Ukulwa Nesitha Esinonya
“LOKHU kwakuwuvivinyo olukhulu kakhulu ekuphileni kwami,” kwasho uElizabeth. “Ukuphinde ngilulame kuyamangalisa. Ngizwa sengathi nginamandla amasha ekuphileni. Manje sengingawanuka amarose!” Lona owesifazane oneminyaka engama-42 wayesinqobile isitha okuthiwa sidala ukuhlupheka okungaphezu kwanoma ikuphi okunye ukukhubazeka okungokwengqondo—ukucindezeleka.
U Alexander wayengenayo inhlanhla enjalo. Lendoda eneminyaka engama-33 yacindezeleka kakhulu, yaphelelwa uthando lokudla, futhi yafuna ukuba yodwa. “Wazizwa sengathi wonke umhlaba uye wehla nokuthi akukho ayengabuye akuphilele,” kuchaza umkakhe, uEsther. “Wakholelwa ukuthi wayengento yalutho.” Eqiniseka ngokuthi wayengasoze abe ngcono, uAlexander wazibulala.
Bobabili uElizabeth noAlexander babephakathi kwabantu abayizi-100 000 000 ababikwa emhlabeni wonke labo unyaka ngamunye ababa nokucindezeleka okubonwa ngabezokwelapha. Oyedwa kubantu baseMelika abane noyedwa kwabaseCanada abahlanu baba nesehlakalo sokucindezeleka okukhulu phakathi nokuphila kwabo. Futhi ukucindezeleka kubikwa njengesifo esivamile eAfrika, futhi siyanda eFederal Republic yaseJalimane. Ngakho ngokunokwenzeka ungase ube nomngane noma isihlobo esiyisisulu noma ebesikade siyisisulu.
Umka-Alexander, owenza konke okusemandleni akhe ukuba asize umyeni wakhe, uyaxwayisa: “Lapho othile ekhuluma ngokuthi ucindezelekile futhi uzizwa engento yalutho, kuthathe ngokungathi sina.” Ngakho ukucindezeleka okunzima kungokungaphezu kwesimo esidlulayo noma indaba nje yokukhathazeka. Kungaba umbulali, isitha esinonya esingakhubaza futhi sigoge. Ukukwazi kungase kusho umehluko phakathi kokuphila nokufa.
“Isifo Esibhubhisayo Engqondweni Yami”
Sonke singaba yizisulu zokulahlekelwa okubuhlungu, ukukhungatheka, nokudumazeka. Ukudabuka kuwukusabela okungokwemvelo. Uyavaleka ngokomzwelo, ukhothe amanxeba akho, futhi ekugcineni uqale ukubhekana neqiniso lesimo esishintshile. Ulangazelela usuku olungcono kusasa futhi ngokushesha uqale ukujabulela ukuphila futhi. Kodwa ezimweni zokucindezeleka okukhulu kungokuhlukile.
“Ezinyangeni eziyisishiyagalombili kwakungekho-hambo lokuyothenga, akukho lutho, olwangenza ngazizwa ngingcono,” kwasho uElizabeth. Esinye isisulu, uCarol, sanezela: “Kwakunjengesifo esibhubhisayo engqondweni yami, njengefu elithusayo lilenga phezu kwami. Wawungangipha amadollar ayisigidi, futhi ayengeke ayiqede lemizwa esabekayo.” Enye indoda yathi ‘uzizwa sengathi ufake izibuko ezithunqiselwe ngentuthu—yonke into ibukeka ingakhangi. Futhi, izibuko ezinezingilazi ezikhulisayo, ukuze noma iyiphi inkinga ibonakale inkulu ngokwethusayo.’
Ukucindezeleka kuwuchungechunge lwemizwelo olusuka ekudabukeni kuya ekungabini nathemba nokuzibulala. (Bheka ibhokisi ekhasini 4.) Inani lezimpawu, amandla azo, nesikhathi sokuqhubeka kwazo konke kuyizici ezibonisayo lapho ukukhathazeka kuba ukucindezeleka okukhulu.
Akulula Ngaso Sonke Isikhathi Ukukubona
Ngokuvamile kunzima ukubona ukucindezeleka ngenxa yokuthi ogulayo angasefuthi abe nezimpawu ezingokomzimba. “Imilenze yami yayiluma, futhi ngezinye izikhathi kwakuba buhlungu wonke umzimba. Ngaya kodokotela abaningi,” kusho uElizabeth. “Ngangikholelwa ukuthi kwakunesifo esithile esingokomzimba ababengasinaki nokuthi ngangizokufa. NjengoElizabeth, iziguli ezicindezelekile ezicishe zibe amaphesenti angama-50 ezifuna usizo lwezokwelapha zikhononda ngezimpawu ezingokomzimba kunezingokomzwelo.
“Ngokuvamile, zikhala ngokuphathwa ikhanda, isifo sokuqwasha, ukungakuthandi ukudla, ukuqunjelwa yisisu, noma isifo sokuhlala ukhathele,” kuloba uDr. Samuel Guze, inhloko yoMnyango Wezifo Zengqondo eYunivesithi yaseWashington eSt. Louis, “kodwa azisho lutho ngokuzizwa zidabukile, zingenathemba, noma zidangele. . . . Ezinye iziguli ezicindezelekile zibonakala zingakuqapheli ukucindezeleka kwazo.”
UDr. E. B .L. Ovuga wasesibhedlela saseMzimkhulu, eTranskei, ubika ukuthi nakuba abantu baseAfrika abacindezelekile bengavamile ukubika imizwa yecala noma yokungabinto yalutho, bayakhala ngokukhathala ngokweqile, ukuba onkom’ idla yodwa, nobuhlungu bomzimba. Umbiko ka-1983 owenziwa iNhlangano Yezwe Yezempilo wabonisa ukuthi iningi labantu abacindezeleki-
le abahlolwa eSwitzerland, eIran, eCanada naseJapane lonke lalinezimpawu eziyisisekelo ezifanayo zokungathokozi, ukukhathazeka, ukuntula umdlandla, nemiqondo yokungeneliseki.
Utshwala nokusetshenziswa kabi kwemilaliso, nokuzitika ngobulili, kumane nje kungezinye zezindlela abanye abazama ngazo ukufihla imizwa yokucindezeleka. Yebo, “nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu.” (IzAga 14:13) Lokhu kunjalo ngokukhetheke ngabasha. “Abantu abadala babonakala becindezelekile, kodwa uma umntwana ocindezelekile engena ekamelweni, ngeke uqaphele lutho,” kwachaza uDr. Donald McKnew weNIMH (National Institute of Mental Health) exoxa nePhaphama! “Kungalesosizathu ukucindezeleka komntwana bekulokhu kungaqashelwa isikhathi eside kangaka. Kodwa ngokushesha lapho ukhuluma nabo ngakho, bayokuveza ukucindezeleka kwabo.”
Nokho, eminyakeni yawo-1980 kuye kwaba nentuthuko enkulu ekwazini nasekulapheni ukucindezeleka. Izimfihlakalo zamakhemikhali asebuchosheni ziyambulwa. Kuye kwenziwa ukuhlola ukuze kubonwe izinhlobo ezihlukene zokucindezeleka. Ukulwisana nakho kuye kwandiswa ngokusetshenziswa kwemithi yokuvikela ukucindezeleka nezakhi ezinjengamaamimo acid athile. Ngaphezu kwalokho, ukwelapha ngokunikeza ocindezelekile amathuba ambalwa okuxoxa ngakho kuye kwasetshenziswa ngokunenzuzo. Ngokososayensi beNIMH, phakathi kwamaphesenti angama-80 nangama-90 azo zonke izisulu angasizwa kakhulu ngokwelashwa ngokufanelekile.
Kodwa yini ebangela lokhu kuphazamiseka okukhubazayo okungokomzwelo?
[Ishadi ekhasini 18]
Uchungechunge Lokucindezeleka
Ukukhathazeka Okuncane Ukucindezeleka okukhulu
Isimo somzwelo
Ukudabuka, usizi oluvamile Ukungabi nathemba okunamandla
Ukuzihawukela, ukudangala Ukuba nomuzwa wokungabinto yalutho
Ukuzisola nomuzwa wecala Ukuba necala okubhubhisayo nokuzisola
Ukukwazi ukuthola injabulo ethile Ukungayitholi injabulo, ukungabe
usaba nandaba
Ukucabanga
Uvalo noma ukuzisola Imicabango yokuzibulala
Kunzima ukuqoqa ingqondo
Isikhathi Okusithathayo
Isikhathi esifushane (izinsuku Isikhathi eside (amasonto
ezimbalwa) amabili noma ngaphezulu)
Izimpawu ezingokomzimba
Ukusebenza okuvamile Ukukhathala okungapheli; ubuhlungu
obungaziwa ukuthi bubangelwa yini
Izinkinga ezincane ezingokomzimba Ushintsho emikhubeni yokudla
neyokulala
(ezesikhashana) Ukungakwazi ukuhlala uthule,
ukuhamba kahle, ukucindezela izandla
Ukukhuluma ngokunemuzayo
noma ukushukuma komzimba ngokuvilapha