Wena Uyobuka Maphi Amabhayisikobho?
EMASHUMINI eminyaka amuva nje, ukwanda kobulili, ubudlova nenhlamba emabhayisikobho kuye kwabangela ukusabela okunhlobonhlobo. Abanye bathi isigcawu esithile sobulili singcolile, kuyilapho abanye bethi siwumsebenzi wobuciko. Abanye baphikelela kwelokuthi ubudlova bebhayisikobho ethile buyeqisa, kuyilapho abanye bethi buyafaneleka. Abanye bathi ingxoxo enenhlamba ayifanele, kuyilapho abanye bethi iveza isimo esingokoqobo. Lokho omunye umuntu athi kuyinhlamba, omunye uthi kuyinkululeko yokuveza umbono. Uma ulalela zombili lezi zinhlangothi, lokhu kungase kubonakale kuyindaba engasho lutho.
Kodwa ukuthi ibhayisikobho iquketheni akuyona nje indaba engasho lutho. Kuyisizathu esihle sokukhathazeka, hhayi kubazali nje kuphela kodwa nakubo bonke abazazisayo izindinganiso zokuziphatha. Owesifazane othile wakhononda: “Njalo nje lapho ngiphambana nonembeza wami ngibuyele ehholo lebhayisikobho, ngiye ngizizwe ngimubi kakhulu lapho sengiphuma. Ngiba namahloni ngabantu abenze lo doti, futhi ngizizwe nginamahloni nangami. Kuba njengokungathi ukubuka izinto engisanda kuzibona kwehlisé isithunzi sami.”
Ukubeka Izindinganiso
Ukukhathazeka ngalokho okuqukethwe amabhayisikobho akuyona into entsha. Lapho kusaqala ukwenziwa kwamabhayisikobho, kwaphakama inkinga ngenxa yezigcawu zobulili nobugebengu ezazivezwa emabhayisikobho. Ekugcineni, ngawo-1930, elase-United States lashaya umthetho oqinile owawulawula okwakuvezwa emabhayisikobho.
Ngokwe-New Encyclopædia Britannica, lo mthetho omusha wamabhayisikobho “wawucindezela kakhulu, wenqabela amabhayisikobho ukuba aveze cishe zonke izinto ezenzeka ngokoqobo ekuphileni okuvamile kwabantu abadala. Wawenqabela ukuvezwa ‘kwezigcawu zothando,’ futhi ukuphinga, ubulili obungemthetho, ukunxenxa umuntu nokudlwengula kwakungathintwa nangegama ngaphandle kwalapho kubaluleke ngempela endabeni futhi kunesijeziso esiqinile lapho isithombe sesiphela.”
Uma kuziwa endabeni yobudlova, amabhayisikobho “ayengavunyelwe ukubonisa noma ukuxoxa ngezikhali, ukuveza imininingwane yezenzo zobugebengu, ukuveza amaphoyisa ebulawa yizigebengu, izigcawu zonya noma zokubulala, noma ukuveza izigcawu zokubulala noma zokuzibulala kwabantu ngaphandle kwalapho zibalulekile endabeni. . . . Abukho ubugebengu obabungavezwa njengobufanelekile ngaphansi kwanoma yiziphi izimo.” Ngamafuphi, lo mthetho wawuthi “akufanele kwenziwe ibhayisikobho ewohloza izindinganiso zokuziphatha zabantu abayibukayo.”
Ukusuka Emithethweni Eqinile Kuya Ekubekeni Isilinganiso Sobudala
Ngawo-1950, abenzi abaningi bamabhayisikobho aseHollywood babewuziba lo mthetho, benomuzwa wokuthi wawushiywe yisikhathi. Ngenxa yalokho, ngo-1968 lo mthetho wachithwa futhi wathathelwa indawo yisimiso sokubeka isilinganiso sobudala.a Ngalesi simiso, ibhayisikobho yayingaveza izinto ngendlela eyingcaca, kodwa yayizonikwa uphawu ukuze umphakathi uxwayiswe ngokuthi ilungele “abantu abadala kuphela.” NgokukaJack Valenti, owayengumongameli we-Motion Picture Association of America iminyaka engaba amashumi amane, umgomo “kwakuwukuxwayisa abazali kusengaphambili, ukuze bazinqumele bona ukuthi yimaphi amabhayisikobho okufanele izingane zabo ziwabuke noma zingawabuki.”
Lapho lesi simiso siqala ukusebenza, kwaba uthelawayeka. Amabhayisikobho amaningi aseHollywood aqala ukugcwala ubulili, ubudlova nenhlamba. Inkululeko entsha eyanikwa abenzi bamabhayisikobho yadedela isikhukhula esasingenakunqandwa. Yize kunjalo, ngalesi simiso, umphakathi wawungase uxwayiswe kusengaphambili. Kodwa ingabe lesi simiso sikutshela konke okufanele ukwazi?
Lokho Lesi Simiso Esingeke Sikutshele Kona
Abanye banomuzwa wokuthi isimiso sokubeka isilinganiso sobudala emabhayisikobho siye sayekelela kule minyaka edlule. Ucwaningo lweHarvard School of Public Health luyabasekela, ngoba lwathola ukuthi amabhayisikobho okwakuthiwa afanele izingane anobudlova futhi aveza ubulili ingcaca kunalawo ayenziwa eminyakeni nje eyishumi edlule. Lolu cwaningo lwaphetha ngokuthi “amabhayisikobho ahlelwa ngesimiso esifanayo angahluka kakhulu ngesibalo nangohlobo lwezigcawu ezingafanele aziqukethe” nokuthi “izilinganiso zobudala zizodwa azinikezi ukwaziswa okwanele ngobudlova, ubulili, inhlamba kanye nezinye izinto eziqukethwe yibhayisikobho.”b
Abazali abamane bavumele izingane zabo zihambe zodwa ziye ebhayisikobho bangase bangaqapheli ukuthi yini ebhekwa njengesithombe esifanele namuhla. Ngokwesibonelo, umhlaziyi othile wamabhayisikobho uchaza umlingiswa oyinhloko webhayisikobho ethile yase-United States okwathiwa ifanele intsha. Uthi lo mlingiswa “uwukhanda limtshel’ okwakhe oneminyaka engu-17 ubudala odakwa nsuku zonke, odla izidakamizwa ezingemthetho, oya emicimbini exokozelayo nohlanganyela ubulili ngendlela enobudlova nomfana othile asanda kuhlangana naye.” Izithombe ezinjalo zivamile. Yebo, i-Washington Post Magazine iphawula ukuthi ukukhuluma ngobulili obenziwa ngomlomo “kwamukeleke kabanzi” emabhayisikobho okuthiwa alungele intsha. Ngokusobala, isimiso sokulinganisela ubudala akufanele sibe isici okuwukuphela kwaso esisetshenziswayo ekuhlaziyeni okuqukethwe yibhayisikobho. Ingabe sikhona isiqondiso esingcono?
“Zondani Okubi”
Isimiso sokulinganisela ubudala asiyithathi indawo kanembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli. Kuzo zonke izinqumo zawo—kuhlanganise nakwezokuzijabulisa—amaKristu alwela ukusebenzisa isiyalo esitholakala eBhayibhelini kumaHubo 97:10: “Zondani okubi.” Umuntu okuzondayo okubi ubengakubheka njengento engalungile ukuzijabulisa ngezinto uNkulunkulu azizondayo.
Abazali ikakhulukazi kudingeka bawaqaphele amabhayisikobho abavumela izingane zabo ziwabuke. Kungaba ukunganaki ukumane udlulise amehlo nje lapho ubheka isilinganiso sobudala esibekiwe. Ungase uthole ukuthi ibhayisikobho okuthiwa ibalungele abantu abangangengane yakho ikhuthaza izindinganiso ongavumelani nazo wena njengomzali. Lokhu akuwamangalisi amaKristu, ngoba izwe selamukele indlela yokucabanga nokuziphatha engqubuzana nezindinganiso zikaNkulunkulu.c—Efesu 4:17, 18; 1 Johane 2:15-17.
Nokho, lokhu akusho ukuthi wonke amabhayisikobho mabi. Kodwa kufanele siqaphe. Ikhuluma ngale ndaba, i-Phaphama! ka-May 22, 1997 yathi: “Umuntu ngamunye kufanele ahlaziye izinto ngokucophelela abese enza izinqumo eziyomshiya enonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nakubantu.”—1 Korinte 10:31-33.
Ukuthola Ukuzijabulisa Okufanele
Abazali bangawakhetha kanjani amabhayisikobho angase abukwe yimikhaya yabo? Cabangela okulandelayo okushiwo abazali emhlabeni wonke. Abakushoyo kungase kukusize njengoba ufuna ukutholela umkhaya wakho ukuzijabulisa okwakhayo.—Bheka nebhokisi elithi “Ezinye Izindlela Zokuzijabulisa,” ekhasini 14.
“Mina noma umkami njalo sasihamba nezingane zethu ukuya ebhayisikobho lapho zisencane,” kusho uJuan waseSpain. “Zazingalokothi zihambe zodwa noma nenye intsha kuphela. Manje, njengoba sezindadlana, aziyi ebhayisikobho uma iqala ukubukiswa; kunalokho, sikhetha ukuba zilinde size sifunde ukuhlaziywa kwayo noma sizwe lokho abanye esibethembayo abakushoyo ngaleyo bhayisikobho. Sibe sesinquma njengomkhaya ukuthi kufanele yini siyibuke leyo bhayisikobho noma cha.”
UMark waseNingizimu Afrika ukhuthaza ukukhulumisana okukhululekile nendodana yakhe eyeve eshumini nambili ngalokho okudlala ebhayisikobho. UMark uthi: “Mina nomkami siye sibuze, sifune umbono wayo ngaleyo bhayisikobho. Lokhu kusinika ithuba lokulalela umbono wayo futhi sibonisane nayo. Ngenxa yalokho, siye sathola ukuthi siyakwazi ukukhetha amabhayisikobho esingawajabulela ndawonye sonke.”
URogerio waseBrazil naye uchitha isikhathi nezingane zakhe behlaziya amabhayisikobho abafuna ukuwabuka. Uthi: “Ngiye ngikufunde nabo lokho okushiwo abahlaziyi. Ngihamba nabo siye esitolo sama-video ngiyobafundisa ukuthi bangasibheka kanjani isembozo ukuze babone ukuthi ibhayisikobho ifanelekile yini.”
UMatthew waseBrithani ukuthola kuzuzisa ukuxoxa nezingane zakhe ngamabhayisikobho ezifuna ukuwabuka. Uthi: “Kusukela zisencane, sasizihilela izingane zethu lapho sixoxa ngamabhayisikobho esiwathandayo njengomkhaya. Uma sinquma ukuyigwema ibhayisikobho ethile, mina nomkami sasichaza izizathu, esikhundleni sokwenqaba nje.”
Ngaphezu kwalokho, abanye abazali baye bakuthola kusiza ukucwaninga ngamabhayisikobho kuyi-Internet. Kunezingosi eziningi kuyo ezinemibiko eningiliziwe ngalokho okuqukethwe amabhayisikobho. Lezi zingosi zingasetshenziselwa ukuthola umbono ocacile ngezindinganiso ezikhuthazwa yibhayisikobho ethile.
Izinzuzo Zikanembeza Oqeqeshiwe
IBhayibheli likhuluma ngabantu ‘abaye baqeqesha amandla abo okuqonda ukuze bahlukanise okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Ngakho, umgomo wabazali kufanele kube ukugxilisa ezinganeni zabo izindinganiso eziyozisiza zenze izinqumo ezihlakaniphile lapho sezinenkululeko yokuzikhethela kwezokuzijabulisa.
Intsha eningi koFakazi BakaJehova iye yaqeqeshwa kahle abazali bayo kule ndaba. Ngokwesibonelo, uBill noCherie base-United States bayakujabulela ukuya ebhayisikobho namadodana abo amabili asevile eshumini nambili. UBill uthi: “Lapho sesiphuma ebhayisikobho, sivame ukuxoxa ngebhayisikobho njengomkhaya—izindinganiso ezifundisayo nokuthi ingabe siyavumelana yini nazo noma cha.” Kuyiqiniso ukuthi uBill noCherie bayaqaphela ukuthi kunesidingo sokukhetha. UBill uthi: “Siye sifunde imibiko yokuhlaziywa kwaleyo bhayisikobho kusengaphambili, futhi asibi namahloni okuphuma phakathi nebhayisikobho uma kuvela izigcawu ezingafanele ebesingazilindele.” Ngokuhilela izingane zabo ekwenzeni izinqumo ezifanele, uBill noCherie banomuzwa wokuthi basiza amadodana abo ukuba ahlakulele umuzwa oqinile wokuhlukanisa okulungile kokungalungile. “Enza izinqumo ezihlakaniphile uma kuziwa ekukhetheni amabhayisikobho angathanda ukuwabuka,” kusho uBill.
NjengoBill noCherie, abazali abaningi baye basiza izingane zabo ukuba ziqeqeshe amandla azo okuqonda uma kuziwa kwezokuzijabulisa. Kuyiqiniso ukuthi okuningi kwalokho okukhiqizwa imboni yamabhayisikobho akufanelekile. Ngakolunye uhlangothi, uma eqondiswa yizimiso zeBhayibheli, amaKristu angathola ukuzijabulisa okwakhayo futhi okuqabulayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Amazwe amaningi emhlabeni wonke asebenzisa isimiso esifanayo esinophawu olubonisa ubudala babantu abafanelwe yileyo bhayisikobho.
b Ngaphezu kwalokho, izinto ezibhekwayo lapho kunqunywa ubudala babantu abangabuka ibhayisikobho zingase zihlukahluke kuye ngamazwe. Ibhayisikobho ebhekwa njengengayifanele intsha ezweni elithile ingase yamukelwe kangcono kwelinye izwe.
c AmaKristu kufanele akhumbule nokuthi amabhayisikobho ezingane nentsha angase abe nobuthakathi, ukusebenzisa imimoya noma ezinye izinhlobo zobudemoni.—1 Korinte 10:21.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]
“SENZA ISINQUMO NDAWONYE”
“Lapho ngisemncane, sasivame ukuya ebhayisikobho ndawonye njengomkhaya. Kodwa njengoba sengikhulile, abazali bami bayangivumela ukuba ngihambe ngedwa. Kodwa-ke, ngaphambi kokuba bangivumele, baye bafune ukwazi isihloko sebhayisikobho nokuthi iquketheni. Uma bengakezwa lutho ngayo, bafunda imibiko yokuhlaziywa kwayo noma babuke isikhangiso sayo kuyi-TV. Bafuna nokwaziswa ngaleyo bhayisikobho kuyi-Internet. Uma benomuzwa wokuthi ayifaneleki, bachaza izizathu. Nami bayanginika ithuba lokuphefumula. Sixoxa ngokukhululekile, bese senza isinqumo ndawonye.”—UHéloïse waseFrance, oneminyaka engu-19.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
BONISANANI!
“Uma abazali benqabela izinto ezithile kodwa bengaveli nezinye ezingenziwa esikhundleni sazo, izingane zingase zizame ukwanelisa izifiso zazo ngasese. Ngakho-ke, lapho izingane zithi zifuna ukuzijabulisa ngokuthile okungafanele, abanye abazali abazenqabeli ngaleso sikhathi, kodwa futhi abaziniki imvume. Kunalokho, bazinika isikhathi sokwehlisa umoya. Ngaphandle kokubanga impikiswano ngale ndaba, bazinika izinsukwana zokuxoxa ngayo, babuze ingane ukuthi kungani inomuzwa wokuthi ukuzijabulisa okunjalo kufanelekile. Ngokubonisana nayo, intsha ngokuvamile igcina isivumelana nabazali bayo futhi ibabonge. Khona-ke, ngosizo lwabazali, ikhetha okunye ukuzijabulisa abangase bakujabulele ndawonye.”—UMasaaki, umbonisi ojikelezayo eJapane.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 12]
EZINYE IZINDLELA ZOKUZIJABULISA
◼ “Izingane zinesifiso esingokwemvelo sokuba nontanga, ngakho njalo nje siye sahlela ukuba indodakazi yethu ibe nabangane abafanele futhi nathi siye sibe khona ukuze sibaqaphe. Njengoba bebaningi abasha abayisibonelo ebandleni lethu, siye sakhuthaza indodakazi yethu ukuba yakhe ubuhlobo nabo.”—U-Elisa, e-Italy.
◼ “Sinengxenye enkulu ekuzijabuliseni kwezingane zethu. Sizihlelela izinto ezakhayo ezingazenza, njengokuhamba sishaywe umoya, ukosa inyama, ukuba nepikiniki nemibuthano namanye amaKristu abo bonke ubudala. Ngokwenza kanjalo izingane zethu azikubheki ukuzijabulisa njengento okufanele ziyenze nontanga kuphela.”—UJohn, eBrithani.
◼ “Siye sakuthola kuzuzisa kakhulu ukuba nemibuthano namanye amaKristu. Izingane zami ziyakuthanda nokudlala ibhola, ngakho ngezinye izikhathi, siye sihlele ukudlala nabanye.”—UJuan, eSpain.
◼ “Sikhuthaza izingane zethu ukuba zijabulele ukudlala izinsimbi zomculo. Nathi siyahlanganyela ezicini eziningi zokuzilibazisa, njengokudlala ibhola lomphebezo, i-volleyball, ukugibela amabhayisekili, ukufunda nokujabulela ubudlelwano nabangane.”—UMark, eBrithani.
◼ “Njalo siyahamba siyodlala i-bowling njengomkhaya kanye nabangane. Futhi, siye sizame ukuhlela okuthile okukhethekile esingakwenza ndawonye kanye ngenyanga. Okuwukuphela kwendlela abazali abangagwema ngayo izinkinga ukuba baqaphe.”—UDanilo, ePhilippines.
◼ “Ukuhambela izenzakalo ezenzeka bukhoma ngokuvamile kumnandi kunokuhlala esihlalweni ubuke ibhayisikobho. Sihlala sibhekile ukuthi azikho yini izenzakalo endaweni yangakithi ezinjengemibukiso yezobuciko, yezimoto, noma izinhlelo zomculo. Lezi zenzakalo ngokuvamile zivula ithuba lengxoxo kuyilapho ziqhubeka. Siyaqaphela futhi ukuba singeqisi ekuzijabuliseni. Lokho akudli nje isikhathi kuphela, kodwa futhi ukuzijabulisa ngokweqile kuqeda ubuhle nobumnandi baleso senzakalo.”—UJudith, eNingizimu Afrika.
◼ “Akuyona yonke into ezinye izingane eziyenzayo efanele izingane zami, futhi ngiye ngizame ukuzisiza ukuba zikuqonde lokho. Ngesikhathi esifanayo, mina nomyeni wami sizama ukuzihlelela ukuzijabulisa okwakhayo. Senza umzamo ukuze zingathi, ‘Asiphumi laph’ ekhaya. Akukho esikwenzayo.’ Njengomkhaya, siya emapaki futhi sihlela imibuthano ekhaya nabanye abasebandleni lakithi.”d—UMaria, eBrazil.
[Umbhalo waphansi]
d Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngemibuthano yokuzijabulisa, bheka umagazini ohambisana nalona, INqabayokulinda ka-August 15, 1992, amakhasi 15-20.
[Umthombo]
James Hall Museum of Transport, Johannesburg, South Africa
[Isithombe ekhasini 9]
Funda imibiko yokuhla-ziywa kwebhayisikobho NGAPHAMBI kokuba unqume
[Isithombe ekhasini 12, 13]
Bazali, fundisani izingane zenu ukuba zikhethe