Intukuthelo Yasemgwaqweni—Ungabhekana Kanjani Nayo?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
UKUPHELELWA isineke nobudlova okububangelayo kuya kuba sematheni emibikweni yezindaba emhlabeni. Ngaphandle kwentukuthelo yangesikhathi sokuthenga (lapho amakhasimende esebenzisa izinqola zokudla ukuze akhiphe intukuthelo yawo esitolo) nentukuthelo yasocingweni (ebangelwa imishini yobuchwepheshe eyenza umuntu omshayele ucingo akwazi ukukulindisa ocingweni kuyilapho ephendula olunye ucingo), kunentukuthelo yasemgwaqweni eye yadonsa ukunaka kwabantu baseBrithani.
Intukuthelo yasemgwaqweni yande kangangokuthi umbiko ka-1996 ophathelene nemikhuba yokushayela wabonisa ukuthi eBrithani “isifinyelele amazinga ashaqisayo, njengoba cishe ingxenye yabo bonke abashayeli iye yabhekana nokuhlaselwa noma ukuhlukunyezwa kulonyaka odlule”! Ukuhlola kwe-Automobile Association kwanezela umbiko othi “abashayeli abangu-9 kwabayishumi bathi baye baba izisulu zentukuthelo yasemgwaqweni.” Ngokuthakazelisayo, ukuhlola okufanayo kwaphawula ukuthi “[abashayeli] abayisithupha kwabayishumi kuphela abavumayo ukuthi bake baphelelwa isineke lapho beshayela.”
Yini ebangela intukuthelo yasemgwaqweni? Uma uyisisulu, yini ongayenza ukuze uzivikele? Uma ucasulwa indlela othile ashayela ngayo, yini okufanele uyenze? Ngempela, njengoba intukuthelo yasemgwaqweni yande nezwe, ungabhekana kanjani nayo?
Imbangela Nomphumela
Abashayeli abathukuthelayo ababasha. Owokuqala kwakuyimbongi yaseNgilandi uLord Byron. Ngo-1817 yabhala incwadi ilandisa ngengxabano eyazithela kuyo endleleni. Kubikwa ukuthi omunye umsebenzisi womgwaqo “wachwensa” ihhashi likaByron. Ngenxa yalokho, lembongi yamukula lendoda ngempama.
Emazweni amaningi, njengoba inani lezimoto landa, ukukhungatheka kwabashayeli kuyanda. Ngawo-1980 amaphephandaba ase-United States achaza imbangela yezenzo zokushayela ezinobudlova ngokuthi “intukuthelo yasemgwaqweni.” Nakuba ingaqashelwa ngokomthetho, inkulumo ethi intukuthelo yasemgwaqweni iyichaza kahle imizwelo eyimbangela yezenzo zobudlova eziningi zabashayeli abathukutheliswa indlela abanye abashayeli abashayela ngayo.
Isimo sengqondo sokuzibeka phambili sigcwele emigwaqweni. I-Times yaseLondon iphawula ukuthi abacwaningi bemikhuba yokushayela baphetha ngokuthi “abaphehli bobudlova noma bochuku cishe ngaso sonke isikhathi bakholelwa ukuthi bayizisulu ezingenacala zokuziphatha okungenamusa kothile.” Kungakhathaliseki ukuthi umshayeli unamawala kangakanani lapho eshayela, uzizwa engenacala. Kodwa lapho omunye umshayeli ephazama kancane emgwaqweni, kuqubuka intukuthelo.
Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, okuyinsakavukela phakathi kwentsha, nakho kunesandla entukuthelweni yasemgwaqweni. Ngokomunye umxhumanisi wesibhedlela, ukusetshenziswa kabi kwe-cocaine “kufana nokushayela uphuzile.” Ngokuvamile abashayeli abasebenzisa izidakamizwa bayeqisa emakhonweni abo. Ngenxa yalokho, abanye bashayela izimoto zabo ngesivinini esiyingozi. Abanye bashayela budedengu, ngenxa yomqondo ongahluzekile.
Cabangela nomphumela ukucindezeleka okunawo kumshayeli. UProfesa Cary Cooper waseManchester University uthi intukuthelo enkulu yasemgwaqweni ibangelwa izingcindezi nokuntenga kokuphila kwansuku zonke eminyakeni yawo-1990. Umkhulumeli we-Royal Automobile Club uthi: “Abashayeli babhekana nokucindezeleka okukhulu futhi ukuhlaselwa ngobudlova kuyanda.” Esinye isikhulu sokusebenzelana komphakathi esimatasa, esesichitha amahora amaningi sisemgwaqweni siya futhi sibuya emsebenzini, siyavuma ukuthi asisenasineke njengakuqala. I-Sunday Times ibika ukuthi sathi: “Manje sengihluthulwa futhi ngithukutheliswe izinto eziwubala ezazingangikhathazi ngaphambili.” Mhlawumbe unomuzwa ofanayo. Uma kunjalo, yini ongayenza?
Gwema Ukuvusa Intukuthelo Yasemgwaqweni
Qaphela ukuthi abanye abashayeli abaphelele. Ngezikhathi ezithile, bayoyephula imithetho. Babonelele lapho ushayela. Cabanga kusengaphambili. Ngokwesibonelo, ungase ube sohlangothini lwezimoto ezingasheshi emgwaqweni omkhulu. Kodwa-ke usondela endaweni enomgwaqo owumngenela, ovumela ukuba izimoto zingene emgwaqweni omkhulu. Uma ubheka phambili kulomgwaqo, ubona imoto isondela izongena emgwaqweni omkhulu. Ingabe uzitshela ukuthi ungene kuqala kulolo hlangothi lomgwaqo, ukuthi unelungelo lokuhlala kulo? Kungani kufanele udedele izimoto ezisondelayo? Kungani kufanele ushintshele kolunye uhlangothi, uma kungenamoto kulo, ukuze omunye umshayeli angene emgwaqweni omkhulu? Kodwa ake ucabange, kuyokwenzekani uma uphikelela ngokuhlala kulolo hlangothi okulo futhi uhambe ngesivinini obuhamba ngaso? Mhlawumbe umshayeli ozongena emgwaqweni omkhulu uzocabanga njengawe. Ngokuqinisekile, kukhona okufanele adede; kungenjalo, zizotholana phezulu.
Ngokuhlakanipha, umshayeli ofuna ukugwema ukuvusa intukuthelo yasemgwaqweni uyabonelela futhi ashayele ngokucabangela. Uyadeda uma kungenzeka, futhi akathukutheli lapho omunye umshayeli engawubongi umusa awubonisiwe. Ummeleli we-Institute of Advanced Motorists yaseBrithani ulinganisela ukuthi umshayeli oyedwa kwabathathu unesimo sengqondo esiyingozi. Nakuba laba bashayeli benekhono lokushayela, abanamusa. Ubabiza ngokuthi “abashayeli abanekhono kodwa abangenanhlonipho.”
Ngezinye izikhathi abashayeli abaningi babashaya indiva abanye abantu abasebenzisa umgwaqo. Kodwa lokho akukuthetheleli ukwenza kwakho ngaleyo ndlela. Cabangela imiphumela engase ivele. Ngokuqinisekile awufuni ukuba nenkani kwakho kubangele ukunqwabelana kwezimoto. Ungakuvumeli ukulawulwa imizwelo. Uchwepheshe wezokushayela uyeluleka: “Akumelwe neze usabele olakeni oluboniswa emgwaqweni.” Ungavumi ukuhlanganyela nabantu abathukuthelayo emgwaqweni!
Ingabe Uyisisulu?
Cishe bonke abashayeli bake baba izisulu zentukuthelo yasemgwaqweni. Ukuboniswa isibhakela, ukuthukwa, ukushayela komunye ngamawala kuyesabisa. Ngokuqinisekile isivikelo esingcono siwukugwema ingxabano. Isisulu esithile sethuka lapho omunye umshayeli efuna ukusidlula emgwaqweni. Ekugcineni, lomshayeli othukuthele wadlula, wangena phambi kwaso, futhi wahamba kancane kangangokuba lesi sisulu sasinovalo lokuthi bazoshayisana. Lokhu kwaqhubeka ibanga elithile futhi kwaphela lapho lesi sisulu sijika sithatha enye indlela.
Uma ubona ukuthi abanye abashayeli bafuna ukukudlula, yenza okusemandleni ukuba ubadedele. Gwema ukubambelela elungelweni lakho lokuhamba lapho ukhona emgwaqweni. Uma uqaphela ukuthi ucasule abanye, xolisa. Nikeza uphawu lokuthi uyaxolisa ngisho nangokubacasula ungahlosile. Khumbula ukuthi izwi elimnene lingadambisa intukuthelo.
Kodwa uma ngesizathu esithile uba isisulu sokuhlaselwa ngenxa yentukuthelo yasemgwaqweni, ungaphindiseli. Umagazini i-Focus uyeluleka: “Ungaphindiseli. Uma uhamba ngemoto ungaphathi izinto ezingaba izikhali eziyingozi.” Amanye amacebiso yilawa: Njalo hluthulela izicabha zemoto futhi uvale amafasitela. Gwema ukubuka umuntu onolaka emehlweni.
Ukusikisela okungenhla kwendlela ongayigwema ngayo intukuthelo yasemgwaqweni akukusha. Kuvumelana neseluleko sasendulo seNkosi uDavide yakwa-Israyeli, eyaluleka: “Ungazikhathazi ngababi, ungabi-namhawu ngabenza okungalungile. Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka.”—IHubo 37:1, 8.
Nakuba yanda intukuthelo yasemgwaqweni, ungayivumeli ukuba ikuthonye!
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]
Ukulawula Intukuthelo Yasemgwaqweni
I-Automobile Association iphawula ukuthi uma kuziwa ekuqedeni intukuthelo yasemgwaqweni, “ukushintsha isimo sengqondo kubaluleke njengezithiyo ezifakwa emgwaqweni.” Ukubhekisisa amakhono akho okushayela nawabanye abasebenzisa umgwaqo kubalulekile ekubhekaneni nentukuthelo yasemgwaqweni. Nakuba amaphutha abanye esobala, ungawazibi amaphutha akho okushayela. Lamukele iqiniso lokuthi kunabashayeli abeqa imithetho yomgwaqo. Lapho ushayela, qiniseka ukuthi uphapheme. Ukukhathala kubangela ukucindezeleka. Ukuzula kwengqondo isikhashana nje kungaba nemiphumela eyingozi.
Cabangela neseluleko esilandelayo, futhi uqaphele indlela esithintana ngayo nezaga zenkosi ehlakaniphile uSolomoni.
• Ingabe abasemotweni yakho bayayibona intukuthelo yakho? Mhlawumbe basikisela ukuba wehlise umoya. Ungamane usenqabe iseluleko sabo futhi ubatshele ukuthi nguwena oshayelayo. Khumbula, isimo sengqondo esizolile sinempilo futhi singakusiza ukuba uphile isikhathi eside ngempela! “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.”—IzAga 14:30.
• Bonelela omunye umshayeli, futhi ugweme izinkinga. “Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki-lutho.”—IzAga 14:16.
• Dambisa intukuthelo ngophawu noma izwi lokuxolisa. “Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.”—IzAga 15:1.
• Abanye bangase bathambekele ekubeni nentukuthelo yasemgwaqweni, kodwa akudingekile ukuba ubalingise. “Ungabi-ngumngane womuntu onolaka.”—IzAga 22:24.
• Gwema ukuhileleka ezingxabanweni zabanye. “Yeka inkani, ingakashisi.”—IzAga 17:14.