Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 11/8 k. 3-k. 4 isig. 2
  • Ukuluthwa Kwezwe Yizidakamizwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuluthwa Kwezwe Yizidakamizwa
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkulu Kangakanani Inkinga Yezidakamizwa?
  • Imali Etholakala Ngezidakamizwa Namandla Azo
  • Ingabe Inkinga Yezidakamizwa Inganqotshwa?
    I-Phaphama!—1999
  • Indlela Izidakamizwa Ezingemthetho Ezikuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    I-Phaphama!—1999
  • Izidakamizwa—Ingabe Likhona Ithemba?
    I-Phaphama!—1988
  • Izidakamizwa—Izinkinga Ziya Ngokuya Zikhula
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 11/8 k. 3-k. 4 isig. 2

Ukuluthwa Kwezwe Yizidakamizwa

Ngumlobeli we-Phaphama! eSpain

USANA luyadazuluka esibhedlela eMadrid, eSpain. Umhlengikazi uzama ukululolozela kodwa akusizi ngalutho. Lo mntwana ukhaliswa ukuqalekela i-heroin. Okubi nakakhulu ukuthi unegciwane i-HIV. Unina wayengumlutha we-heroin.

Ngephutha umama othile eLos Angeles ungena ngemoto yakhe emgwaqweni ophethwe yiqembu labashushumbisi bezidakamizwa. Uhlangabezana nethala lezinhlamvu, kufa indodakazi yakhe esencane.

Ebangeni elingamakhilomitha ayizinkulungwane, e-Afghanistan, umlimi utshala insimu yama-poppy. Isivuno sibe sihle kulo nyaka; sandé ngamaphesenti angu-25. Ama-poppy okwenza i-opium angenisa imali, futhi umkhaya walo mlimi uphila ngokuciciyela. Kodwa la ma-poppy amahle azokwenza i-heroin, ebulala abantu.

Intombazane esakhula enamahloni eSydney, e-Australia, iya esikhungweni somdanso we-disco njalo ngoMgqibelo ebusuku. Ekuqaleni kwakunzima ukuba izihlanganise nesixuku, kodwa muva nje iphilisi okuthiwa i-ecstasy liye layisiza yaba nesibindi. La maphilisi ewasebenzisayo ashushumbiswa esuka eNetherlands alethwa e-Australia, nakuba sekunezinkampani ezithaka imithi kuleli zwe eseziqale ukuwakhiqiza. I-ecstasy yenza isigqi somculo sishaye kamnandi, okwenza le ntombazane ingakwazi ukuzibamba. Futhi izizwa ikhanga kakhulu.

UManuel, umlimi ozikhandlayo ozama ukuziphilisa ngepulazi lakhe elincane e-Andes, wathola ukuthi ukuphila kuba ngcono lapho eqala ukutshala i-coca. UManuel angathanda ukuyeka ukutshala lesi silimo, kodwa wesaba ukuthi lokhu kungathukuthelisa amadoda angenaluzwela alawula ukukhiqizwa kwe-coca endaweni yakubo.

Lezi yizibonelo nje ezimbalwa zabantu abahlaselwe umqedazwe wezidakamizwa okhungethe iplanethi yethu.a Kungakhathaliseki ukuthi laba bantu bangabathengi bazo, abakhiqizi, noma abantu nje abangenacala, izidakamizwa sezibusa ukuphila kwabo.

Inkulu Kangakanani Inkinga Yezidakamizwa?

UNobhala-jikelele we-UN uKofi Annan uyaphawula: “Izidakamizwa zibhubhisa imiphakathi yethu, zibangela ubugebengu, zisakaza izifo ezinjengengculaza, futhi zibulala intsha yethu nekusasa lethu.” Uyanezela: “Namuhla kunabantu ababalelwa ezigidini ezingu-190 abasebenzisa izidakamizwa emhlabeni wonke. Wonke amazwe ayathinteka. Futhi alikho izwe elingase likwazi ukunqanda uhwebo lwezidakamizwa lilodwa. Ukusakazeka kohwebo lwezidakamizwa embulungeni yonke kudinga ukuba wonke amazwe athathe isinyathelo.”

Okwenza isimo sibe sibi nakakhulu ukuthi eminyakeni yamuva nje, kuye kwavela izidakamizwa ezinamagama athandwayo.b La makhemikhali akhiqizwayo aklanyelwe ukuba enze owasebenzisayo azizwe eneme. Njengoba izidakamizwa ezinamagama athandwayo zingase zikhiqizwe ngenani eliphansi cishe kuzo zonke izindawo, amaphoyisa awanamandla okuzilawula. Ngo-1997 i-United Nations Commission on Narcotic Drugs yaxwayisa ngokuthi emazweni amaningi lezi zidakamizwa zokwenziwa seziyingxenye “yezinto eziyinhloko ezithengwayo” nokuthi kumelwe zibhekwe “njengosongo olukhulu emphakathini womhlaba wonke ekhulwini leminyaka elizayo.”

Lezi zidakamizwa ezintsha zinamandla angaphezu kwezidakamizwa ezivamile. I-crack cocaine inamandla okulutha ngaphezu kwe-cocaine. Izinhlobo ezintsha ze-cannabisc zibangela ukusangana okukhulu, kanti isidakamizwa esisha esidumile okuthiwa i-ice kungenzeka siphakathi kwezidakamizwa eziyingozi kunazo zonke.

Imali Etholakala Ngezidakamizwa Namandla Azo

Nakuba bembalwa abantu abasebenzisa izidakamizwa uma kuqhathaniswa, inani labo lanele ukubanikeza amandla amangalisayo abashushumbisi bezidakamizwa, amadoda ahlela ukukhiqizwa nokusakazwa kwezidakamizwa. Laba bantu abangenazimiso baqhuba umsebenzi oyibhizinisi elingenisa imali—futhi elikhulu—kunawo wonke emhlabeni. Uhwebo lwezidakamizwa manje lungase luhlanganise amaphesenti angu-8 ohwebo lomhlaba wonke, noma cishe imali engu-R2 400 000 000 000 ngonyaka. Njengoba imali yokushushumbisa izidakamizwa isakazeka emhlabeni wonke, yenza ukuba izigilamkhuba zicebe, yonakalisa amaphoyisa, ifumbathiswa osombangazwe, futhi ixhasa ngisho nobuphekula.

Kukhona yini okungenziwa ukuze kunqandwe inkinga yezidakamizwa? Uhwebo lwezidakamizwa luyithinta kanjani imali yakho, ukulondeka, nokuphila kwezingane zakho?

[Imibhalo yaphansi]

a Kulezi zihloko, sikhuluma ngezidakamizwa ezisetshenziselwa izinjongo ezingezona ezokwelapha futhi ezisakazwa ngokungemthetho.

b Isidakamizwa esishintshwe amakhemikhali ngandlela-thile, esikhiqizwa ngenjongo yokugwema imigoqo ebekelwa izidakamizwa ezingekho emthethweni noma ezibangela ukusangana.

c Amaqabunga omile e-cannabis asetshenziselwa ukwenza insangu. Inhlaka yesitshalo esifanayo kuthiwa i-hashish. Yomibili le mikhiqizo ibhenywa abantu abasebenzisa izidakamizwa.

[Ibalazwe ekhasini 4, 5]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ukukhiqizwa Nokuhweba Ngezi-dakamizwa Emhlabeni Wonke

IZINDAWO EZIYINHLOKO EZIZIKHIQIZAYO:

I-“cannabis”—eyisitshalo (insangu) kanye nenhlaka (i-“hashish”)

I-“heroin”

I-“cocaine”

Imicibisholo ibonisa imizila eyinhloko yokushushumbisa

[Umthombo]

Source: United Nations World Drug Report

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

U.S. Navy photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela