ITower Bridge—Isango LaseLondon
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
ABANTU bakwamanye amazwe abangakaze balubhade eNgilandi bayayazi. Unyaka nonyaka ihanjelwa izinkulungwane zezivakashi. Abantu abahlala eLondon bawela kuyo nsuku zonke, mhlawumbe ngaphandle kokuyipha ngisho iso noma ukucabanga ngomsuka wayo. ITower Bridge ingesinye sezakhiwo zaseLondon eziphawulekayo ezaziwa kabanzi.
ITower Bridge akumelwe ididaniswe nomakhelwane wayo iLondon Bridge, kunalokho, yona ihlangene neTower of London eseduze nayo. Emuva lé ngo-1872, iPhalamende laseNgilandi lacabangela isiphakamiso esigunyaza ukwakhiwa kwebhuloho elinqamula uMfula iThames. Naphezu kokuphikisa komphathi weTower of London, iPhalamende lanquma ukuqhubeka nalo mqondo wokwakha elinye ibhuloho, uma nje umklamo walo uvumelana nesitayela sokwakhiwa kweTower of London. ITower Bridge yanamuhla yakhiwa isuselwa kulesi siphakamiso sezikhulu zikahulumeni.
Phakathi nekhulu le-18 nele-19, kwakunamabhuloho amaningana ayenqamula uMfula iThames, futhi elalidume kunawo wonke kwakuyi-Old London Bridge. Ngo-1750 izisekelo zalelo bhuloho elinqamula phezu komfula zase zintekenteke kakhulu kanti nezinqola ezinqamula khona zase ziminyana kakhulu. Ngaphansi kwalo, imikhumbi evela kuwo wonke amazwe omhlaba yayibangisana ngendawo kulesi sikhumulo esiminyene. Emuva ngaleso sikhathi, imikhumbi yayiminyana kulesi sikhumulo kangangokuthi kwakuthiwa umuntu angahamba amakhilomitha enqamula phezu kwayo njengoba ilandelana.
Ngenxa yesicelo se-Corporation of London, umklami wakulelo dolobha uHorace Jones wahlongoza ukuba kwakhiwe ibhuloho elivulekayo eliklanywe njengezakhiwo zakudala zaseFrance, okwakumelwe lakhiwe ngaseningizimu yeLondon Bridge. Laliyokwenza ukuba idlule kalula imikhumbi ekhuphuka ngoMfula iThames ilibangise ngasentshonalanga ezikhumulweni. Lo mklamo wawuhlanganisa lokho abantu abaningi abakubheka njengomklamo wobuciko.
Umklamo Ophawulekayo
UJones wayeseke wahambela emazweni amaningana, futhi amabhuloho amancane avulekayo ayethe chithi saka kuyo yonke imifula yaseNetherlands amnika umqondo wokwakha ibhuloho elivulekayo. Indlela ephawulekayo lesi sakhiwo seTower Bridge esimi ngayo manje yaklanywa ithimba likaHorace labaklami, lisebenzisa izindlela zakamuva zokwakha ngezinsika zensimbi bese zimbozwa ngamatshe aqoshiwe.
ITower Bridge inezinqaba ezimbili eziyinhloko ezihlanganiswa izindawo zokuhambahamba ezimbili phezulu ebangeni elingamamitha angu-34 ngaphezu komgwaqo namamitha angaba ngu-42 ngaphezu kwalapho amanzi omfula engafinyelela khona uma udla izindwani. Imigwaqo esuka osebeni ngalunye lomfula iphelela ezingxenyeni ezivulekayo zibuye zivaleke. Ngayinye yalezi zingxenye ezimbili ezinkulu inesisindo esingamathani angaba ngu-1 200 futhi lapho zivuleka zihlukana phakathi zakhe i-engela engama-degree angu-86. Imikhumbi efinyelela emathanini angu-10 000 ingadlula kalula nje ngaphansi.
Amandla Okuvula Ibhuloho
Izingxenye ezivulekayo zaleli bhuloho zazisebenza ngomshini osebenza ngamanzi, owawulawula nekheshi elithwala abantu elisuka phansi emgwaqweni wezimoto liye phezulu endaweni yokuhambahamba kanye nezimpawu zokulawula izinqola. Yebo, leli bhuloho lalilawulwa umshini osebenza ngamanzi! Futhi wawunamandla amaningi ngokuphindwe kabili kunesilinganiso esasidingeka.
Engxenyeni engasekugcineni eningizimu yaleli bhuluho, kwakukhona amaphampu amabili amakhulu ayesebenza ngobhayela abane bamalahle, ababekhipha isitimu ngomfutho ophakathi kwamakhilogremu amahlanu kuya kwayisithupha kuyisentimitha-skwele. La maphampu ayethutha amanzi anomfutho ongamakhilogremu angu-60 kuyisentimitha-skwele. Ukuze uhlale unamandla adingekile okuphakamisa lezi zingxenye, kwenziwa ama-cylinder amakhulu ayisithupha okugcina amanzi anomfutho. Lo mshini onezinjini ezingu-8 sezizonke ezazivula lezi zingxenye wawusebenza ngamanzi aphuma kula ma-cylinder. Ngemva nje kokuqhafaza inkinobho, lezi zingxenye ezivulekayo zaziphakama kusuka ezinsikeni zazo ezingamasentimitha angu-50. Kwakuthatha umzuzu nje kuphela ukuba zivuleke ngokugcwele.
Ukuvakashela ETower Bridge Yanamuhla
Kulezi zinsuku ugesi usuthathe indawo yale mishini yesitimu. Kodwa njengaseminyakeni yakudala, lapho iTower Bridge ivuleka, izimoto zima nsí emgwaqweni. Abahamba ngezinyawo nabanye abavakashile bavele bakhexe lapho bebona indlela elisebenza ngayo leli bhuloho.
Kukhala inhlabamkhosi, bese kwehla imigoqo evala umgwaqo, kuwele imoto yokugcina, bese labo abalawula leli bhuloho bebonisa ukuthi akusekho zimoto emgwaqweni. Ngaphandle komsindo, amabhawodi abopha leli bhuloho ayakhumuka bese liyavuleka liya phezulu. Ngemva kwalokho amehlo onke abe esethi njo emfuleni. Kungakhathaliseki ukuthi isikebhe esidonsa ezinye, esokungcebeleka, noma umkhumbi, wonke amehlo ayawulandela lapho udlula. Emizuzwini engemingaki kamuva izimpawu ziyashintsha, ibhuloho lehle, bese kuvulwa le migoqo evimbe umgwaqo. Abagibeli bamabhayisikili badlula ngehubo ngaphambi kwezimoto ezilindile ukuze beqe kuqala. Emizuzwaneni engemingaki kamuva, iTower Bridge ayinyakazi kuze kube yilapho sekudingeka ukuba ivuleke futhi.
Isivakashi esinesithakazelo asigcini nje ngokubukela lolu chungechunge lwezenzakalo eziphindaphindwayo. Sikanye nabanye abantu, bangena ekheshini eliya phezulu enqabeni engasenyakatho beyofunda imininingwane ekhexisayo yomlando waleli bhuloho, elandiswa ngokucophelela embukisweni okuthiwa i-“Tower Bridge Experience” ohambisana nopopayi. Imisebenzi ephawulekayo yobunjiniyela nomkhosi omkhulu wokuvula leli bhuloho kuboniswe kahle emifanekisweni edwetshiwe, kanti izithombe zakudala ezinombala onsundu kanye namabhodi emibukiso kunemifanekiso emihle yalesi sakhiwo esikhexisayo seTower Bridge.
Izindawo zokuhambahamba eziphezulu kwelenyoni zenza isihambi sikwazi ukubona kahle amabhilidi aseLondon. Ngasentshonalanga, umuntu angabona isonto iSt. Paul’s Cathedral namabhilidi amabhange asesigodini sezamabhizinisi, kanti laphaya buqamama angabona umbhoshongo wePosi. Ngasempumalanga umuntu angalindela ukubona izikhumulo zemikhumbi, kodwa-ke zona ziye zasuswa lapha zayokwakhiwa ezansi kakhulu nomfula endaweni eqhelelene nedolobha elikhulu lesimanje. Kunalokho, angase akhexiswe ukubona izakhiwo ezintsha eziklanywe ngobuciko zaseDocklands, indawo okuvuselelwa kuyo amabhilidi amadala asedolobheni. Kuyamangalisa, kuyajabulisa, kuvusa isithakazelo—yebo, wonke la magama akuchaza ngokufanele lokho umuntu akubonayo lapho ekulesi sakhiwo saseLondon esidumile.
Uma uvakashela eLondon, kunganjani uyobukisisa lesi sakhiwo esaqopha umlando? Ukuvakashela kwakho lapho kuyokushiya nombono ohlala njalo womsebenzi ophawulekayo wobunjiniyela.
[Isithombe ekhasini 16]
Enye yamaphampu amabili esitimu ayevula ibhuloho
[Umthombo]
Copyright Tower Bridge Exhibition
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Leli bhuloho livuleka ngokugcwele ngesikhathi esingaphansi komzuzu
[Umthombo]
©Alan Copson/Agency Jon Arnold Images/age fotostock
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
© Brian Lawrence/SuperStock