Liyini Ikusasa Ngathi Nezingane Zethu?
UMKHAYA awanakuchitha okungaphezu kwalokho okuzuzayo futhi ukwazi ukukhokha zonke izikweleti. Isizwe asinakukhokha okungaphezu kwalokho esikutholayo futhi siqhubeke sichuma; nathi asinakuqhubeka nokuchitha indawo yethu ezungezile. Asinakumosa umhlabathi omningi kunalowo owakhekayo, asinakwakha icarbon dioxide eningi kunaleyo izitshalo ezingayisebenzisa, sigawule imithi eminingi kunaleyo esiyibuyiselayo, singcolise umoya namanzi amaningi kunalawo umhlaba ongabuye uwajikelezise. Izikweleti zendawo ezungezile, njengezikweleti zesizwe, ziyodinga ukubalwa. Ziyokhokhwa, ngemali nokubambisana kwezwe lonke noma ngokuphila—kwethu nokwezingane zethu.
Ezobuchwepheshe zanamuhla ziye zenza ukubhujiswa komhlaba kwaba nokwenzeka. lalingasetshenziselwa ukukuvimbela. Kungani kungenjalo? Uthando lwemali. Kungabiza izigidigidi. Lelizwe alinakubona—noma ebugovwini balo ngeke libone—ngale kwezifiso zalo zezinto ezibonakalayo zokungacabangeli isikhathi esizayo. Njengoba lenqaba ukukhokha imali, liyokhokha ngokulahlekelwa umhlabathi ophezulu, ukulahlekelwa amahlathi, ukulahlekelwa imithombo yangaphansi komhlaba, umkhathi onomoya ofudumele, amanzi anoshevu, ukugula okudlondlobalayo, ukuphila kwabantu. Futhi ukuze libambelele emalini yalo, lelizwe lithengisa ikusasa lezingane zalo.
Ingabe liyophaphama ngesikhathi? Impendulo yomlando ayiqinisekisi, kodwa impendulo kaNkulunkulu iyaqinisekisa. UJehova uNkulunkulu ngokwakhe uthi uyongenela futhi ‘abhubhise ababhubhisa umhlaba. (IsAmbulo 11:18) Uyosusa emhlabeni bonke abonakalisa indawo yawo futhi babhubhise ubuhle bawo, ngoba wawudalela ukuba usekele ukuphila futhi ube muhle. Uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami,” futhi: “Ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.”—Isaya 66:1; 60:13.
Wawudalela ukuba uhlalwe ngabantu abathanda ukulunga—futhi uyohlalwa, izigidi ezake zaphila esikhathini esidlule, izigidi eziphila manje, nayizigidi zezingane ezisazozalwa. Lokhu uye wakuloba eZwini lakhe, iBhayibheli, futhi ungazifundela khona ngokwakho ku-Isaya 45:18 nakuJohane 5:28, 29.
Khona-ke, unakekelwa yilabo abawuthandayo, umhlaba uyozivuselela ngokwawo ube nobuhle lobo uMdali wethu ayewunike bona kwasekuqaleni. Khona-ke abantu abathambekele ekulungeni nezingane zabo bayoba nekusasa, elikhazimulayo: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:10, 11, 29.
Bangaphinde bafe? Bangaphinde bafe! “Yena uNkulunkulu abenabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” (isAmbulo 21:3, 4) Ingabe kuhle kakhulu ukuba kube yiqiniso? Cha, lelizwe elibi elikhona manje libi kakhulu ukuba lingasinda.—Daniyeli 2:44.
Kodwa wena nezingane zakho ningasinda. UJehova uNkulunkulu wenza kube nokwenzeka ngomhlatshelo weNdodana yakhe. Ukufunda ngoJehova nangeNdodana yakhe kuyosho ukuphila okuphakade ngawe nezingane zakho—ukuphila ezweni elisha eliyoba nokulunga. (Johane 3:16; 17:3; 2 Petru 3:13) Leli kungaba ikusasa elijabulisayo ngawe nezingane zakho. Ukuthi kuyoba njalo noma cha kukuwe.