Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 10/8 k. 19-k. 22 isig. 7
  • Indlela Iqiniso Elangishintsha Ngayo Ekubeni Isigebengu Lingenza UmKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Iqiniso Elangishintsha Ngayo Ekubeni Isigebengu Lingenza UmKristu
  • I-Phaphama!—1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubalekela Kwami Eqinisweni
    I-Phaphama!—1994
  • Amandla Eqiniso Okulungisa Ukuziphatha
    I-Phaphama!—1991
  • Okuthile Okubi Kakhulu KuneAIDS
    I-Phaphama!—1990
  • Ukusuka Ebugebengwini Kuya Ekuphileni Okunethemba
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 10/8 k. 19-k. 22 isig. 7

Indlela Iqiniso Elangishintsha Ngayo Ekubeni Isigebengu Lingenza UmKristu

NGAKHULELA edolobheni elincane eMaine. Ngaso sonke isikhathi ngangibonakala ngingena ohlotsheni oluthile lokuganga okuncane. Lapho ubaba engibhadama eziphambekweni ezinjalo, wayengikhiyela endlini yokubeka izinkuni. Ngezikhathi ezithile ngangiba nesizungu, ikakhulukazi ngemva kokuba ubaba eshonile—washona ngosuku engangihlanganisa ngalo iminyaka eyi-11 yokuzalwa.

Lapho ngithuthela edolobheni elikhudlwana, ngahileleka kokungaphezu nje kweziphambeko, izinto ezingathi sína kakhulu njengokweba ezitolo kanye nokugqekeza nokungena. Ngangigqekeza isitolo sezimpahla zokwakha ukuze nje ngibone ukuthi ngangingakwazi yini. Ngangingathathi okuningi kakhulu ngaso sonke isikhathi. Ngangikwenzela ukuzijabulisa kunanoma yini enye into. Njengoba manje sengibheka emuva, ngicabanga ukuthi okuningi kwakho kwakubangelwa ukubuka iTV kakhulu—ngangibonakala ngidonseleke ezithombeni zobudlova.

Ubugebengu bami baqhubeka buba bubi kakhulu. Njengoba ngangibenza futhi ngingabanjwa, ngangizizwa ngiba nesibindi ngokwengeziwe. Khona-ke ngabanjwa. Ngangineminyaka eyi-15 noma eyi-16 ubudala, “ngithenga” ngaphakathi kwesitolo esikhulu ngehora lesibili ekuseni—okwakungesona neze isikhathi esifanelekile salokho. Njengoba ngangisemncane, ngalengiselwa isigwebo sezinyanga eziyisithupha. Angifundanga lutho kulokho okwenzeka kimi; ukweba kwami okuncane kwaqhubeka.

Ngesikhathi ngineminyaka engama-21, kwakungasekuncane. Ngobunye ubusuku umsebenzi wami wobugebengu waphumela ekubulaleni. Ngemva kokugebenga inhlanganisela yesitolo sezimpahla zokwakha nesokudla, ngalayisha impango yami ngemuva kwelinye lamaloli akhona, ngalidumisa ngaphandle kukakhiye, ngase ngishaya utshani. Njengoba ngangibaleka, ngangicabanga ngokuthi yeka into enhle engangiyenzile. Lesositolo sasigetshengwe izikhathi eziningi, futhi umniniso wayesenze saba inqaba. Akekho owayengaphinde agqekeze kuleyondawo futhi. Kodwa ngakwenza! Ngempela ngangingokuthile!

Kodwa akubanga isikhathi eside. Iloli lacisha, ngakho ngalishiya futhi ngaya komunye umuzi ukuze ngithole enye into yokuhamba. Indoda yakulomuzi yangibona nginyonyoba ngilokhu ngibhaca ngendlu futhi yangisongela ngokubiza amaphoyisa. Ngangingenakuyiyeka ukuba iwabize, njengoba ngangisanda kugebenga isitolo. Ngatatazela, ngakhipha isibhamu, futhi ngayidubula. Ukubukana ngeziqu zamehlo kwaphela lapho yona ifa futhi mina ngibaleka.

Ngangimanzi té izithukuthuku. Ngangithukile. Ngindikindiki. Okokuqala ngashayela imoto ngaya eAugusta, ngakhalakathisela leyomoto yokuntshontshwa emseleni, ngase ngiqala ukuhamba ebhulohweni. Ngabheka amanzi ngezansi. ‘Ngigxumele phakathi?’ ngicabanga. Umcabango wokuzibulala wangifikela engqondweni izikhathi eziningi phakathi nezinsuku ezalandela, kodwa ngangingakwazi ukukwenza. Ngakho ngaqhubeka ngibaleka iminyaka emibili.

Ekugcineni ngabamba ibhasi eliya eBoston. Ngalesikhathi amaphoyisa ayeseyekile ukungifuna, kodwa ngangisalokhu ngesaba. Ebhasini, kwakungena abantu abagqoke iyunifomu, bese ngishaywa uvalo. Ngalesikhathi ngase ngisilahlile isibhamu. Ngemva kokuba ngibulale leyandoda, ngangingasafuni ngisho nokusibona. Lapho ngifika eBoston, ngehla ngenyuka phakathi nosuku futhi ebusuku ngangilala ezindaweni zokulahla udoti noma ezindaweni ezakhiwayo. Imadlana enganginayo ngokushesha yaphelela ekudleni. Ngaphendukela ekwebeni ezitolo kabili noma kathathu, kodwa manje ngangingasafuni lutho lwalokho. Umoya wokuqunga isibindi, injabulo, inselele yokweba futhi ngingabanjwa—manje konke lokho kwase kuphelile.

Ngathola umsebenzi, ngathola ikamelo elishibhile, ngaziqamba elinye igama, futhi ngangishaywa uvalo ngaso sonke isikhathi uma ngibona iphoyisa. Uma ngilibona liza, ngangihamba ngenye indlela. Ngangiqaphe kakhulu ngaso sonke isikhathi, ngingasaweli ngisho nomgwaqo ngokungemthetho, ngenxa yokwesaba ukubanjwa. Yileyondlela okwakungayo kimi, isela elake lafuna injabulo, manje seliwumbaleki onecala.

Nganginencwajana yezaga, futhi ngezinye izikhathi ngangiyifunda. Khona-ke ngakhumbula incwadi yezAga eseBhayibhelini. Ngathola iBhayibheli futhi ngaqala ukulifunda. Sasingewona neze umkhaya oshisekela inkolo. Lapho ngineminyaka eyi-13, umama waya emihlanganweni embalwa eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova. Ngangingafuni ukuya khona, futhi naye akazange aqhubeke nakho.

Ngisho namanje, njengoba ngangifunda okuthile eBhayibhelini, ngangingacabangi ngokungena enkolweni. Kodwa ngase ngiqala ukukhathala manje ukubaleka, kufanele ngijeqeze ngemva kwami ngaso sonke isikhathi, ngizibuza ukuthi kazi izikhulu azingilindele yini kwelinye ihontshi ukuze zingibambe. Ngicabanga ukuthi ngaphakathi ekujuleni ngangifuna okuthile, nakuba ngangingazi ukuthi kuyini.

Ngangifunda izinto ezazingenza ngifune ukwazi okwengeziwe. Ngafuna ukuqonda. Imibuzo yayinqwabelana engqondweni yami, futhi ngangingazi ukuthi ngingayaphi ukuze ngithole izimpendulo. Ngicabanga ukuthi ngenxa yokuthi umama wayeke waya eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova, nganquma ukuya khona. Nganginovalo ngakho. Ngangingaqiniseki ngendlela ababezongamukela ngayo, kodwa ngaya. Indlela abangemukela ngayo yayifudumele. Abaningi bangemukela; omunye uFakazi waqalisa isifundo seBhayibheli nami.

Ezinyangeni ezalandela, unembeza wami wavuselelwa. Njengoba ngangifunda okwengeziwe, ngangicabanga ngokwengeziwe, ‘Angikwazi ukuqhubeka kanje. Okuthile kumelwe kwenzeke. Ngizoyeka ukutadisha iBhayibheli noma ngizinikele emaphoyiseni.’ Ngokushesha ngaqaphela ukuthi ngangingenakukuyeka ukutadisha kwami iBhayibheli, kodwa lokho okunye okwakumelwe ngikwenze kwakwesabisa. Ngangingakufuni lokho. Ngangingafuni ukuya ejele.

Kwakuyisinqumo esinzima kunazo zonke okwake kwadingeka ngizenze, kodwa ngasenza. Lapho sengineminyaka engama-24 ubudala, ngaya komunye wabadala ebandleni, uWillard Stargell. Ngamtshela ukuthi ngangibulale umuntu nokuthi ngangizozinikela emaphoyiseni.

Wabuza, “Uyaqiniseka ukuthi yilokho ofuna ukukwenza?”

“Ngiyaqiniseka.”

“Ngizokusiza nganoma iyiphi indlela engingakusiza ngayo. Ungathanda ukuba ngihambe nawe siye esiteshini samaphoyisa?”

“Ngokuqinisekile ngingathanda.”

“Nokho, kunomhlangano wesifunda woFakazi BakaJehova ngalempela-sonto,” engikhumbuza. “Singaya kuwo, bese siya esiteshini samaphoyisa ngoMsombuluko ekuseni.”

Ngawuthanda lowomqondo. Ngangifuna ukuya emhlanganweni, kodwa futhi ngangiwesaba umqondo wokuya esiteshini samaphoyisa. Ngagxumela ethubeni lokukuhlehlisa. Ngakho ngaya naye emhlanganweni futhi ngawujabulela. NgoMsombuluko ekuseni saya esiteshini samaphoyisa, ngazinikela kuwo.

Amaphoyisa ayengakholwa. Ababaningi abazinikelayo—bazinikelele ukubulala! Ashayela amaphoyisa aseBangor, eMaine ucingo, ukuze aqiniseke. Usuku nengxenye kamuva, ngangisejele laseBangor. Ngosuku olulandelayo uFakazi wendawo wangivakashela. Lapho kuqulwa icala, uStargell weza eMaine ukuzovela njengofakazi wami. Lapho ngavuma icala lokweba nelokubulala; isihloko sephephandaba simemezela umphumela sakhuluma ngami sathi “UbeZothile Njengoba Ijaji Limgwebela Ukudilikelwa Yijele.” Ngemva kwenyanga ngangisejele elikhulu laseMaine, ngidonsa isigwebo seminyaka eyi-15 kuya ekudilikelweni yijele. Nalapho oFakazi beza bazongibona.

Indlela iziboshwa ezangemukela ngayo yayihlukahluka. Zazingedelela ‘ngokuba isilima ngokwanele ukuba ngizinikele,’ ikakhulukazi njengoba amaphoyisa ayeseyekile ukungifuna. Lapho zizwa ukuthi ngakwenza ngenxa yokufunda iBhayibheli, zangiklolodela, zingibiza ‘ngemvu phakathi kwezimpisi.’ Ukuphathwa kabi ngokuvamile kwakungamazwi, akukaze kube ngokomzimba. Ngokwengxenye enkulu, ngazehlukanisa nezinye iziboshwa.

Iqiniso langivikela. Ngokuhamba kwesikhathi zaqaphela ukuthi lensizwa ingomunye woFakazi BakaJehova. Ayithathi-hlangothi. Ngeke ihileleke kunoma iziphi zalezingxabano zangaphakathi.’ Futhi, zazazi okwanele ngoba zazingezi kimi ukuzodayisa izidakamizwa noma ukuba zingicele ukuba ngizintshontshele okuthile. Izikhulu zasehhovisi nazo zaqaphela ukuthi ngangingeke ngephule imithetho. Kwagcina irekhodi lami lihlanzekile futhi kwanginikeza inkululeko eyengeziwe.

Ngesinye isikhathi phakathi nalenkathi, ngaphambukiswa ekuphishekeleni kwami iqiniso leBhayibheli. Akukhona ukuthi nganquma ngamabomu ukungaqhubeki nakho. Kwakuwukwehluleka ukulalela amaHeberu 2:1, lapho sixwayisa khona ukuthi akumelwe “sikhukhulwe.” Nokho, ngakhukhuleka. Ngisho nasejele, ukuthanda izinto ezibonakalayo kungakubeka ogibeni! Kwavuleka ithuba lapho ngangingakwazi khona ukwenza izintwana ezithile zombukiso endaweni yokubukisa yasejele. Izivakashi zazizithenga lezizinto, futhi iningi lemali yayiya eziboshweni ezazizenzile. Ngakho ngahileleka ekwenzeni imali, futhi angibange ngisaba nesikhathi sesifundo sami somuntu siqu.

Khona-ke ngaqala ukucabanga: ‘Wazinikelelani emaphoyiseni? Wabuyelani futhi waya ejele? Futhi manje usuyasiyeka isifundo sakho seBhayibheli? Lokho akunangqondo! Ngakungcono ukuba awuzange uzinikele emaphoyiseni.’ Ingxenye yenkinga yami yayiwukuthi nganginenkinga ekukholelweni ukuthi uJehova ngempela wayengithethelele ngokubulala leyandoda. Omunye wonogada wayenguFakazi, futhi wabona ukuthi ngangicindezelekile ngalokhu. Ngakho wangixoxela ezinye zezinto ayezenzile lapho esakhonza eVietnam ngaphambi kokuba abe uFakazi.

Wabuza, “Yini ekwenza ukhetheke kangako? Ake ubheke konke ukuphila kwabantu abangenacala enginecala lakho. Lapho amasosha engikanye nawo engena emizaneni yaseVietnam, sadubula inqwaba yabantu, abaningi babo kungabesifazane nabantwana abangenacala. Ucabanga ukuthi lokho akungihluphi mina manje? Angikwazi ukukukhohlwa! Noma kunjalo nginomuzwa wokuthi uJehova, uNkulunkulu womusa ongapheli, ungithethelele. Owakwenza akusondeli nokusondela ngobubi kulokho engakwenza mina. Wabulala umuntu oyedwa; angikwazi nokucabanga ukuthi bangaki engababulala!”

Kwakuyilokho engangikudinga. Kwangenza ngacabanga, ngicabanga ngomusa kaJehova nokuthethelelwa kwalabo abaphenduka ngempela. Ngakho ekugcineni ngayiyeka imisebenzi yami yokuthanda izinto ezibonakalayo futhi ngabuyela ohlelweni lwami lwesifundo seBhayibheli. Futhi yileyondlela okubekulokhu kuyiyo kusukela ngalesosikhathi.

Ekugcineni, ngaqhutshelwa isifundo seBhayibheli samasonto onke, futhi kanye ngenyanga ngangivunyelwa ukuba ngihambe noFakazi siye emihlanganweni engaphandle. Ngesinye isikhathi, mina kanye nezinye iziboshwa eziningana sasitadisha iBhayibheli. Sathenjwa ngokwengeziwe futhi sanikezwa amalungelo engeziwe. Izikhulu zazazi ukuthi kwakungamelwe zisigade ngaso sonke isikhathi. Ngesinye isikhathi savunyelwa ukuba sihambe isitokisi ngesitokisi sihambisa amapheshana, kanye nezimemo zomboniso wamaslide ayezoboniswa oFakazi BakaJehova. Abangaphezu kwama-20 baba khona.

UJehova, ukudla okungokomoya akulungiselela ngenhlangano yakhe, nosizo lothando lwabazalwane abathembekile kuye kwangigcina ngiqhubeka. Ngesikhathi ngisejele ngathola amakhadi amaningi esikhuthazo nezincwadi kuvela koFakazi, futhi lokhu kwakuyikhambi elingokomoya elasekela intshiseko yami. Konke lokhu kwaholela ekubhapathizweni kwami ngokucwiliswa emanzini ngo-1983 ukuze ngibonise ukuzinikela kwami ekwenzeni intando kaJehova—ngemva kweminyaka eyisikhombisa ejele elikhulu laseMaine eligadwe kakhulu amaphoyisa.

Eminyakeni emibili kamuva, ngemva kweminyaka eyisishiyagalolunye ngivalelwe ejele eligadwe kakhulu amaphoyisa, ngathuthelwa ejele eliseduze elingagadiwe kangako. Onyakeni nengxenye kamuva ngadluliselwa esakhiweni esineziboshwa eziqashiwe eBangor. Lapho iziboshwa zithunywa ukuba ziyosebenza ezakhiweni, zibuyela kulesakhiwo emva kokuphela kosuku. Ezinyangeni eziyisithupha kamuva ngavela phambi kwebhodi ukuze ngizwe ukudingidwa kwendaba yokuboshelwa kwami ngaphandle ngenxa yokuziphatha kwami. Akekho noyedwa konogada noma iziboshwa owayecabanga ukuthi ngangizophumelela. “Akekho noyedwa ophumelela zisuka nje,” basho. “Akekho!”

Kodwa ngaphumelela. Yiqiniso, bambalwa kakhulu abaphumelela zisuka nje. Isiboshwa esivamile siqamba amanga futhi sizame ukuphikisana nebhodi egunyaza ukuboshelwa ngaphandle, kodwa iye yakuzwa konke lokho ngaphambili. Ibona ngalé kwalokho ngamane ngaya phambi kwayo futhi ngathi, ‘Nginje, yilokhu engikwenzile, ngishintshe ngalendlela, futhi yilokhu engihlela ukukwenza.’ Ngabatshela ngokufunda kwami iBhayibheli, ngezinguquko okwakuzenzile kimi, nangokuba kwami omunye woFakazi BakaJehova. Babezibona lezozinguquko.

Ngicabanga ukuthi iqiniso lokuthi ngangizinikele mina, ukuthi womabili amarekhodi okuziphatha kwami nomsebenzi ayemahle, nokuthi izimiso zeBhayibheli engangizifundile zazibonakala esimweni sami sengqondo nasekuziphatheni kwami—konke lokhu kwangikhulumela. Kuhlanganise nokuthi ngangithandazile kuJehova futhi ngancika kuye. Ngiyathanda ukucabanga ukuthi kungenzeka ukuthi wenza okuthile ngakho, futhi ngithemba ukuthi lokhu akukhona ukuqhosha ngami. Nokho, ibhodi yangivumela ukuba ngiboshelwe ngaphandle. NgoFebruary 1987, ngemva kweminyaka eyi-12 ngisejele, ngakhululeka ukuba ngihambe.

NgoApril 30, 1988, ngashada omunye woFakazi BakaJehova. Unabantwana abathathu abathola emshadweni wokuqala. Njengomkhaya, sinesifundo sethu seBhayibheli samasonto onke. Siya kuyo yonke imihlangano eHholo LoMbuso. Sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu endlini ngendlu. Senza izimpindelo kubo bonke abanesithakazelo, futhi siqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya nalabo abasifisayo. Ngemva kweminyaka eminingi yokushumayela okunemingcele ejele nokungahlanganyeli kahle emihlanganweni, yeka ukuthi kuhle kanjani ukuhlanganyela ‘ngesibindi’ emisebenzini yobuKristu yoFakazi BakaJehova!—IzEnzo 28:31.

Konke lokho kwenzeka ngoba ulwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu lwangenza ngakwazi ukuhlubula ubuntu bami obudala bobugebengu futhi ngembatha obusha bobuKristu obenziwe ngomfanekiso kaJehova uNkulunkulu.—Kolose 3:9, 10.

Ngokuqinisekile, endabeni yami ‘izwi likaNkulunkulu lalibukhali futhi linamandla’ ukuba lingikhiphe ezenzweni zami zesikhathi esidlule futhi lingisize njengelungu elilalela umthetho lenhlangano nomshumayeli wezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Heberu 4:12) Lonke udumo maluye kuJehova, “uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo.”—2 Korinte 1:3.—Igama kucelwe ukuba ligodlwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Ngobunye ubusuku umsebenzi wami wobugebengu waphumela ekubulaleni

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]

Ngiyeka ukufunda iBhayibheli noma ngizinikela emaphoyiseni

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]

Amaphoyisa ayengakholelwa. Ababaningi abazinikelayo—bezinikelela ukubulala!

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]

Savunyelwa ukuba sihambe isitokisi nesitokisi sihambisa amapheshana eBhayibheli

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela