Ukulalela Isixwayiso Kungasindisa Ukuphila Kwakho
ISIXWAYISO singaba uphawu lomgwaqo oluthi “Hamba Kancane “Qaphela,“ noma “Dedela Ezinye Izimoto“; noma singaba isibani esibanekayo esiphuzi. Singatholakala ebhodleleni lomuthi noma likashevu. Ukulalela izixwayiso ezinjalo akunzima kakhulu, futhi kungasindisa ukuphila kwakho.
Nokho, kwezinye izimo kungasho ukuphazamiseka kwamacebo noma ukulahlekelwa yizinto ezibonakalayo. Izixwayiso zesiphepho nesivunguvungu zingadinga ukuba abadobi baphindele ogwini noma bahlale esikhumulweni futhi bangasebenzi ngalolosuku. Izixwayiso zingase zingasho nje kuphela ukuphazamiseka kwamacebo kodwa futhi ukushiywa kwekhaya nempahla, noma ukubekezelela ubunzima bezikhoselo zesikhashana. Ngezinye izikhathi izixwayiso ezinjalo azilalelwa, kuphumela ekufeni.
Ngokwesibonelo, entwasahlobo yonyaka ka-1902, konke kwakuhamba kahle esiqhingini esihle solwandle iCaribbean saseMartinique. Khona-ke kwaqala ukuvela izixwayiso zenhlekelele njengoba iNtaba iPelee, okuyintaba-mlilo esendaweni engaba amakhilomitha ayi-8 ukusuka eSt. Pierre, inhloko-dolobha yesiqhingi, yayizamazama. Ekugcineni, njengoba intuthu, umlotha, nezingcezu zamatshe zaziqhantsha zikhipha umusi onuka kabi, abantu bendawo bafikelwa ukwesaba. Izimo zaqhubeka ziba zimbi, futhi kwakufanele kube sobala ukuthi kwakuzokwenzeka ingozi embi.
Izixwayiso Ezingalalelanga
Ngenxa yokuthi isivuno sikamoba sasisondela, osomabhizinisi baseSt Pierre baqinisekisa abantu ngokuthi kwakungekho ngozi Abezombangazwe, bekhathalela ukhetho olwaluza, abazange bafune ukuthi abantu babaleke, ngakho bakhuluma into efanayo. Abaholi benkolo basizana nalaba ngokutshela amalungu amasonto abo ukuthi konke kwakuhamba kahle. Khona-ke, ngoMay 8, iNtaba iPelee yaqhuma ngokuduma okukhulu. Amafu amnyama ashisayo abheka ngaseSt. Pierre, futhi cishe abantu abayizi-30 000 bafa.
Eminyakeni eminingi iNtaba iSt. Helens, esedolobheni laseWashington, eU.S.A., yayiwuphawu lokuthula nokuzola. Indawo yayigcwele izinhlobonhlobo zezilwane zasendle futhi yayiyindawo enhle yokukhwela izintaba nokudoba. Kodwa ngoMarch 1980, kwaba nezibonakaliso ngokuzamazama komhlaba nokuqhuma okuncane komusi. Ekuqaleni kukaMay iNtaba yayizamazama kakhudlwana. Izikhulu zendawo nezikahulumeni zaqala ukukhipha izixwayiso zengozi kulabo ababesendaweni yentaba-mlilo.
Nakuba kunjalo, inani labantu lahlala kuleyondawo, kuyilapho abanye bengazinakanga izibonakaliso ezixwayisa ngokudlula endaweni enengozi. Ngokushesha, entathakusa ngeSonto, ngoMay 18, kwaba nokuqhuma okukhulu okwasusa isiqongo sentaba ngamamitha angama-400 futhi kwaletha inhlekelele ezitshalweni nasezilwaneni, kanye nakubantu abangama-60 ababehluleka ukulalela izixwayiso ezazinikeziwe.
Ngokuphambene, ngoNovember 1986, iNtaba iMihara esesiqhingini saselzuOshima, eJapane, ngokungazelele yaqhuma, isongela sonke isiqhingi kuhlanganise nabantu abahlala kuso abayizinkulungwane eziyishumi kanye nezivakashi. Basilalela isixwayiso esithi, “Balekani manje!“? Izihloko ezilandelayo ezivela kumlobeli wePhaphama! eJapane zilandisa indaba.