YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ongase Uxoxe Ngakho
Isimemo Somkhankaso WeSikhumbuzo (Mashi 19–Ephreli 15)
“Singathanda ukukumema embuthanweni okhethekile wokukhumbula ukufa kukaJesu. Izigidi zabantu emhlabeni wonke zivame ukuba khona kulo mbuthano.” Mnike isimemo noma umthumelele sona. “Lesi simemo sinesikhathi nendawo esizobe sihlangene kuyo [noma indlela ongaxhuma ngayo emhlanganweni wethu nge-inthanethi]. Sicela ukukumemela nasenkulumweni ekhethekile esizoba nayo ngesonto elingaphambi kweleSikhumbuzo.”
Uma Umninikhaya Elalela: Dlala [noma umthumele] ividiyo ethi Khumbula Ukufa KukaJesu.
Ngokuzayo: Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe?
Lapho Nixoxa Okokuqalaa (Mashi 1-18, Ephreli 16-30)
Umbuzo: Ungubani uJesu?
UmBhalo: Mat 16:16
Ngokuzayo: Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe?
Lapho Ubuyela Koxoxe Nayeb
Umbuzo: Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe?
UmBhalo: Mat 20:28
Ngokuzayo: Singabonisa kanjani ukuthi siyawazisa umhlatshelo wesihlengo sikaJesu?