Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 11/8 k. 7
  • Inkinga Ebucayi NgamaKatolika Aqotho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkinga Ebucayi NgamaKatolika Aqotho
  • I-Phaphama!—1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UbuKatolika BamaZwe Asathuthuka Bugxile Kangakanani?
    I-Phaphama!—1987
  • Ingabe Isonto Lakho Kumelwe Libe Kwezombangazwe?
    I-Phaphama!—1989
  • Imfundiso Yenkolo Yenkolo Yenkululeko Ingabe Izobasiza Abampofu?
    I-Phaphama!—1987
  • Kungani Abefundisi Bezihlanganisa Nezombangazwe?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 11/8 k. 7

Inkinga Ebucayi NgamaKatolika Aqotho

Ngo-1884 ivatican yakhipha isiyalezo esilahla imfundiso yenkolo yenkululeko, futhi uLeonardo Boff, omunye wabefundisi bamaKatolika “abaphikisa kakhulu,” wagwetshwa unyaka owodwa wokuba “athule ebonisa ukuzisola”—isijeziso esakhishwa yisonto esasimvimbela ekusakazeni noma ekwenzeni izingxoxo noma ukusakaza nganoma iyiphi indlela imfundiso yakhe yenkolo ayicabangelayo.

Kodwa ngo-1986, kusasele inyanga ngaphambi kokuba ‘unyaka wokuthula uphele, uBoff waxolelwa. I-Insiruccion Sobre Libertad Cristiana y Liberation (Isiyalezo Ngenkululeko yamaKristu yakhishwa, ibonisa ukuthi “kuvunyelwe ngokomthetho ngokugcwele ukuthi labo abacindezelwa ngabaphathi bengcebo noma abaphathi bamandla ezombangazwe kumelwe bathathe isinyathelo ngezindlela ezinokuziphatha okuvunyelwe . . .” “Umzabalazo wezikhali” wavunyelwa “njengokungaphendukelwa kukho ekugcineni.” Ingabe isonto Elilungisa iphutha lalo?

Akunjalo ngokomlobi wesiyalezo esisha, iSikhulu samaRoma uJoseph Ratzinger, oyinhloko yeBandla Elingcwele Lesifundiso Sokholo levatican. “Isiyalezo sokuqala asilahlekelwa nakancane amandla aso” esho. “Ubufakazi besibili buwukuqhubekisela phambili.” Kodwa abanye, njengabamaphephandaba, bachaza isiyalezo sesibili ‘njengokuma okusha ‘emfundisweni yenkolo yenkululeko.” Kungani bengavumelani?

Ukubhalwa kwamazwi ngobuciko kwesiyalezo esisha kungase kuhunyushwe ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, sibonisa ukuthi “akukhona okwabefundisi besonto ukungenela ngokuqondiie esimweni sezombangazwe nasenhlanganweni yokuphila kwezenhlalo.” Njengoba umagazini iNewsweek uphawula ngobuhlakani: “Lolohlobo lwenkululeko lushiya indawo enkulu ababhishobhi abaqaphile . . . abangaceba amasu kuyo.”

Omunye umbiko uthi ‘cishe wonke umuntu esontweni angakuthola okuthile angavumelana nakho.’ Umlweli wenkululeko njengoGutterrez manje angasho ukuthi “imfundiso yenkolo yenkululeko iyisibonakaliso sezikhathi eLatin America, futhi isonto liyiqaphela kanjalo,” kanti umKatolika omdala angajabula ngokuthi isonto lakhe “lisamelana ngokuqiniie nobuMarx ngokuphika inkululeko yomuntu.” Nokho, imiqondo ehlukahlukene yemfundiso yenkolo yenkululeko iyangqubuzana nesiko lesonto futhi iyaqhubeka iqhatha amaRoma Katolika ukuba alwe wodwa.

Nokho, umphostoli uPawulu ululeka amaKristu eqiniso: “Qedani ukungezwani phakathi kwenu, futhi esikhundleni sokuphikisana phakathi kwenu, . . . yibani nobunye . . . , enkolelweni yenu nasezenzweni.” “Yibani nobunye ezinkolelweni zenu . . . ninenjongo efanayo nomqondo ofanayo.” (1 Korinte 1:10, Filipi 2:2a) Yini wena oyikholelwayo? Ingabe amaRoma Katolika ‘anobunye ezinkolelweni zawo’?

[Umbhalo waphansi]

a Yonke imibhalo ekhona icashunwe kuJerusalem Bible yamaKatolika.

[Izithombe ekhasini 7

Ingabe isonto ‘linobunye ezinkolelweni zalo’?

[Umthombo]

UN photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela