehova lwaluseduze. Izithelo zasehlobo zikhiwa ngasekupheleni kwenkathi yokuvuna, okungukuthi, ngasekupheleni konyaka wezolimo. Lapho uJehova ebonisa u-Amose “ubhasikidi wezithelo zasehlobo,” kwakusho ukuthi kwase kuseduze ukuphela kuka-Israyeli. Ngakho, uNkulunkulu watshela u-Amose: “Ukuphela kufikile kubantu bami u-Israyeli. Ngeke ngisabaxolela.”
Ukufundwa KweBhayibheli
(Amose 4:1-13) “Yizwani leli zwi, nina zinkomazi zaseBhashani, enisentabeni yaseSamariya, eniphamba abantu abaphansi, enicindezela abampofu, enithi emakhosini enu, ‘Lethani, masiphuzeni!’ 2 INkosi EnguMbusi uJehova ifungé ubungcwele bayo, ‘“Bhekani! Kuza izinsuku phezu kwenu, nakanjani eyoniphakamisa ngazo ngezingwegwe zasesilaheni futhi ingxenye yenu yokugcina iphakanyiswe ngezindobo. 3 Niyophuma ngezindawo ezibhodlokile, yilowo nalowo aqonde phambili; futhi ngokuqinisekile niyophonswa ngaphandle eHarmoni,” kusho uJehova.’ 4 “‘Wozani eBhethele, nina bantu, neqe umthetho. Yeqani umthetho kaningi eGiligali, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni; ngosuku lwesithathu, okweshumi kwenu. 5 Thunqisani umhlatshelo wokubonga kokufakwe imvubelo, nimemezele iminikelo yokuzithandela; kumemezeleni, ngoba yileyo ndlela enithande ngayo bantwana bakwa-Israyeli,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova. 6 “‘Futhi mina, nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo kuyo yonke imizi yenu nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu; kodwa anibuyelanga kimi,’ kusho uJehova. 7 “‘Mina, ngabuye nganigodlela imvula kusasele izinyanga ezintathu kube ukuvuna; futhi ngenza ukuba line emzini owodwa, kodwa komunye umuzi ngenza ukuba lingani. Kwakuba khona isiqephu sezwe esisodwa elalina kuso, kodwa isiqephu sezwe engangenza ukuba lingani kuso sasoma. 8 Futhi imizi emibili noma emithathu yayiyendayendela emzini owodwa iyophuza amanzi, kodwa yayinganeliseki; kodwa anibuyelanga kimi,’ kusho uJehova. 9 “‘Nganishaya ngokuhanguka nangokukhunta. Kwaba khona ukwandiswa kwezingadi zenu nokwezivini zenu, kodwa imikhiwane yenu neminqumo yenu kwakushwabadelwa icimbi; nokho anibuyelanga kimi,’ kusho uJehova. 10 “‘Ngathumela phakathi kwenu isifo esiwumshayabhuqe sohlobo lwesaseGibhithe. Ngabulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba namahhashi enu. Futhi ngangilokhu ngenza ukuba iphunga elibi lamakamu enu lenyukele ngisho nasemakhaleni enu; kodwa anibuyelanga kimi,’ kusho uJehova. 11 “‘Ngabangela ukugumbuqela phakathi kwenu njengokugumbuqela kukaNkulunkulu iSodoma neGomora. Naba njengokhuni oluhlwithwe ekusheni; kodwa anibuyelanga kimi,’ kusho uJehova. 12 “Ngakho-ke yilokho engizokwenza kuwe Israyeli. Ngenxa yokuthi yikho kanye lokhu engizokwenza kuwe, lungela ukuhlangabezana noNkulunkulu wakho, Israyeli. 13 Ngoba, bheka! uMbumbi wezintaba, noMdali womoya, naLowo otshela umuntu wasemhlabeni lokho okumkhathazayo engqondweni, Lowo owenza ukuntwela kokusa kube ngubumnyama, naLowo onyathela phezu kwezindawo eziphakeme zomhlaba, nguJehova uNkulunkulu wamabutho igama lakhe.”
NOVEMBA 13-19
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | OBADIYA 1–JONA 4
“Funda Emaphutheni Owenzile”
(Jona 3:1-3) Khona-ke izwi likaJehova lafika kuJona okwesibili, lathi: 2 “Sukuma, uye eNineve umuzi omkhulu, umemezele kuwo isimemezelo engisikhuluma kuwe.” 3 Khona-ke uJona wasukuma waya eNineve ngokwezwi likaJehova. Manje iNineve laliwumuzi omkhulu kuNkulunkulu, lingangebanga lohambo lwezinyawo lwezinsuku ezintathu.
Wafunda Emaphutheni Akhe
22 Kuthiwani ngoJona? Ingabe wafunda ukubonga uJehova ngokulalela? Kunjalo. Ngemva kwezinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, inhlanzi yayisa uJona ogwini yafike “yamhlanza . . . yamkhiphela emhlabathini owomile.” (Jona 2:10) Cabanga—ngemva kwakho konke okwakwenzekile, uJona akudingekanga ngisho nokuba abhukude aye ogwini! Noma kunjalo, uyena okwadingeka azitholele indlela yokusuka kulelo bhishi, kungakhathaliseki ukuthi lalikuphi. Kodwa kungakabiphi, umoya wakhe wokwazisa wavivinywa. UJona 3:1, 2, uthi: “Khona-ke izwi likaJehova lafika kuJona okwesibili, lathi: ‘Sukuma, uye eNineve umuzi omkhulu, umemezele kuwo isimemezelo engisikhuluma kuwe.’” Wayezokwenzenjani uJona?
23 UJona akazange anqikaze. Siyafunda: “Khona-ke uJona wasukuma waya eNineve ngokwezwi likaJehova.” (Jona 3:3) Yebo walalela. Ngokusobala, wayefundile emaphutheni akhe. Nakulokhu kudingeka silingise ukholo lukaJona. Sonke siyona; sonke siyawenza amaphutha. (Roma 3:23) Kodwa ingabe siyadikila, noma siyafunda emaphutheni ethu bese siphendukela enkambweni yokukhonza uNkulunkulu ngokumlalela?
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Obadiya 10) Ngenxa yobudlova obenze kumfowenu uJakobe, uyombozwa amahloni, futhi kuyomelwe unqunywe kuze kube nini nanini.
Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Obadiya, KaJona NekaMika
vs 10—U-Edomi ‘wanqunywa kuze kube nini nanini’ ngayiphi indlela? Njengoba kwabikezelwa, isizwe sakwa-Edomi, esasinohulumeni nabantu ababehlala endaweni ethile, saphela. UNabonidasi, inkosi yaseBhabhiloni, yanqoba u-Edomi cishe maphakathi nekhulu lesithupha B.C.E. Ngekhulu lesine B.C.E., indawo yakwa-Edomi yayisihlalwa amaNabataea, futhi abakwa-Edomi kwadingeka bahlale engxenyeni eseningizimu yeJudiya, indawo yaseNegebhi kamuva eyabizwa ngokuthi i-Idumiya. Ngemva kokuba abaseRoma bebhubhise iJerusalema ngo-70 C.E., abakwa-Edomi baphela nya.
(Obadiya 12) Kwakungafanele uwubukele lowo mbukwane ngosuku lomfowenu, ngosuku lweshwa lakhe; futhi kwakungafanele ujabule ngamadodana kaJuda ngosuku lokushabalala kwawo; kwakungafanele futhi wande ngomlomo ngosuku lokucindezeleka kwawo.
Ukuphatha Abanye Ngendlela Efunwa UNkulunkulu
4 Kunesifundo ongasithola ekwahluleleni kukaNkulunkulu u-Edomi, izwe eliseduze kwakwa-Israyeli: “Kwakungafanele uwubukele lowo mbukwane ngosuku lomfowenu, ngosuku lweshwa lakhe; futhi kwakungafanele ujabule ngamadodana kaJuda ngosuku lokushabalala kwawo.” (Obadiya 12) AbaseThire babengase babe ‘abafowabo’ bama-Israyeli ngenxa yokuhwebelana, kodwa abakwa-Edomi bona babeyizihlobo zegazi zama-Israyeli ngoba babezalwa u-Esawu, iwele likaJakobe. Ngisho noJehova wabiza abakwa-Edomi ngokuthi ‘abafowabo’ bama-Israyeli. (Duteronomi 2:1-4) Ngakho, kwakuyinzondo yangempela ngabakwa-Edomi ukuba bajabule lapho abaseBhabhiloni benqoba amaJuda.—Hezekeli 25:12-14.
5 Ngokusobala, uNkulunkulu akayithandanga indlela abakwa-Edomi abaphatha ngayo abafowabo abangamaJuda. Nokho, singase sizibuze, ‘UNkulunkulu angayibheka kanjani indlela engiphatha ngayo abafowethu?’ Isici esidinga ukusicabangela yindlela esibabheka nesibaphatha ngayo abafowethu uma siye sahilizisana. Ngokwesibonelo, ake sithi umKristu ukukhubile noma uxabane nesihlobo sakho. Uma ‘unesizathu sokukhononda,’ ingabe uyofukamela inzondo, ungayidlulisi indaba noma uzame ukuyixazulula? (Kolose 3:13; Joshuwa 22:9-30; Mathewu 5:23, 24) Ukwenza kanjalo kungathinta indlela omphatha ngayo umfowenu; ungase ubande uma ukhuluma naye, umzibe noma ukhulume kabi ngaye. Uma sisenabisa lesi sibonelo, ake sithi yena lo mfowenu uyona, mhlawumbe kuze kudingeke elulekwe noma ayalwe abadala bebandla. (Galathiya 6:1) Ubuyobonisa umoya wabakwa-Edomi, usizakale ngobunzima bomfowenu? UNkulunkulu ubengafuna usabele kanjani?
Ukufundwa KweBhayibheli
(Jona 3:1-10) Khona-ke izwi likaJehova lafika kuJona okwesibili, lathi: 2 “Sukuma, uye eNineve umuzi omkhulu, umemezele kuwo isimemezelo engisikhuluma kuwe.” 3 Khona-ke uJona wasukuma waya eNineve ngokwezwi likaJehova. Manje iNineve laliwumuzi omkhulu kuNkulunkulu, lingangebanga lohambo lwezinyawo lwezinsuku ezintathu. 4 Ekugcineni uJona wangena emzini ibanga lohambo lwezinyawo losuku olulodwa, futhi wayelokhu ememezela ethi: “Kusele izinsuku ezingamashumi amane kuphela, bese iNineve ligumbuqelwa.” 5 Amadoda aseNineve aqala ukuba nokholo kuNkulunkulu, amemezela ukuzila ukudla agqoka indwangu yesaka, kusukela komkhulu kunawo wonke kuwo kuya komncane kunawo wonke. 6 Lapho leli zwi lifika enkosini yaseNineve, khona-ke yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi yakhumula isembatho sayo sezikhulu yembatha indwangu yesaka yahlala phansi emlotheni. 7 Ngaphezu kwalokho, yayaleza ukuba kwenziwe isimemezelo, yayaleza ukuba sishiwo eNineve, ngesinqumo senkosi nabakhulu bayo, kuthiwe: “Akukho muntu nasilwane esifuywayo, akukho mhlambi wezinkomo namhlambi wezimvu nezimbuzi, okufanele kunambithe utho nakancí. Akekho noyedwa okufanele adle ukudla. Akufanele kuphuzwe ngisho namanzi. 8 Mabembathe indwangu yesaka, umuntu nemfuyo; mababize uNkulunkulu ngamandla babuye, yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obabusezandleni zabo. 9 Ngubani owaziyo ukuthi uNkulunkulu weqiniso ngeke yini abuya futhi empeleni adabuke abuye entukuthelweni yakhe evuthayo, ukuze singashabalali?” 10 UNkulunkulu weqiniso wayibona imisebenzi yabo, ukuthi babebuyile endleleni yabo embi; ngakho uNkulunkulu weqiniso wadabuka ngenhlekelele ayekhulumé ukuthi uzobabangela yona; akabange esayibangela.
NOVEMBA 20-26
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MIKA 1-7
“Yini UJehova Ayicela Kithi?”
(Mika 6:6, 7) Ngiyoya ngiphetheni kuJehova? Ngiyokhothama ngiphetheni kuNkulunkulu wami phezulu? Ngiye ngiphethe iminikelo yokushiswa ephelele, namathole amnyaka munye? 7 Ingabe uJehova uyojatshuliswa yizinkulungwane zezinqama, amashumi ezinkulungwane zezifufula zamafutha? Ingabe kufanele nginikele ngezibulo lami ngenxa yokuvukela kwami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono somphefumulo wami?
Kufanele Sibaphathe Kanjani Abanye?
20 Ngokombono kaNkulunkulu, ubuhlobo bethu nabafowethu buyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso. Imihlatshelo yezilwane yayingasho lutho kuJehova uma labo abayinikelayo babengabaphathi kahle abanye abantu. (Mika 6:6-8) Ngakho, uJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba ‘balungise izindaba masinyane.’ (Math. 5:25) UPawulu wabhala okuthi akufane: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo.” (Efe. 4:26, 27) Uma kwenzeka siba nesizathu esifanele sokuthukuthela, kufanele sithathe isinyathelo sokulungisa indaba masinyane ukuze singahlali sisesimweni sokuthukuthela, kanjalo sivumele uSathane asizakale ngathi.—Luka 17:3, 4.
(Mika 6:8) Ukutshelile, muntu wasemhlabeni, okuhle. Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?
“Yini UJehova Ayicela Kuwe?”
‘Bonisa ubulungisa.’ Enye incwadi ithi igama lesiHebheru elihunyushwa ngokuthi “ubulungisa” lihlanganisa “ukuphathana kwabantu ngendlela elungile nebonisa ukungenzeleli.” UNkulunkulu usicela ukuba siphathe abanye ngendlela elungile nengenzeleli ngokwemithetho yakhe. Sibonisa ubulungisa ngokungakhethi, ngokuba qotho nangokwethembeka lapho sisebenzelana nabanye. (Levitikusi 19:15; Isaya 1:17; Hebheru 13:18) Lapho siphatha abanye ngobulungisa, nabo bangase bashukumiseleke ukuba basiphathe ngobulungisa.—Mathewu 7:12.
‘Thanda umusa.’ UNkulunkulu akasiceli nje kuphela ukuba sibonise umusa kodwa nokuba siwuthande. Igama lesiHebheru elihunyushwa ngokuthi “umusa” (cheʹsedh) lingase lihunyushwe nangokuthi “umusa wothando” noma “uthando oluqotho.” Esinye isazi seBhayibheli sithi: “Amagama athi uthando, isihe nomusa awalichazi ngokwanele igama elithi [cheʹsedh]; leli gama lichazwa yiwo wonke la magama ehlangene, hhayi elilodwa.” Uma siwuthanda umusa, siwubonisa ngokuzithandela; siyakujabulela ukusiza abaswele. Ngenxa yalokho, sithola injabulo ebangelwa ukupha.—IzEnzo 20:35.
‘Yiba nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho.’ EBhayibhelini igama elithi “ukuhamba” lisho “ukulandela inkambo ethile.” Sihamba noNkulunkulu ngokulandela inkambo yokuphila ayembule eBhayibhelini. Kudingeka ‘sibe nesizotha’ lapho silandela leyo nkambo. Kanjani? Ukuba nesizotha phambi kukaNkulunkulu kusho ukuhlola ngobuqotho ukuma kwethu phambi kwakhe futhi siqaphele ukuthi sinesono. Ngakho-ke, “ukuhamba nothile ngesizotha” kusho ukuba nombono ofanele walokho akufunayo nalokho esingamnika kona.
Siyabonga ngokuthi uJehova akalokothi afune okungaphezu kwesingamnika kona. Ujatshuliswa imizamo yethu emihle kakhulu yokumkhonza. (Kolose 3:23) Uyaqonda ukuthi sinesono. (IHubo 103:14) Lapho nathi sifunda ukukwamukela ngesizotha ukuthi sinesono, singathola intokozo ekuhambeni naye. Funda ukuthi ungaqala kanjani ukuhamba noNkulunkulu. Uma wenza kunjalo, uyokubusisa ngokucebile.—IzAga 10:22.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Mika 2:12) “‘Ngokuqinisekile ngiyombutha uJakobe, nonke; nakanjani ngiyobaqoqela ndawonye abaseleyo baka-Israyeli. Ngiyobamisa ngobunye, njengomhlambi esibayeni, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo; kuyoba nomsindo wabantu.’
Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Obadiya, KaJona NekaMika
2:12—Sagcwaliseka nini isiprofetho ‘sokuqoqela ndawonye abaseleyo baka-Israyeli’? Sagcwaliseka okokuqala ngo-537 B.C.E. lapho insali yamaJuda ibuyela ezweni layo ngemva kokudingiselwa eBhabhiloni. Ezikhathini zanamuhla, lesi siprofetho sigcwaliseka “ku-Israyeli kaNkulunkulu.” (Galathiya 6:16) Kusukela ngo-1919, amaKristu agcotshiwe aye aqoqelwa ndawonye “njengomhlambi esibayeni.” Njengoba “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ siye sazihlanganisa nawo, ikakhulu kusukela ngo-1935, ‘sekunomsindo wabantu.’ (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16) Bebonke, bakusekela ngentshiseko ukukhulekela kweqiniso.
(Mika 7:7) Kodwa mina, ngizohlala ngibheke uJehova. Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda uNkulunkulu wensindiso yami. UNkulunkulu wami uzongizwa.
Yini UJehova Ayilindele Kithi?
20 Ukuthola isibusiso sikaJehova kusenza silingise umoya kaMika. Uthi: “Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda uNkulunkulu wensindiso yami.” (Mika 7:7) La mazwi ahlobene kanjani nokuhamba kwethu noNkulunkulu ngesizotha? Ukuba nesimo sengqondo sokulinda, noma ukubekezela, kusisiza sigweme ukudangaliswa ukuthi usuku lukaJehova alukafiki. (IzAga 13:12) Empeleni, sonke siyakulangazelela ukuphela kwaleli zwe elibi. Nokho, isonto ngalinye kuba nezinkulungwane zabantu okuyimá ziqala ukuhamba noNkulunkulu. Ukwazi lokho kusinika isizathu sokubonisa isimo sengqondo sokulinda. Othile osenesikhathi eside enguFakazi wathi ngalokhu: “Uma ngicabanga le minyaka engu-55 ngenza umsebenzi wokushumayela, ngiyaqiniseka ukuthi angilahlekelwanga yilutho ngokulinda uJehova. Kunokulahlekelwa, ngiye ngasinda ezintweni eziningi ezibuhlungu.” Ingabe kungokufanayo nakuwe?
Ukufundwa KweBhayibheli
(Mika 4:1-10) Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa iqine ibe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, futhi ngokuqinisekile iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma; izizwe zigobhozele kuyo. 2 Ngokuqinisekile izizwe eziningi ziyohamba zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uzosifundisa izindlela zakhe, sihambe ezindleleni zakhe.” Ngoba umthetho uyophuma eZiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema. 3 Ngokuqinisekile uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe eziningi, alungise izindaba ngokuqondene nezizwe ezinamandla ezikude. Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Ngeke ziphakamise inkemba, isizwe simelane nesizwe, futhi ngeke zisayifunda impi. 4 Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele; ngoba wona kanye umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile. 5 Ngoba zonke izizwe, ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso; kodwa thina, siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade. 6 “Ngalolo suku,” kusho uJehova, “ngiyombutha yena owayexhuga; naye owayehlakazekile ngiyomqoqela ndawonye, yebo yena engiye ngamphatha kabi. 7 Ngokuqinisekile owayexhuga ngiyomenza abe yinsali, naye owayedediselwe kude ngiyomenza isizwe esinamandla; futhi uJehova empeleni uyobusa njengenkosi phezu kwabo eNtabeni iZiyoni, kusukela manje kuze kube nini nanini. 8 Kepha wena, mbhoshongo womhlambi, ndunduma yendodakazi yaseZiyoni, kuyofika nakuwe, yebo, umbuso wokuqala uyofika ngokuqinisekile, umbuso wendodakazi yaseJerusalema. 9 “Manje kungani ulokhu umemeza kakhulu? Akukho nkosi yini kuwe, noma ingabe umeluleki wakho ushabalele, kangangokuthi ubanjwé yimihelo enjengeyowesifazane obelethayo? 10 Yiba sezinhlungwini ezinzima uqhume, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngoba manje uzophuma emzaneni, futhi kuzomelwe uhlale ensimini. Kuzomelwe uhambe uze ufike eBhabhiloni. Lapho uyokhululwa. Lapho uJehova uyokuthenga akubuyise entendeni yesandla sezitha zakho.
NOVEMBA 27–DISEMBA 3
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NAHUME 1–HABAKUKI 3
“Hlale Uphapheme Ngokomoya Futhi Umatasa”
(Habakuki 2:1-4) Ngizoqhubeka ngimile endaweni yami yokuqapha, futhi ngizolokhu ngimi phezu kodonga lwesivikelo; ngizoqapha, ukuze ngibone ukuthi yini azoyikhuluma ngami nokuthi ngizophendula ngithini ekusolweni kwami. 2 UJehova wangiphendula wathi: “Ulobe phansi umbono, uwubeke ngokucacile ezibhebheni, ukuze owufunda ngokuzwakalayo afunde ngokuqephuza. 3 Ngoba umbono usengowesikhathi esimisiwe, ulokhu uphuthuma ekupheleni, futhi ngeke uqambe amanga. Ngisho noma ungase ulibale, hlala uwulindele; ngoba nakanjani uzogcwaliseka. Ngeke wephuze. 4 “Bheka! Umphefumulo wakhe uvokomele; awuzange ube qotho ngaphakathi kuye. Kodwa olungileyo, uyoqhubeka ephila ngokwethembeka kwakhe.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaNahume, KaHabakuki NekaZefaniya
2:1. NjengoHabakuki, kufanele sihlale siphapheme futhi sikhuthele ngokomoya. Kufanele sihlale sikulungele nokulungisa ukucabanga kwethu kuvumelane nanoma ikuphi ‘ukusolwa,’ noma ukulungiswa, esingase sikuthole.
2:3; 3:16. Njengoba sikulindele ngokholo ukufika kosuku lukaJehova, masingaphelelwa umuzwa wokuphuthuma.
2:4. Ukuze sisinde ngosuku lokwahlulela lukaJehova oluzayo, kumelwe sikhuthazele ngokwethembeka.—Hebheru 10:36-38.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Nahume 1:8) Uyoyiqothula ngokuphelele indawo yalo ngesikhukhula esidlulayo, futhi izitha zakhe ziyoxoshwa ngubumnyama.
(Nahume 2:6) Wona kanye amasango emifula ngokuqinisekile ayovuleka, nesigodlo ngokwaso empeleni siyoncibilika.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaNahume, KaHabakuki NekaZefaniya
2:6— Imaphi “amasango emifula” avuleka? La masango abhekisela esikhaleni esavulwa amanzi oMfula iTigrisi ezindongeni zaseNineve. Ngo-632 B.C.E. lapho lihlaselwa amabutho ahlangene aseBhabhiloni nawamaMede, iNineve alizange lizibone lisengozini. Njengoba lalizizwa lilondekile ngaphakathi kwezindonga zalo eziphakeme, lalizibheka njengomuzi ongangeneki. Nokho, izimvula ezinkulu zabangela ukuba iTigrisi igcwale iphuphume. Ngokwesazimlando uDiodorus, lokhu “kwenza ingxenye yomuzi yagcwala izikhukhula kwabhidliza nengxenye ethile yezindonga.” Kanjalo, amasango omfula avuleka futhi njengoba kwakubikezelwe, iNineve ladliwa ngokushesha njengomlilo ushisa izinhlanga ezomile.—Nahume 1:8-10.
(Habakuki 3:17-19) Nakuba umkhiwane ungase ungaqhakazi, futhi kungabikho sivuno emivinini; nakuba umsebenzi womnqumo empeleni ungase ubhuntshe, namathala ngokwawo engase angakhiqizi kudla; nakuba umhlambi wezimvu nezimbuzi ungase empeleni uhlukaniswe nesibaya, futhi kungase kungabikho mhlambi wezinkomo ezibayeni; 18 Nokho, mina, ngiyokwethaba ngoJehova ngokwakhe; ngiyojabula ngoNkulunkulu wensindiso yami. 19 UJehova iNkosi EnguMbusi ungamandla ami; uyokwenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi, futhi uyongenza ngihambe ezindaweni zami eziphakeme. Kumqondisi osezinsimbini zami zomculo ezinezintambo.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaNahume, KaHabakuki NekaZefaniya
3:17-19. Ngisho noma singehlelwa ubunzima ngaphambi noma phakathi ne-Armagedoni, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyosinika “amandla” njengoba siqhubeka simkhonza ngenjabulo.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Habakuki 2:15–3:6) “‘Maye kulowo onika abangane bakhe okuphuzwayo, ekuhlanganisa nokufutheka kwakho nentukuthelo, ukuze abadakise, ngenjongo yokubuka izitho zabo ezibangela amahloni. 16 Ngokuqinisekile uyosutha ihlazo esikhundleni senkazimulo. Nawe futhi phuza, futhi ubhekwe njengongasokile. Indebe yesandla sokunene sikaJehova iyofika nakuwe, futhi inkazimulo yakho iyoba nehlazo; 17 ngoba uyombozwa ubudlova obenziwe eLebhanoni, nokuhaha okuphezu kwezilwane okubesabisa kakhulu, ngenxa yokuchitha igazi labantu nobudlova obenziwa emhlabeni, emzaneni nakubo bonke abahlala kuwo. 18 Ubé nanzuzoni umfanekiso oqoshiwe, lapho umenzi wawo ewuqophile, isithombe esincibilikisiwe, nomfundisi ofundisa amanga? lapho umenzi wesimo sawo ethembele kuwo, aze enze onkulunkulu abangasizi ngalutho abayizimungulu? 19 “‘Maye kulowo oshoyo okhunini ukuthi: “Phaphama!” athi etsheni eliyisimungulu: “Vuka! Lona liyofundisa”! Bheka! Unamekwe ngegolide nangesiliva, futhi awukho nakancane umoya phakathi kwawo. 20 Kodwa uJehova usethempelini lakhe elingcwele. Thula phambi kwakhe, mhlaba wonke!’”
3 Umthandazo kaHabakuki umprofethi oyizingoma zokulila: 2 O Jehova, ngiwuzwile umbiko ngawe. O Jehova, sengiyawesaba umsebenzi wakho. Kwangathi ungawenza uphile phakathi neminyaka! Kwangathi ungawenza waziwe phakathi neminyaka. Ngesikhathi sokuyaluza, kwangathi ungakhumbula ukubonisa isihe. 3 UNkulunkulu ngokwakhe wavela eThemani, yebo oNgcwele wavela eNtabeni iPharanu. Seʹla. Isithunzi sakhe samboza amazulu; umhlaba wagcwala udumo lwakhe. 4 Ngokuphathelene nokukhazimula kwakhe, kwaba njengokukhanya nje. Wayenemisebe emibili ephuma esandleni sakhe, futhi yilapho amandla akhe ayecashe khona. 5 Isifo esiwumshayabhuqe saqhubeka sihamba phambi kwakhe, nomkhuhlane ovuthayo wawuphuma ezinyaweni zakhe. 6 Wema, ukuze anyakazise umhlaba. Wabona, wayesebangela izizwe ukuba ziqhashe. Izintaba ezingunaphakade zaphihlizwa; amagquma ami kuze kube nini nanini akhothama. Izindlela zakudala zingezakhe.