IBhuloho Lesango Legolide Lineminyaka Engama-50
ABANYE babecabanga akuthi kwakuwukuzamazama okuncane komhlaba! Kanti cha, kwakubangelwa umoya kanye nesisindo nokuhamba kwabantu abalinganiselwa ezi-250 000 ababeminyanise ingaphezulu leBhuloho Lesango Legolide laseSan Francisco ababezogubha umkhosi walo weminyaka engama-50 ngoMay 24, 1987. Ezinye izi-500 000 zaziminyanise izindlela eziya ebhulohweni. Onjiniyela bathola ngokushesha ukuthi ibhuloho lalikwazi ukuthwala isisindo esingako.
Ligxamalaze ngobude bamasentimitha ayi-1 280, iSango Legolide laliyibhuloho entengayo elide kunawo wonke emhlabeni lapho liqedwa ngo-1937. Imikhumbi emide kunayo yonke ingadlula ngokuphephile ngaphansi komgwaqo omkhulu ophakanyisiwe oyikhothamo elingaba izitezi eziyi 19 ngaphezu kwamanzi.
Izingcingo zobude bamakhilomitha ayi-128 720 zenza izindophi ezimbili ibhuloho elilengiswa kuzo. Eyodwa inobude bebanga elizungezayo bamamitha ayi-0,9 nangama-2 333 ubude, futhi amandla okuqina kwayo alinganiselwa ukuthi agcina kumakhilogremu ayizigidi eziyi-90.
Ngenxa yomklamo omuhle kakhulu nokugcinwa njalo lisesimiveni esihle, kulinganiselwa ukuthi lelibhuloho liyohlala iminyaka engama-200.