Imibuzo Evela Kubafundi
Yini esenza siphethe ngokuthi amazwi atholakala kumaHubo 12:7 athi “Wena uyobaqapha” abhekisela kubantu “abahluphekile” (asevesini 5)?
Umongo ubonisa ukuthi leli vesi libhekisela kubantu.
KumaHubo 12:1-4 sifunda ukuthi “abantu abathembekile sebeshabalele.” KumaHubo 12:5-7 ube esethi:
“‘Ngenxa yokuthi abahluphekile bayacindezelwa,
Ngenxa yokububula kwabampofu,
Ngizothatha isinyathelo,’ kusho uJehova.
‘Ngizobakhulula kulabo abababukela phansi.’
Amazwi kaJehova ahlanzekile;
Anjengesiliva elicwengwe esithandweni esisemhlabathini, elihlanzwe kasikhombisa.
O Jehova, wena uyobaqapha;
Uyovikela ngamunye kubo, kusukela kulesi sizukulwane kuze kube phakade.”
Ivesi 5 likhuluma ngalokho uNkulunkulu azokwenzela abantu “abahluphekile.” Uzobakhulula.
Ivesi 6 libe selithi “amazwi kaJehova ahlanzekile,” ‘anjengesiliva elicwengiwe.’ AmaKristu azinikele avumelana ngokugcwele nala mazwi.—IHu. 18:30; 119:140.
Manje cabanga ngevesi elilandelayo, iHubo 12:7: “O Jehova, wena uyobaqapha; uyovikela ngamunye kubo, kusukela kulesi sizukulwane kuze kube phakade.”
Kwezinye izinguqulo zeBhayibheli, amazwi akumaHubo 12:7 athi “uyobaqapha” ahunyushwe ngendlela eyenza kuzwakale sengathi kubhekiselwa emazwini kaNkulunkulu. Ngakho abanye bangase baphethe ngokuthi lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ‘uqapha’ amazwi akhe ngenxa yokuthi uvesi 7 ulandela uvesi 6 okhuluma ngamazwi kaJehova. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu ubelivikela noma ubeliqapha iBhayibheli naphezu kwemizamo eminingi yabaphikisi yokulishabalalisa nokwenza abantu bangalifundi.—Isaya 40:8; 1 Pet. 1:25.
Kodwa kuyiqiniso nokuthi uJehova uyabaqapha nabantu njengoba kushiwo evesini 5. UJehova ubelokhu ebasiza futhi ebakhulula “abahluphekile” ‘nabacindezelwayo’ futhi uzoqhubeka enza kanjalo.—Jobe 36:15; IHu. 6:4; 31:1, 2; 54:7; 145:20.
Ngakho, ngokukavesi 7 yini uJehova ‘ayiqaphayo,’ abantu bakhe noma amazwi akhe?
Okuqukethwe yileli hubo kubonisa ukuthi leli vesi libhekisela kubantu.
Ngasekuqaleni kweHubo 12, uDavide ukhuluma ‘ngabantu abathembekile’ abakhohliswe abantu ababi. Evesini 3 sibe sesifunda ngokuthi uJehova uyomelana nabalusebenzisa kabi ulimi lwabo. Leli hubo lisiqinisekisa ukuthi singathembela ekutheni uNkulunkulu uzobalwela abantu bakhe ngenxa yokuthi amazwi akhe amsulwa.
Ngakho labo uJehova azobavikela, njengoba kushiwo evesini 7, abantu; okuwukuthi labo abahluphekile abahlushwa abantu ababi.
Pho kungani ezinye izinguqulo zeBhayibheli zisebenzise igama elenza kuzwakale sengathi kubhekiselwa emazwini kaJehova? I-Septuagint yesiGreki isebenzisa inkulumo ethi “uyosiqapha” nethi “uyosivikela” evesini 7, okubhekisela kubantu abathembekile abahluphekile nabacindezelwayo. Ekugcineni, ivesi 7 lithi ‘ngamunye kulabo’ abathembekile uyovikelwa “kulesi sizukulwane,” kubantu abakhuthaza ububi. (IHu. 12:7, 8) EmiBhalweni yesiHebheru ehunyushelwe olimini lwesi-Aramu, ivesi 7 lithi: “O wena NKOSI, uyovikela abalungile, uyobaqapha kulesi sizukulwane esibi kuze kube phakade.” Nalokhu kuwubufakazi bokuthi iHubo 12:7 alibhekiseli emazwini kaNkulunkulu.
Ngenxa yalokho, leli vesi linika “abantu abathembekile” ithemba lokuthi uNkulunkulu uyothatha isinyathelo.