Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 4/8 k. 12
  • “Angazeli Noyedwa Ukuqamba Amanga”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Angazeli Noyedwa Ukuqamba Amanga”
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwethembeka Nakho Kubenza Bahluke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Singabonisa Kanjani Ukuthi Siyamthanda UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ngingenzenjani Lapho Ngicindezelwa Ukuba Ngilale Nothile?
    Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
  • Ingabe Ukuya Ocansini Kuyobuthuthukisa Ubuhlobo Bethu?
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 4/8 k. 12

“Angazeli Noyedwa Ukuqamba Amanga”

UMIKE wathola amasamanisi emtshela ukuba avele enkantolo yendawo eBrooklyn ngenxa yokwephula umthetho wokupaka izimoto. Into nje kwakuwukuthi, nakuba amasamanisi ayenenombolo yemoto yakhe, uMike wayazi ukuthi wayesemsebenzini endlunkulu yeWatchtower ngehora okubhalwe ukuthi wephula ngalo lomthetho. Ngaphezu kwalokho, wayengayazi ngisho nokuyazi indawo lapho kunomgwaqo okuthiwa imoto yakhe yayipakwe khona. Ngakho wanquma ukuba afake isikhalo ngemali ayihlawulisiwe.

Lapho efika enkantolo egqoke kahle, wanika unobhala wenkantolo amasamanisi, indoda esikhulile enezinwele ezimhlophe. Khona-ke uMike wabizelwa phambi kukamahluleli futhi watshelwa ukuba ahlale phansi. Ngalesosikhathi unobhala wakhuluma futhi wabuza umahluleli: “Nkosi Yenkantolo, ngokuyibheka nje lendoda, ingabe uyazi ukuthi ingeyayiphi inkolo?” Umahluleli waphendula: “Angazi . . . IngumKatolika.” Ngokunokwenzeka wadidwa isibongo sikaMike sesiPutukezi. Unobhala wasabela: “Cha. ngokuyibuka nje, uyabona ukuthi ingomunye woFakazi BakaJehova. Eqinisweni, ngokushesha nje lapho ingena emnyango, ngazile ukuthi inguFakazi, futhi ikheli layo likuqinisekisile lokho!”

Khona-ke umahluleli onobungane waqala ukuphenya uMike ngamaqiniso amasamanisi. Incazelo yayifanelana nemoto kaMike ngaphandle komniningwane owodwa​—⁠ukuthi imoto iwuhlobo lwamuphi unyaka kwakungekho. Unobhala wathi kumahluleli: “Mbuze ukuthi hlobo-luni lwemoto analo.” Ephethe irisidi lokubhaliswa kwemoto yakhe, uMike ngesizotha waphendula umbuzo. Lapho ithikithi selenqatshiwe ngenxa yobufakazi obungaphelele, unobhala wenkantolo wagcizelela ukuba akhulume futhi.

Wathi: “Nkosi Yenkantolo, ngithanda ukusho lokhu phambi kwakho nabo bonke abakhona lapha​—⁠sekuyiminyaka engu-30 ngibazi oFakazi BakaJehova, futhi angazeli noyedwa wabo ukuqamba amanga. Ngesikhathi lendoda ithi akulona ithikithi layo, ngiyikholelwe, futhi lokhu kufakazela ukuthi bekungeyona imoto yayo. Ngiyabahlonipha ngempela lababantu. Bangabantu abahle, futhi ngiyabathanda abantu abakhuluma iqiniso.”

Khona-ke waqhubeka: “Kunento eyodwa nje engingavumelani nayo​—⁠angisho ukuthi lokho engikushoyo kulungile.” Futhi ephendukela kuMike wenezela: “Ngokunokwenzeka niqinisile futhi mina ngisephutheni. Inkolelo yenu ngokumpontshelwa igazi.”

UMike waphendula: “Uma ufuna, ngizokulethela ukwaziswa okuphathelene nokuma kwethu endabeni yokumpontshelwa igazi.” Lonobhala wenqaba ngendlela enomusa. Kodwa owesifazane owayengomunye wezethameli wakhuluma wathi: “Akuzuzisi ukwamukela ukumpontshelwa igazi. Ungathola ingculaza kukho kulezinsuku.” Bonke enkantolo banqekuzisa amakhanda futhi bakhuluma ngokuvumelana naye​—⁠futhi uMike waphuma ejabula futhi ekhululekile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela