Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp23 No. 1 kk. 14-15
  • Indlela Yokusiza Abanezifo Zokuphazamiseka Kwengqondo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokusiza Abanezifo Zokuphazamiseka Kwengqondo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2023
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okukushoyo
  • Indlela Lokhu Okungasiza Ngayo
  • Usizo Omnikeza Lona Lungawenza Umehluko
  • Indlela Yokusiza Umngane Ogulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ingabe Kufanele Ngimcebe Umngane Wami?
    I-Phaphama!—2008
  • Indlela Ongabhekana Ngayo Nenkinga Yempilo Engalindelekile
    Izihloko Ezengeziwe
  • Kufanele Ngenzeni Uma Umngane Wami Engena Enkathazweni?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2023
wp23 No. 1 kk. 14-15
Indoda ilalele umkayo ocindezelekile ngozwela.

Indlela Yokusiza Abanezifo Zokuphazamiseka Kwengqondo

IBHAYIBHELI LITHI: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”​—IZAGA 17:17.

Lokho Okukushoyo

Singase singazi ukuthi singamsiza kanjani umngane wethu onenkinga yokuphazamiseka kwengqondo. Singambonisa umngane wethu ukuthi siyamkhathalela. Singambonisa kanjani?

Indlela Lokhu Okungasiza Ngayo

‘Shesha ukulalela.’​—JAKOBE 1:19.

Enye indlela enhle kakhulu yokusiza umngane wethu ukumlalela lapho efuna ukukhuluma. Ungacabangi ukuthi kufanele uphendule yonke into ayishoyo. Menze abone ukuthi umlalele nokuthi uyamkhathalela. Zama ukuqonda indlela azizwa ngayo futhi ungamehluleli. Khumbula ukuthi angasho izinto angaqondile ukuzisho, angase azisole ngazo kamuva.​—Jobe 6:2, 3.

Khuluma ‘ngokududuzayo.’​—1 THESALONIKA 5:14.

Kungenzeka umngane wakho akhathazeke kakhulu noma azizwe eyinto engelusizo lwalutho. Ngisho ungazi ukuthi yini okufanele uyisho, ungamqinisekisa ngokuthi uyamthanda futhi lokho kungamduduza kumenze akhuthazeke.

“Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi.”​—IZAGA 17:17.

Msize lapho edinga ukusizwa khona. Mbuze ukuthi ungamsiza kanjani. Uma ekuthola kunzima ukukuchazela ukuthi udinga luphi usizo, ungase umcele ukuba nenze izinto ezithile njengokushaywa umoya. Ungamsiza ngokumyela ezitolo, ukumhlanzela indlu noma umenzele eminye imisebenzi.—Galathiya 6:2.

‘Bekezela.’​—1 THESALONIKA 5:14.

Kungenzeka umngane wakho angafuni ukukhuluma ngezinye izikhathi. Mqinisekise ukuthi uzokujabulela ukumlalela lapho esefisa ukukhuluma. Ngenxa yokuphazamiseka kwakhe, umngane wakho angasho noma enze izinto ezikuzwisa ubuhlungu. Angahoxisa izinhlelo ebeninazo noma acasuke ngokushesha. Zama ukumqonda futhi ube nesineke njengoba umnikeza usizo aludingayo.​—IzAga 18:24.

Usizo Omnikeza Lona Lungawenza Umehluko

“Ngiyaqiniseka ukuthi ngiba khona lapho umngane wami engidinga. Ngisho noma ngingenaso isixazululo sezinkinga zakhe, ngiyazama ukumlalela lapho ekhuluma. Ngezinye izikhathi usuke edinga nje umuntu ozomlalela ukuze azizwe engcono.”​—UFarrah,a onomngane onesifo sokukhathazeka kakhulu, odla nangendlela engafanele nokutholakale ukuthi unesifo sokucindezeleka.

Owesifazane osemusha ubambe isandla sowesifazane osekhulile ngozwela.

“Omunye wabangane bami onomusa, ongikhuthazayo, wangimema ukuze sizodla isidlo esimnandi naye. Wayenothando futhi wenza kwaba lula ngami ukuba ngiveze indlela engizizwa ngayo. Kwangikhuthaza ngempela lokho!”​—UHa-eun, onesifo sokucindezeleka.

“Ave kubalulekile ukuba nesineke. Lapho umkami engicasula, ngiyazikhumbuza ukuthi yingoba egula hhayi ngoba esuke eqonde ukungicasula. Lokhu kuyangisiza ngehlise umoya futhi ngizwelane naye nakakhulu.”​—UJacob, onenkosikazi enesifo sokucindezeleka.

“Umkami ungisiza kakhulu futhi uyangiduduza. Uma ngikhathazeke kakhulu akangiphoqi ukuba ngenze izinto engingathandi ukuzenza. Ngezinye izikhathi lokhu kusho ukuthi ngeke akwazi ukwenza izinto afisa ukuzenza. Akekho onjengaye ngoba unomusa futhi akazicabangeli yena.”​—U-Enrico, onesifo sokukhathazeka ngokweqile.

a Amanye amagama ashintshiwe.

Ukuze Uthole Olunye Usizo:

Ngena ku-jw.org/zu ufunde isihloko esithi “Lapho Ugulelwa Othandekayo,” esitholakala kuyi-Phaphama! ka-Okthoba 2015.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela