Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 7/22 k. 10-k. 12 isig. 7
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Yimaphi Amabhayisikobho Engiwabukelayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Yimaphi Amabhayisikobho Engiwabukelayo?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amabhayisikobho—Ukuthambekela Kwamanje
  • Ukuhlaselwa Kwamehlo Nezindlebe Zakho
  • Ukuhlaselwa Kwengqondo Nokuziphatha Kwakho
  • Imiphumela Yobuqili
  • Ngingayikhetha Kanjani Ibhayisikobho Ekahle?
    I-Phaphama!—1990
  • Yini Embi Kangaka Ngamabhayisikobho Athusayo?
    I-Phaphama!—1988
  • Wena Uyobuka Maphi Amabhayisikobho?
    I-Phaphama!—2005
  • Iminyaka Eyikhulu Yamabhayisikobho
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 7/22 k. 10-k. 12 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Kunendaba Ukuthi Yimaphi Amabhayisikobho Engiwabukelayo?

‘AMABHAYISIKOBHO awangithonyi ngempela,’ kusho omunye osemusha okuthiwa uKaren, ‘ngoba ngiya emabhayisikobho ukuze ngishaqeke futhi ngethuke, ukuze nje ngijabule.’ Intsha eningi izisholo okufanayo ngokuba egonyiwe ethonyeni lamabhayisikobho. Nokho, uGeorgia osemusha uyaphika. Njengoba eye wabukela amabhayisikobho amaningi abadala kuphela, uthi: “Awuzikhohlwa neze lezo zigcawu . . . Lapho ucabanga ngakho ngokwengeziwe, kulapho uzithola khona ngokwengeziwe ufuna ukwenza okubonile.”a

Intsha iyawathanda kakhulu amabhayisikobho. Komunye unyaka wamuva, amaphesenti angu-36 abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-113 ababesemigqeni ezindlini zamabhayisikobho eUnited States ayeyintsha eyevé eshumini nambili. Izigidi ezengeziwe zijabulela amabhayisikobho ngasese emakhaya azo ngamakhasethi evideo noma amabhayisikobho eziteshi ezikhokhelwayo ze-TV. Ngokulindelekile, sonke siyakudinga ukuphumula nokuzijabulisa ngezikhathi ezithile. Ukushintsha okunjalo kungaqabula futhi kushukumise ingqondo. Entsheni eningi, ukubukela ibhayisikobho kungenye indlela yokufeza lokhu futhi kwenza intambama noma ubusuku obebungaba nesizungu ngaphandle kwakho bujabuleleke. Kodwa imaphi amabhayisikobho oyowabukela? Ingabe kunendaba ngempela?

Amabhayisikobho—Ukuthambekela Kwamanje

“Ukuzitika ngenjabulo, ubulili, ubudlova, ukuhaha, ubugovu.” Ngokukamelaphi wezifo zengqondo zabantwana uRobert Coles, lezi yizinto ezihamba phambili emabhayisikobho amaningi akhiqizwa namuhla. Ukucwaninga okwaqaliswa nguDkt. Vince Hammond nakho kwaphetha ngokuthi “amabhayisikobho amaningi aboniswa emazweni aphucukile okungenani ayenobudlova obuthile, amaningi kuthiwa anobudlova noma anobudlova obukhulu.” Abacwaningi bakaHammond bahlola amabhayisikobho angu-1 000 avela emazweni ahlukahlukene. Saba yini isiphetho sabo? “Ukukhiqizwa kwamabhayisikobho anobudlova kuyinkinga yembulunga yonke.”

Okuthandwa yintsha ngokukhethekile amabhayisikobho athusayo, abonisa ukuba nobuSathane, ukudlwengula, nokuchitha igazi ngezindlela zobuDeveli obukhulu. Njengoba uDkt. Neil Senior, ocashunwe kumagazini iSeventeen, ekubeka, lamabhayisikobho “aveza konke lokho yonke imikhaya ebingenakufuna ukuba kwenzeke kuyo.” Kodwa, intsha eningi ima kolayini ukuze iwabone.

Futhi kuye kwaba nokwanda okuphawulekayo kwamabhayisikobho abonisa ubulili ngokungafihli. Futhi ngokomunye uprofesa waseyunivesithi, “abathengi abakhulu bamavideo abonisa ubulili ngokungafihli eCanada bayintsha ephakathi kuka-12 no-17 futhi kungenzeka kuphendukezela umbono wayo ngokuziphatha kobulili.”

Nokho, imboni yamabhayisikobho ayibonakali ikhathazeke kakhulu. Umagazini iVariety ubika ukuthi amabhayisikobho abonisa ubudlova nobulili obushukumisa ingqondo ayanda, kuyilapho amabhayisikobho akhayo, omkhaya awasenziwa nokwenziwa. Khona-ke, ingabe kungenzeka yini ukuba ukubukela amabhayisikobho anyanyisayo kukuthinte kabi?

Ukuhlaselwa Kwamehlo Nezindlebe Zakho

Amabhayisikobho afana nento enamandla ehlasela izinzwa. UJesu wathi “isibani somzimba yiso.” (Mathewu 6:22) Futhi lokho okubonayo kungaba nomphumela ojulile kuwe. Njengoba enye iencyclopedia ikubeka, “ingqondo ilandela amehlo.” Ngokuvamile, ingqondo yakho iqondisa lokho amehlo akho akhetha ukugxila kukho futhi akubone. Kodwa lapho ugxila emifanekisweni emikhulu kunokuphila ehambahamba esihenqweni esikhulu, cishe unganikela ngengqondo yakho entandweni yomenzi webhayisikobho. Abanye bagxila kakhulu ebhayisikobho kangangokuthi bangase badinge ukuhlatshwa ngendololwane ngamandla ohlangothini ukuze kunqanyulwe ukulumbeka okubangelwa ibhayisikobho.

“Indlebe ezwayo” nayo iyithonya ngamandla imicabango nezenzo zakho. (IzAga 20:12) Imifanekiso ebonwayo ethumbayo namazwi akhulunywayo kugcizelelwa ngomculo ongashukumisa imizwelo, obangela ukwesaba, isasasa, ukuthukuthela, nenkanuko. Ngenxa yalokho, amabhayisikobho angadlulisela umuzwa wokuba ngokoqobo kwento kangangokuthi ezinye izibukeli zithola ubunzima ekuhlukaniseni okungokoqobo nokungekhona.

Ukuhlaselwa Kwengqondo Nokuziphatha Kwakho

Futhi umbono webhayisikobho ungakuthonya kakhulu ukusabela kwakho kuwo. Ngaleyondlela abenzi bamabhayisikobho bazama ukwenza izibukeli zizifanise nabadlali abavezwayo—ngisho nalapho umdlali oqavile eyisigebengu noma umuntu oyisidlova, onxanele amandla.b Uma ungaqaphile, ungazithola umila izimpande zobugebengu!

Cabangela indlela ezinye izibukeli ezasabela ngayo ekukhohliseni kwamuva okwesabisayo okwakuhilela uhlanya oluneminwe eyinsingo olwalusika abantu ochungechungeni lwezigcawu. Zahalalisela lombulali ochitha igazi ukuba aqhubeke! Ziholwa ikhamera ethumba ingqondo, kubonakala sengathi izibukeli zalahlekelwa izindinganiso zazo—nalo lonke uzwela ngezisulu.

Yeka ukuthi lokhu kuphambene kanjani nesiyalo seBhayibheli sokungathokozi ngokwehlelwa komunye inhlekelele! (IzAga 17:5) Kuphikisana ngokuqondile noMthetho Wegolide kaJesu—‘ukwenza kwabanye njengoba ufuna ukuba benze kuwe.’ (Mathewu 7:12) Ngaphezu kwalokho, ingabe ukuhalalisela ukubulala kungavumelana nokunxusa kweBhayibheli kokuba “nihawukelane”? (Efesu 4:32) Ingabe akufani nokuzihlanganisa ‘nomhlangano wabenza okubi’?—IHubo 26:4, 5.

Imiphumela Yobuqili

Nokho, ungase ube nomuzwa wokuthi umphumela webhayisikobho ungowesikhashana. Futhi kuyavunywa ukuthi, cishe ngeke uqale ukudabula wonke umuntu ombonayo ngenxa yokuthi lokhu kwavezwa ebhayisikobho ethile. Nokho, iphephandaba laseNew Zealand libika ukuthi “kunobufakazi obukhulayo obuhlanganisa amabhayisikobho namavideo anobudlova nokuziphatha kobudlova okwenziwa abanye balabo abawabukelayo.” Incwadi ethi Adolescence ngokufanayo yabhekisela ekuhlolweni okuningi kokuhlobana phakathi “kobudlova beTV nokuziphatha kobudlova” futhi yavuma ukuthi “kunobufakazi obukhulayo” bokuhlangana kwalokhu okubili.

Futhi kuye kwaba nemibiko yezindaba ngezenzo ezithusayo nezokunganaki ezenziwa ngokusabela ezigcawini zamabhayisikobho. Ngokwesibonelo, omunye osemusha wabulawa wukulimala akuthola lapho ezama ukuma ngezandla endaweni engaphambili yeloli kadoti ehamba ngejubane elikhulu. Wayesanda kubona lomgilingwane wenziwa ebhayisikobho ethandwayo. Ngakho akukhona okungenangqondo ngokuphelele ukusikisela ukuthi ibhayisikobho ingase ithinte okwenzayo.

Nokho, ngokuvame kakhulu amabhayisikobho anethonya elinobuqili ngokwedlulele. Ngokwesibonelo, abaningi bontanga yakho abazami yini ukukhuluma, ukugqoka, nokuzilungisa njengezithixo ezithile zamabhayisikobho? Ingabe lokhu akubona ubufakazi bethonya elinamandla lebhayisikobho? Ngezinye izikhathi, ukubukela amabhayisikobho amabi kubonakala kunomphumela okhukhulayo ezindinganisweni zokuziphatha zosemusha. Ngaleyondlela umcwaningi uDkt. Thomas Radecki uthi ukubukela amabhayisikobho anobudlova isikhathi eside “kuholela ekungabini namzwelo okukhulu ngobudlova.”

IBhayibheli lithi: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.” (IHubo 11:5) Ingabe ukubukela njalo amabhayisikobho anobudlova kungathinta isimo sakho sengqondo ngobudlova? Ingabe ubungaqala uthole ubudlova bujabulisa, buhlekisa nokuhlekisa? Kungenzeka yini ngisho nokuthi uzithole uthambekele ngokwengeziwe kunangaphambili ekuxazululeni izinkinga nezingxabano ngendluzula? IzAga 10:23 zasho kahle ukuthi: “Ubugebengu buwukuzijabulisa kwesiwula.”—New American Bible.

Futhi kuthiwani ngokuziphatha kwakho kobuKristu? Ingabe ukubukela ubulili nobunqunu obushukumisa ingqondo bungagxilisa engqondweni yakho ububi nemiphumela edabukisayo yobulili bangaphambi komshado? Ingabe bungakhukhula ‘ukuzonda kwakho okubi’?—IHubo 97:10.

Umbhali uJane Burgess-Kohn ulandisa ngokuhlangenwe nakho kwentombazana okuthiwa uJeanie. Ngemva “kokubukela ibhayisikobho ebonisa kakhulu ubulili” naqomisana naye, uJeanie wavuma ukuthi waba “ovukwe inkanuko” kwaze kwaba sezingeni lokuhlanganyela ekupotozaneni nasekwanganeni okukhulu. Nokho, akakwazanga ukuyeka lapho. UJeanie uyavuma, “Ngiyadabuka ukusho ukuthi ngalobobusuku ngancengeka kalula ukuba nobuhlobo bobulili. Namanje angazi ukuthi kwakwenzekeni ukuba ngilahlekelwe yiyo yonke ingqondo. Ngangingamthandi nakangako lowomfana!”

Khona-ke, ngokungangabazeki amabhayisikobho anamandla okuthonya inhliziyo yakho, imicabango yakho, nokuziphatha kwakho. Khona-ke akumelwe yini ube okukhethayo lokho okubukelayo? Isihloko esizayo sizoxoxa ngalokhu.

[Imibhalo yaphansi]

a EUnited States, akekho ongaphansi kuka-17 okufanele angeniswe (ngaphandle kokuba ephelezelwa umzali noma umqaphi) kunoma iyiphi ibhayisikobho okuthiwa eyabadala kuphela, noma ebekelwe imingcele, yiNhlangano yaseMelika Yezithombe Ezishukumayo. Amabhayisikobho anjalo ngokuvamile abonisa ubudlova obushukumisa ingqondo, ulimi olungcolile, noma ubulili nobunqunu obushukumisa ingqondo. Nokho, ngokuvamile leyomingcele ayiqinisiwe, futhi intsha iyavunyelwa ukuba ingene.

b Ukuhlola okwabikwa kuyiScience News kwabonisa ukuthi izibukeli zithambekele ekuthonyweni ngokujulile yilokho ezikubonayo “kungakhathaliseki ukuthi ibhayisikobho ibonakala iyiphupho kanjani” uma nje ‘bezifanisa ngokuseduze nomdlali weTV noma webhayisikobho.’

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

“Awuzikhohlwa neze lezo zigcawu . . . Lapho ucabanga ngazo ngokwengeziwe, kulapho uzithola khona ngokwengeziwe ufuna ukwenza okubonile”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

Kukhona “ubufakazi obukhulayo obuhlanganisa amabhayisikobho namavideo anobudlova nokuziphatha kobudlova okwenziwa abanye balabo abawabukelayo”

[Isithombe ekhasini 10]

Zibambeke ekwembuleni kwebhayisikobho, izibukeli ngokuvamile zihalalisela ukuba ukubulala, ukweba, nokuziphatha okubi kobulili kuqhubeke

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela