Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g88 5/8 k. 14-k. 16 isig. 6
  • Yini Embi Kangaka Ngamabhayisikobho Athusayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Embi Kangaka Ngamabhayisikobho Athusayo?
  • I-Phaphama!—1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amabhayisikobho Athusayo Amasha
  • Ukuheha Kwamabhayisikobho Athusayo
  • Isizathu Esenza Abanye Bawabukele
  • Amabhayisikobho Athusayo—Lokho Akufundisayo
  • Umbono KaNkulunkulu Ngobudlova
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Yimaphi Amabhayisikobho Engiwabukelayo?
    I-Phaphama!—1990
  • Ngingayikhetha Kanjani Ibhayisikobho Ekahle?
    I-Phaphama!—1990
  • Iminyaka Eyikhulu Yamabhayisikobho
    I-Phaphama!—1996
  • Wena Uyobuka Maphi Amabhayisikobho?
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1988
g88 5/8 k. 14-k. 16 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Yini Embi Kangaka Ngamabhayisikobho Athusayo?

EGXEKWA ngabagxeki, ehlaselwa abazali, futhi ngokuvamile ehlolwa izikhulu zeTV, amabhayisikobho athusayo asachuma. Uma amandla okwenza imali eyisici esinqumayo, khona-ke amabhayisikobho athusayo aphumelela kakhulu, amanye aze ngisho aqophe umlando emahhovisi adayisa amathikithi. Abasebhizinisini yokwenza amabhayisikobho, beshabashekela ukwenza inzuzo eyengeziwe, bajahela ukwenza amanye. Njengoba behahela lezinzuzo, abanye abenzi bamabhayisikobho ngokuphamazela bakhipha afana nalawa.

Futhi zingobani izibukeli eziyizisulu zalamabhayisikobho asabisayo? Yintsha. Akukhona okungavamile ukubona intsha iqunga isibindi sokuma imigqa emide nokubhekana nesimo sezulu esingesihle ukuze ithole ingakaqali ibhayisikobho ethusayo yamuva kunawo wonke. Nokho, ikuphi ukuheha lamabhayisikobho anakho? Ingabe kunesizathu sokuba intsha iwaqaphele?

Amabhayisikobho Athusayo Amasha

Amabhayisikobho ayethusa izibukeli emashumini ambalwa eminyaka adlule asewuhlobo olusha. Amabhayisikobho athusayo anamuhla awakufezi ukuthusa kwawo nokuvusa amadlingozi ngekhono lokuxoxa indaba, amaqhinga angasoleki, noma ngokushukumisa umcabango wezibukeli kodwa ancike kakhulukazi ebudloveni obuningiliziwe obuthusayo ukuba athole lemiphumela. Kunjengoba iNew York Post yabika: “Izilwane zamasiko ziye zathathelwa indawo izinhlanya ezomele igazi.”

Ngokwesibonelo, ukubukezwa kwebhayisikobho ethi “Friday the 13th” yesine kwaphawula: “Lebhayisikobho yemizuzu engama-91 ayiqukethe lutho ngaphandle kobudlova obunegazi nobunqunu bentsha . . . kuhlanganise nezithombe ezimbalwa zokunqunywa nokuklinywa kwabantu.” Umdlali oqavile “ungumbulali osangene ogama lakhe linguJason, efake isifihla-buso sehockey, egenca futhi exhoma inhlanganisela yentsha engabafana namantombazane.”

Igazi eliningi namahlule ngaleyondlela kuvelele emabhayisikobho athusayo amasha. Khona-ke, akumangalisi ukuthi aye abizwa ngokuthi amabhayisikobho “okubulala ngommese,” “okubhaceka,” nokuthi “awamahlule.”

Ukuheha Kwamabhayisikobho Athusayo

Nokho, ngokungakholeki yilokhu kubulala ‘nobudlova obunegazi,’ okuthumela intsha eningi ebhuduzelayo emahhovisi adayisa amathikithi. Lapho ebuzwa ukuthi kungani ayeya njalo emabhayisikobho athusayo, uMelissa oneminyaka eyi-16 ubudala wavuma ngokukhululeka: “Ngithanda ubuqhawe. Angithandi ukuya ebhayisikobho efana nethi Goldilocks. Ngithanda ukuya ebhayisikobho efana nethi Nightmare on Elm Street.” Uyanezela: “Ngithanda ukubona abantu bedwengulwa.”

Kuyiqiniso, entsheni eningi, indinganiso yokwahlulela ibhayisikobho yindlela ukubulala okwenziwa ngayo “njengokungathi kungokoqobo.” Omunye owevé eminyakeni eyishumi nambili wabhala: “Eqinisweni ngiye ngezwa izibukeli zishayela ababulali abasabisayo ihlombe namakhwela.” USandy oneminyaka eyi-17 ubudala uyanezela: “Uma izenzakalo zazingethusa ngempela, kwakuyibhayisikobho enhle. Uma zingangithusi—kuwukubulalana nje okuvamile—yayingeyimbi kangako.”

Isizathu Esenza Abanye Bawabukele

Yebo, akuzona zonke izibukeli zamabhayisikobho athusayo ezidonswa ukuhahela ubudlova noma ugqozi lokubona okuthusayo. Ngenye intsha, amabhayisikobho athusayo amane nje ayindlela yokubaleka, ayimpumuzo ekuphileni okugcwele izinkathazo. Isazi sokusebenza kwengqondo uJoyce Brothers waphawula: “Lapho ukuphila kwakho siqu kuba yinkimbinkimbi kakhulu futhi kwesabisa . . . kulula ukubalekela emdlalweni osabisayo.”

Enye intsha ikhangwa yilukuluku lokwazi umphumela nokujabula. UBobby oneminyaka eyi-14 uthi: “Ilukuluku lokwazi umphumela likugcina ucuphele esihlalweni sakho. Ufana nesitimela sasezindaweni zokuzijabulisa esithusayo futhi sivuse amadlingozi esinokucindezela nokulolozela okumbalwa maphakathi.”

Enye intsha engabafana inomuzwa wokuthi ubudoda bayo buqinisekiswa ukukwazi ukubukela ngokungethuki izenzakalo ezisabisayo nokuchithwa kwegazi okubonakala kungokoqobo. UReggie, oya njalo ebhayisikobho ethusayo, uthi: “Uma ungabhekana negazi futhi unesibindi, uyindoda. Uma ungeke ukuphathe, abangane bakho bakubheka njengegwala.”

Nokho, intsha eningi iya emabhayisikobho athusayo ngenxa yamathuba angase awaveze okubonisa “uthando” kwephola nabo. UQuintella oneminyaka engamashumi amabili ubudala uyakhumbula: “Lapho ngiya emabhayisikobho athusayo futhi isenzakalo esithile siba esithusayo, ngangibamba engiphola naye.” Uyanezela: “Ngicabanga ukuthi wayekulindele futhi ekufuna lokhu kusabela.” Intsha engamantombazane iye yaziwa ngisho nanjengezenza ethukile ukuze igone abaphola nayo. Abangane bayo besilisa, njengoba benethemba lalokhu kusabela, basabela ngozwela beyanga ngokuyiphulula.a

Ukuvusa amadlingozi, ukujabula, ukubaleka, uthando—intsha eningi inomuzwa wokuthi njengoba amabhayisikobho athusayo enikeza konke lokhu okubonakala kuyizinzuzo, ngeke ayilimaze. Kodwa ingabe kunjalo ngempela?

Amabhayisikobho Athusayo—Lokho Akufundisayo

Kuyiqiniso, ezinye izazi zokusebenza kwengqondo zinomuzwa wokuthi amabhayisikobho athusayo awalimazi, awabangeli buhlungu obungaphezu kobokuqwasha. Nakuba kunjalo, izazi eziningi ezihlonishwayo zigomela ngokuthi zikhona izingozi.

UDkt. Leonard Berkowitz, uprofesa wesifundo sokusebenza kwengqondo eYunivesithi yaseWisconsin, uqinisekisa ukuthi ubudlova bamabhayisikobho athusayo bunemiphumela ehlukene kathathu ezibukelini. Uthi: “Okokuqala benza izibukeli zizonke ukuba zingethuswa, futhi zibe ezingathintwa, ubudlova. Okwesibili, izibukeli zingafunda isifundo sokuthi ubudlova buwukuziphatha okuvumelekile.” Liyaqhubeka: “Okwesithathu abanye bangashukunyiswa yibo.”

Eqinisweni, ingabe ukuba nozwela nesihe ngokuhlupheka kwabanye akubahlukanisi yini abantu ezilwaneni ezinonya? Nokho, ubudlova obungalawuleki bamabhayisikobho athusayo bungamane bukhukhule lolozwela. Sikhunjuzwa ngendlela umphostoli uPawulu alahla ngayo labo ‘ngenxa yokungezwa [ngokwezwi nezwi, “ukuba buthuntu”] kwezinhliziyo zabo ababengasenawo ngokuphelele umqondo wokuziphatha okuhle.’ Nokho, wakhuthaza amaKristu ukuba ‘abe nomusa komunye nomunye, nozwela olujulile.’ (Efesu 4:18, 19, 32, Kingdom Interlinear) Ingabe ukuzijwayelanisa nokuchithwa kwegazi okuningi okungenangqondo kungamsiza umuntu ukuba ahlakulele lezimfanelo?

Umbono KaNkulunkulu Ngobudlova

Uma ukungasebenzi kwemizwa okungaba imiphumela yalamabhayisikobho bekuwukuphela kwengozi, lokho kukodwa bekungaba isizathu sokukhathazeka ngokungathi sína. Nokho, okukhathalelwa ngokuyinhloko ngamaKristu ukulondoloza ubuhlobo noNkulunkulu. Lokhu kuhlanganisa ukwamukela umbono wakhe ngobudlova, owenziwa wakhanya lapho ebhubhisa umhlaba wasendulo wosuku lukaNowa. IBhayibheli lithi: “Ubudlova babusakazeke yonke indawo. UNkulunkulu wabuka emhlabeni wabona ukuthi kwakukubi ngoba abantu bonke babephila ukuphila okubi. UNkulunkulu wathi kuNowa, ‘Senginqume ukuqeda sonke isintu. Ngizosibhubhisa ngokuphelele, ngoba umhlaba ugcwele izenzo zabo zobudlova.’”—Genesise 6:11-13, Today’s English Version.

Ngakho-ke umhubi wathi ngoJehova: “Othanda ubudlwangudlwangu [“ubudlova,” NW] umphefumulo wakhe uyamzonda.” (IHubo 11:5) Ngenxa yalokho, amaKristu okuqala enqaba ukuhlanganyela emidlalweni edumile yokulwa eshashalazini, eyayiqhatha umuntu nomunye noma nesilwane alwele ukufa nokuphila. Kuyiqiniso, lolu kwakuwuhlobo olwamukelekayo lokuzijabulisa ngalesosikhathi. Kodwa umlobi ongumKristu wekhulu lesibili leminyaka ogama lakhe linguAthenagoras wathi: “Thina, esibheka ukubona umuntu ebulawa njengokufanayo nokumbulala, siye sayixwaya [sayigwema ngokuphelele] imibukwane enjalo.”

Okungamelwe kubukelwe phansi ukuhlotshiswa kwamabhayisikobho athusayo amaningi ngemimoya nobudemoni. Ingabe omusha ongumKristu ubengaba ‘omelana namaqhinga kaSathane’ uma ezondla ngokudla kwamabhayisikobho aveza imimoya?—Efesu 6:11; IsAmbulo 21:8.

Ngenxa yesifiso sayo sokulondoloza ubuhlobo noNkulunkulu, intsha okukhulunywe ngayo ekuqaleni—uReggie, uQuintella, uSandy, noBobby—yonke iye yayeka ukubukela amabhayisikobho athusayo. Cha, ayibanga ngezila konke, izincisha lonke uhlobo lwenjabulo. Kodwa ngesifundo seBhayibheli, isiye yaqaphela isidingo sokugwema ukuzijabulisa okonakalisa ukuziphatha okuhle. Iqaphela isidingo sokuziphatha okufanelekile phakathi kobulili obuhlukene, ayisebenzisi lamabhayisikobho njengezaba zokubonakalisa uthando ngokungafanelekile. (1 Thimothewu 4:3, 4) Njengoba ingasabamukeli ubudlova njengokuzijabulisa, ilwela ukukhetha lokho ekubukelayo.

Isinomuzwa wokuthi amabhayisikobho athusayo amane nje ayilokho lelogama elikushoyo—mabi.

[Imibhalo yaphansi]

a Kwenziwa ukuhlola lapho abafundi basekholiji besilisa nabesifazane abayimibhangqwana engama-36 bazithandela khona ukubukela izenzakalo ezivela emabhayisikhobho athusayo. Kwembulwa ukuthi uma intombazane ibonisa ukucindezeleka nokwethuka, umngane wayo wesilisa wayeyibheka njengekhanga ngokwengeziwe. Ngakolunye uhlangothi, uma umngane wayo wesilisa ebonisa isibindi nokungathinteki, kulapho ekhanga khona ngokwengeziwe. Lokho kuhlola kwaphetha ngokuthi amabhayisikobho athusayo anikeza intsha engabafana indawo yokuba ibonakale inesibindi futhi ingamaqhawe, kuyilapho inikeza intsha engamantombazane ithuba lokujabulela ‘ukunethezeka’ okusikiselwa yilokho okubonakaliswa umngane wayo wesilisa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela